Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Vumela Ukuqondiswa Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala

Vumela Ukuqondiswa Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala

AKUNGABAZEKI ukuthi uyazithanda izipho ezihlukahlukene ezivela kuJehova, ezihlanganisa nenkululeko onayo yokunquma ukuthi uzozijabulela kanjani lezi zipho. IBhayibheli lithi iwayini liyisipho esivela kuNkulunkulu, lize lithi: “Isinkwa senzelwe ukwenza abantu bajabule, newayini lenza ukuphila kube mnandi.” (UmSh. 10:19; IHu. 104:15) Noma kunjalo, cishe ubonile ukuthi utshwala buyabehlula abanye abantu. Ngaphezu kwalokho, abantu emhlabeni banemibono nemithetho engefani endabeni yokuphuza utshwala. Yini-ke engasiza amaKristu enze izinqumo ezihlakaniphile endabeni yokuphuza utshwala?

Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi noma sikhulelephi, ukuvumela umbono kaNkulunkulu kube yiwona oqondisa ukucabanga nezinqumo zethu kuzosisiza nakanjani futhi kusijabulise.

Cishe uphawulile ukuthi abantu abaningi emhlabeni baphuza njalo futhi baphuza kakhulu. Kungenzeka ukuthi abanye baphuza ngenxa yokuthi utshwala bubenza bazole. Abanye baphuzela ukukhohlwa izinkinga zabo. Kanti kwezinye izindawo, umuntu ophuza kakhulu utshwala ubhekwa njengomuntu ophucuzekile noma oyindoda yamadoda.

AmaKristu wona anesiqondiso esihlakaniphile esivela kuMdali wawo onothando. Ngokwesibonelo, usixwayisile ngemiphumela edabukisayo yokuphuza ngokweqile. Kungenzeka ukuthi sifundile ngencazelo ecacile yokudakwa nemiphumela yako encwadini yezAga 23:​29-35. a UDaniel, umdala ongumKristu eYurophu, ukhumbula indlela ayephila ngayo ngaphambi kokuba abe umKristu weqiniso. Uthi: “Ngenxa yokuphuza ngokweqile, ngenza izinqumo ezingahlakaniphile, ngehlelwa nayizinto ezibuhlungu ezangishiya ngilimele ngokomzwelo.”

AmaKristu angayisebenzisa kanjani inkululeko yawo yokuzikhethela futhi agweme izinkinga ezibangelwa ukuphuza ngokweqile? Kumele sivumele umbono kaNkulunkulu uqondise indlela esicabanga ngayo nesenza ngayo.

Ake sibheke okushiwo iBhayibheli ngotshwala kanye nezizathu ezenza abanye baphuze.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI NGOKUPHUZA UTSHWALA

IZwi likaNkulunkulu alikulahli ukuphuza utshwala ngokulinganisela. Empeleni lithi ukuphuza iwayini kuyajabulisa. Lithi: ‘Yidla ukudla kwakho ngokujabula, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo ejabulayo.’ (UmSh. 9:7) UJesu wayeliphuza iwayini ngezikhathi ezithile, nezinceku zikaJehova ezithembekile nazo zaziliphuza.—Math. 26:​27-29; Luka 7:34; 1 Thim. 5:23.

Noma kunjalo, iZwi likaNkulunkulu liwenza ucace umehluko phakathi kokuphuza nokudakwa. Lisho ngokucacile: “Ningadakwa yiwayini.” (Efe. 5:18) Lize lithi futhi ‘izidakwa ngeke zilizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu.’ (1 Kor. 6:10) Yebo, uJehova uyakuzonda ukuphuza ngokweqile nokudakwa. Kunokuba silandele isiko lendawo endabeni yokuphuza utshwala, silandela umbono kaNkulunkulu.

Abanye abantu bacabanga ukuthi utshwala abubenzi lutho, ngisho bangaphuza kangakanani ngeke badakwe. Kodwa kuyingozi kakhulu lokho. ImiBhalo ikwenza kucace ukuthi ukuba “izigqila zewayini eliningi” kungenza indoda (noma owesifazane) ilahlekelwe isimilo futhi ilimaze ubuhlobo bayo noJehova. (Thithu 2:3; IzAga 20:1) UJesu waze waxwayisa nangokuthi ‘ukuphuza kakhulu’ kungenza umuntu angangeni ezweni elisha likaNkulunkulu. (Luka 21:​34-36) Yini-ke engasiza umKristu agweme izinkinga ezibangelwa ukuphuza utshwala?

HLOLA IZISUSA ZAKHO ZOKUPHUZA NENDLELA OPHUZA NGAYO

Kuyingozi ukuba umuntu avumele isiko lendawo akhulele kuyo kube yilona elinquma ukuthi ukubheka kanjani ukuphuza utshwala. Ngokuhlakanipha amaKristu enza lokho okujabulisa uJehova ezindabeni ezinjengokudla nokuphuza. IBhayibheli liyasikhumbuza: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.” (1 Kor. 10:31) Nansi imibuzo embalwa nezimiso zeBhayibheli okumele ucabange ngazo:

Ingabe ngiphuza ngoba ngifuna ukwamukeleka kwabanye? U-Eksodusi 23:2 uthi: “Ungalandeli isixuku.” UJehova lapha wayexwayisa ama-Israyeli ukuba angabalandeli noma angabalingisi abantu abangamjabulisi. Leso seluleko sisasebenza nakumaKristu namuhla. Uma sivumela abanye abantu bathonye indlela esicabanga ngayo nesenza ngayo izinqumo endabeni yotshwala, singagcina sesiqhelelene noJehova nemithetho yakhe.—Roma 12:2.

Ingabe ngiphuza ngoba ngifuna ukubonisa abanye ukuthi mina nginamandla, angidakwa? Kwezinye izindawo, kuyinto ejwayelekile neyamukelekayo ukuphuza kakhulu nokuphuza njalo. (1 Pet. 4:3) Kodwa phawula lokho esikhuthazwa ukuba sikwenze encwadini yokuqala kwabaseKorinte 16:13: “Hlalani niphapheme, nime niqinile okholweni, niqhubeke njengamadoda, nibe namandla.” Utshwala bungamsiza ngempela yini umuntu ukuba abe namandla? Cha, benza okuhlukile. Utshwala bungawudunga kalula umqondo womuntu nendlela acabanga ngayo nenza ngayo izinto. Ngenxa yalokho, esikhundleni sokuba utshwala bumenze abe namandla, bubonisa ubuthaka. U-Isaya 28:7 uchaza umuntu odukayo ngenxa yokuphuza utshwala ngokuthi uyadiyazela futhi wahlulela ngendlela engafanele.

Amandla esiwadingayo ukuze senze okulungile avela kuJehova futhi ahilela ukuba sihlale siphapheme, sime siqinile okholweni. (IHu. 18:32) UmKristu oqotho angenza lokhu ngokuba ahlale eqaphile futhi enze izinqumo ezihlakaniphile ukuze avikele ubuhlobo bakhe noJehova. UJesu wawabonisa amandla anjalo ngesikhathi esemhlabeni ngenxa yalokho abaningi bamhlonipha ngoba wayezimisele ukwenza okulungile futhi enesibindi.

Ingabe ngiphuza utshwala ngoba ngifuna ukubalekela izinkinga zami? Umhubi waphefumulelwa ukuba abhale: “Lapho ngikhungethwe yizinkathazo, wangiduduza [Jehova] wangenza ngazola.” (IHu. 94:19) Uma ucindezelwe izinkinga, thembela kuJehova ukuze akusize, ungathembeli otshwaleni. Okungakusiza ukuthandaza njalo kuJehova. Abaningi bathole ukuthi kuyasiza nokucela iseluleko kumngani ovuthiwe ebandleni. Empeleni, uma umuntu ephuza utshwala ukuze akhohlwe izinkinga zakhe, angaphelelwa isimilo futhi angakwazi ukwenza okulungile. (Hos. 4:11) UDaniel, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyavuma: “Nganginenkinga yokukhathazeka futhi ngihlushwa unembeza. Ngangiphuza ngoba ngifuna ukuphuma kulesi simo, kodwa izinkinga zanqwabelana, ngalahlekelwa abangani ngaphelelwa nawukuzihlonipha.” Yini eyagcina isize uDaniel? Uthi: “Ngaqaphela ukuthi ngidinga uJehova hhayi utshwala. Ekugcineni ngakwazi ukubhekana nezinkinga zami futhi ngazinqoba.” Iqiniso liwukuthi uJehova uhlale ekulungele ukusisiza ngisho noma isimo esikuso sibonakala singenathemba.—Fil. 4:​6, 7; 1 Pet. 5:7.

Uma uphuza utshwala ngezinye izikhathi, kungani ungahloli indlela ophuza ngayo ngokuzibuza le mibuzo: ‘Likhona yini ilungu lomndeni noma umngani engisondelene naye oveze ukuthi ukhathazekile ngendlela engiphuza ngayo?’ Uma likhona, lokho kungabonisa ukuthi kukhona umkhuba noma inkinga ekunyonyobelayo unganakile. ‘Ingabe sengiphuza kakhulu kunendlela ebengiphuza ngayo ngaphambili?’ Kungaba njalo ngomuntu othi nakuba engewona umlutha wotshwala kodwa izinkomba zibonise ukuthi ubheke ekubeni umlutha. ‘Ngikuthola kunzima yini ukuhlala ngingaphuzile izinsuku ezimbalwa noma ngaphezulu?’ Uma kunjalo, kungenzeka ukuthi ukuphuza sekusegazini noma usuwumlutha. Kungase kusho ukuthi udinga usizo lodokotela ukuze unqobe leyo nkinga.

Ngenxa yezingozi nezinkinga ezihlobene nokuphuza, amanye amaKristu akhethe ukungabuphuzi nhlobo utshwala. Amanye angase akhethe ukungaphuzi ngoba nje enomuzwa wokuthi utshwala abumnandi. Uma omunye wabangani bakho enza isinqumo esinjalo, ungabonisa umusa ngokuhlonipha isinqumo sakhe, ungamgxeki.

Mhlawumbe uqaphelile ukuthi kuwukuhlakanipha ukuzibekela umngcele wokuthi uzophuza kangakanani. Noma ungase uzinqumele ukuthi uzophuza kangaki, mhlawumbe kanye ngeviki noma uzophuza ngokulinganisela lapho udla. Abanye bazibekele imingcele mayelana nohlobo lotshwala abazoluphuza, njengokuphuza iwayini noma ubhiya ngokulinganisela kodwa bangabuphuzi utshwala obunamandla, ngisho bufakwe eziphuzweni ezixutshiwe ezinjengama-cocktail. Uma umuntu eseyibeke ngokucacile imingcele yokuthi uzophuza kangakanani, kuzoba lula ukunamathela kuyo. Asikho isidingo sokuba umKristu ovuthiwe abe namahloni uma enze isinqumo esinjalo wayesenamathela kuso.

Kufanele sikhumbule nokucabangela abanye. EyabaseRoma 14:21 ithi: “Kuhle ukungayidli inyama noma ukungaliphuzi iwayini noma ukungenzi noma yini umfowenu akhubeka ngayo.” Ungasisebenzisa kanjani lesi seluleko? Ngokubonisa uthando lobuzalwane. Uma unomuzwa wokuthi ukuphuza utshwala kungase kukhube omunye umuntu, uthando ngeke yini lukwenze udele ilungelo lakho lokuphuza? Uma wenza kanjalo, ubonisa ukuthi uyayikhathalela futhi uyayihlonipha indlela abazizwa ngayo abanye, awuzifuneli eyakho inzuzo, kodwa eyabanye.—1 Kor. 10:24.

Ngaphezu kwalokho, kungenzeka ukuthi uhulumeni unemithetho okufanele iqondise isinqumo somKristu. Leyo mithetho ingase ithi kudingeka ube neminyaka ethile ngaphambi kokuba uphuze utshwala noma ikwenqabele ukuphuza bese uyashayela noma yenqabele ukusebenzisa imishini ethile uma uphuzile.—Roma 13:​1-5.

UJehova usihloniphile wasinika inkululeko yokujabulela izipho eziningi asiphe zona. Lezo zipho zihlanganisa nenkululeko yokuzikhethela ukuthi sizodlani nokuthi sizophuzani. Kwangathi izinqumo esizenzayo zingabonisa ukuthi siyayazisa le nkululeko ngokuyisebenzisela ukujabulisa uBaba wethu osezulwini.

a Inhlangano yezempilo yase-United States ebizwa ngokuthi iCenters for Disease Control and Prevention ibika ukuthi ngisho umuntu angaphuza eqise kanye nje, imiphumela ihlanganisa ukubulala, ukuzibulala, ukuhlukumeza ngokocansi, ubudlova bomuntu kumuntu athandana naye, ukuziphatha budedengu ngokocansi nokuphuphuma kwesisu.