ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 52
Siza Abanye Bakhuthazelele Izikhathi Ezinzima
“Ungabagodleli okuhle labo okufanele ubanike kona uma kusemandleni akho ukusiza.”—IZAGA 3:27.
INGOMA 103 Abelusi—Izipho Ezingabantu
AMAZWIBELA a
1. UJehova uvame ukuyiphendula kanjani imithandazo yezinceku zakhe?
INGABE bewazi ukuthi uJehova angakusebenzisa ukuze aphendule umthandazo womuntu osuka enhliziyweni? Angakusebenzisa kungakhathaliseki ukuthi ungumdala, inceku ekhonzayo, iphayona noma ummemezeli. Angakwenza lokho kungakhathaliseki ukuthi umncane noma umdala, ungumzalwane noma udade. Lapho umuntu othanda uJehova ecela usizo kuye, uNkulunkulu wethu uvame ukusebenzisa abadala nezinye izinceku ezithembekile ukuze babe “umthombo wenduduzo enkulu” kulowo muntu. (Kol. 4:11) Kuyilungelo ngempela ukukhonza uJehova nokukhonza abafowethu ngaleyo ndlela! Singakwazi ukubakhonza lapho kuqubuka isifo, kugadla inhlekelele noma lapho kunoshushiso.
SIZA ABANYE PHAKATHI NOKUQUBUKA KWESIFO
2. Kungani kungase kube nzima ukusiza abanye lapho kuqubuka isifo?
2 Ukuqubuka kwesifo kungenza kube nzima ukusizana. Ngokwesibonelo, singase sifise ukuvakashela abangane bethu kodwa kube ukuthi akuphephile. Singase sifise ukumema labo abadonsa kanzima ngokwezimali ukuba bazodla nathi kodwa sithole ukuthi nalokhu akuphephile. Singase sifise ukusiza abanye kodwa lokho kungaba nzima uma amalungu omndeni wethu nawo edonsa kanzima. Noma kunjalo, siyafuna ukusiza abafowethu futhi uJehova uyajabula lapho senza konke esingakwenza ukuze sibasize. (IzAga 3:27; 19:17) Yini esingayenza?
3. Sifundani esibonelweni sabadala basebandleni uDesi akulo? (Jeremiya 23:4)
3 Lokho abadala abangakwenza. Uma ungumdala, zazi kahle izimvu. (Funda uJeremiya 23:4.) UDesi, udade okukhulunywe ngaye esihlokweni esidlule, uthi, “Abadala abaseqenjini lenkonzo engikulo baye basebenza nami kanye nabanye enkonzweni futhi saba nabo kwezokuzilibazisa.” b Imizamo eyenziwa yilabo belusi yenza kwaba lula ukusiza uDesi ngemva kokuqubuka kwe-COVID-19 lapho eshonelwa amanye amalungu omndeni ngenxa yalelo gciwane.
4. Kungani abadala bakwazi ukusiza uDesi, futhi bangafundani kulokhu?
4 UDesi uyachaza, “Njengoba abadala base bengabangane bami, kwaba lula ukubatshela indlela engizizwa ngayo nokwakungikhathaza.” Bafundani abadala? Yalusani labo okufanele nibanakekele ngaphambi kokuba kuphakame izimo eziphuthumayo. Yibani abangane babo. Uma kuqubuka isifo esenza ningakwazi ukuvakashela abafowenu nodadewenu, xhumanani nabo ngezinye izindlela. UDesi uthi: “Ngezinye izikhathi abadala abahlukahlukene babefona noma bangithumelele imiyalezo ngosuku olulodwa. ImiBhalo abakhuluma ngayo yangithinta nakuba ngangiyazi kahle.”
5. Abadala bangathola kanjani ukuthi abafowabo nodadewabo badingani ukuze babasize?
5 Enye indlela yokuthola ukuthi abafowenu nodadewenu badingani iwukusebenzisa imibuzo ecatshangwe kahle. (IzAga 20:5) Banako yini ukudla okwanele, imithi nokunye abakudingayo? Ingabe basengozini yokulahlekelwa umsebenzi noma indawo yokuhlala? Ingabe badinga usizo lokubhalisela izibonelelo zikahulumeni? UDesi wasizwa akholwa nabo ngezinto azidingayo. Kodwa into eyamsiza ngokukhethekile ukuba akwazi ukubhekana ngokuphumelelayo novivinyo ukusekelwa abadala ngokomoya nangokomzwelo. Uthi: “Abadala bathandaza nami. Nakuba ngingasakukhumbuli kahle abakusho, ngiyikhumbula kahle indlela engazizwa ngayo. Kwakuyindlela kaJehova yokuthi, ‘Awuwedwa.’”—Isaya 41:10, 13.
6. Yini abaningi ebandleni abangayenza ukuze basize abanye? (Bheka isithombe.)
6 Lokho abanye abangakwenza. Sinezizathu ezinhle zokulindela ukuba abadala bahole. Kodwa uJehova usicela sonke ukuba sikhuthaze futhi sisize abanye. (Gal. 6:10) Ngisho nesenzo esincane sothando singamthinta kakhulu umuntu ogulayo. Ingane ingathumela ikhadi noma idwebe okuthile ukuze ikhuthaze umzalwane. Umuntu osekhulakhulile angakwazi ukwenzela udade izinto ezithile noma amyele esitolo. Kuthiwani ngokupheka ukudla ongakushiya ngendlela ephephile emzini womuntu ogulayo? Yiqiniso, lapho isifo sigcwele yonke indawo, wonke umuntu ebandleni uyasidinga isikhuthazo. Mhlawumbe singahlala isikhashana ngemva kwemihlangano yebandla ukuze sixoxe nabazalwane nodade, singaxoxa nabo ngokoqobo noma sisebenzise ividiyo. Kanti abadala nabo bayasidinga isikhuthazo. Abanye oFakazi baye bathumela ikhadi lokubonga kubadala, abavame ukuba matasa ngaphezu kokuvamile phakathi nokuqubuka kwesifo. Kuhle ngempela lapho sidlala indima yethu ukuze ‘siqhubeke sikhuthazana futhi sakhana’!—1 Thes. 5:11.
SIZA ABANYE LAPHO KUGADLA INHLEKELELE
7. Yini engaba inselele ngemva kwenhlekelele?
7 Inhlekelele ingaphazamisa ukuphila komuntu ngokuphazima kweso. Abantu bangase balahlekelwe izinto abanazo, imizi yabo, ngisho nabantu ababathandayo. Lezi zinto ezibuhlungu ziyabehlela nabafowethu nodadewethu abangamaKristu. Yini esingayenza ukuze sisize?
8. Yini abadala nezinhloko zemindeni abangayenza ngaphambi kokuba kugadle inhlekelele?
8 Lokho abadala abangakwenza. Badala, sizani abafowenu ukuba balungele inhlekelele ngaphambi kokuba igadle. Qinisekani ukuthi bonke ebandleni bayakwazi okufanele bakwenze ukuze bahlale bephephile, nokuthi babathinte kanjani abadala. UMargaret, ocashunwe esihlokweni esingaphambili, uthi: “Abadala benza izidingo zebandla basixwayisa ngokuthi inkathi yemililo yequbula yayingakapheli endaweni yakithi. Bathi uma kwenzeka iziphathimandla zithi asihambe endaweni noma uma izimo ziba bucayi, kumelwe sihambe ngokushesha.” Leso sixwayiso safika ngesikhathi ngoba ngemva kwamasonto amahlanu kwabe sekuqubuka umlilo osongela ukuphila. Phakathi nokukhulekela komkhaya, izinhloko zemindeni zingabuyekeza lokho ilungu lomndeni elizokwenza. Uma wena nezingane zakho nizilungiselele, cishe niyokwazi ukuhlala nizolile uma kugadla inhlekelele.
9. Yini abadala abangayenza ngaphambi nangemva kwenhlekelele?
9 Uma ungumbonisi weqembu, ungalindi kuze kugadle inhlekelele ngaphambi kokuba uqiniseke ukuthi unemininingwane enembile yabo bonke abaseqenjini lakho lasensimini, uma bevuma ukukunikeza. Yibhale phansi le mininingwane uyigcine inemininingwane yamuva. Kuyothi lapho kugadla inhlekelele, ukwazi ukuthinta ummemezeli ngamunye ukuze uthole ukuthi udingani. Dlulisela loku kwaziswa ngokushesha kumxhumanisi wendikimba yabadala, yena ozothinta umbonisi wesigodi. Ukubambisana kwabo kungasiza kakhulu. Ngemva komlilo, kwaphela amahora angu-36 umbonisi wesigodi kaMargaret engalele, esiza abadala njengoba bezama ukuthinta nokunakekela abafowabo nodadewabo abangaba ngu-450. (2 Kor. 11:27) Ngenxa yalokho, bonke ababedinga indawo yokuhlala bayithola.
10. Kungani abadala bebheka ukwalusa njengomsebenzi obalulekile? (Johane 21:15)
10 Ukunikeza usizo olungokomoya nolungokomzwelo kuyingxenye yomsebenzi owenziwa abadala abangamaKristu. (1 Pet. 5:2) Lapho kunenhlekelele, kufanele baqale baqiniseke ukuthi umzalwane nodade ngamunye uphephile futhi unokudla, izingubo nendawo yokuhlala. Kodwa ezinyangeni eziningi eziyolandela, cishe abasindile bayodinga ukusekelwa ngokomoya nangokomzwelo. (Funda uJohane 21:15.) UHarold, oyilungu leKomiti Yegatsha nowavakashela abafowethu nodadewethu abaningi abathintwe izinhlekelele, uthi: “Kuthatha isikhathi ukululama. Ukuphila kwabo kungase kuqale ukubuyela esimweni esivamile, kodwa bahlushwe imicabango yokushonelwa abantu ababathandayo, ukulahlekelwa into yabo eyigugu noma bahlushwe imicabango yokuthi bacishe bafa. Leyo micabango ingase yenze lubuye lonke usizi. Lokho akubonisi ukuthi umuntu untula ukholo, kodwa kumane kuyindlela evamile umuntu angazizwa ngayo.”
11. Yiluphi usizo oluqhubekayo imindeni engase iludinge?
11 Abadala bayasisebenzisa iseluleko esithi: “Khalani nabakhalayo.” (Roma 12:15) Abasindile bangase badinge ukuqinisekiswa ngokuthi uJehova usabathanda nangokuthi abafowabo nodadewabo nabo basabathanda. Abadala bangasiza imindeni iqhubeke nesimiso sayo sezinto ezingokomoya, esihlanganisa ukuthandaza, ukutadisha, ukuya emihlanganweni nokushumayela. Abadala bangakhuthaza nabazali ukuba basize izingane zabo zigxile ezintweni ezingeke ziphazanyiswe inhlekelele. Bazali, khumbuzani izingane zenu ukuthi uJehova uyohlale enguMngane wazo futhi uyohlale ezisiza. Niqiniseke nokuthi niyazichazela ukuthi zingaqhubeka ziyingxenye yomndeni osemhlabeni wonke wabazalwane nodade abahlale bekulungele ukuzisiza.—1 Pet. 2:17.
12. Yini abanye abangayenza ukuze basize lapho kwenzeke inhlekelele? (Bheka isithombe.)
12 Lokho abanye abangakwenza. Uma kwenzeka inhlekelele eduze kwalapho uhlala khona, buza abadala ukuthi ungasiza kanjani. Mhlawumbe ungabanikeza indawo yokuhlala isikhashana labo okudingeke bashiye imizi yabo noma labo abasiza emsebenzini wokwakha. Ungakwazi ukuhambisela abamemezeli ukudla nezinto abazidingayo. Uma inhlekelele yenzeka endaweni eqhelile nalapho uhlala khona, usengakwazi ukusiza. Kanjani? Ngokuthandazela labo abathintekile. (2 Kor. 1:8-11) Ungakwazi nokusekela umsebenzi wokunikeza usizo ngokunikela ngezimali emsebenzini womhlaba wonke. (2 Kor. 8:2-5) Uma ukwazi ukuya endaweni ethintekile ukuze uyosiza, buza abadala ukuthi ungasiza kanjani. Uma uye wamenywa ukuba uyosiza, cishe uyoqeqeshwa ukuze ukwazi ukusiza ngesikhathi odingeka ngaso.
SIZA ABAFOWENU BAKHUTHAZELELE USHUSHISO
13. Yiziphi izinselele abafowethu ababhekana nazo emazweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona?
13 Emazweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona, ushushiso lwenza ukuphila kube nzima nakakhulu. Abafowethu abahlala kulawo mazwe basabhekana nezimo zomnotho ezinzima, basagula futhi basashonelwa. Kodwa ngenxa yokuvinjelwa komsebenzi, abadala bangase bangakwazi ukuvakashela noma ukuxhumana ngokukhululekile nabadinga isikhuthazo. Yilokho okwenzeka ku-Andrei, okukhulunywe ngaye esihlokweni esidlule. Udade owayeseqenjini lakhe lenkonzo yasensimini wayedonsa kanzima ngokwezimali. Wabe eseba sengozini yemoto. Kwadingeka ahlinzwe kaningi, wangabe esakwazi ukusebenza. Naphezu kokuvinjelwa nobhubhane, abafowethu benza konke abangakwenza ukuze basize futhi uJehova wayekubona ababekwenza.
14. Abadala bangasibeka kanjani isibonelo ngokuncika kuJehova?
14 Lokho abadala abangakwenza. U-Andrei wathandaza, wenza lokho ayenamandla okukwenza. Wenzenjani uJehova? Wasekela lo dade esebenzisa abafowabo abanenkululeko ethe xaxa yokuhamba bayosiza. Abanye babehambisa lo dade lapho eya kodokotela. Abanye bamsiza ngemali. UJehova wabenza benza lokho abanamandla okukwenza, wayibusisa nemizamo yabo eyayibonisa ukuthi banesibindi futhi bamunye. (Heb. 13:16) Badala, lapho umsebenzi ubekelwe imingcele, celani abanye ukuba basize. (Jer. 36:5, 6) Ngaphezu kwakho konke, ncikani kuJehova. Uzonisiza ninakekele abafowethu nodadewethu.
15. Singabulondoloza kanjani ubunye bethu njengamaKristu lapho sishushiswa?
15 Lokho abanye abangakwenza. Lapho sivinjelwe, kungase kudingeke sihlangane nabafowethu sibe amaqembu amancane. Ngakho kubaluleke nakakhulu ukuba nokuthula phakathi kwethu. Yilwani noSathane, ningalwi nodwa. Washalazeleni amaphutha abafowenu noma nizame ukulungisa ukungaboni ngaso linye ngokushesha. (IzAga 19:11; Efe. 4:26) Thatha isinyathelo sokusiza abanye. (Thithu 3:14) Usizo abanye abalunikeza lo dade lwaba nomphumela omuhle eqenjini lenkonzo. Basondelana, kwaba sengathi abandawonye.—IHu. 133:1.
16. Ngokuvumelana neyabaseKolose 4:3, 18, singabasiza kanjani abafowethu nodadewethu abashushiswayo?
16 Izinkulungwane zabafowethu nodadewethu abangamaKristu zikhonza uJehova naphezu kwemingcele ebekwe ohulumeni. Abanye baboshelwe ukholo lwabo. Singabathandazela, sithandazele imindeni yabo nalabo abafaka inkululeko yabo engozini ukuze basekele laba bafowethu nodadewethu ngokomoya, babasekele ngezinto abazidingayo nangokubavikela ezinkantolo. c (Funda eyabaseKolose 4:3, 18.) Ungalokothi ukhohlwe ukuthi imithandazo yakho inamandla okubasiza!—2 Thes. 3:1, 2; 1 Thim. 2:1, 2.
17. Ungalulungiselela kanjani kusemanje ushushiso?
17 Wena nomndeni wakho ningalulungiselela kusemanje ushushiso. (IzE. 14:22) Ungazami ukucabanga ngazo zonke izinto ezimbi ezingase zenzeke. Kunalokho, qinisa ubungane bakho noJehova, usize nezingane zakho zenze okufanayo. Uma ngezinye izikhathi uzizwa ukhathazekile, thululela isifuba sakho kuNkulunkulu. (IHu. 62:7, 8) Xoxa nomndeni wakho ngazo zonke izizathu zokumethemba. d Njengasendabeni yenhlekelele, ukulungiselela kwakho nokwethemba uJehova kuyokwenza izingane zakho zibe nesibindi nokuthula.
18. Silindelwe ikusasa elinjani?
18 Ukuthula kukaNkulunkulu kusenza sizizwe silondekile. (Fil. 4:6, 7) UJehova usebenzisa kona ukuze enze izinhliziyo zethu zizole naphezu kwezifo, izinhlekelele nokushushiswa okungasihlasela namuhla. Usebenzisa abadala abazikhandlayo ukuba baseluse. Kanti sonke usinike ilungelo lokusizana. Ukuthula esinako manje kuzosenza sikwazi ukubhekana novivinyo olukhulu nakakhulu oluseza, ngisho ‘nosizi olukhulu.’ (Math. 24:21) Ngaleso sikhathi, kuyodingeka silondoloze ukuthula, sisize nabanye benze okufanayo. Kodwa ngemva kwalokho, ngeke sibhekane nezimo ezizosenza sikhathazeke. Ekugcineni, siyothola lokho uJehova abelokhu efuna sibe nakho—ukuthula kwangempela okuyohlala phakade.—Isaya 26:3, 4.
INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni
a UJehova uvame ukusebenzisa izinceku zakhe ezithembekile ukuze asize labo ababhekene nezikhathi ezinzima. Angakusebenzisa nawe ukuba ukhuthaze abafowenu nodadewenu. Ake sibone ukuthi singasiza kanjani lapho abanye bedinga usizo.
b Amanye amagama ashintshiwe.
c Ihhovisi legatsha noma indlunkulu yomhlaba wonke ayikwazi ukuthumelela abafowethu nodadewethu abasemajele izincwadi ezivela kunoma yimuphi umuntu.
d Bheka isihloko esithi “Kulungele Manje Ukubhekana Noshushiso” kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 2019.
e INCAZELO YESITHOMBE: Indoda nomkayo balethele umndeni ohlala ematendeni okwesikhashana ukudla ngemva kwenhlekelele.