Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 49

INGOMA 147 Ukuphila Okuphakade Kuthenjisiwe

Ungakuthola Kanjani Ukuphila Okuphakade?

Ungakuthola Kanjani Ukuphila Okuphakade?

“Wonke umuntu owamukela iNdodana futhi abonise ukholo kuyo [uyothola] ukuphila okuphakade.”JOH. 6:40.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngendlela abagcotshiwe nezinye izimvu abazuza ngayo emhlatshelweni kaJesu Kristu.

1. Abanye bangase bazizwe kanjani ngokuphila phakade?

 ABANTU abaningi bayakugada ukudla abakudlayo futhi bazivocavoca njalo ukuze bahlale beyimiqemane. Noma kunjalo, abalindele ukuphila phakade. Kubo ukuphila phakade kubonakala kungenakwenzeka futhi kungafiseleki ngenxa yokucindezeleka okubangelwa ukukhula. Kodwa, uJesu wakhuluma kahle ‘ngokuphila okuphakade,’ njengoba kuboniswe kuJohane 3:16 nasesahlukweni 5:24.

2. Yini uJohane isahluko 6 ayishoyo ngokuphila okuphakade? (Johane 6:​39, 40)

2 Ngolunye usuku, uJesu wenzela izinkulungwane zabantu izinkwa nezinhlanzi ngokuyisimangaliso. a Kwakumangalisa lokho, kodwa okwakumangalisa ngisho nakakhulu yilokho akusho ngosuku olulandelayo. Isixuku sasimlandelile saya eKapernawume, ngasogwini lwaseGalile, lapho atshela khona abantu ukuthi bangavuswa bajabulele ukuphila okuphakade. (Funda uJohane 6:​39, 40.) Unalokho engqondweni, cabanga ngabangani bakho nezihlobo zakho esezashona. Amazwi kaJesu abonisa ukuthi abantu abaningi asebashona bangavuswa nokuthi wena nabantu obathandayo ningajabulela ukuphila okuphakade. Kodwa, amazwi uJesu abe esewasho kuJohane isahluko 6 bekulokhu kunzima ngabantu ukuba bawaqonde. Ake siwahlolisise.

3. NgokukaJohane 6:​51, yini uJesu ayembula ngaye?

3 Isixuku esasiseKapernawume sabona ukuhlobana phakathi kwezinkwa uJesu ayezinike sona kanye nemana uJehova ayeyinike okhokho baso. Empeleni, imiBhalo ibiza leyo mana ngokuthi ‘isinkwa esivela ezulwini.’ (IHu. 105:40; Joh. 6:31) UJesu wasebenzisa imana ukuze afundise isixuku okuthile okubaluleke kakhulu. Nakuba imana yayiyilungiselelo eliyisimangaliso elivela kuNkulunkulu, labo abalidla bagcina befile. (Joh. 6:49) Ngokuphambene nalokho, uJesu wazibiza ngokuthi ‘uyisinkwa seqiniso esivela ezulwini,’ “isinkwa sikaNkulunkulu” ‘nesinkwa sokuphila.’ (Joh. 6:​32, 33, 35) UJesu wakhuluma ngomehluko omkhulu phakathi kwakhe nemana. Wathi: “Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini. Uma umuntu esidla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade.” (Funda uJohane 6:51.) Lawo maJuda ayedidekile. UJesu wayengasho kanjani ukuthi wayehle ezulwini ‘njengesinkwa’ esingcono kunemana eliyisimangaliso uNkulunkulu ayelinike okhokho bawo? UJesu wabe esethi kubo: “Isinkwa engizosinikela . . . siyinyama yami.” Yini okungenzeka yayiqondwe uJesu ngala mazwi? Kubalulekile ukuba sikuqonde lokho ayekusho ngoba impendulo yalo mbuzo ibonisa ukuthi thina nabantu esibathandayo singakuthola kanjani ukuphila okuphakade. Ake sibone ukuthi wayesho ukuthini uJesu.

ISINKWA ESIPHILAYO NENYAMA YAKHE

4. Kungani abanye kwabashaqisa lokho uJesu akusho?

4 Abanye kulabo ababelalele uJesu bashaqeka lapho ebatshela ukuthi isinkwa okwakufanele basidle kwakuyinyama yakhe ayezoyinikela “ngenxa yokuphila kwezwe.” Ingabe babecabanga ukuthi wayezobanika inyama yakhe engokoqobo ukuba bayidle, okuwukudla inyama yomuntu? (Joh. 6:52) Phawula lokho okushaqisayo uJesu abe esekusho: “Ngaphandle kokuba nidle inyama yeNdodana yomuntu niphuze negazi layo, ngeke nikuthole ukuphila.”—Joh. 6:53.

5. Kungani singaqiniseka ngokuthi uJesu wayengaqondile ukuthi abantu kwakufanele baphuze igazi lakhe elingokoqobo?

5 Ngesikhathi sikaNowa, uNkulunkulu wayala abantu ukuba bangalidli igazi. (Gen. 9:​3, 4) Kamuva, wayala nama-Israyeli ukuba angalidli igazi. Noma ubani owayedla igazi ‘kwakumele abulawe.’ (Lev. 7:27) UJesu wawusekela lowo Mthetho. (Math. 5:​17-19) Ngakho wayengeke alokothe atshele isixuku samaJuda ukuba sidle inyama yakhe engokoqobo noma siphuze igazi lakhe elingokoqobo. Ngokusho la mazwi angajwayelekile, empeleni uJesu wayefundisa abantu ukuthi bangakuthola kanjani “ukuphila okuphakade.”—Joh. 6:54.

6. Kufanele siwaqonde kanjani amazwi kaJesu aphathelene nokudla inyama yakhe nokuphuza igazi lakhe?

6 Wayeqonde ukuthini uJesu? Kusobala ukuthi uJesu wayesebenzisa inkulumo engokomfanekiso ngesikhathi ekhuluma nesixuku. Wasebenzisa inkulumo engokomfanekiso lapho esho la mazwi kowesifazane ongumSamariya: “Noma ubani ophuza la manzi engizomnika wona akasoze oma, kodwa amanzi engizomnika wona, ngaphakathi kuye ayoba umthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade.” (Joh. 4:​7, 14) b UJesu wayengaqondile ukuthi owesifazane ongumSamariya wayengathola ukuphila okuphakade ngokumane nje aphuze uhlobo oluthile lwamanzi. Ngokufanayo, wayengaqondile ukuthi isixuku ayekhuluma naso eKapernawume sasiyophila phakade uma sidla inyama yakhe engokoqobo siphuza negazi lakhe elingokoqobo.

UMEHLUKO PHAKATHI KWALEZI ZENZAKALO EZIMBILI

7. Yini abanye abayishoyo ngamazwi kaJesu akuJohane 6:53?

7 Abanye abantu abasontayo bathi amazwi kaJesu atholakala kuJohane 6:53 amayelana nokudla inyama yakhe nokuphuza igazi lakhe ayechaza lokho abantu okwakuyodingeka bakwenze eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa, ngoba kuleso senzakalo esenzeka kamuva wasebenzisa amazwi afanayo. (Math. 26:​26-28) Bathi wonke umuntu oba khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa kufanele adle isinkwa aphuze newayini elidluliswa kubo bonke abantu abasuke bekhona. Kuyiqiniso yini lokho? Kubalulekile ukuba sazi impendulo yalowo mbuzo ngoba unyaka ngamunye izigidi zabantu emhlabeni wonke ziba kanye nathi kuleso senzakalo. Sizobona umehluko omningana phakathi kwalokho okushiwo kuJohane 6:53 nalokho uJesu akusho eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa.

8. Yimuphi umehluko okhona phakathi kwalezi zenzakalo ezimbili? (Bheka nezithombe.)

8 Ake sibone umehluko okhona phakathi kwalezi zenzakalo ezimbili. Okokuqala, uJesu wawasho nini amazwi akuJohane 6:​53-56 futhi wayekuphi ngesikhathi ewasho? Wawatshela isixuku samaJuda eGalile ngo-32 C.E. Kwakusasele isikhathi esingangonyaka ngaphambi kokuba amise iSidlo SeNkosi Sakusihlwa eJerusalema. Okwesibili, wayewasho kobani lawo mazwi? Abantu abaningi ababemlalele eGalile babegxile kakhulu ekutholeni ukudla kuJesu kunokuba bafunde ngoJehova noma ngoMbuso wakhe. (Joh. 6:26) Empeleni, lapho uJesu esho into ababekuthola kunzima ukuyiqonda, ngokushesha bayeka ukukholelwa kuye. Ngisho nabanye babafundi bakhe bayeka ukumlandela. (Joh. 6:​14, 36, 42, 60, 64, 66) Qhathanisa leso senzakalo nalokho okwenzeka ngesikhathi uJesu emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, ngemva kwesikhathi esingangonyaka ngo-33 C.E. Kuleso senzakalo, abaphostoli bakhe abangu-11 abaqotho babenaye ngisho noma babengakuqondi ngokugcwele konke ayekufundisa. Noma kunjalo, ngokungafani nabantu abaningi ababeseGalile, abaphostoli bakhe abathembekile babeqiniseka ukuthi uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu eyayivela ezulwini. (Math. 16:16) Wabancoma wathi: “Nina aningishiyanga ekulingweni kwami.” (Luka 22:28) Lezi zinto ezimbili nje ezibaliwe ziyabonisa ukuthi amazwi kaJesu akuJohane 6:​53, ayengachazi lokho okwakuyokwenzeka eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa. Kukhona nobunye ubufakazi obengeziwe.

UJohane isahluko 6 ulandisa ngalokho uJesu akutshela isixuku samaJuda eGalile (kwesokunxele). Ngemva konyaka wakhuluma neqembu elincane labaphostoli bakhe abathembekile eJerusalema (kwesokudla) (Bheka isigaba 8)


INDLELA AKUTHINTA NGAYO AMAZWI KAJESU

9. Amazwi uJesu awasho eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa abhekisela kuliphi iqembu?

9 ESidlweni SeNkosi Sakusihlwa, uJesu wanika abaphostoli bakhe isinkwa esingenamvubelo, wabatshela ukuthi sasimelela umzimba wakhe. Wabe esebanika iwayini, wathi lalimelela “igazi . . . lesivumelwano.” (Marku 14:​22-25; Luka 22:20; 1 Kor. 11:24) Lokho akusho kwakubaluleke kakhulu. Isivumelwano esisha senziwa “nendlu ka-Israyeli [ongokomoya]” oyoba ‘seMbusweni kaNkulunkulu,’ hhayi nawo wonke umuntu. (Heb. 8:​6, 10; 9:15) Abaphostoli abakuqondanga lokho ngaleso sikhathi, kodwa maduzane babezogcotshwa ngomoya ongcwele babe sesivumelwaneni esisha ukuze babe noJesu ezulwini.—Joh. 14:​2, 3.

10. Yimuphi omunye umehluko okhona kulokho uJesu akusho eGalile nalokho akusho eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa? (Bheka nesithombe.)

10 Phawula ukuthi eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa, uJesu wayegxile ‘emhlanjini omncane.’ Lelo qembu elincane laqala ngabaphostoli bakhe abathembekile ababenaye esidlweni. (Luka 12:32) Bona nabanye ababezoba kulelo qembu kwakulindeleke ukuba badle izifanekiselo—isinkwa newayini. Yibo ababeyoba noJesu ezulwini. Lokho uJesu akusho kubaphostoli bakhe kulesi senzakalo kuhlukile kulokho akusho esixukwini esasiseGalile. Lokho uJesu akusho eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa kwakuthinta iqembu elincane kuphela. Kodwa lokho akusho eGalile kuthinta abantu abaningi.

Labo abadla isinkwa newayini bayiqembu elincane, kodwa noma ubani angakwazi ukubonisa ukholo kuJesu bese ethola ukuphila okuphakade (Bheka isigaba 10)


11. Yini uJesu ayisho eGalile ebonisa ukuthi wayengakhulumi ngeqembu elincane?

11 Ngesikhathi uJesu eseGalile ngo-32 C.E., wayekhuluma namaJuda ayezifunela isinkwa nje kuphela kuye. Nokho, uJesu wazama ukuwasiza ukuba aqonde ukuthi kwakunokuthile okubaluleke ukwedlula ukudla. Wakhuluma ngelungiselelo elalingabenza bathole ukuphila okuphakade. UJesu wathi labo asebashona bangavuswa ngosuku lokugcina baphile phakade. Lapha wayengakhulumi ngabambalwa abakhethiwe, okuyinani elincane, njengoba enza kamuva eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa. Kunalokho, eGalile wayekhuluma ngesibusiso esasingatholwa yibo bonke abantu. Empeleni, wathi: “Uma umuntu esidla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade . . . Isinkwa engizosinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”—Joh. 6:51. c

12. Yini umuntu okudingeka ayenze ukuze athole izibusiso uJesu ayekhuluma ngazo?

12 UJesu akawatshelanga amaJuda ayeseGalile ukuthi lesi sibusiso sasiyotholwa yiwo wonke umuntu owake waphila noma owayeyozalwa. Kwakuyozuza kuphela labo ‘abadla lesi sinkwa,’ ababonisa ukholo. Abantu abaningi abathi bangamaKristu bakholelwa ukuthi bayosindiswa uma nje ‘bekholwa [nguJesu]’ futhi bembheka njengomsindisi wabo. (Joh. 6:​29, King James Version) Nokho, abaningi ababeseGalile ababekholelwa kuJesu bamlahla. Kungani?

13. Yini umuntu okudingeka ayenze ukuze abe umlandeli kaJesu weqiniso?

13 Abaningi ababesesixukwini uJesu asipha ukudla babekujabulela ukumlandela, uma nje ebanika lokho ababekufuna. Into nje ababeyifuna ukuba abelaphe ngokuyisimangaliso, abanike ukudla kwamahhala, noma abatshele izinto abathanda ukuzizwa. Kodwa, uJesu wabonisa ukuthi kwakulindeleke okungaphezu kwalokho kubalandeli bakhe beqiniso. Akezanga emhlabeni ukuze nje anelise izifiso zabantu ezingokwenyama. Kwakudingeka bamukele isimemo sakhe esithi ‘wozani’ kimi ngokuthi bamukele futhi balalele konke ayebafundisa kona.—Joh. 5:40; 6:44.

14. Yini okumele siyenze ukuze sizuze enyameni kaJesu nasegazini lakhe?

14 UJesu wafundisa isixuku ukuthi ngokunikela ngenyama yakhe nangegazi lakhe wayeyosenza sikwazi ukuphila phakade. Kwakudingeka sibe nokholo kulelo qiniso. Lolo kholo lwalubalulekile kumaJuda futhi lusabalulekile nakithi namuhla. (Joh. 6:40) Ukuze sizuze enyameni kaJesu nasegazini lakhe, njengoba kuboniswe kuJohane 6:​53, kudingeka sibe nokholo esihlengweni. Leso sibusiso singatholwa abantu abaningi.—Efe. 1:7.

15-16. Yiziphi izinto ezibalulekile esizifunde kuJohane isahluko 6?

15 UJohane isahluko 6 ubaluleke kakhulu kithi nakubantu esibathandayo. Ukuveza ngokucacile ukuthi uJesu ubathanda kakhulu abantu. Ngesikhathi eseGalile, welapha abagulayo, wafundisa abantu ngoMbuso, waqikelela nokuthi banakho ukudla. (Luka 9:11; Joh. 6:​2, 11, 12) Okubaluleke nakakhulu, wafundisa ukuthi ‘uyisinkwa sokuphila.’—Joh. 6:​35, 48.

16 Labo uJesu ababiza ngokuthi “ezinye izimvu” abasidli isinkwa newayini eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa saminyaka yonke futhi akufanele basidle. (Joh. 10:16) Noma kunjalo, bayazuza enyameni nasegazini likaJesu Kristu. Bazuza ngokuba nokholo enanini lomhlatshelo kaJesu Kristu wesihlengo. (Joh. 6:53) Ngokuphambene nalokho, labo okufanele badle isinkwa newayini babonisa ukuthi basesivumelwaneni esisha futhi banethemba lokuba yizindlalifa zoMbuso wasezulwini. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sigcotshiwe noma singabezinye izimvu, kubaluleke kakhulu ukuba sifunde ngokulandisa okukuJohane isahluko 6. Kusifundisa ngokubaluleka kokuba nokholo ukuze sithole ukuphila okuphakade.

INGOMA 150 Funani Insindiso Yenu KuNkulunkulu

a UJohane 6:​5-35 kukhulunywe ngawo esihlokweni esidlule.

b Amanzi uJesu ayekhuluma ngawo afanekisela lokho uJehova akwenzile ukuze abantu bathole ukuphila okuphakade.

c UJohane isahluko 6 usebenzisa amazwi athi “noma ubani” nathi “wonke umuntu” lapho ukhuluma ngalabo abangathola ukuphila okuphakade.—Joh. 6:​35, 40, 47, 54, 56-58.