Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zalo nyaka ze-Nqabayokulinda? Ake sibone ukuthi ungakwazi yini ukuphendula le mibuzo elandelayo:

Imuphi umvuzo esiyowuthola uma sichitha isikhathi sikhuluma noJehova, simlalela futhi sicabanga ngaye?

Siyokwenza izinqumo ezinhle, sibe abafundisi abangcono, sibe nokholo oluqine nakakhulu futhi simthande nakakhulu uJehova.​—w22.01, kk. 30-31.

Kuzosisiza kanjani ukufunda ukwethemba uJehova nabameleli bakhe?

Manje yisikhathi sokufunda ukwethemba indlela kaNkulunkulu yokwenza izinto ngokuthi singazingabazi iziqondiso nezinqumo zabadala. Lapho kugadla usizi olukhulu, siyobe sikulungele ukulalela ngisho noma sithola iziqondiso ezibonakala zidida noma zingaqondakali.​—w22.02, kk. 4-6.

Yayiyini injongo yokuba ingelosi itshele uZakariya ‘ngentambo yokukala enetshe esandleni [soMbusi] uZerubhabhele’? (Zak. 4:8-10)

Lo mbono waqinisekisa abantu bakaNkulunkulu ukuthi ithempeli elingebona ubukhazikhazi elalakhiwa lalizophela futhi libe yilokho uNkulunkulu ayekufuna.​—w22.03, kk. 16-17.

Singaba kanjani “isibonelo” endleleni ‘esikhuluma’ ngayo? (1 Thim. 4:12)

Singaba isibonelo ngokukhuluma ngomusa nangenhlonipho enkonzweni yethu, sicule ngokusuka enhliziyweni, siphendule njalo emihlanganweni, sikhulume iqiniso futhi sakhe abanye, sigweme inkulumo elimazayo.​—w22.04, kk. 6-9.

Kungani izici zezilo ezine (imibuso) okukhulunywa ngazo kuDaniyeli isahluko 7 zihlanganiswe esilweni esisodwa esichazwe encwadini yesAmbulo 13:1, 2?

Isilo okukhulunywa ngaso encwadini yesAmbulo 13 asimeleli nje umbuso owodwa, njengeRoma. Kunalokho, simelela yonke imibuso yezepolitiki eye yabusa abantu.​—w22.05, k. 9.

Iyiphi indlela eyinhloko esibonisa ngayo ukuthi siyayethemba indlela uNkulunkulu ahlulela ngayo?

Uma othile esizwisa ubuhlungu, esiphatha kabi noma esona, sizama ukuba singamthukutheleli futhi singamzondi, sishiyele izinto ezandleni zikaJehova. Uyolungisa wonke umonakalo obangelwe isono.​—w22.06, kk. 10-11.

Yini okufanele ayikhumbule umzalwane othandazayo emhlanganweni webandla?

Umthandazo akufanele usetshenziselwe ukweluleka ibandla noma ukwenza isaziso. Akudingeki kusetshenziswe “amazwi amaningi” ikakhulukazi ekuqaleni komhlangano. (Math. 6:7)​—w22.07, kk. 24-25.

“Ababenza okubi” bayoluthola ngamuphi umqondo ‘uvuko lokwahlulelwa’? (Joh. 5:29)

Ngeke bathole isahlulelo esibi ngenxa yalokho abakwenza besaphila. Kuyohlolisiswa isimo sabo sengqondo nendlela abaziphatha ngayo ngemva kokuvuswa.​—w22.09, k. 18.

Yisiphi isimemezelo esivusa amadlingozi uJ. F. Rutherford asenza emhlanganweni wangoSepthemba 1922?

Emhlanganweni owawuseCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A., wathi: “INkosi iyabusa! Nina ningabakhulumeli bayo. Ngakho, memezelani, memezelani, memezelani, iNkosi noMbuso wayo!”​—w22.10, kk. 3-5.

U-Isaya isahluko 30 ugcizelela ziphi izindlela ezintathu uNkulunkulu asisiza ngazo sikhuthazele?

Lesi sahluko sibonisa ukuthi (1) uyayilalela futhi ayiphendule imithandazo yethu, (2) uyasiqondisa, (3) uyasibusisa manje futhi uzosibusisa nasesikhathini esizayo.​—w22.11, k. 9.

Kungani singaphetha ngokuthi amazwi akumaHubo 37:10, 11, 29 agcwaliseka endulo futhi azogcwaliseka esikhathini esizayo?

Amazwi kaDavide azichaza kahle izimo ezinhle ezazikwa-Israyeli ikakhulukazi ngesikhathi kubusa uSolomoni. UJesu wakhuluma ngepharadesi lesikhathi esizayo futhi wacaphuna ivesi 11. (Math. 5:5; Luka 23:43)​—w22.12, kk. 8-10, 14.