Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ONGATADISHA NGAKHO

Abantu Abathembekile Bayazigcina Izifungo Zabo

Abantu Abathembekile Bayazigcina Izifungo Zabo

Funda AbaHluleli 11:​30-40 ukuze ufunde endabeni kaJefta nendodakazi yakhe ngokugcina izifungo.

Hlaziya umongo. Ama-Israyeli athembekile ayezibheka kanjani izifungo ayezenze kuJehova? (Num. 30:2) UJefta nendodakazi yakhe babonisa kanjani ukuthi babenokholo kuJehova?—AbaHl. 11:​9-11, 19-24, 36.

Funda okwengeziwe. Yini uJefta ayenayo engqondweni ngesikhathi enza isifungo kuJehova? (w16.04 5 ¶12) Yikuphi ukuzidela uJefta nendodakazi yakhe abakwenza ukuze agcwalise isifungo sakhe? (w16.04 6-7 ¶14-16) Yiziphi izifungo amaKristu angazenza namuhla?—w17.04 5-8 ¶10-19.

Thola izifundo. Zibuze:

  • ‘Yini engangisiza ukuba ngigcine isifungo sami sokuzinikezela?’ (w20.03 13 ¶20)

  • ‘Yikuphi ukuzidela engingakwenza ukuze ngenzele uJehova okwengeziwe?’

  • ‘Yini engangisiza ukuze ngigcine isifungo engasenza kwengishade naye?’ (Math. 19:​5, 6; Efe. 5:​28-33)