Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 52

Bodade Abasebasha—Yibani Abesifazane AbangamaKristu Avuthiwe

Bodade Abasebasha—Yibani Abesifazane AbangamaKristu Avuthiwe

‘Abesifazane nabo kufanele balinganisele, bathembeke ezintweni zonke.’—1 THIM. 3:11.

INGOMA 133 Khonza UJehova Usemusha

AMAZWIBELA a

1. Yini okumele siyenze ukuze sibe amaKristu avuthiwe?

 IYASIMANGAZA indlela ingane eshesha ngayo ukukhula ibe umuntu omdala. Lokhu kukhula kuba sengathi yinto ezenzakalelayo. Nokho, ukuba umKristu ovuthiwe akuzenzakaleli. b (1 Kor. 13:11; Heb. 6:1) Ukuze sifinyelele lowo mgomo, kudingeka sibe nobuhlobo obuseduze noJehova. Njengoba sihlakulela izimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu, sidinga nomoya wakhe ongcwele ukuze sihlakulele amakhono esingawasebenzisa, silungele nemisebenzi esingase siyenze esikhathini esizayo.—IzAga 1:5.

2. Yini esiyifunda kuGenesise 1:​27, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 UJehova wadala abantu kwaba owesilisa nowesifazane. (Funda uGenesise 1:27.) Siyazi ukuthi abesilisa nabesifazane bakheke ngendlela engafani, kodwa kunezinye izinto ezibenza bahluke. Ngokwesibonelo, uJehova wadala amadoda nabesifazane ukuba bakwazi ukufeza izindima ezithile, ngakho badinga izimfanelo namakhono okuzobasiza bazifeze. (Gen. 2:18) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi yini okufanele yenziwe udade osemusha ukuze abe owesifazane ongumKristu ovuthiwe. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngokuthi yini engenziwa abazalwane abasebasha.

HLAKULELA IZIMFANELO EZIJABULISA UJEHOVA

Ukulingisa izimfanelo zabesifazane abathembekile, abanjengoRebheka, u-Esteri no-Abhigayili kuzokusiza ube owesifazane ongumKristu ovuthiwe (Bheka izigaba 3-4)

3-4. Odade abasebasha bangazitholaphi izibonelo ezinhle abangazilingisa? (Bheka nesithombe.)

3 IBhayibheli likhuluma ngabesifazane abaningi abayizibonelo ezinhle, ababethanda uJehova futhi bemkhonza. (Bheka isihloko esiku-jw.org/zu esithi “Abesifazane Okukhulunywa Ngabo EBhayibhelini—Singafundani Kubo?”) Njengoba umBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko ubonisa, ‘babelinganisela,’ ‘bethembeke ezintweni zonke.’ Ngaphezu kwalokho, odade bangabathola emabandleni abo abesifazane abangamaKristu avuthiwe abangabalingisa.

4 Bodade abasebasha, bakhona yini abesifazane abangamaKristu avuthiwe enibaziyo eningabalingisa? Zinakisise izimfanelo zabo ezinhle; yibe usucabanga ngokuthi ungazilingisa kanjani. Ezigabeni ezilandelayo, sizoxoxa ngezimfanelo ezintathu ezibalulekile okudingeka amaKristu avuthiwe abe nazo.

5. Kungani ukuthobeka kubalulekile kowesifazane ongumKristu ovuthiwe?

5 Ukuthobeka kubalulekile ukuze ube umKristu ovuthiwe. Uma owesifazane ethobekile, uzoba nobuhlobo obuhle noJehova nabanye. (Jak. 4:6) Ngokwesibonelo, owesifazane othanda uJehova ngokuthobeka ukhetha ukusekela izimiso zobunhloko ezibekwe uBaba wakhe osezulwini. (1 Kor. 11:3) Lezi zimiso zinendima yazo ebandleni nasemndenini. c

6. Odade abasebasha bangafundani ngokuthobeka esibonelweni sikaRebheka?

6 Cabanga ngesibonelo sikaRebheka. Wayengowesifazane ohlakaniphile nonokuqonda, owathatha isinyathelo sokwenza izinto ngendlela efanele kukho konke ukuphila kwakhe. (Gen. 24:58; 27:​5-17) Kodwa wayehlonipha futhi ezithoba. (Gen. 24:​17, 18, 65) Uma ngokuthobeka usekela amalungiselelo kaJehova njengoRebheka, uzoba ithonya elihle emndenini wakho nasebandleni.

7. Odade abasebasha bangamlingisa kanjani u-Esteri ngokubonisa isizotha?

7 Isizotha singenye imfanelo edingwa amaKristu avuthiwe. IBhayibheli lithi “ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” (IzAga 11:2) U-Esteri wayenesizotha futhi emesaba uNkulunkulu. Isizotha samenza wangagabadela. Walalela iseluleko somzala wakhe omdala kunaye, uMoridekayi, futhi wasisebenzisa. (Est. 2:​10, 20, 22) Nawe ungabonisa isizotha ngokucela izeluleko ezinhle kwabanye futhi uzisebenzise.—Thithu 2:​3-5.

8. Ngokweyoku-1 Thimothewu 2:​9, 10, isizotha sizomsiza kanjani udade enze izinqumo ezihlakaniphile endabeni yokugqoka nokuzilungisa?

8 U-Esteri wabonisa isizotha nangenye indlela. ‘Wayemi kahle futhi emuhle’; noma kunjalo, akazange azidonsele amehlo abantu. (Est. 2:​7, 15) Owesifazane ongumKristu angazuza kanjani esibonelweni sika-Esteri? Enye indlela angazuza ngayo ivezwe kweyoku-1 Thimothewu 2:​9, 10. (Yifunde.) Umphostoli uPawulu weluleka abesifazane abangamaKristu ukuba bagqoke ngendlela enesizotha nebonisa ukuhluzeka kwengqondo. Amagama esiGreki asetshenziswe lapha asikisela ukuthi izingubo zowesifazane ongumKristu kufanele zihlonipheke zibonise ukucabangela imizwa yabanye noma imibono yabo. Asive siziqhenya ngodade abangamaKristu avuthiwe abagqoka ngesizotha!

9. Yini esiyifunda esibonelweni sika-Abhigayili?

9 Ukuqonda kungenye imfanelo okufanele bonke odade abangamaKristu avuthiwe bayibonise. Kuyini ukuqonda? Kuwukwahlulela okuhle—ikhono lokuhlukanisa okulungile kokungalungile bese ukhetha ukwenza okulungile. Cabanga ngesibonelo sika-Abhigayili. Umyeni wakhe wenza isinqumo esibi esasizodala enkulu inhlekelele emndenini wakhe. U-Abhigayili wathatha isinyathelo ngokushesha. Ukwahlulela kwakhe okuhle kwasindisa ukuphila kwabantu. (1 Sam. 25:​14-23, 32-35) Ukuqonda kuyasisiza sibone lapho kufanele sikhulume nalapho kufanele sithule. Kuyasisiza silinganisele nalapho sifuna ukwazi ukuthi kwenzekani ekuphileni kwabanye.—1 Thes. 4:11.

FUNDA AMAKHONO AWUSIZO

Kukuzuzise kanjani ukufunda ukufunda nokubhala kahle? (Bheka isigaba 11)

10-11. Ungazuza kanjani wena nabanye uma ufunda ukufunda nokubhala kahle? (Bheka nesithombe.)

10 Owesifazane ongumKristu kudingeka abe namakhono awusizo. Amanye amakhono intombazane ewafunda lapho isakhula ayoqhubeka eyisiza ukuphila kwayo konke. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa.

11 Funda ukufunda nokubhala kahle. Kwamanye amasiko, ukufunda nokubhala akubhekwa njengamakhono abalulekile angafundwa abesifazane. Kodwa la makhono abaluleke kakhulu kuwo wonke amaKristu. d (1 Thim. 4:13) Ngakho, ungavumeli lutho lukuvimbe ukuba ufunde ukufunda nokubhala kahle. Kuzokuzuzisa kanjani? Amakhono anjalo angase akusize uthole umsebenzi. Uzoba umfundi nomfundisi omuhle weZwi likaNkulunkulu. Okuhle kunakho konke, uzosondelana noJehova lapho ufunda iZwi lakhe futhi uzindla ngalo.—Josh. 1:8; 1 Thim. 4:15.

12. IzAga 31:26 zingakusiza kanjani ukuba ukhulume kahle?

12 Funda ukukhuluma kahle. AmaKristu kudingeka akhulume kahle nabanye. Mayelana nalokhu, umfundi uJakobe usinikeza iseluleko esingasisebenzisa, lapho ethi: “Wonke umuntu kumele asheshe ukulalela, ephuze ukukhuluma.” (Jak. 1:19) Uma ulalelisisa lapho abanye bekhuluma, ubonisa ukuthi ‘uzwelana’ nabo. (1 Pet. 3:8) Uma ungaqiniseki ukuthi uyakuqonda lokho umuntu akushoyo noma indlela azizwa ngayo, mbuze imibuzo efanelekayo. Yibe usuma kancane ucabange ngaphambi kokuba ukhulume. (IzAga 15:​28, mbhw) Zibuze: ‘Ingabe lokhu engizokusho kuyiqiniso futhi kuyakhuthaza? Ingabe kunomusa futhi akucasuli?’ Funda kodade abavuthiwe abakhuluma kahle. (Funda izAga 31:26.) Yinakisise indlela abakhuluma ngayo. Uma ufunda ukukhuluma kahle, uzoba nobuhlobo obuhle nabanye.

Owesifazane ofunde ukuphatha ikhaya uyisibusiso emndenini nasebandleni (Bheka isigaba 13)

13. Ungafunda kanjani ukuphatha ikhaya? (Bheka nesithombe.)

13 Funda ukuphatha ikhaya. Ezindaweni eziningi, abesifazane yibo abenza okuningi ekhaya. Umama wakho noma omunye udade ovuthiwe bangakusiza ufunde amakhono owadingayo. Udade okuthiwa uCindy uthi: “Esinye sezipho ezibaluleke kakhulu umama angipha sona kwakuwukungifundisa ukuthi ukusebenza kanzima kuyajabulisa. Ukufunda amakhono anjengokupheka, ukuhlanza, ukuthunga nokuthenga kwenza ukuphila kwami kwaba lula, kwangisiza ngenza nokuningi enkonzweni kaJehova. Umama wangifundisa nokungenisa izihambi, okwangenza ngahlangana nabazalwane nodade abahle engingabalingisa.” (IzAga 31:​15, 21, 22) Owesifazane okhuthele ongenisa izihambi, okwazi ukuphatha ikhaya uyisibusiso emndenini nasebandleni.—IzAga 31:​13, 17, 27; IzE. 16:15.

14. Ufundani endabeni kaCrystal, futhi yini okufanele ugxile kuyo?

14 Funda ukuzenzela izinto. Lona umgomo obalulekile wawo wonke amaKristu avuthiwe. (Fil. 4:11) Udade okuthiwa uCrystal uthi: “Abazali bami bangisiza ngakhetha izifundo engizozenza esikoleni, lezo zifundo zazizongenza ngifunde amakhono awusizo. Ubaba wathi kungakuhle ngifunde i-accounting futhi lokho kwangisiza kakhulu.” Ngaphandle kokufunda amakhono azokwenza uthole umsebenzi, zama ukuzifundisa ukuthi imali uzoyisebenzisa kanjani, ubhale phansi bese unamathela kulokho. (IzAga 31:​16, 18) Gxila emigomweni ekusondeza kuNkulunkulu ngokugwema izikweletu ezingadingekile nangokwaneliswa ukuphila okulula.—1 Thim. 6:8.

LUNGISELELA IZINDIMA ONGASE UBE NAZO ESIKHATHINI ESIZAYO

15-16. Odade abangashadile babasiza kanjani abanye? (Marku 10:​29, 30)

15 Lapho ufunda ukuba nezimfanelo ezijabulisa uJehova namakhono awusizo, uyozilungela kahle izindima ongase ube nazo esikhathini esizayo. Cabanga ngezibonelo ezimbalwa zezinto ongazenza.

16 Ungakhetha ukungashadi isikhathi esithile. Ngokuvumelana namazwi kaJesu, abanye besifazane bakhethe ukungashadi, ngisho noma ukungashadi kungakhuthazwa emasikweni abo. (Math. 19:​10-12) Abanye bangase bakhethe ukuhlala bengashadile ngenxa yezimo. Qiniseka ukuthi uJehova noJesu abawabukeli phansi amaKristu angashadile. Emhlabeni wonke, odade abangashadile bayithonya elihle emabandleni. Uthando lwabo nokukhathalela kwabo abanye kwenza laba besifazane abangamaKristu kube sengathi bayizingane zandawonye nabanye futhi bafane nomama kubo.—Funda uMarku 10:​29, 30; 1 Thim. 5:2.

17. Udade osemusha angakulungiselela kanjani kusemanje ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele?

17 Ungaba isikhonzi sesikhathi esigcwele. Abesifazane abangamaKristu bafeza ingxenye enkulu emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke. (IHu. 68:11) Ungahlela yini kusemanje ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele? Ungase ube iphayona, ivolontiya emsebenzini wokwakha noma ukhonze eBethel. Thandaza ngomgomo wakho. Khuluma nabanye abawufinyelele umgomo ofana nowakho, uthole ukuthi yini oyidingayo ukuze ufaneleke. Ngemva kwalokho, hlela ukuthi yini ozoyenza ukuze uwufinyelele. Ukufinyelela umgomo wakho kuzokuvulela namanye amathuba amaningi ajabulisayo enkonzweni kaJehova.

Uma ucabangela ukushada, kufanele ucophelele lapho ukhetha umuntu ozoshada naye (Bheka isigaba 18)

18. Kungani udade kufanele acophelele lapho ekhetha umuntu azoshada naye? (Bheka nesithombe.)

18 Ungase ukhethe ukushada. Izimfanelo namakhono esesixoxe ngawo, kuzokusiza ube inkosikazi ekahle. Yiqiniso, uma ucabangela ukushada kufanele umkhethe kahle umuntu uzoshada naye. Lesi esinye sezinqumo ezibaluleke kakhulu oyoke uzenze. Khumbula, uyoba ngaphansi kobunhloko bendoda okhetha ukushada nayo. (Roma 7:2; Efe. 5:​23, 33) Ngakho zibuze: ‘Ingabe le ndoda ingumKristu ovuthiwe? Ingabe uJehova uza kuqala ekuphileni kwayo? Ingabe yenza izinqumo ezihlakaniphile? Iyawavuma yini amaphutha ayo? Iyabahlonipha yini abesifazane? Izokwazi yini ukugcina ubuhlobo bami noJehova buqinile, ingondle futhi inginakekele nangokomzwelo? Izifeza kahle yini izabelo zayo? Ngokwesibonelo, yiziphi izabelo enazo ebandleni futhi izenza kanjani?’ (Luka 16:10; 1 Thim. 5:8) Yiqiniso, uma ufuna ukuthola umyeni okahle ozoshada naye, nawe kudingeka ulungele ukuba inkosikazi ekahle.

19. Kungani indima yokuba “umsizi” ihloniphekile?

19 IBhayibheli lithi inkosikazi ekahle ‘ingumsizi’ ‘nomphelelisi’ womyeni wayo. (Gen. 2:18) Ingabe le ncazelo iyayehlisa inkosikazi? Cha! Indima yenkosikazi yokuba umsizi ihlonipheke kakhulu. Empeleni, ngokuvamile iBhayibheli lichaza uJehova ngokuthi ‘umsizi.’ (IHu. 54:4; Heb. 13:6) Inkosikazi isuke ingumsizi wangempela womyeni wayo lapho imsekela futhi imsiza ukuba enze izinqumo ezithinta umndeni. Ngenxa yokuthi ithanda uJehova, isiza umyeni wayo abe nedumela elihle. (IzAga 31:​11, 12; 1 Thim. 3:11) Ungayilungiselela le ndima ongase ube nayo esikhathini esizayo, ngokujulisa uthando lwakho ngoJehova nangokusiza abanye ekhaya nasebandleni.

20. Yini umama angayifeza ekhaya?

20 Ungase ube umama. Ngemva kokushada, wena nomyeni wakho ningase nibe nezingane. (IHu. 127:3) Ngakho, kuwukuhlakanipha ukucabanga kusengaphambili ukuthi yini edingekayo ukuze ube umama okahle. Izimfanelo namakhono esixoxe ngakho kulesi sihloko kuzokusiza uma uba inkosikazi nomama. Uthando lwakho, umusa nesineke kuyokwenza kube mnandi ekhaya, izingane zakho zizizwe zilondekile, zithandwa.—IzAga 24:3.

Abesifazane abaningi abasebasha abafundiswa imiBhalo futhi bakusebenzisa abakufundile sebengamaKristu avuthiwe (Bheka isigaba 21)

21. Sizizwa kanjani ngodadewethu, futhi kungani? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

21 Siyanithanda bodadewethu, ngenxa yakho konke enikwenzela uJehova nabanye. (Heb. 6:10) Nisebenza kanzima ukuze nibe nezimfanelo ezijabulisa uJehova, nibe namakhono enza ukuphila kwenu nabanye kube ngcono, nilungiselele nezindima eningase nibe nazo esikhathini esizayo. Niyigugu kakhulu enhlanganweni kaJehova!

INGOMA 137 Abesifazane Abathembekile, Odade AbangamaKristu

a Bodade abasebasha siyanithanda futhi niyigugu ebandleni. Ningakwazi ukuba amaKristu avuthiwe ngokuhlakulela izimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu, ngokufunda amakhono awusizo nangokulungela izindima eningazenza esikhathini esizayo. Uma nenza kanjalo, niyothola izibusiso eziningi enkonzweni eniyenzela uJehova.

b INCAZELO YAMAGAMA: UmKristu ovuthiwe uqondiswa umoya kaNkulunkulu, akaqondiswa ukuhlakanipha kwezwe. Ulingisa isibonelo sikaJesu, asebenze kanzima ukuze ahlale eseduze noJehova, abonise nabanye uthando lokuzidela.

d Ukuze ufunde ngokubaluleka kokufunda, bheka isihloko esithi “Kungani Kubalulekile Ukuba Izingane Zikwazi Ukufunda—Ingxenye 1: Ziyafunda noma Ziyabuka?” kuyi-jw.org/zu.