Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Basha Zibekeleni Imigomo Ezonisondeza KuNkulunkulu?

Basha Zibekeleni Imigomo Ezonisondeza KuNkulunkulu?

“Gingqela imisebenzi yakho kuJehova khona-ke amacebo akho ayokuma aqine.”—IZAGA. 16:3.

IZINGOMA: 89, 24

1-3. (a) Iyiphi inselele intsha ebhekene nayo futhi lokhu singakufanisa kanjani? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Intsha engamaKristu ingayinqoba kanjani le nselele?

AKE sithi uhlela ukuya edolobheni elikude esenzakalweni esibalulekile. Ukuze ufike lapho kuzodingeka uhambe isikhathi eside ngebhasi. Lapho ufika esiteshini samabhasi uhlangana nesixuku sabagibeli futhi ubona amabhasi amaningi. Nokho, konke lokho akukuphazamisi—wena ugibela ebhasini eliya lapho uya khona. Ukugibela ibhasi eliya kwenye indawo kungasho ukuthi ulahlekile.

2 Intsha namuhla ingafaniswa nalabo bagibeli. Intsha ibhekene nohambo olude ekuphileni. Ngezinye izikhathi ingase izizwe icindezelwa amathuba nezinqumo okufanele izenze. Basha ningenza uhambo lwenu lube lula uma nazi ukuthi nifuna ukuya kuphi ekuphileni. Kufanele niye kuphi?

3 Lesi sihloko siphendula lo mbuzo ngokukhuthaza intsha ukuba igxile ekujabuliseni uJehova. Lokhu kusho ukufaka uJehova kukho konke okwenzayo ekuphileni—imfundo, umsebenzi wokuziphilisa, ukunakekela umndeni, njalo njalo. Kusho ukufinyelela imigomo ekukhulekeleni nasenkonzweni esiyenzela uNkulunkulu. Intsha egxila ekukhonzeni uJehova ingaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzoyibusisa iphumelele ekuphileni.​—Funda izAga 16:3.

KUNGANI KUFANELE UBE NEMIGOMO EZOKUSONDEZA KUNKULUNKULU?

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Ukuzibekela imigomo engokwasezulwini usemusha kunengqondo. Kungani? Sizoxoxa ngezizathu ezintathu. Izizathu ezimbili zokuqala zibonisa ukuthi ukufuna ukufinyelela imigomo engokwasezulwini kuqinisa ubuhlobo bakho noJehova; isizathu sesithathu siqokomisa inzuzo yokuzibekela imigomo engokwasezulwini usemusha.

5. Yisiphi isizathu esiyinhloko sokuzibekela imigomo njengoba sikhonza uNkulunkulu?

5 Isizathu esiyinhloko sokuzibekela imigomo njengoba sikhulekela uJehova, ukubonisa ukuthi simbonga kangakanani ngothando lwakhe nangalokho asenzele kona. Umhubi wathi: “Kuhle ukumbonga uJehova . . . Ngoba wenzé ukuba ngijabule, Jehova, ngenxa yomsebenzi wakho; Ngiyakhamuluka ngenjabulo ngenxa yemisebenzi yezandla zakho.” (IHu. 92:1, 4) Njengosemusha cabanga ngakho konke okukweleta uJehova. Ukuphila kwakho, ukholo lwakho, iBhayibheli, ibandla nethemba elihle lekusasa. Ukubeka izinto ezithinta ubuhlobo bakho noNkulunkulu kuqala kuyindlela yokumbonga ngalezi zibusiso futhi lokho kukusondeza nakakhulu kuye.

6. (a) Imigomo esizibekele yona ibuthinta kanjani ubuhlobo bethu noJehova? (b) Yimiphi imigomo esingazibekela yona sisebancane?

6 Isizathu sesibili siwukuthi lapho uqala ukusebenzela ukufinyelela imigomo ekusondeza kuJehova, usuke uqala ukuzakhela umlando omuhle kuye. Lokhu kukusondeza nakakhulu kuye. Umphostoli uPawulu wathembisa: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” (Heb 6:10) Ungazibekela imigomo ngisho noma usemncane kakhulu. UChristine wayeneminyaka eyishumi lapho enquma ukuzifunda njalo izindaba zokuphila zoFakazi abathembekile. Eneminyaka engu-12, uToby wazibekela umgomo wokulifunda lonke iBhayibheli ngaphambi kokuba abhapathizwe. UMaxim wayeneminyaka engu-11 kanti udadewabo uNoemi wayeneminyaka eyishumi lapho bebhapathizwa. Kusukela lapho, bobabili baqala ukulwela ukufinyelela umgomo wokuyokhonza eBethel. Ukuze bahlale begxilile, bachoma ifomu lokukhonza eBethel odongeni. Kungani ungazihloli ukuthi yimiphi imigomo ebalulekile kuwe bese usebenzela ukuyifinyelela?​—Funda eyabaseFilipi 1:10, 11.

7, 8. (a) Ukuzibekela imigomo kungakusiza kanjani wenze izinqumo? (b) Kungani osemusha akhetha ukungayi eyunivesithi?

7 Isizathu sesithathu sokuzibekela imigomo sisebasha simayelana nokwenza izinqumo. Intsha kufanele yenze izinqumo ngemfundo, umsebenzi wokuziphilisa nokunye. Ukwenza izinqumo kufana nokukhetha indlela ozohamba ngayo lapho usempambano mgwaqo. Uma wazi ukuthi uyakuphi, awubi nenkinga yokukhetha ukuthi yimuphi umgwaqo ofanele. Ngendlela efanayo, uma uyazi imigomo yakho ukuthi iyini, kuyoba lula ukwenza izinqumo. IzAga 21:5 zithi: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa.” Lapho uzibekela imigomo usemusha, uzoshesha ukuphumelela. Yilokho okwenzeka kuDamaris ngesikhathi esemusha lapho kufanele enze isinqumo esibalulekile.

8 UDamaris waphasa umatikuletsheni ngamalengiso. Wayengase amukele umfundaze wokuyofundela ukuba ummeli eyunivesithi, kodwa wakhetha ukuyosebenza ebhange. Kungani? Uthi: “Kusukela ngisemncane ngazibekela umgomo wokuphayona. Lokho kwakusho ukuthi kumelwe ngisebenze izinsuku ezimbalwa. Ukube ngangithole iziqu zobumeli, ngangingakhokhelwa izindodla zemali, kodwa kwakungaba nzima ukuthola umsebenzi ozonginika isikhathi sokuphayona.” UDamaris usekhonze njengephayona iminyaka engu-20. Ingabe unomuzwa wokuthi wazibekela umgomo omuhle nokuthi wenza isinqumo esihle ngesikhathi esemusha? Uthi: “Emsebenzini ngihlangana nabameli abaningi. Benza umsebenzi ebengizowenza ukube ngafundela ukuba ummeli. Nokho, abaningi abawujabuleli umsebenzi wabo. Isinqumo sokuphayona sangisiza ngagwema ukucindezelwa umsebenzi okhandlayo, sanginikeza ithuba lokuchitha iminyaka eminingi ngijabulela ukukhonza uJehova.”

9. Kungani intsha kufanele inconywe?

9 Intsha eningi emabandleni kuwo wonke umhlaba iyakufanelekela ukunconywa. Inamathela kuJehova futhi igxilisa ukuphila kwayo ekuphishekeleni imigomo engokwasezulwini. Intsha enjalo ijabulela ukuphila kuyilapho ifunda ukulandela iziqondiso zikaJehova kukho konke ekwenzayo. Lokhu kuhlanganisa imfundo, umsebenzi wokuziphilisa, nokuphila komndeni. USolomoni wabhala: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho . . . Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” (IzAga 3:5, 6) Intsha ebandleni lobuKristu iyigugu emehlweni kaJehova, uyithanda kakhulu, uyayivikela, ayiqondise futhi ayibusise.

KULUNGELE KAHLE UKUFAKAZA

10. (a) Kungani inkonzo kumelwe ibaluleke kakhulu ekuphileni kwethu? (b) Singaphumelela kanjani enkonzweni?

10 Osemusha ogxilisa ukuphila kwakhe ekujabuliseni uJehova uyinaka ngokukhethekile inkonzo. UJesu Kristu wathi: “Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.” (Marku 13:10) Ngenxa yokuthi umsebenzi wokushumayela uyaphuthuma, kumelwe ube yinto ebalulekile ekuphileni kwethu. Ungakwazi yini ukuzibekela umgomo wokushumayela isikhathi esengeziwe ensimini? Ungaphayona yini? Kuthiwani uma ungakujabuleli ukushumayela? Ungashumayela kanjani ngendlela ephumelelayo? Zimbili izinto ezizokusiza: Lungiselela kahle futhi ungayeki ukutshela abanye lokho okwaziyo. Kungase kukumangaze ukubona injabulo oyoyithola lapho ushumayela.

Uzilungiselela kanjani ukushumayela? (Bheka izigaba 11, 12)

11, 12. (a) Yini intsha engayenza ukuze izilungiselele ukufakaza? (b) Osemusha walisebenzisa kanjani ithuba lokufakaza esikoleni?

11 Ungaqala ngokuthola impendulo yombuzo ovame ukubuzwa ofunda nabo esikoleni, njengothi, “Kungani ukholelwa kuNkulunkulu?” Ku-jw.org kunezihloko ezihloselwe ukusiza intsha izitholele impendulo yalo mbuzo. Bheka ngaphansi kwesihloko esithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA. Lapho, uzothola isihloko esithi “Kungani Ngikholelwa KuNkulunkulu?” ekhasini lemisebenzi lentsha. Leli shadi lizokusiza uzitholele impendulo. LinemiBhalo emithathu ongayisebenzisa lapho uchaza lokho okukholelwayo—eyamaHebheru 3:4, eyabaseRoma 1:20 neHubo 139:14. Usebenzisa la mashadi ungalungiselela izimpendulo zemibuzo ehlukahlukene.​—Funda eyoku-1 Petru 3:15.

12 Lapho uthola ithuba, khuthaza ofunda nabo ukuba bangene ku-jw.org. Yilokho okwenziwa uLuca. Ekilasini kwakuxoxwa ngezinkolo ezihlukahlukene futhi uLuca waphawula ukuthi incwadi eyayisetshenziswa yayiqukethe imibono eyiphutha ngoFakazi BakaJehova. Nakuba ayengabaza, wacela imvume kuthisha ukuba alungise leyo mibono eyiphutha futhi uthisha wavuma. ULuca akagcinanga ngokuchaza izinkolelo zakhe kodwa wabonisa ikilasi lonke iwebhusayithi yethu. Uthisha watshela abafundi ukuba lapho befika emakhaya babukele ividiyo ethi Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela etholakala ngaphansi kwesihloko esithi Ukufunda Ngemidwebo. ULuca kwamjabulisa ukufakaza ekilasini.

13. Kungani kungafanele siyeke lapho sibhekana nezimo ezinzima?

13 Ungapheli amandla, ngisho noma indlela ohamba kuyo ingase ibe umqansa. (2 Thim. 4:2) Lapho kuvela ubunzima, namathela emigomweni yakho. UKatharina wayeneminyaka engu-17 lapho ekwenza umgomo wakhe ukushumayeza bonke abantu asebenza nabo. Omunye wesilisa ayesebenza naye wamthuka izikhathi eziningana, kodwa lokho akumenzanga wayeka ukushumayela. Ukuziphatha kwakhe okuhle lapho ebhekene nobunzima kwathinta uHans owayesebenza lapho. Ngenxa yalokho uHans wafunda izincwadi zethu, watadisha iBhayibheli futhi wabhapathizwa. UKatharina wathuthela kwenye indawo engazi lutho ngokwakwenzeka kuHans. Cabanga nje indlela ajabula ngayo lapho ngemva kweminyaka engu-13 ehlezi nomndeni wakhe eHholo LoMbuso kwethulwa uHans njengesikhulumi esihambele. Kuyajabulisa ngempela ukwazi kuthi uKatharina akazange awuyeke umgomo wakhe wokushumayeza abantu ayesebenza nabo.

UNGAPHAZANYISWA

14, 15. (a) Lapho icindezelwa ukuba yenze okuthile, yini okufanele intsha iyikhumbule? (b) Intsha ingakunqoba kanjani ukucindezela kontanga?

14 Kuze kube manje lesi sihloko sikukhuthaze ukuba ugxilise ukuphila kwakho ekukhonzeni uJehova. Lokhu kusho ukugxila emigomweni ekwenza usondelane noNkulunkulu. Enye intsha elingana nawe cishe igxile ekuzijabuliseni futhi kungenzeka ukuthi ifuna nawe wenze okufanayo. Kungekudala kuzodingeka ubonise ukuthi uzimisele ukunamathela ezinqumweni ozenzile. Ungaphazanyiswa ukucindezelwa ontanga yakho. Uma usesiteshini sebhasi esixoxe ngaso ekuqaleni, ubungeke ugibele ibhasi eliya noma kuphi ngenxa nje yokuthi abantu abakulo babonakala bejabulile.

15 Ziningana izindlela zokunqoba ukucindezela kontanga. Ngokwesibonelo, gwema izimo owaziyo ukuthi zingakulinga. (IzAga 22:3) Zikhumbuze ngemiphumela ebuhlungu yokuziphatha ngendlela embi. (Gal. 6:7) Okunye okungakusiza ukwamukela ukuthi uyasidinga iseluleko. Ukuthobeka kuyokusiza ukwazi ukulalela izeluleko zabazali bakho nezabantu abavuthiwe ebandleni.​—Funda eyoku-1 Petru 5:5, 6.

16. Chaza okwenzeka komunye umzalwane okubonisa izinzuzo zokuthobeka.

16 Ukuthobeka kwabangela ukuba uChristoph amukele iseluleko esihle. Enye intsha yamkhuthaza ukuba abe yingxenye yeqembu layo lezemidlalo. Wakhuluma ngalolu daba nomdala, owatshela uChristoph ukuba acabange ngezingozi ezikhona ngaphambi kokwenza isinqumo, njengengozi yokuhogela umoya wokuncintisana. Noma kunjalo, uChristoph wazihlanganisa naleli qembu. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, waqaphela ukuthi lo mdlalo wawunodlame futhi uyingozi. Waphinde wakhuluma nabadala abaningana, bonke abamnika iseluleko esingokomBhalo. Uthi: “UJehova wanginika abeluleki abahle, futhi ngamlalela ngisho noma kwathatha isikhathi.” Ingabe uthobeke ngokwanele ukuba wamukele iseluleko?

17, 18. (a) Yini uJehova ayifunela intsha namuhla? (b) Yini edabukisayo engenzeka lapho intsha isikhulile futhi ingakugwema kanjani lokho? Yisho isibonelo.

17 “Jabula, nsizwa [noma ntombi], ebusheni bakho, futhi inhliziyo yakho mayikwenzele okuhle ezinsukwini [zobusha] bakho.” (UmSh. 11:9) UJehova ufuna ujabule njengoba usemusha. Lesi sihloko siveze indlela ongajabula ngayo. Hlala ugxile emigomweni ekwenza usondele kuJehova, umenze abe yingxenye yezinhlelo zakho. Uma uqala ukwenza lokhu usemusha, uyoshesha ukuthola isiqondiso sikaJehova, isivikelo nesibusiso saKhe. Cabanga ngazo zonke izeluleko ezihlakaniphile ozithola eZwini likaNkulunkulu bese usebenzisa lesi seluleko: “Khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini [zobusha] bakho.”​—UmSh. 12:1.

18 Akekho umuntu ohlala emusha. Ngokushesha intsha iyakhula ibe abantu abadala. Kuyadabukisa ukusho ukuthi, lapho sebebadala, abaningi bayazisola ngokuphishekela imigomo engalungile lapho besebasha noma bayacindezeleka lapho becabanga ukuthi abazange babe nemigomo. Kodwa intsha namuhla egxila ekuphishekeleni imigomo engokwasezulwini ithola ukwaneliseka ngezinqumo eyazenza ngesikhathi isakhula. Yilokho okwenzeka kuMirjana, owayenekhono kwezemidlalo ngesikhathi esakhula. Wacelwa ukuba abe yingxenye ye-Winter Olympic Games kodwa wakhetha ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Sekuphele iminyaka engu-30 uMirjana esenkonzweni yesikhathi esigcwele kanye nomyeni wakhe. Uthi: “Udumo, ukuhlonishwa, amandla nengcebo konke kungokwesikhashana futhi kuyimigomo engazuzisi. Ukukhonza uNkulunkulu nokuzama ukusiza abantu bazi uNkulunkulu kuyimigomo ezuzisayo nehlala njalo.”

19. Yisho izinzuzo zokuhlala ugxile emigomweni ekwenza usondele kuJehova lapho usemusha.

19 Intsha ebandleni iyakufanelekela ukunconywa ngendlela ebhekana ngayo nezinselele nangendlela ezimisele ngayo ukugxilisa ukuphila kwayo ekukhonzeni uJehova. Intsha yenza lokhu ngokufinyelela imigomo engokwasezulwini nangokuwubeka kuqala umsebenzi wokushumayela. Ngaphezu kwalokho ihlala igxilile ukuze ingaphazanyiswa yileli zwe. Intsha ingaqiniseka ngokuthi ayizikhandleli ize. Abafowethu nodadewethu ababathandayo bayabasekela futhi lapho benamathela kuJehova ukuphila kwabo kuyaphumelela.