Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zalo nyaka ze-Nqabayokulinda? Ake sibone ukuthi ungakwazi yini ukuphendula le mibuzo elandelayo:

Yisiphi isibonelo uJehova asibekela sona endleleni aphatha ngayo abesifazane?

Akababandlululi futhi akabheki amadoda njengangcono kunabo. UNkulunkulu uyabalalela abesifazane, unendaba nezinto ezibakhathazayo nendlela abazizwa ngayo. Uyabethemba ukuthi bangakwazi ukufeza umsebenzi wakhe.—w24.01, kk. 15-16.

Singayisebenzisa kanjani eyabase-Efesu 5:​7, ethi: “Ningahlanganyeli kanye nabo”?

Umphostoli uPawulu wasixwayisa ukuba singazihlanganisi nabantu abenza kube nzima ukulalela imithetho kaNkulunkulu. Ukuzihlanganisa okunjalo okungahlanzekile kusebenza kulabo esichitha nabo isikhathi ngokoqobo nakulabo esixoxa nabo ezinkundleni zokuxhumana.—w24.03, kk. 22-23.

Yiziphi izindaba ezingamanga okumele siziqaphe?

Kudingeka siziqaphe izindaba ezingaqinisekisiwe ezivela kubafowethu nodadewethu abangahlose lutho olubi, ama-email esingawacelanga avela kubantu esingabazi, nezindaba zezihlubuki ezenza sengathi ziyalithanda iqiniso.—w24.04, k. 12.

Yini esiyaziyo nesingayazi ngendlela uJehova ayokwahlulela ngayo iNkosi uSolomoni, kanye nalabo abafa eSodoma naseGomora, kuhlanganise nalabo ababulawa uZamcolo?

Asiqiniseki ngokuthi uJehova usebanqumele ukubhujiswa kwaphakade yini. Nokho, siyazi ukuthi unawo wonke amaqiniso futhi unesihe esikhulu.—w24.05, kk. 3-4.

Ukuba “yiDwala” kukaNkulunkulu kusiqinisekisa ngani? (Dut. 32:4)

Singafuna isiphephelo kuJehova. Uthembekile, uhlale ezigcina izithembiso zakhe. Akashintshi, ubuntu bakhe nezinjongo zakhe akusoze kwashintsha.—w24.06, kk. 26-28.

Yini engakusiza ukuba ujwayele ibandla elisha?

Thembela kuJehova, ozokusiza njengoba asiza izinceku zakhe esikhathini esidlule. Ungaqhathanisi ibandla elisha nebandla elidala. Yenza izinto ezenziwa ebandleni elisha futhi ulwele ukwenza abangani abasha.—w24.07, kk. 26-28.

Yiziphi izifundo esizithola emifanekisweni emithathu ekuMathewu isahluko 25?

Umfanekiso wezimvu nezimbuzi ugcizelela ukuthembeka nokuba qotho. Umfanekiso wezintombi ezihlakaniphile neziyiziwula ugcizelela ukuzilungiselela nokuqapha. Kanti umfanekiso wamathalenta uqokomisa ukubaluleka kokuba umuntu okhuthele.—w24.09, kk. 20-24.

Wawumude kangakanani umpheme wethempeli likaSolomoni?

Kweyesi-2 IziKronike 3:​4, eminye imibhalo yesandla yasendulo ithi “izingalo ezingu-120,” okwenza lo mpheme ube amamitha angu-53 ukuphakama. Kodwa eminye imibhalo enokwethenjelwa ithi “izingalo ezingu-20,” okwenza ukuphakama kwawo kube amamitha angu-9. Lokhu okushiwo kamuva kubonakala kuhambisana nogqinsi lwezindonga zethempeli.—w24.10, k. 31.

Kusho ukuthini ukuthi inceku ekhonzayo kufanele kube ‘yindoda emfazi munye’? (1 Thim. 3:12)

Kusho ukuthi ishade nowesifazane oyedwa kuphela futhi akufanele iziphathe kabi ngokocansi. Ngaphezu kwalokho, akufanele idlale ngothando nabanye abesifazane.—w24.11, k. 19.

Kungani singathi uJohane 6:53 wawungakhulumi ngalokho okwakumele kwenziwe eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa?

UJohane 6:53 ukhuluma ngokuthi kudingeka kudliwe inyama kaJesu, kuphuzwe negazi lakhe. UJesu washo lawo mazwi ngo-32 C.E., eGalile, ewatshela amaJuda okwakusadingeka abonise ukholo kuye. Nokho, iSidlo SeNkosi Sakusihlwa samiswa ngemva konyaka asho lawo mazwi, eJerusalema. Lapho, uJesu wayekhuluma nalabo ayeyobusa nabo ezulwini.—w24.12, kk. 10-11.