Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zalo nyaka ze-Nqabayokulinda? Ake sibone ukuthi ungakwazi yini ukuphendula le mibuzo elandelayo:

Kusho ukuthini ‘ukushintsha ingqondo yenu’? (Roma 12:2)

Kusho okungaphezu nje kokumane senze izenzo ezimbalwa ezinhle. Kuhilela nokuzihlola ukuthi singabantu abanjani ngaphakathi, senze noma yiluphi ushintsho oludingekayo ukuze ukuphila kwethu kuvumelane nemithetho kaNkulunkulu.—w23.01, kk. 8-9.

Singaba kanjani abalinganiselayo lapho sibona izinto ezenzeka ezweni?

Siyathanda ukubona ukuthi izinto ezenzeka ezweni zizigcwalisa kanjani iziprofetho eziseBhayibhelini. Kunokuba siqagele, okuyinto engaqeda ubunye, kuhle sisekele izingxoxo zethu ezintweni ezinyatheliswe inhlangano kaJehova. (1 Kor. 1:10)—w23.02, k. 16.

Ukubhapathizwa kukaJesu kuhluke kanjani kokwabalandeli bakhe?

Akuzange kudingeke ukuba uJesu azinikele kuJehova njengathi ngoba wazalelwa esizweni esinikezelwe kuJehova. Wayengumuntu ongenasono. Akuzange kudingeke aphenduke.—w23.03, k. 5.

Singabasiza kanjani abanye baphendule emihlanganweni?

Singanikeza izimpendulo ezimfushane ukuze babe baningi abazophendula. Singagwema ukukhuluma ngamaphuzu amaningi. Uma senza kanjalo, nabanye bazokwazi ukuphendula.—w23.04, k. 23.

“INdlela Yobungcwele” okukhulunywa ngayo ku-Isaya 35:8 ibhekisela kuphi?

Ekuqaleni lo mgwaqo omkhulu ongokomfanekiso wawubhekisela endleleni amaJuda ayehamba kuyo esuka eBhabhiloni eya ezweni lawo. Kuthiwani ngezikhathi zanamuhla? Eminyakeni eminingi ngaphambi kuka-1919, kwenziwa umsebenzi wokulungiselela—phakathi kwezinye izinto kwahunyushwa futhi kwanyatheliswa amaBhayibheli. Abantu bakaNkulunkulu bebelokhu behamba ‘eNdleleni Yobungcwele’ ezobasiza baqhubeke bekhonza uJehova manje nasesikhathini esizayo, lapho uMbuso uletha izibusiso emhlabeni.—w23.05, kk. 15-19.

Incwadi yezAga isahluko 9 inikeza iseluleko esisekelwe kubaphi abesifazane ababili abangokomfanekiso?

Incwadi yezAga ikhuluma ‘ngowesifazane oyisiphukuphuku,’ isimemo sakhe siholela ‘eThuneni.’ Iphinde ikhulume ngomunye wesifazane ongokomfanekiso obizwa ngokuthi “ukuhlakanipha kweqiniso,” isimemo sakhe sona siholela “endleleni yokuqonda” nasekuphileni. (IzAga 9:​1, 6, 13, 18)—w23.06, kk. 22-24.

Ukuthobeka nokuvumelana nezimo kwabonakala kanjani endleleni uNkulunkulu asebenzelana ngayo noLoti?

UJehova watshela uLoti ukuba abalekele esifundeni esinezintaba esuka eSodoma. Ngesikhathi uLoti ecela ukubalekela eZowari, uNkulunkulu wasilalela isicelo sakhe.—w23.07, k. 21.

Yini inkosikazi engayenza lapho umyeni wayo ebukela izithombe ezingcolile zocansi?

Kumele ikhumbule ukungazisoli yona. Kufanele igxile ebuhlotsheni bayo noNkulunkulu, izindle nangezindaba eziseBhayibhelini zabesifazane ababecindezelekile abathola induduzo kuye. Ingasiza umyeni wayo agweme izimo ezingamlinga.—w23.08, kk. 14-17.

Lapho izinkolelo zethu ziphikiswa, ukuqondisisa kungasisiza kanjani sibe mnene?

Singabheka lowo mbuzo noma lokho kuphikiswa njengethuba lokuthola ukuthi yini umuntu ayicabangayo. Uma senza kanjalo, siyokwazi ukuphendula ngendlela emnene.—w23.09, k. 17.

Yini esiyifunda kuMariya mayelana nokuthola amandla?

Lapho uMariya ethola ukuthi uzoba unina kaMesiya, wathola amandla kwabanye. UGabriyeli no-Elizabethe banikeza uMariya isikhuthazo esisekelwe emBhalweni. Nathi singathola amandla kubafowethu nakodadewethu.—w23.10, k. 15.

UJehova angase ayiphendule kanjani imithandazo yethu?

UJehova uthembisa ukuthi uzoyilalela imithandazo yethu abheke nokuthi ihlobana kanjani nenjongo yakhe. (Jer. 29:12) Angase aphendule izicelo ezifanayo ngezindlela ezingafani kodwa yena uzosisekela njalo nje.—w23.11, kk. 21-22.

EyabaseRoma 5:2 ikhuluma ‘ngethemba,’ kungani kuphinde kukhulunywe ngalo evesini 4?

Lapho umuntu ezwa izindaba ezinhle, angase abe nethemba lokuthi uzophila emhlabeni oyipharadesi. Kodwa lapho ebhekana nezinsizi, ezikhuthazelela, ebona nokuthi uNkulunkulu uyajabula ngaye, cishe ithemba analo liqina ngokwengeziwe futhi limthinte ngokuqondile.—w23.12, kk. 12-13.