Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 50

INGOMA 135 UJehova Uyanxusa: “Hlakanipha, Ndodana”

Bazali—Sizani Izingane Zenu Ziqinise Ukholo Lwazo

Bazali—Sizani Izingane Zenu Ziqinise Ukholo Lwazo

“Nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.”ROMA 12:2.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Kulesi sihloko abazali bazofunda ngezindlela abangakhuluma ngazo ngoNkulunkulu nangeBhayibheli nezingane zabo ukuze bazisize ziqinise ukholo lwazo.

1-2. Abazali kufanele bazizwe kanjani lapho ingane yabo ibuza imibuzo ngoNkulunkulu nangeBhayibheli?

 ABANINGI bangavuma ukuthi ukukhulisa izingane kuwumsebenzi omkhulu. Uma ungumzali akungabazeki ukuthi usebenza kanzima ukuze usize ingane yakho ibe nokholo oluqinile futhi lokho kuyamjabulisa uJehova. (Dut. 6:​6, 7) Njengoba ingane yakho ikhula, ingase iqale ukubuza imibuzo ebalulekile ngezinkolelo zethu, kuhlanganise nemithetho yeBhayibheli yokuziphatha.

2 Ekuqaleni, ungase ucabange ukuthi ingane yakho ibuza le mibuzo ngoba ingenalo ukholo oluqinile kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Nokho, ukuze izingane zikhule, kudingeka ziyibuze imibuzo ukuze ziqinise ukholo lwazo. (1 Kor. 13:11) Ngakho asikho isidingo sokwesaba. Ungase ubheke yonke imibuzo eqotho ebuzwa ingane yakho ngezinkolelo zethu njengethuba lokuyisiza ithuthukise indlela ecabanga ngayo.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela abazali abangasiza ngayo izingane zabo (1) zibe nokholo oluqinile kuNkulunkulu naseBhayibhelini, (2) zithande imithetho yeBhayibheli yokuziphatha, futhi (3) zikwazi ukuvikela izinkolelo zazo. Sizophinde sixoxe nangokuthi kungani kukuhle ukuba izingane zibuze imibuzo, sixoxe nangezinto imindeni engazenza ndawonye, okuyonika abazali ithuba lokuba baxoxe nezingane zabo ngezinkolelo zethu.

SIZA INGANE YAKHO IBE NOKHOLO OLUQINILE KUNKULUNKULU NASEBHAYIBHELINI

4. Yimiphi imibuzo engabuzwa yingane yakho futhi kungani?

4 Ingane yakho ngeke ibe nokholo kuNkulunkulu ngenxa yokuthi wena unokholo. Awuzalwanga unokholo kuJehova. Kunjalo nangengane yakho. Ngokuhamba kwesikhathi, ingaqala ukubuza imibuzo enjengokuthi: ‘Ngazi kanjani ukuthi ukhona uNkulunkulu? Ngingakukholelwa ngempela yini lokho okushiwo yiBhayibheli?’ Empeleni, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sisebenzise ‘amandla ethu okucabanga’ futhi ‘siqiniseke ngazo zonke izinto.’ (Roma 12:1; 1 Thes. 5:21) Kodwa ungayisiza kanjani ingane yakho iqinise ukholo lwayo?

5. Yini abazali abangayenza ukuze izingane zabo zibe nokholo eBhayibhelini? (Roma 12:2)

5 Khuthaza ingane yakho ukuba izihlolele ukuthi okufundiswa yiBhayibheli kuyiqiniso yini. (Funda eyabaseRoma 12:2.) Lapho ingane yakho ibuza imibuzo, ungasebenzisa lelo thuba ukuze uyibonise ukuthi ingazithola kanjani izimpendulo ngokusebenzisa amathuluzi okucwaninga afana ne-Watch Tower Publications Index ne-Ncwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova. ENcwadini Yokucwaninga, ngaphansi kwesihloko esithi “IBhayibheli,” ingane ingase ibheke isihlokwana esithi “Liphefumulelwe UNkulunkulu” ukuze izitholele ukuthi iBhayibheli aliyona nje incwadi enhle eyabhalwa abantu. Kunalokho, ‘liyizwi likaNkulunkulu.’ (1 Thes. 2:13) Ngokwesibonelo, ingacwaninga ngeNineve, idolobha lase-Asiriya yasendulo. Esikhathini esidlule, abanye abagxeki beBhayibheli babethi idolobha laseNineve alikaze libe khona. Kodwa ngawo-1850, kwatholakala amanxiwa aleli dolobha, okufakazela ukuthi le ndaba eseBhayibhelini iyiqiniso. (Zef. 2:​13-15) Ukuze ithole okwengeziwe ngokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli esiphathelene nokubhujiswa kweNineve, ingane ingahlola isihloko esithi “Ingabe Bewazi?” kuyi-Nqabayokulinda kaNovemba 2021. Khuthaza ingane yakho ukuba iqhathanise lokho ekufunda ezincwadini zethu nalokho ekufunda ezincwadini ezinokwethenjelwa. Lokho kuyoyisiza ukuba ibe nokholo oluqinile kulokho okufundiswa yiBhayibheli.

6. Abazali bangayisiza kanjani ingane yabo ibone ubufakazi bokuthi iBhayibheli linembile? Nikeza isibonelo. (Bheka nesithombe.)

6 Siza ingane yakho icabange ngokuthi kungani lokho okufundiswa yiBhayibheli kuyiqiniso. Abazali bangabheka amathuba abangaxoxa ngawo nezingane zabo ngeBhayibheli noma ngokuba nokholo kuNkulunkulu. Amathuba anjalo angavela lapho nivakashele imnyuziyamu, ipaki elihle noma ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo, lapho nivakashele imnyuziyamu, ngokoqobo noma ngokuyibuka kuvidiyo, ungabonisa ingane yakho okuthile noma isenzakalo esithile ukuze iqiniseke ukuthi iBhayibheli linembile. Mhlawumbe ungafundisa ingane yakho ngeTshe LakwaMowabi. Leli tshe lineminyaka engu-3 000 futhi kulo kuqoshwe igama likaJehova. ITshe LakwaMowabi langempela libekwe emnyuziyamu yaseLouvre eseParis, eFrance. Umfanekiso weTshe LakwaMowabi uyatholakala nasembukisweni othi “IBhayibheli Negama Laphezulu” oseNdlunkulu Yomhlaba Wonke yoFakazi BakaJehova eWarwick, eNew York. ITshe LakwaMowabi liveza ukuthi iNkosi uMesha yakwaMowabi yavukela u-Israyeli. Yilokho neBhayibheli elikushoyo. (2 AmaKh. 3:​4, 5) Lapho ingane yakho izibonela ubufakazi bokuba neqiniso kweBhayibheli, ukholo lwayo luzoqina nakakhulu.—Qhathanisa neyesi-2 IziKronike 9:6.

Ungakwazi yini ukusiza ingane yakho isebenzise amandla ayo okucabanga ngokuyibonisa izinto ezitholakala emnyuziyamu? (Bheka isigaba 6)


7-8. (a) Yini esingayifunda ngendalo nangendlela emi ngayo? Nikeza isibonelo. (Bheka nesithombe.) (b) Yimiphi imibuzo engasiza ingane yakho iqinise ukholo lwayo kuMdali?

7 Khuthaza ingane yakho ukuba icabange ngezinto ezimangalisayo uJehova azidalile. Lapho nihamba epaki noma nisebenza engadini, siza ingane yakho ibone indlela izinto ezidaliwe ezibukeka ngayo. Kungani? Indlela ezibukeka ngayo inikeza ubufakazi bokuthi kunothile ohlakaniphile ozidalile lezi zinto. Ngokwesibonelo, izinto ezidaliwe zibukeka okwezitebhisi ezizungezayo. Ososayensi benze ucwaningo oluningi ngendlela izinto ezidaliwe ezime ngayo. Usosayensi uNicola Fameli uchaza ukuthi lapho ubala lokho okubukeka njengezitebhisi ezizungezayo endalweni, uthola uhlelo oluthile lwezinombolo. Lezi zinombolo zibizwa ngohlelo lukaFibonacci. Ziningi izinto ezidaliwe ezimise okwalezi zitebhisi, izinto ezifana nemithala yezinkanyezi, amagobolondo asolwandle, amacembe ezitshalo kuhlanganise nobhekilanga. a

8 Njengoba ingane yakho ifunda okwengeziwe esikoleni, izothola ukuthi imithetho yemvelo iqondisa indlela izinto eziningi ezidaleke ngayo. Ngokwesibonelo, inqubo yokukhula kwezihlahla eziningi nephethini yazo kuyaziphindaphinda. Isiqu sesihlahla sikhipha amagatsha, amagatsha wona akhiphe ihlumela futhi leyo nqubo nephethini yaso kulokhu kuphindaphindeka njengoba isihlahla sikhula. Le phethini ibizwa ngokuthi yi-fractal futhi iyatholakala nakwezinye izinto ezidaliwe. Kodwa ubani owenze yonke le mithetho eveza izinto ezinhle endalweni? Lapho ingane yakho icabangisisa ngezinto ezimangalisayo uJehova azidalile, cishe lokho kuyoyisiza ibe nokholo oluqinile lokuthi uNkulunkulu odale zonke izinto. (Heb. 3:4) Njengoba ingane yakho ikhula, ungase uyibuze nemibuzo enjengokuthi, “Uma uNkulunkulu asidala, ngeke yini kube nengqondo ukuphetha ngokuthi uyazi ukuthi kufanele siziphathe kanjani ukuze sijabule?” Ungayichazela nokuthi iziqondiso ezinhle sizithola eBhayibhelini.

NASA, ESA, and the Hubble Heritage (STScl/AURA)-ESA/Hubble Collaboration

Ubani odale izinto ezinhle esizibona endalweni nendlela ezimi ngayo? (Bheka izigaba 7-8)


SIZA INGANE YAKHO ITHANDE IMITHETHO YEBHAYIBHELI YOKUZIPHATHA

9. Yini engenza ingane ingabaze imithetho yeBhayibheli yokuziphatha?

9 Uma ingane yakho ingabaza imithetho yeBhayibheli yokuziphatha, zama ukuqonda isizathu sangempela sokungabaza kwayo. Ingabe ayivumelani nemithetho yeBhayibheli yokuziphatha noma kunzima ngayo ukuba ichazele abanye lokho ekukholelwayo? Kunoma yikuphi, ungayisiza ingane yakho iyithande imithetho yeBhayibheli yokuziphatha ngokutadisha nayo incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! b

10. Ungayisiza kanjani ingane yakho icabange ngobuhlobo bayo noJehova?

10 Siza ingane yakho ibazise ubuhlobo bayo noJehova. Njengoba utadisha nengane yakho iBhayibheli, sebenzisa imibuzo nemifanekiso esencwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade! ukuze uthole ukuthi izizwa kanjani ngezinto ezihlukahlukene. (IzAga 20:5) Ngokwesibonelo, isifundo 8 sifanisa uJehova nomngani okhathalelayo osikhumbuza izinto ezingasivikela futhi zisizuzise. Ngemva kokuxoxa ngeyoku-1 Johane 5:​3, ungase ubuze, “Ukwazi ukuthi uJehova unguMngani omuhle, kumele kusenze sizizwe kanjani ngalokho asitshela ukuba sikwenze?” Lowo mbuzo ungabukeka ulula, kodwa ukuwubuza kungasiza ingane yakho ibheke imithetho kaNkulunkulu njengobufakazi bokuthi uyasithanda.—Isaya 48:​17, 18.

11. Ungayisiza kanjani ingane yakho izithande nakakhulu izimiso zeBhayibheli? (IzAga 2:​10, 11)

11 Xoxani ngendlela esizuza ngayo lapho sisebenzisa izimiso zeBhayibheli. Lapho nifunda iBhayibheli noma umBhalo wosuku ndawonye, xoxani ngendlela izimiso zeBhayibheli eziwusize ngayo umndeni wakho. Ngokwesibonelo, ingabe ingane yakho iyazibona yini izinzuzo zokusebenza kanzima nokwethembeka? (Heb. 13:18) Ungase ugcizelele nendlela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli okusivikela ngayo emzimbeni nangokomzwelo. (IzAga 14:​29, 30) Ukuxoxa ngezimiso zeBhayibheli ezifana nalezi, kungayisiza ingane yakho iwathande nakakhulu amacebiso eBhayibheli.—Funda izAga 2:​10, 11.

12. Omunye ubaba uyisiza kanjani indodana yakhe ukuba ithande izimiso zeBhayibheli?

12 USteve, ubaba ohlala eFrance, uchaza indlela yena nomkakhe abayisiza ngayo indodana yabo eneminyaka engu-16 u-Ethan, ukuba ibone ukuthi uJehova usibekele imithetho ngoba esithanda. USteve uthi: “Siyibuza imibuzo enjengokuthi, ‘Kungani uJehova efuna silalele lezi zimiso? Lokho kubonisa kanjani ukuthi uyasithanda? Yini engenzeka uma ungasisebenzisi lesi simiso?’” Izingxoxo ezifana nalezi zisize u-Ethan wakwazi ukuphila ngemithetho kaJehova yokuziphatha. USteve uyenezela: “Umgomo wethu ukusiza u-Ethan abone ukuthi iBhayibheli linokuhlakanipha okukwedlula kude ukuhlakanipha kwabantu.”

13. Abazali bangayiqeqesha kanjani ingane yabo ukuba ikwazi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli? Nikeza isibonelo.

13 Qeqesha ingane yakho ukuba isebenzise izimiso zeBhayibheli. Elinye ithuba lokwenza kanjalo, yilapho ingane yakho yabelwe ukufunda incwadi ethile yesikole. Incwadi ingase iveze abalingiswa abaziphatha kabi ngokocansi noma abanodlame njengabantu abakufanelekelayo ukulingiswa. Ungase ukhuthaze ingane yakho ukuba icabange ngendlela uJehova azizwa ngayo lapho abantu benza izinto ezinjalo. (IzAga 22:​24, 25; 1 Kor. 15:33; Fil. 4:8) Lokho kungayisiza ikwazi ukufakaza kuthisha nakulabo efunda nabo phakathi nezingxoxo zasekilasini eziphathelene naleyo ncwadi.

SIZA INGANE YAKHO IKWAZI UKUVIKELA IZINKOLELO ZAYO

14. Iyiphi indaba okungaba nzima ukuba umKristu osemusha ayixoxe nabanye futhi kungani?

14 Ngesinye isikhathi kungaba nzima ngamaKristu asemasha ukuba avikele izinkolelo zawo. Angase azizwe esaba lapho kuxoxwa ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo ekilasini. Kungani? Kungenxa yokuthi othisha bangase baveze le mfundiso njengeyiqiniso. Uma ungumzali, ungayisiza kanjani ingane yakho ibe nesibindi sokumelela izinkolelo zayo?

15. Yini engasiza umKristu osemusha aqiniseke ukuthi lokho akukholelwayo kuyiqiniso?

15 Siza ingane yakho ikwethembe nakakhulu lokho ekukholelwayo. Ingane yakho akufanele izizwe inamahloni ngenxa yokuthi iyalazi iqiniso ngendalo. (2 Thim. 1:8) Kungani? Ngisho nososayensi abaningi bayakholelwa ukuthi izinto eziphilayo azizivelelanga. Labo sosayensi bayabona ukuthi kukhona othile ohlakaniphile owadala zonke lezi zinto eziyinkimbinkimbi. Ngenxa yalokho, abayamukeli imfundiso yokuziphendukela kwemvelo efundiswa kakhulu ezikoleni emhlabeni wonke. Enye into engasiza ingane yakho iqinise ukholo lwayo nesibindi, ukuthola ukuthi yini eyasiza abafowethu nodadewethu bakholelwa ukuthi ukuphila kwadalwa. c

16. Abazali bangayisiza kanjani ingane ikwazi ukuchaza lokho ekukholelwayo ngoMdali? (1 Petru 3:15) (Bheka nesithombe.)

16 Siza ingane yakho ikwazi ukuchazela abanye ukuthi kungani ikholelwa kuMdali. (Funda eyoku-1 Petru 3:15.) Ungase ukuthole kuwusizo ukuba nihlole ndawonye izihloko eziku-jw.org ochungechungeni oluthi “Intsha Iyabuza—Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?” Ingane yakho ingakhetha isihloko ebona sengathi kungaba lula ngayo ukuba isisebenzise ukuchazela abanye ngoMdali. Prakthiza nengane yakho. Yikhumbuze nokuthi ayidingi ukuphikisana nefunda nabo. Khuthaza ingane yakho ukuba igcine izimpendulo zayo zilula futhi zinengqondo uma kukhona ofisa ukuxoxa nayo ngaleyo ndaba. Ngokwesibonelo, ingane efunda nayo ingase ithi: “Ngikholwa yilokho engikubonayo kuphela kanti angikaze ngimbone uNkulunkulu.” UmKristu osemusha angase athi: “Ake sithi uhamba ehlathini elikude nalapho kuhlala khona abantu bese uhlangana nomthombo wamanzi owakhiwe kahle ngamatshe. Yini engafika engqondweni yakho? Kumele ukuba ukhona owakhile lowo mthombo. Kuyiqiniso nangomhlaba nakho konke okuphilayo. Kumele ukuba ukhona owakudala!”

Lapho uxoxa nezingane ofunda nazo, zichazele izinto ngendlela elula (Bheka izigaba 16-17) d


17. Abazali bangayikhuthaza kanjani ingane yabo ukuba ithole amathuba okuxoxela abanye ngeBhayibheli? Fanekisa.

17 Siza ingane yakho ithole izindlela zokuxoxela abanye ngeBhayibheli. (Roma 10:10) Ungase uqhathanise imizamo yengane yokuxoxela abanye ngeBhayibheli nomzamo odingekayo ukuze udlale insimbi yomculo. Ekuqaleni, umuntu ofunda ukudlala insimbi yomculo uprakthiza amanothi okulula ukuwadlala. Ngokuhamba kwesikhathi, ukudlala umculo kuya kuba lula. Ngendlela efanayo, umKristu osemusha angaqala ukushumayela ngendlela elula. Ngokwesibonelo, angabuza afunda naye: “Ingabe bewazi ukuthi onjiniyela bakha izinto bebukela endalweni? Ake ngikubonise le vidiyo emnandi.” Ngemva kokumbonisa ividiyo esochungechungeni oluthi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? angase abuze: “Uma ososayensi bedunyiswa ngalokho abakwakhile besusela endalweni, ubani ngempela okufanele adunyiswe ngenxa yalokho esikubona endalweni?” Mhlawumbe lowo afunda naye angase afise ukwazi okwengeziwe ngoJehova.

QHUBEKA USIZA INGANE YAKHO UKUBA IQINISE UKHOLO LWAYO

18. Abazali bangaqhubeka kanjani besiza ingane yabo ukuba ibe nokholo oluqinile kuNkulunkulu?

18 Siphila ezweni eligcwele abantu abangenalo ukholo kuJehova. (2 Pet. 3:3) Ngakho, bazali njengoba nitadisha iBhayibheli nezingane zenu, zikhuthazeni ukuba zihlole izihloko ezizozisiza zilihloniphe nakakhulu iZwi likaNkulunkulu nemithetho yakhe yokuziphatha. Siza ingane yakho icabange ngokujulile futhi iqinise ukholo lwayo kuJehova ngokuxoxa ngendalo ndawonye. Yisize ukuba iziqonde iziprofetho zeBhayibheli ezimangalisayo esezigcwalisekile. Ngaphezu kwakho konke, thandaza nengane yakho futhi uyithandazele. Uma wenza kanjalo, ungaqiniseka ngokuthi uJehova uzowubusisa umzamo wakho wokusiza ingane yakho ibe nokholo oluqinile.—2 IziKr. 15:7.

INGOMA 133 Khonza UJehova Usemusha

a Ukuze uthole okwengeziwe, bukela ividiyo ethi The Wonders of Creation Reveal God’s GloryPatterns ku-jw.org ngesiNgisi.

b Uma ingane yakho isiyiqedile incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! ungahlola nayo ezinye izifundo engxenyeni 3 no-4, ezikhuluma ngemithetho yeBhayibheli yokuziphatha.

c Bheka isihloko esithi “Okwenza Sikholelwe KuMdali” kuyi-Phaphama! kaSepthemba 2006 nencwajana ethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking ngesiNgisi. Ukuze uthole izibonelo ezengeziwe, bukela uchungechunge lwamavidiyo olunesihloko esithi Imibono Yabathile Ngomsuka Wokuphila.

d INCAZELO YESITHOMBE: UFakazi osemusha ubonisa afunda naye othanda ama-drone uchungechunge lwamavidiyo athi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?