Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 53

Bazalwane Abasebasha—Yibani Amadoda AngamaKristu Avuthiwe

Bazalwane Abasebasha—Yibani Amadoda AngamaKristu Avuthiwe

“Qina ube yindoda.”—1 AMAKH. 2:2.

INGOMA 135 UJehova Uyanxusa: “Hlakanipha, Ndodana”

AMAZWIBELA a

1. Yini okumele yenziwe indoda engumKristu ukuze iphumelele?

 INKOSI uDavide yayala uSolomoni: “Qina ube yindoda.” (1 AmaKh. 2:​1-3) Kuhle ukuba wonke amadoda angamaKristu namuhla asisebenzise leso seluleko. Ukuze aphumelele, kumele afunde ukulalela imithetho kaNkulunkulu, asebenzise nezimiso zeBhayibheli kukho konke akwenzayo. (Luka 2:52) Kungani kubaluleke kangaka ukuba abazalwane abasebasha babe amadoda angamaKristu avuthiwe?

2-3. Kungani kubalulekile ukuba umzalwane osemusha abe umKristu ovuthiwe?

2 Indoda engumKristu inezindima ezibalulekile ezifezayo ekhaya nasebandleni. Bazalwane abasebasha, asingabazi ukuthi niye nacabanga ngemithwalo eningaba nayo esikhathini esizayo. Ungase ube nomgomo wokuba isikhonzi sesikhathi esigcwele, inceku ekhonzayo, kamuva ube umdala webandla. Ungase ufise nokushada ube nezingane. (Efe. 6:4; 1 Thim. 3:1) Ukuze ufinyelele le migomo futhi kukuhambele kahle, kudingeka ube umKristu ovuthiwe. b

3 Yini engakusiza ube umKristu ovuthiwe? Kunamakhono abalulekile okudingeka ube nawo. Yini-ke ongayenza manje ukuze ulungele noma yiziphi izindima ongaba nazo esikhathini esizayo futhi uzifeze ngempumelelo?

IZINYATHELO EZIHOLELA EKUBENI UMKRISTU OVUTHIWE

Ukulingisa izimfanelo ezivelele zikaJesu kungakusiza ube indoda engumKristu ovuthiwe (Bheka isigaba 4)

4. Ungazitholaphi izibonelo ezinhle ongazilingisa? (Bheka nesithombe.)

4 Khetha izibonelo ezinhle ongazilingisa. IBhayibheli linezibonelo eziningi ezinhle ezingalingiswa izinsizwa. Lawo madoda asendulo ayemthanda uNkulunkulu futhi enza imisebenzi ehlukahlukene ukuze anakekele abantu bakhe. Ungazithola nezibonelo ezinhle zamadoda angamaKristu avuthiwe emndenini wakini nasebandleni. (Heb. 13:7) Unanesibonelo esihle kakhulu sikaJesu Kristu. (1 Pet. 2:21) Njengoba ufunda ngala madoda ayizibonelo, cabanga ngezimfanelo zawo ezivelele. (Heb. 12:​1, 2) Yibe usunquma ukuthi uzowalingisa kanjani.

5. Ungalihlakulela kanjani ikhono lokucabanga, futhi kungani kubalulekile? (IHubo 119:9)

5 Hlakulela futhi ‘ulonde ikhono lokucabanga.’ (IzAga 3:21) Umuntu onekhono lokucabanga uyacabangisisa ngaphambi kokwenza okuthile. Ngakho, sebenza kanzima ukuze ube nalelo khono futhi uqhubeke ulisebenzisa. Kungani? Kungoba leli zwe ligcwele izinsizwa eziqondiswa eyazo imibono noma ezivumela ukulawulwa imizwa yazo. (IzAga 7:7; 29:11) Izinto ezifana nethelevishini, amamuvi, i-inthanethi nezinkundla zokuxhumana nazo zingaba nethonya elikhulu kuwe. Yini ongayenza ukuze ube nekhono lokucabanga? Qala ngokufunda izimiso zeBhayibheli bese ucabanga ngokuthi kungani zizuzisa. Ngemva kwalokho, sebenzisa lezo zimiso ukuze zikusize wenze izinqumo ezizojabulisa uJehova. (Funda iHubo 119:9.) Uma uhlakulela leli khono elibalulekile, uyobe uthathe isinyathelo esibalulekile sokuba indoda engumKristu ovuthiwe. (IzAga 2:​11, 12; Heb. 5:14) Cabanga ngendlela ikhono lokucabanga elizokusiza ngayo ezimweni ezimbili: (1) endleleni ophatha ngayo odade (2) nalapho wenza izinqumo ezimayelana nendlela ogqoka nozilungisa ngayo.

6. Ikhono lokucabanga lizomsiza kanjani umzalwane osemusha abonise ukuthi uyabahlonipha odade?

6 Ikhono lokucabanga lizokusiza uhloniphe abantu besifazane. Kuyinto engokwemvelo nefanelekayo ukuba umzalwane osemusha afune ukuthandana nodade ongumKristu. Noma kunjalo, insizwa enekhono lokucabanga ngeke isho, ibhale noma yenze into ebonisa ukuthi ithanda udade kodwa ibe ingaqondile ukumshada. (1 Thim. 5:​1, 2) Uma ithandana nodade, izovikela idumela lakhe ngokuthi ingavumi nanini ukuba babe bodwa ngaphandle komqaphi.—1 Kor. 6:18.

7. Ikhono lokucabanga lizomsiza kanjani umzalwane osemusha lapho ekhetha ukuthi uzogqokani futhi azilungise kanjani?

7 Enye indlela insizwa ebonisa ngayo ukuthi inalo ikhono lokucabanga yindlela egqoka nezilungisa ngayo. Ngokuvamile, izitayela ezisefeshinini zenziwa abantu abangamhloniphi uJehova noma abangenaso isimilo bese bekhuthaza abanye ukuba bagqoke lezo zitayela. Ukucabanga kwabo okubonisa ukuthi abanasimilo kubonakala ezitayeleni abaziklamayo zezingubo ezimpintshayo noma ezenza abesilisa babukeke njengabantu besifazane. Lapho insizwa efuna ukuba umKristu ovuthiwe ikhetha ukuthi izogqokani, izoqondiswa izimiso zeBhayibheli nezibonelo ezinhle ezisebandleni. Ingazibuza: ‘Ingabe izinto engikhetha ukuzigqoka zibonisa ukuthi ngihluzekile engqondweni futhi ngiyabacabangela abanye? Indlela engigqoka ngayo yenza kube lula yini ngabanye ukuba bakholwe ukuthi ngizinikele ekukhonzeni uNkulunkulu?’ (1 Kor. 10:​31-33; Thithu 2:6) Insizwa enekhono lokucabanga ngeke igcine ngokuhlonishwa abafowabo nodadewabo kuphela kodwa izohlonishwa nanguYise osezulwini.

8. Yini umzalwane osemusha angayenza ukuze abe nokwethenjelwa?

8 Yiba nokwethenjelwa. Insizwa enokwethenjelwa iyenza ngenkuthalo yonke imisebenzi okudingeka iyenze. (Luka 16:10) Cabanga ngesibonelo esihle kakhulu sikaJesu. Wayengeyena neze umuntu onganaki noma ongayenzi imisebenzi okufanele ayenze. Kunalokho, wazenza zonke izabelo uJehova ayemnike zona, ngisho noma kunzima ukuzenza. Wayebathanda abantu—ikakhulukazi abafundi bakhe—waze wazinikela ngokuzithandela ngenxa yabo. (Joh. 13:1) Lingisa uJesu, usebenze kanzima ukuze ufeze noma yiziphi izabelo ozinikezwayo. Uma ungaqiniseki ukuthi kufanele usenze kanjani isabelo esithile, thobeka ucele usizo kubazalwane abavuthiwe. Ungalokothi waneliswe ukumane wenze okuncane nje. (Roma 12:11) Kunalokho, sifeze isabelo onikezwe sona, ‘usenzele uJehova, hhayi abantu.’ (Kol. 3:23) Kuyavunywa ukuthi unesono, ngakho yiba nesizotha uvume noma yimaphi amaphutha owenzayo.—IzAga 11:2.

FUNDA AMAKHONO AWUSIZO

9. Kungani umzalwane osemusha kumele afunde amakhono awusizo?

9 Ukuze ube indoda engumKristu ovuthiwe, kudingeka ufunde amakhono awusizo. Azokusiza ukwazi ukufeza izabelo ebandleni, ube nomsebenzi wokuziphilisa ozokusiza uzisekele wena noma umndeni wakho futhi ube nobuhlobo obuhle nabanye. Cabanga ngala makhono ambalwa abalulekile.

Ukufunda nokubhala kahle kuzokuzuzisa wena nebandla (Bheka izigaba 10-11)

10-11. Umzalwane osemusha angazuza kanjani yena nebandla uma efunda ukufunda nokubhala kahle? (IHubo 1:​1-3) (Bheka nesithombe.)

10 Funda ukufunda nokubhala kahle. IBhayibheli lithi umuntu ojabulayo nophumelelayo ufunda iZwi likaNkulunkulu usuku nosuku futhi azindle ngalo. (Funda iHubo 1:​1-3.) Uma efunda iBhayibheli nsuku zonke, uzoyazi indlela uJehova acabanga ngayo, okuzomsiza acabange ngendlela ecacile futhi ayisebenzise kahle imiBhalo. (IzAga 1:​3, 4) Amadoda anjalo ayadingeka ebandleni. Kungani?

11 Abafowethu nodadewethu badinga isiqondiso nezeluleko ezisekelwe eBhayibhelini ezivela emadodeni akwaziyo ukufundisa. (Thithu 1:9) Uma ukwazi ukufunda nokubhala kahle, uzokwazi ukulungiselela izinkulumo nezimpendulo ezifundisayo neziqinisa ukholo. Uzokwazi nokubhala amaphuzu abalulekile lapho utadisha nalapho ulalele izinkulumo emihlanganweni yebandla, kwemincane nakwemikhulu. Lawo maphuzu azokusiza wakhe ukholo lwakho ukhuthaze nabanye.

12. Yini ezokusiza ukwazi ukukhuluma kahle?

12 Funda ukukhuluma kahle. Indoda engumKristu kumele ifunde ukukhuluma kahle. Indoda ekhuluma kahle ilalela futhi iqonde imicabango nemizwa yabanye. (IzAga 20:5) Uma ilalela iphimbo lomuntu, ibuka isimo sobuso bakhe nendlela anyakazisa ngayo umzimba, ingakwazi ukuthola ukuthi uzizwa kanjani. Ngeke ukufunde lokho uma ungachithi isikhathi nabanye abantu. Uma ngaso sonke isikhathi ukhuluma nabantu ngezinto zobuchwepheshe, njengokubathumelela ama-email nemiyalezo, kungase kube nzima ukukhuluma nabo ubuso nobuso. Ngakho, yenza amathuba okuxoxa nabantu ubuso nobuso.—2 Joh. 12.

Kuhle ukufunda ikhono elizokusiza uthole umsebenzi (Bheka isigaba 13)

13. Yini enye okumele insizwa iyifunde? (1 Thimothewu 5:8) (Bheka nesithombe.)

13 Funda ukuzisekela. Indoda engumKristu ovuthiwe kumele ikwazi ukuzisekela yona nomndeni wayo. (Funda eyoku-1 Thimothewu 5:8.) Kwamanye amazwe abazalwane abasebasha bangase bafunde amakhono omsebenzi koyise noma ezihlotsheni. Kanti kwamanye insizwa ingafunda ikhono lomsebenzi noma ifundele omunye umsebenzi ngesikhathi isesesikoleni samabanga aphakeme. Kunoma yikuphi, kuhle ukufunda ikhono elizokusiza uthole umsebenzi. (IzE. 18:​2, 3; 20:34; Efe. 4:28) Yaziwa ngokuthi usebenza kanzima, wenza umsebenzi uze uwuqede. Uma waziwa kanjalo, makhulu amathuba okuba uthole umsebenzi. Izimfanelo namakhono esixoxe ngawo abalulekile futhi ukuze indoda engumKristu ifeze izindima engaba nazo esikhathini esizayo. Ake sixoxe ngezinye zalezo zindima.

LUNGISELELA IZINDIMA ONGABA NAZO ESIKHATHINI ESIZAYO

14. Umzalwane osemusha angakulungiselela kanjani ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele?

14 Ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele. Amadoda amaningi angamaKristu avuthiwe aqala inkonzo yesikhathi esigcwele esemasha. Ukuphayona kusiza insizwa ifunde ukusebenzisana kahle nabantu abahlukahlukene. Kuyisiza ikwazi nokubhala ukuthi imali izoyisebenzisa kanjani bese inamathele kulokho. (Fil. 4:​11-13) Isiqalo esihle senkonzo yesikhathi esigcwele ukuba iphayona elisizayo. Abaningi baba amaphayona asizayo isikhathi esithile, okubasiza balungele ukuba amaphayona avamile. Ukuphayona kungase kubavulele amathuba okwenza eminye imikhakha yenkonzo yesikhathi esigcwele, njengokuba ivolontiya emsebenzini wokwakha noma ukukhonza eBethel.

15-16. Yini umzalwane osemusha okumele ayenze ukuze afanelekele ukuba inceku ekhonzayo noma umdala?

15 Ukuba inceku ekhonzayo noma umdala. Amadoda angamaKristu kufanele abe nomgomo wokufanelekela ukukhonza abafowabo nodadewabo ngokuba abadala ebandleni. IBhayibheli lithi amadoda alwela ukufanelekela le ndima ‘afisa umsebenzi omuhle.’ (1 Thim. 3:1) Ngaphambi kokuba umzalwane abe umdala, kumele afanelekele ukuba inceku ekhonzayo. Izinceku ezikhonzayo zisiza abadala ngezindlela eziningi. Abadala nezinceku ezikhonzayo bakhonza abafowabo nodadewabo ngokuthobeka, bashumayele nangentshiseko. Abazalwane abasebasha bangafanelekela ukuba izinceku ezikhonzayo ngisho besephakathi kweminyaka engu-17 nengu-19. Kanti inceku ekhonzayo efanelekayo ingase imiswe njengomdala lapho isanda kweva eminyakeni engu-20.

16 Yini ongayenza ukuze ufanelekele lezi zindima? Ayikho indlela enqamulelayo. Zonke izimfuneko ezidingekayo zisekelwe eBhayibhelini, ekuthandeni kwakho uJehova, umndeni wakho nebandla. (1 Thim. 3:​1-13; Thithu 1:​6-9; 1 Pet. 5:​2, 3) Zama ukuqonda ukuthi imfuneko ngayinye ihilelani. Thandaza ucele usizo lukaJehova ukuze ukwazi ukuba nalezi zimfuneko. c

UJehova ufuna ukuba indoda ithande umkayo nezingane, ibanikeze izinto abazidingayo, ibanakekele ngokomzwelo, ngaphezu kwakho konke, ibasize bahlale besondelene noJehova (Bheka isigaba 17)

17. Yini umzalwane osemusha angayenza ukuze alungiselele ukuba umyeni nenhloko yomndeni? (Bheka nesithombe.)

17 Ukuba umyeni nenhloko yomndeni. Njengoba uJesu abonisa, amanye amadoda angamaKristu avuthiwe ahlala engashadile. (Math. 19:12) Kodwa uma ukhetha ukushada, uzoba nezinye izindima okudingeka uzifeze, izindima zokuba umyeni nenhloko yomndeni. (1 Kor. 11:3) UJehova ulindele ukuba indoda ithande umkayo, imnikeze izinto azidingayo, inakekele izidingo zakhe ezingokomzwelo futhi imsize ahlale esondelene noJehova. (Efe. 5:​28, 29) Izimfanelo namakhono esixoxe ngawo ekuqaleni kwalesi sihloko, njengekhono lokucabanga, ukuhlonipha abantu besifazane nokuba nokwethenjelwa, kuyokusiza ube umyeni okahle. Uyokulungela ukufeza indima yokuba umyeni nenhloko yomndeni.

18. Umzalwane osemusha angakulungiselela kanjani ukuba ubaba?

18 Ukuba ubaba. Ngemva kokushada, ungase ube ubaba. Yini ongayifunda kuJehova ngokuba ubaba okahle? Kuningi ongakufunda. (Efe. 6:4) UJehova akabanga namahloni okutshela iNdodana yakhe, uJesu, ukuthi uyayithanda futhi uyayamukela. (Math. 3:17) Uma uba ngubaba, qiniseka ukuthi uziqinisekisa njalo izingane zakho ukuthi uyazithanda. Zincome njalo lapho zenza izinto ezinhle. Obaba abalingisa isibonelo sikaJehova basiza izingane zabo ukuba zibe amadoda nabesifazane abangamaKristu avuthiwe. Ungazilungiselela manje ukufeza leyo ndima ngokunakekela abanye emndenini wakini nasebandleni nangokubabonisa ukuthi uyabathanda. Funda nokubatshela ukuthi uyabathanda nokuthi uyabazisa. (Joh. 15:9) Lokhu kuyokusiza ukwazi ukufeza izindima ongase ube nazo zokuba umyeni nobaba esikhathini esizayo. Okwamanje, uzoba usizo olukhulu kuJehova, emndenini wakini nasebandleni.

YINI OZOYENZA MANJE?

Izinsizwa eziningi ezafundiswa imiBhalo futhi zakusebenzisa ezikufundile sezingamaKristu avuthiwe (Bheka izigaba 19-​20)

19-20. Yini ezosiza abazalwane abasebasha babe amadoda angamaKristu avuthiwe? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

19 Bazalwane abasebasha, ngeke kuzenzakalele ukuba nibe amadoda angamaKristu avuthiwe. Kudingeka nikhethe izibonelo ezinhle enizozilingisa, nibe nekhono lokucabanga, nibe nokwethenjelwa, nifunde amakhono awusizo ekuphileni futhi nilungiselele ukufeza izindima eningase nibe nazo esikhathini esizayo.

20 Ngezinye izikhathi ungase uzizwe uphela amandla lapho ucabanga ngomsebenzi osakuhlalele. Kodwa ungakwazi ukuwenza. Khumbula ukuthi uJehova uzimisele ukukusiza. (Isaya 41:​10, 13) Abafowenu nodadewenu ebandleni nabo bazokusiza. Lapho usuyindoda engumKristu ovuthiwe, ukuphila kwakho kuyoba mnandi futhi kwanelise. Bazalwane abasebasha, siyanithanda! Sengathi uJehova anganibusisa ngokucebile njengoba manje nisebenzela ukuba amadoda angamaKristu avuthiwe.—IzAga 22:4.

INGOMA 65 Qhubekela Phambili!

a Amadoda avuthiwe ayadingeka ebandleni lobuKristu. Kulesi sihloko sizoxoxa ngokuthi yini nina bazalwane abasebasha eningayenza ukuze nibe amadoda angamaKristu avuthiwe.

b Bheka “Incazelo Yamagama” esihlokweni esandulele.

c Bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, izahl. 5-6.