Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Angikaze Ngiyeke Ukufunda

Angikaze Ngiyeke Ukufunda

NGIYAMBONGA uJehova ngokuba ‘uMfundisi wami Omkhulu.’ (Isaya 30:20) Ufundisa abakhulekeli bakhe esebenzisa iZwi lakhe, iBhayibheli; indalo yakhe emangalisayo; nenhlangano yakhe. Usebenzisa nabafowethu nodadewethu abangokomoya ukuze asisize. Nakuba sengizohlanganisa iminyaka eyikhulu, ngisaqhubeka ngizuza ekufundisweni uJehova ngazo zonke lezi zindlela azisebenzisayo. Ake ngichaze kabanzi ngalokho.

Nginomndeni wami ngo-1948

Ngazalwa ngo-1927, edolobheni elincane eliseduze kwaseChicago, e-Illinois, e-U.S.A. Umama nobaba babenabantwana abahlanu—uJetha, uDon, yimina, uKarl noJoy. Sonke sasizimisele ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke. UJetha waya ekilasini lesibili laseGileyadi ngo-1943. UDon waya kokhonza eBethel yaseBrooklyn, eNew York, ngo-1944. UKarl waya eBethel ngo-1947, kanti uJoy waya ngo-1951. Isibonelo sabo esihle nesabazali bami sangikhuthaza ukuba ngenze okwengeziwe enkonzweni kaJehova.

INDLELA UMNDENI WAKITHI OWALITHOLA NGAYO IQINISO

Ubaba nomama babelifunda iBhayibheli futhi bemthanda uNkulunkulu, nathi basifundisa ukuba simthande uNkulunkulu. Nokho, ubaba wayengasenayo inhlonipho ngenkolo ngemva kokuba ebe yisosha eYurophu phakathi neMpi Yezwe I. Umama wayejabule kakhulu ngokuthi ubaba wayebuye empini ephila, ngakho wathi kuye: “Karl, asihambe siye esontweni njengoba sasihlale senza.” Ubaba waphendula wathi: “Ngizonihambisa esontweni, kodwa mina ngeke ngingene ngaphakathi.” Umama wabuza: “Kungani ungeke ungene ngaphakathi?” Ubaba waphendula wathi: “Ngesikhathi kunempi, abefundisi ababesenkolweni efanayo kodwa besekela amaqembu amasosha engefani, babebusisa amasosha abawasekelayo nezikhali zawo! Ingabe uNkulunkulu wayewasekela womabili la maqembu amasosha?”

Kamuva, njengoba umama ayesesontweni, kwafika oFakazi BakaJehova ababili ekhaya. Banikeza ubaba izincwadi ezimbili ezibizwa ngokuthi Light, ezazikhuluma ngencwadi yesAmbulo. Ubaba wazijabulela, wazithatha. Lapho nje umama ezibona lezi zincwadi, waqala ukuzifunda. Ngolunye usuku wabona isimemo ephephandabeni lendawo esasimema abantu abangathanda ukutadisha iBhayibheli besebenzisa izincwadi ezibizwa ngokuthi Light. Wanquma ukuya lapho. Lapho efika khona, owesifazane osekhulile wamvulela umnyango. Ephakamisa enye yezincwadi, umama wabuza, “Ingabe niyitadishela lapha le ncwadi?” Owesifazane wathi, “Yebo sthandwa, ngena.” Ngeviki elilandelayo, umama wahamba nathi thina zingane futhi kusukela ngaleso sikhathi sasiya njalo kuleyo ndawo.

Komunye umhlangano, umqhubi wangicela ukuba ngifunde iHubo 144:​15, elithi bayajabula labo abakhonza uJehova. Ngangilithanda lelo vesi, njengoba nje ngangiwathanda nalawa amanye amabili—eyoku-1 Thimothewu 1:​11, ethi uJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ neyabase-Efesu 5:​1, esinxusa ukuba ‘sibe ngabalingisi bakaNkulunkulu.’ Ngaqaphela ukuthi kufanele ngijabule ngalokho engikwazi ukukwenzela uMdali wami futhi ngimbonge ngalelo lungelo. Lezo yizinto ezimbili ebengilokhu ngizama ukuzenza ukuphila kwami konke.

Ibandla elaliseduze laliseChicago, liqhele ngamakhilomitha angu-32. Noma kunjalo, sasiya kulo futhi ulwazi lwami ngeBhayibheli lwakhula. Ngikhumbula ngelinye ilanga umqhubi ekhomba uJetha ukuze aphendule. Njengoba ngangimlalele ephendula, ngacabanga: ‘Bengiyazi leyo mpendulo. Bekumele ngiphakamise isandla ukuze ngiphendule.’ Ngaqala ukulungiselela umhlangano, ngalungiselela nezimpendulo zami. Okubaluleke nakakhulu ukuthi nami njengezingane zakithi ngasondelana nakakhulu noJehova. Ngabhapathizwa ngo-1941.

UKUFUNDA KUJEHOVA EMIHLANGANWENI EMIKHULU

Ngiwukhumbula ngokukhethekile umhlangano omkhulu wango-1942 owawuseCleveland, e-Ohio. Abafowethu nodadewethu bakwamanye amadolobha angaphezu kuka-50 ase-United States babexhume ngocingo. Umndeni wakithi wawuhlala ematendeni kanye neminye imindeni eduze kwalapho umhlangano owawukhona. IMpi Yezwe II yayisaqhubeka futhi ukushushiswa koFakazi BakaJehova kwakuya kushuba. Kusihlwa, ngabona amaqembu abazalwane epake izimoto zawo ezikhanyiswe amalambu angaphambili, kodwa engabhekile ngala okwakunamatende khona. Bonke labo bazalwane babevumelene ngokuthi kube nomuntu oyedwa emotweni ngayinye ozogada ubusuku bonke. Uma kuba nabantu abazoganga, abazalwane kwakumele bakhanyise amalambu akhanya kakhulu ukuze babaxhophe bashaye namahutha. Abanye babengabe sebephuthuma ukuze bayosiza. Ngacabanga, ‘Abantu bakaJehova balungele noma yini engase yenzeke!’ Ngenxa yokuthi ngangizizwa ngiphephile, ngalala kamnandi futhi akukho okubi okwenzeka.

Eminyakeni eyalandela, lapho ngicabanga ngalowo mhlangano, ngaqaphela ukuthi ayikho into eyayikhathaza umama noma eyayimthusa. Wayemethemba ngokuphelele uJehova nenhlangano yakhe. Angisoze ngasikhohlwa isibonelo sakhe esihle.

Ngaphambi nje kwalowo mhlangano, umama wayebe yiphayona elivamile. Ngakho wazinaka ngokukhethekile izinkulumo ezazikhuluma ngenkonzo yesikhathi esigcwele. Ngesikhathi sisendleleni siphindela ekhaya, umama wathi, “Ngingathanda ukuqhubeka ngiphayona, kodwa ngeke ngikwazi ukukwenza lokho ngibe ngiqhubeka ngilinakekela kahle ikhaya lethu.” Wabe esesibuza ukuthi singakwazi yini ukusiza. Sathi yebo singathanda ukusiza, ngakho wabela ngamunye wethu ikamelo elilodwa noma amabili esasizowahlanza ngaphambi kwesidlo sasekuseni. Ngemva kokuba sesihambile ekuseni saya esikoleni, wayebheka ukuthi indlu ihlanzekile yini bese eya enkonzweni yasensimini. Wayengumama omatasa, kodwa wayezinaka izingane zakhe. Wayehlezi ekhona lapho sifika ekhaya ukuzodla isidlo sasemini nangemva kokuphuma kwesikole. Ngezinye izinsuku lapho sesibuyile esikoleni, sasiya naye enkonzweni yasensimini, okwasisiza saqonda ukuthi kusho ukuthini ukuba yiphayona.

NGANGENELA INKONZO YESIKHATHI ESIGCWELE

Ngaqala ukuphayona ngineminyaka engu-16. Nakuba ubaba ayengakabi uFakazi, wayenendaba nokuthi ngangiqhuba kanjani enkonzweni. Ngolunye usuku kusihlwa, ngamtshela ukuthi nakuba ngangizama kanzima ngangingakamtholi umuntu owayefuna ukutadisha nami iBhayibheli. Ngathula kancane, ngabe sengimbuza, “Ungathanda yini ukutadisha nami iBhayibheli?” Wathi ukucabanga ngakho, wabe esengiphendula: “Ayikho into engiyicabangayo engangivimba ukuba ngilitadishe nawe.” Impela, umuntu wokuqala engatadisha naye iBhayibheli kwakungubaba. Kwakuyinto ekhetheke ngempela leyo!

Sasifunda incwadi ethi “Iqiniso Liyakunikhulula.” Njengoba isifundo sethu sasiqhubeka, ngaqaphela ukuthi ubaba wayengisiza ukuba ngibe umfundi ongcono nomfundisi ongcono. Ngokwesibonelo, ngolunye usuku kusihlwa ngemva kokufunda isigaba, ubaba wathi: “Ngiyakuzwa lokhu okushiwo yincwadi. Kodwa wazi kanjani ukuthi lokhu ekushoyo kuyiqiniso?” Ngangingakulungele ukuphendula umbuzo wakhe, ngakho ngathi kuye: “Angikwazi ukukubonisa ubufakazi njengamanje, kodwa ngizobe senginayo impendulo esifundweni esilandelayo.” Yilokho kanye okwenzeka. Ngathola amavesi ayesekela iphuzu esasixoxe ngalo. Ngemva kwalokho, ngafunda ukucwaninga ukuze ngisilungele kangcono isifundo sethu. Lokho kwangisiza ngaba umfundi weBhayibheli ongcono futhi kwamsiza nobaba. Wayekusebenzisa ayekufunda futhi wabhapathizwa ngo-1952.

NGAQHUBEKA NGIFUNDA IZINTO EZINTSHA EBETHEL

Ngangineminyaka engu-17 ngesikhathi ngihamba ekhaya. UJetha a waba yisithunywa sevangeli, uDon wakhonza eBethel. Bobabili babezithanda izabelo zabo, okuyinto eyangikhuthaza kakhulu. Ngakho ngafaka isicelo sokuya eBethel nesokuya eSikoleni SaseGileyadi ngabe sengishiyela izinto kuJehova. Kwabe sekwenzekani? Ngamenywa ukuba ngiyokhonza eBethel ngo-1946.

Kuyo yonke le minyaka, ngenze izabelo eziningi ezihlukahlukene eBethel, ngakho ngifunde izinto eziningi ezintsha. Sengikhonze eBethel iminyaka engu-75 futhi phakathi naleso sikhathi ngifunde ukunyathelisa izincwadi nokusebenza ngezimali. Ngifunde nokuthenga izinto esizidingayo eBethel nokuzithumela kwezinye izindawo. Kodwa engikujabulela ngisho nakakhulu yimfundo engokomoya esiyithola eBethel, njengokukhulekela kwasekuseni nezinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini.

Ngesikhathi ngifundisa ekilasini labadala bebandla

Kunezinto engizifundile nakumfowethu omncane uKarl, oweza eBethel ngo-1947. Wayengumfundi nomfundisi omuhle weBhayibheli. Ngesinye isikhathi ngamcela ukuba angisize ngenkulumo engangabelwe yona. Ngachazela uKarl ukuthi ngase ngithole ukwaziswa okuningi, kodwa nganginenkinga yokuthi ngingakusebenzisa kanjani. Ukuze angisize wangibuza umbuzo owodwa, wathi: “Joel, sithini isihloko senkulumo yakho?” Ngasheshe ngalithola iphuzu. Kwakudingeka ngisebenzise ukwaziswa okwakuzongisiza ngichaze isihloko senkulumo yami, ngiyeke konke lokhu okunye. Angikaze ngisikhohlwe leso sifundo.

Ukuze sijabule eBethel, kudingeka sihlanganyele ngokugcwele enkonzweni yasensimini. Uma senza kanjalo ziningi izinto ezikhuthazayo esiyozijabulela. Okunye okukhuthazayo engikukhumbula kahle kwenzeka ngolunye usuku eBronx, eNew York City. Mina nomunye umzalwane saya emzini wowesifazane esamthola ene-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho sizethula kuye, sathi, “Namuhla kusihlwa sisiza abantu ukuba bafunde izinto ezikhuthazayo eziseBhayibhelini.” Lona wesifazane waphendula, “Uma nikhuluma ngeBhayibheli ningangena.” Safunda futhi saxoxa ngemiBhalo eminingana ekhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu nangomhlaba omusha ozayo. Wakuthanda kakhulu lokho ngoba wamema abangani bakhe abaningana ukuba bafunde kanye naye ngesonto elizayo. Kamuva, yena nomyeni wakhe baba yizinceku zikaJehova ezithembekile.

ENGAKUFUNDA KUMKAMI

Ngaphambi kokuba ngihlangane nomkami, kwaphela iminyaka eyishumi ngibheka umuntu engizoshada naye. Yini eyangisiza ngathola unkosikazi okahle? Ngathandaza ngalo mbuzo, ‘Yini engifuna ukuyenza ngemva kokuba sengishadile?’

Ngesikhathi sijikeleza sinoMary

Ngemva komhlangano wango-1953 owawuseYankee Stadium, ngahlangana nodade okuthiwa uMary Aniol. Yena noJetha babesekilasini lesibili laseGileyadi futhi uMary noJetha babeyizithunywa zevangeli ndawonye. Ngenkulu injabulo, uMary wangixoxela ngesabelo sakhe sokuba yisithunywa sevangeli eCaribbean nangezifundo zeBhayibheli ayeziqhuba kule minyaka edlule. Njengoba sasilokhu siqhubeka sazana, sabona ukuthi sasinemigomo engokomoya efanayo. Uthando lwethu lwakhula, sashada ngo-Ephreli 1955. Ngezindlela eziningi, uMary wabonisa ukuthi wayeyisipho esivela kuJehova futhi wayeyisibonelo esihle. Wayejabulela noma yisiphi isabelo ayenikwa sona. Wayezikhandla, ebakhathalela ngempela abanye futhi ehlale ebeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakhe. (Math. 6:33) Senza umsebenzi wokujikeleza iminyaka emithathu, kwathi ngo-1958 samenywa ukuba siyokhonza eBethel.

Ngafunda lukhulu kuMary. Ngokwesibonelo, ngesikhathi sisanda kushada, sanquma ukufunda iBhayibheli ndawonye, sifunda amavesi angu-15 isikhathi ngasinye. Ngemva kokufunda ingxenye ngayinye sasisho esasikutholile bese sixoxa ngokuthi singakusebenzisa kanjani ekuphileni kwethu. UMary wayevame ukungixoxela ngezinto ayezifunde eGileyadi nayezifunde ngesikhathi eseyisithunywa sevangeli. Lezo zingxoxo zanginika ukuqonda, zangisiza ukuba ngithuthukise izinkulumo zami, zangisiza nokuba ngazi ukuthi ngibakhuthaze kanjani odade.—IzAga 25:11.

UMary wami othandekayo washona ngo-2013. Ngikulangazelela ngempela ukumbona ezweni elisha! Okwamanje, ngizimisele ukuqhubeka ngifunda, ngithembele kuJehova ngayo yonke inhliziyo yami. (IzAga 3:​5, 6) Ngiyajabula futhi ngiduduzeke lapho ngicabanga ngalokho abantu bakaJehova abayobe bekwenza ezweni elisha. Ngokuqinisekile, lokho kuhlanganisa ukufunda izinto ezintsha ngoMfundisi wethu Omkhulu nokufunda kuye! Ngempela, ngiswele amazwi okumbonga ngakho konke angifundise kona kuze kube yimanje nangezindlela eziningi angibonise ngazo umusa omkhulu.

a Bheka indaba yokuphila kaJetha Sunal kuyi-Nqabayokulinda kaMashi 1, 2003, kk. 23-29.