Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 51

INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

Izinyembezi Zakho Ziyigugu KuJehova

Izinyembezi Zakho Ziyigugu KuJehova

“Faka izinyembezi zami esigujini sakho sesikhumba. Azilotshiwe yini encwadini yakho?”IHU. 56:8.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Lesi sihloko sizosikhumbuza ukuthi uJehova uyiqonda ngokuphelele indlela esizizwa ngayo lapho sizwa ubuhlungu futhi uzosinika induduzo esiyidingayo.

1-2. Yiziphi izinto ezingasenza sikhale?

 AKEKHO phakathi kwethu ongakaze akhale. Ngezinye izikhathi sikhala ngoba sijabule. Mhlawumbe wakhala lapho kwenzeka into ethile ebalulekile noma ekhethekile kuwe—ngokwesibonelo, lapho kuzalwa ingane yakho, lapho ukhumbula into ethile eyakujabulisa noma lapho ubona umngani wakho omthandayo okade wamgcina.

2 Nokho, ngokuvamile sikhala ngoba sizwa ubuhlungu ezinhliziyweni zethu. Ngokwesibonelo, singase sikhale lapho umuntu esimethembayo esidumaza. Singase sikhale lapho sizwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yokugula okungapheli noma lapho sishonelwe umuntu esimthandayo. Ngezikhathi ezinjalo, singase sizizwe njengomprofethi uJeremiya ngesikhathi abaseBhabhiloni bebhubhisa iJerusalema. UJeremiya wathi: “Amehlo ami ageleza imifudlana yamanzi . . . Angiyeki ukukhala, angithuli.”—IsiL. 3:​48, 49.

3. UJehova uzizwa kanjani lapho ebona izinceku zakhe zizwa ubuhlungu? (Isaya 63:9)

3 UJehova uyazi ukuthi zingaki izikhathi osukhale ngazo ngenxa yezimo ezicindezelayo. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uyazibona zonke izinto ezibuhlungu izinceku zakhe ezibhekana nazo futhi uyasizwa lapho sikhala kuye sicela usizo. (IHu. 34:15) Kodwa uJehova akagcini nje ngokusibona nangokusizwa. Njengomzali onothando, uphatheka kabi lapho ebona izingane zakhe zikhala futhi uyafuna ukusisiza.—Funda u-Isaya 63:9.

4. Yiziphi izibonelo eziseBhayibhelini esizoxoxa ngazo futhi yini esizoyifunda ngoJehova?

4 EZwini lakhe, uJehova uveza indlela asabela ngayo esikhathini esidlule lapho izinceku zakhe zikhala. Singayibona indlela asabela ngayo ngokufunda ngesibonelo sikaHana, uDavide neNkosi uHezekiya. Yini eyayibakhalisa? Yini uJehova ayenza lapho becela usizo? Isibonelo sabo singasiduduza kanjani lapho sikhala ngenxa yosizi, ngenxa yokudunyazwa umuntu esimethembayo noma ngenxa ukuphelelwa yithemba?

UKUKHALA NGENXA YOSIZI

5. UHana wayezizwa kanjani ngesimo ayebhekene naso?

5 UHana wabhekana nezinkinga eziningana ezamenza wakhala ngenxa yosizi ayebhekene nalo. Enye yalezo zinkinga ukuthi wayeshadele esithenjini futhi uPhenina, lo omunye unkosikazi owayeshade nomyeni wakhe, wayemzonda. Ngaphezu kwalokho, uHana wayengenabo abantwana, kuyilapho uPhenina ayenabantwana abaningana. (1 Sam. 1:​1, 2) UPhenina wayehlale egcona uHana ngokuba kwakhe yinyumba. Wawuyozizwa kanjani ukube wawubhekene nesimo esinjalo? UHana waphatheka kabi kakhulu kangangokuba “wayekhala angadli,” futhi “wayedabuke kakhulu” enhliziyweni yakhe.—1 Sam. 1:​6, 7, 10.

6. Yini uHana ayenza ukuze athole induduzo?

6 Wayithola kuphi induduzo uHana? Enye into eyamsiza ukuthi wayeya etabernakele ukuze akhonze uJehova. Kungenzeka ukuthi lapho engasesangweni legceke letabernakele, “waqala ukuthandaza kuJehova wakhala kalusizi.” Wancenga uJehova wathi: “Bheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho ungikhumbule.” (1 Sam. 1:10b, 11) UHana wathandaza, wathulula isifuba sakhe kuJehova. Cabanga ubuhlungu okumele ukuba uJehova wabuzwa lapho ebona indodakazi yakhe eyigugu ikhala!

7. Kwamduduza kanjani uHana ukuthulula isifuba sakhe kuJehova?

7 Wazizwa kanjani uHana ngemva kokuthandaza kuJehova athulule isifuba sakhe nangemva kokuba uMpristi Ophakeme u-Eli emqinisekise ngokuthi uJehova uzowuphendula umthandazo wakhe? IBhayibheli lithi: “Owesifazane wahamba wayodla, akabange esakhathazeka.” (1 Sam. 1:​17, 18) Nakuba isimo esicindezelayo sasingakashintshi, uHana wazizwa engcono kakhulu. Lokho okwakumkhathaza futhi kumcindezela wakushiyela kuJehova. UJehova wakubona ukucindezeleka kwakhe, wakuzwa ukukhala kwakhe, kamuva wambusisa ngokumsiza ukuba athole abantwana.—1 Sam. 1:​19, 20; 2:21.

8-9. Ngokuvumelana neyamaHebheru 10:​24, 25, kungani kufanele senze konke esingakwenza ukuze siye emihlanganweni yobuKristu? (Bheka nesithombe.)

8 Esikufundayo. Ingabe ubhekene nesimo esicindezelayo esikwenza ukhale? Mhlawumbe ushonelwe yilungu lomndeni noma umngani wakho. Ngezikhathi ezinjalo, kungokwemvelo ukufuna ukuba wedwa. Kodwa njengoba nje uHana kwamduduza futhi kwamkhuthaza ukuya etabernakele, nawe kungakududuza ukuya emihlanganweni yobuKristu—ngisho noma uzizwa ukhathele futhi ulusizi. (Funda eyamaHebheru 10:​24, 25.) Njengoba sisuke silalele amavesi aduduzayo emihlanganweni, uJehova angasisiza sicabange ngezinto ezakhayo esikhundleni sokucabanga ngezinto ezisizwisa ubuhlungu. Lokho kungasisiza sizizwe singcono, ngisho noma isimo sethu singashintshi ngokushesha.

9 Emihlanganweni yethu yebandla, sijabulela nobudlelwano obakhayo nabafowethu nodadewethu abanozwela. Amazwi abo anomusa nabonisa uthando angasikhuthaza futhi asiduduze. (1 Thes. 5:​11, 14) Cabanga ngesibonelo somzalwane oyiphayona elikhethekile owashonelwa umkakhe. Uthi: “Ngisakhala namanje. Ngezinye izikhathi ngiba ngedwa ukuze ngikhale. Kodwa ukuya emihlanganweni yebandla kungiduduza ngempela. Amazwi anomusa abafowethu nodadewethu ayangelapha. Kungakhathaliseki ukuthi ngisuke ngizizwa ngikhathazeke kangakanani ngaphambi kokuba ngifike emhlanganweni, ngihlale ngizizwa ngingcono uma sengikhona.” Lapho sisemihlanganweni yebandla, uJehova angasebenzisa abafowethu nodadewethu ukuba basisize.

Singathola induduzo kubafowethu nodadewethu (Bheka izigaba 8-9)


10. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaHana lapho sizwa ubuhlungu?

10 UHana waduduzwa nawukuthandaza kuJehova athulule isifuba sakhe. Nawe ‘ungaphonsa zonke izinkathazo zakho [kuJehova],’ uqiniseka ngokuthi uzokulalela. (1 Pet. 5:7) Udade owashonelwa umyeni wakhe bembamba inkunzi uyakhumbula: “Ngezwa sengathi inhliziyo yami yayihleshulwe yaba izicucu. Ngangingazitsheli ukuthi ngiyoke ngibe ngcono. Ngangiduduzwa ukuthandaza kuBaba wami osezulwini onothando, uJehova. Ngezinye izikhathi, ngangihluleka ukuchaza indlela engangizizwa ngayo, kodwa wayengiqonda. Lapho ngilusizi kakhulu futhi ngikhathazekile, ngangithandaza ngimcele angiphe ukuthula. Ngangizwa ingqondo yami nenhliziyo yami kuzola futhi ngangikwazi ukuqhubeka nezinto okwakudingeka ngizenze ngalolo suku.” Lapho ukhala kuJehova umtshela izinto ezikuzwisa ubuhlungu, naye uzwa ubuhlungu futhi uyayiqonda indlela ozizwa ngayo. Ngisho noma zingakapheli izinto ezikukhathazayo, uJehova angakududuza akusize uzole. (IHu. 94:19; Fil. 4:​6, 7) Uyokuvuza ngokukhuthazela kwakho ngokwethembeka.—Heb. 11:6.

UKUKHALA NGENXA YOKUDUNYAZWA UMUNTU OMETHEMBAYO

11. Izinto ezibuhlungu ezazenziwa abanye kuDavide zamenza wazizwa kanjani?

11 Ekuphileni kwakhe, uDavide kwadingeka akhuthazelele izimo ezinzima eziningana ezamenza wakhala. Kunabantu ababemzonda futhi wadunyazwa ngisho nangabantu ayebethemba. (1 Sam. 19:​10, 11; 2 Sam. 15:​10-14, 30) Ngesinye isikhathi wabhala: “Ngikhathele ngenxa yokububula kwami; ubusuku bonke ngimanzisa umbhede wami ngezinyembezi; usofa wami umanzi yizinyembezi zami.” Kungani uDavide ayezizwa ngaleyo ndlela? Wachaza: “Ngenxa yabo bonke abangihluphayo.” (IHu. 6:​6, 7) Izinto ezibuhlungu ezazenziwa abanye zamzwisa ubuhlungu kangangokuba wakhala izinyembezi.

12. Ngokwencwadi yamaHubo 56:​8, yini uDavide ayeqiniseka ngayo?

12 Naphezu kobunzima uDavide abhekana nabo, wayeqiniseka ukuthi uJehova uyamthanda. Wabhala: “UJehova uzowuzwa umsindo wokukhala kwami.” (IHu. 6:8) Ngesinye isikhathi, uDavide washo amazwi athinta inhliziyo esiwathola kumaHubo 56:8. (Yifunde.) Lawo mazwi ayiveza ngokucacile indlela uJehova asithanda ngayo nasikhathalela ngayo. UDavide wathi kwakunjengokungathi uJehova ufaka izinyembezi zakhe esigujini noma uzibhala phansi encwadini. Wayeqiniseka ngokuthi uJehova wayebubona futhi ebukhumbula ubuhlungu ayebuzwa. Wayeqiniseka ukuthi uBaba wakhe osezulwini onothando wayengaboni nje kuphela izinto ayebhekene nazo, kodwa wayazi nokuthi zazimenza azizwe kanjani.

13. Lapho abanye besidumaza, yini engasiduduza? (Bheka nesithombe.)

13 Esikufundayo. Ingabe ucindezelekile ngenxa yokudunyazwa umuntu omethembayo? Mhlawumbe uzwa ubuhlungu ngenxa yokuthi uhlukene nomuntu obuthandana naye noma umshado wakho uphele ungalindele, noma mhlawumbe umuntu omthandayo uyekile ukukhonza uJehova. Omunye umzalwane owashiywa umkakhe ngemva kokuba umkakhe ephingile wathi: “Ngangishaqekile futhi ngangingayikholwa into eyayingehlele. Ngangiphatheke kabi kakhulu, ngithukuthele futhi ngizizwa ngingelutho.” Uma othile ekudumazile noma ekuzwise ubuhlungu obukhulu, makukududuze ukwazi ukuthi uJehova akasoze akulahla. Lo mzalwane wathi: “Ngafunda ukuthi ngezinye izikhathi abantu bangase bangabi qotho kuwe. Kodwa uJehova yena uyiDwala lethu. Noma ngabe kwenzekani, uyohlezi ekhona. Ngeke abashiye abantu bakhe abaqotho.” (IHu. 37:28) Khumbula nokuthi uJehova ukuthanda ukwedlula noma yimuphi umuntu. Nakuba kubuhlungu ukudunyazwa umuntu omethembayo, lokho akuyishintshi indlela uJehova azizwa ngayo ngawe. Uyigugu kuye. (Roma 8:​38, 39) Nakhu okufanele ukukhumbule: Kungakhathaliseki ukuthi omunye umuntu ukuphathe kanjani, uBaba wakho osezulwini uyakuthanda.

Incwadi yamaHubo isiqinisekisa ngokuthi uJehova useduze nalabo abanezinhliziyo eziphukile (Bheka isigaba 13)


14. IHubo 34:18 lisiqinisekisa ngani?

14 Lapho umuntu esimethembayo esidumaza, nathi angasiduduza amazwi kaDavide aqinisa idolo atholakala kumaHubo 34:18. (Yifunde; mbhw.) Enye incwadi ithi inkulumo ethi abantu “abanomoya ochobozekile” ingabhekisela “kubantu abangenayo into enhle ababheke phambili kuyo.” UJehova ubasiza kanjani labo abazizwa ngaleyo ndlela ngenxa yokudumazeka okuqeda amandla? Njengomzali onothando obamba ingane yakhe ayiduduze lapho icindezelekile, uJehova “useduze” nathi—uhlale enozwela futhi ekulungele ukusisiza lapho sichobozekile ngenxa yokudunyazwa umuntu esimethembayo noma lapho sishiywe othile. Uyakulangazelela ukusiduduza lapho siphukile ezinhliziyweni futhi sizizwa singelutho. Usinika izinto eziningi esingabheka phambili kuzo, ezisisiza sikhuthazelele uvivinyo esibhekene nalo njengamanje.—Isaya 65:17.

UKUKHALA NGENXA YOKUPHELELWA YITHEMBA

15. Yisiphi isimo uHezekiya abhekana naso esamenza wakhala?

15 Lapho ineminyaka engu-39, iNkosi yakwaJuda uHezekiya yathola ukuthi inesifo esibulalayo. Umprofethi u-Isaya watshela uHezekiya umyalezo ovela kuJehova othi wayezofa ngenxa yesifo esasimphethe. (2 AmaKh. 20:1) Kwakubonakala lingekho ithemba ngoHezekiya. Ngenxa yalezi zindaba ezibuhlungu, uHezekiya wakhala kakhulu. Wathandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni.—2 AmaKh. 20:​2, 3.

16. Yini uJehova ayenza lapho ezwa umthandazo kaHezekiya futhi embona ekhala?

16 UJehova wamzwela uHezekiya lapho ezwa umthandazo wakhe futhi embona ekhala, wathi kuye: “Ngiwuzwile umthandazo wakho. Ngizibonile izinyembezi zakho. Ngizokwelapha ekuguleni kwakho.” Esebenzisa u-Isaya, uJehova wambonisa isihe, wathembisa ukwenezela iminyaka ekuphileni kwakhe nokusindisa iJerusalema esandleni sama-Asiriya.—2 AmaKh. 20:​4-6.

17. UJehova usisiza kanjani lapho siphethwe yisifo esibucayi? (IHubo 41:3) (Bheka nesithombe.)

17 Esikufundayo. Ingabe uphethwe yisifo esingalapheki? Thandaza kuJehova umtshele indlela ozizwa ngayo, ngisho noma ukhala njengoba uthandaza. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi “uYise wesihe, uNkulunkulu wenduduzo yonke” uyosiduduza kulo lonke uvivinyo esibhekene nalo. (2 Kor. 1:​3, 4) Namuhla, ngeke silindele ukuba uJehova aqede zonke izinkinga esinazo, kodwa singathembela kuye ukuba asisize. (Funda iHubo 41:3.) Ngomoya wakhe ongcwele, uJehova usinika amandla, ukuhlakanipha, asenze sizole ukuze sikwazi ukubhekana nezinkinga. (IzAga 18:14; Fil. 4:13) Usiduduza nangethemba esinalo elisekelwe eBhayibhelini lokubona kuqedwa lonke uhlobo lokugula.—Isaya 33:24.

UJehova uyophendula imithandazo yethu ngokusinika amandla, ukuhlakanipha, asenze sizole (Bheka isigaba 17)


18. Yimuphi umBhalo okududuzayo lapho ubhekene nesimo esinzima? (Bheka ibhokisi elithi “ Amavesi Angasiduduza Lapho Sikhala.”)

18 UHezekiya waduduzwa amazwi kaJehova. Nathi singathola induduzo eZwini likaNkulunkulu. UJehova ulondoloze amazwi aduduzayo eBhayibhelini, angasisiza lapho sibhekene nezimo ezinzima. (Roma 15:4) Lapho udade waseNtshonalanga ye-Afrika ethola ukuthi unesifo sekhensa, wayekhala njalo. Uthi: “UmBhalo owawungiduduza u-Isaya 26:3. Nakuba izikhathi eziningi singeke sikwazi ukushintsha uvivinyo esibhekana nalo, leli vesi lingiqinisekisa ngokuthi uJehova angakwazi ukusenza sizole, okusisiza sikhuthazelele uvivinyo.” Ukhona yini umBhalo okududuzayo lapho ubhekene nezimo ezibonakala zinzima kakhulu, mhlawumbe ezibonakala zingenaso isixazululo?

19. Yini esingabheka phambili kuyo?

19 Siphila ezinsukwini zokugcina futhi silindele ukuba zande izinto ezisenza sikhale. Kodwa njengoba sibonile esibonelweni sikaHana, uDavide neNkosi uHezekiya, uJehova uyasibona lapho sikhala futhi uzwa ubuhlungu. Izinyembezi zethu ziyigugu ngempela kuye. Ngakho lapho sibhekene nezimo ezicindezelayo, sifuna ukuthandaza kuJehova simthululele isifuba sethu. Kwangathi singelokothe sizihlukanise nabafowethu nodadewethu basebandleni abanothando. Ngokufunda iBhayibheli siyothola induduzo evela kuJehova. Singaqiniseka ngokuthi uma siqhubeka sikhuthazela ngokwethembeka uJehova uyosivuza. Lokho kuhlanganisa isithembiso esimangalisayo sokuthi ngesikhathi esifanele uyosesula zonke izinyembezi ezibangelwa usizi, ukudunyazwa umuntu esimethembayo nokuphelelwa yithemba. (IsAm. 21:4) Ngaleso sikhathi uma sikhala siyobe sikhaliswa yinjabulo kuphela.

INGOMA 4 “UJehova UnguMalusi Wami”