Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okwenzeka Ngokoqobo

Okwenzeka Ngokoqobo

Ukuba Nozwela Kubo Bonke Abantu

Ngelinye ilanga, udade waseNew Zealand wabukela ividiyo ethi Nakekelanani,’ ekhuluma ngokuthi uJehova akagcini nje ngokuba nozwela kodwa futhi uyalubonisa. (Isaya 63:​7-9) Wanquma ukukusebenzisa lokho ayekufundile ngokunikeza usizo olungokoqobo. Ngalo lolo suku eyocoshacosha ezitolo, wahlangana nowesifazane ongenakhaya wacela ukumthengela into azoyidla. Wavuma. Lapho udade ebuya ukuyothengela lona wesifazane ukudla, wamshumayeza kafushane esebenzisa ipheshana elithi Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele?

Lona wesifazane wavele wakhala. Wachaza ukuthi wayekhuliswe enguFakazi kodwa kwase kuphele iminyaka eminingi alishiya iqiniso. Kodwa muva nje, ubelokhu ethandaza kuJehova emcela ukuba amsize abuyele kuye. Udade wamnikeza iBhayibheli wenza namalungiselelo okuba baqale ukufunda. a

Singalulingisa uzwela uJehova analo ngabantu, singabonisa uzwela ezihlotsheni zethu nakubafowethu nodadewethu ebandleni. Singalubonisa nangokubheka amathuba okufakaza kwabanye.

a Ukuze uthole ukuthi ungabasiza kanjani abapholile, bheka isihloko esithi “Buyelani Kimi” kuyi-Nqabayokulinda kaJuni 2020.