Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokuthola Inkululeko Yangempela

Indlela Yokuthola Inkululeko Yangempela

“Uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela.” —JOH. 8:36.

IZINGOMA: 65, 52

1, 2. (a) Yini eyenziwa abantu ukuze bathole inkululeko? (b) Ibe yini imiphumela yemizamo yabo?

NAMUHLA, kuningi okukhulunywayo ngokulingana kwabantu nenkululeko. Abantu emazweni amaningi omhlaba bafuna ukukhululeka ekucindezelweni, ekubandlululweni futhi bafuna ukuhlupheka kuphele. Abanye bafuna ngenkani ukuthola inkululeko yokukhuluma, yokukhetha neyokuzinqumela izinto. Kubonakala sengathi abantu yonke indawo bafisa ukwenza abakuthandayo nokuphila ngendlela abayithandayo.

2 Nokho, kuyindaba ehlukile ukufinyelela lezo zifiso. Emphakathini nakwezombusazwe abaningi bagcina sebebhikisha, bevukela baze ngisho baketule umbuso. Kodwa ingabe leyo mizamo iyayiletha imiphumela esuke ilindelwe? Leyo mizamo ngokuvamile ibangela izinhlekelele nokufa kwabantu. Konke lokhu kufakazela iqiniso eliphefumulelwe elalotshwa yiNkosi uSolomoni: ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’​—UmSh. 8:9.

3. Yini esingayenza ukuze sithole injabulo nokwaneliseka kwangempela?

3 Umfundi ongumKristu uJakobe waveza into ebalulekile engasisiza sithole injabulo nokwaneliseka. Wabhala: “Lowo obukisisa umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, . . . uyojabula lapho ewenza.” (Jak. 1:25) UJehova, onika umthetho ophelele, wazi kangcono ukuthi yini abantu abayidingayo ukuze bajabule ngokuphelele futhi baneliseke. Wanika indoda yokuqala nomkayo konke ababekudinga ukuze bajabule—kuhlanganise nenkululeko yangempela.

NGESIKHATHI ABANTU BEKHULULEKE NGEMPELA

4. Inkululeko enjani u-Adamu no-Eva ababenayo? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

4 Lapho sifunda izahluko ezimbili zokuqala zikaGenesise, sibona kalula ukuthi u-Adamu no-Eva babenenkululeko abantu namuhla abangagcina ngokuyifisa—babengasweli lutho, bengasabi lutho futhi bengahlukunyezwa muntu. U-Adamu no-Eva babekhululeke ngokuphelele ekukhathazekeni ngokudla, umsebenzi wokuziphilisa, ukugula nokufa. (Gen. 1:27-29; 2:8, 9, 15) Ingabe lokhu kusho ukuthi inkululeko u-Adamu no-Eva ababenayo yayiphelele? Ake sibone.

5. Ngokuphambene nalokho okucatshangwa yiningi, yini edingekayo ukuze abantu bajabulele inkululeko?

5 Abaningi namuhla bacabanga ukuthi ukuze bakhululeke ngempela kumelwe bakwazi ukwenza noma yini abayifunayo kungakhathaliseki ukuthi iyini imiphumela. I-World Book Encyclopedia ichaza inkululeko “njengekhono lokwenza izinqumo nokuphila ngokuvumelana nazo.” Nokho, iyanezela: “Ngokomthetho, abantu bakhululekile uma umphakathi ungabeki kubo imingcele engenabulungisa, engadingekile noma engenangqondo.” Lokho kusho ukuthi, imingcele ethile iyadingeka ukuze wonke umuntu emphakathini azuze enkululekweni ayinikiwe. Nawu umbuzo ophakamayo: Ubani onelungelo lokunquma ukuthi iyiphi imingcele elungile, edingekayo nefanele?

6. (a) Kungani kunguJehova kuphela onenkululeko ephelele? (b) Yiluphi uhlobo lwenkululeko abantu abangaba nalo futhi ngani?

6 Lapho kukhulunywa ngenkululeko, into ebalulekile okumelwe siyikhumbule ukuthi uJehova uNkulunkulu kuphela onalokho esingakubiza ngokuthi inkululeko ephelele nengenamingcele. Kungani? Ngoba unguMdali wazo zonke izinto futhi unguMbusi ongumninimandla onke ezulwini nasemhlabeni. (1 Thim. 1:17; IsAm. 4:11) Khumbula amazwi amahle ashiwo yiNkosi uDavide lapho ichaza indlela isikhundla sikaJehova esihluke nesiphakeme ngayo. (Funda eyoku-1 IziKronike 29:11, 12.) Empeleni, zonke izidalwa ezulwini nasemhlabeni zinenkululeko ngendlela elinganiselwe. Kumelwe ziqaphele ukuthi uJehova uNkulunkulu unegunya elingenamkhawulo lokusho ukuthi yini elungile nedingekayo nelokubeka imingcele efanele. Empeleni, yilokho uJehova uNkulunkulu akwenza kubantu kusukela ekuqaleni.

7. Yiziphi izinto esizenza ngokwemvelo ezenezela enjabulweni yethu?

7 Ngisho noma ekuqaleni u-Adamu no-Eva babenenkululeko ngezindlela eziningi, kwakunemingcele ababebekelwe yona. Eminye yayo yayingokwemvelo, noma kunjalo nayo kwakuyimingcele. Ngokwesibonelo, abazali bethu bokuqala babazi ukuthi ukuze baqhubeke bephila kwakudingeka baphefumule, badle, balale, njalo njalo. Ingabe ukwenza lezi zinto kwakubancisha inkululeko? Cha, ngoba uJehova waqikelela ukuthi ukwenza lezi zinto kubanika injabulo nokwaneliseka. (IHu. 104:14, 15; UmSh. 3:12, 13) Ubani ongeke akujabulele ukuhogela umoya ohlanzekile, ukudla ukudla okumnandi noma ukuvuka ekuseni ngemva kokuphumula kamnandi ebusuku? Siyakujabulela ukwenza lezi zinto eziyisidingo ngoba azisigqilazi futhi aziwona umthwalo. Ngokuqinisekile u-Adamu no-Eva babezizwa ngendlela efanayo.

8. Yisiphi isiqondiso uNkulunkulu asinika abazali bethu bokuqala futhi yayiyini injongo yalokho?

8 UJehova wayala ngokuqondile u-Adamu no-Eva ukuba bagcwalise umhlaba bawunakekele. (Gen. 1:28) Ingabe lesi siqondiso ngandlela thile sabathathela inkululeko yabo? Lutho neze! Kwakuyisiqondiso esanikwa abantu ukuze bakwazi ukuhlanganyela enjongweni yoMdali wabo—ukwenza umhlaba wonke ube yipharadesi ukuze kuphile kuwo phakade abantu abaphelele. (Isaya 45:18) Namuhla, akuphambene nentando kaJehova ukukhetha ukuhlala ungashadile noma ukushada kodwa ungabi nazo izingane. Noma kunjalo, iningi labantu liyashada futhi likhulise izingane naphezu kwezinselele ezilethwa yilokhu. (1 Kor. 7:36-38) Kungani? Ngenxa yokuthi, ngaphansi kwezimo ezivamile, ukwenza lokho kuyabajabulisa abantu futhi kubenza baneliseke. (IHu. 127:3) Ukujabulela umshado wabo nomndeni wabo phakade bekungalethela u-Adamu no-Eva intokozo enkulu ekuphileni.

INDLELA INKULULEKO YANGEMPELA EYALAHLEKA NGAYO

9. Kungani isiqondiso sikaNkulunkulu esitholakala kuGenesise 2:17 sinobulungisa, sidingeka futhi sibonisa ukucabangela?

9 UJehova wanika u-Adamu no-Eva esinye isiqondiso, esasinesijeziso esicacile uma siphulwa: “Ngokuqondene nomuthi wolwazi lokuhle nokubi ungadli kuwo, ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyokufa nokufa.” (Gen. 2:17) Ingabe lesi siqondiso sasingenabo ubulungisa, singadingekile futhi singabonisi ukucabangela? Ingabe saphuca u-Adamu no-Eva inkululeko yabo? Cha. Empeleni, izazi zeBhayibheli eziningi ziphawula ngokuhlakanipha kwalesi siqondiso. Ngokwesibonelo, esinye isazi sathi: “Isiqondiso sikaNkulunkulu [esikuGenesise 2:16, 17] sisitshela ukuthi uNkulunkulu kuphela owazi okulungele abantu futhi uNkulunkulu kuphela owazi okungabalimaza. Ukuze abantu bajabulele ‘okuhle,’ kumelwe bathembele kuNkulunkulu futhi bamlalele. Uma bengamlaleli, kuyodingeka bazinqumele bona ukuthi yini enhle nembi.” Lowo, umthwalo abantu abangeke bakwazi ukuzithwalela wona ngokuphumelelayo.

Isinqumo sika-Adamu no-Eva saholela enhlekeleleni! (Bheka izigaba 9-12)

10. Kungani kungafanele sifanise inkululeko yokuzikhethela nelungelo lokunquma okuhle nokubi?

10 Lapho befunda isiqondiso uJehova asinika u-Adamu, abaningi namuhla bangathi u-Adamu wathathelwa inkululeko yokwenza lokho akuthandayo. Ngokusho lokho, baphambanisa ukusebenzisa inkululeko yokuzikhethela nelungelo lokunquma phakathi kokuhle nokubi. U-Adamu no-Eva babenayo inkululeko yokukhetha ukuthi bazomlalela yini uNkulunkulu noma cha. Nokho, uJehova kuphela onelungelo lokunquma ngomqondo ophelele ukuthi yini enhle nembi, njengoba lokho kufanekiselwa ‘umuthi wolwazi lokuhle nokubi’ owawusensimini yase-Edene. (Gen. 2:9) Kumelwe sivume ukuthi akwenzeki ukuba sazi ngaso sonke isikhathi ukuthi izoba yini imiphumela yezinqumo zethu futhi ngeke sazi ukuthi kuzosihambela kahle yini. Yingakho sihlale sibona abantu benza izinqumo benezisusa ezinhle, bese lezo zinqumo zibaholela ekuhluphekeni, enhlekeleleni noma engozini. (IzAga 14:12) Ukulinganiselwa kwabantu kudlala indima enkulu. Ngalesi siqondiso, ngothando uJehova wafundisa u-Adamu no-Eva indlela yokusebenzisa inkululeko yangempela. Kanjani? U-Adamu no-Eva basabela kanjani?

11, 12. Kungani isinqumo sika-Adamu no-Eva saholela enhlekeleleni? Fanekisa.

11 Abazali bethu bakhetha ukungalaleli. U-Eva wehluleka ukumelana nesilingo sikaSathane esithi: “Amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” (Gen. 3:5) Ingabe isinqumo sika-Adamu no-Eva sabanika inkululeko enkudlwana ngandlela thile? Ngokudabukisayo, asizange. Isinqumo sabo asibanikanga lokho uSathane ayethe bazokuthola. Empeleni, ngokushesha bafunda ukuthi ukulahla isiqondiso sikaJehova nokuzilawula kuholela enhlekeleleni. (Gen. 3:16-19) Kungani? Ngenxa yokuthi uJehova akazange anikeze abantu inkululeko yokuzinqumela ukuthi yini enhle nembi.​—Funda izAga 20:24; Jeremiya 10:23.

12 Ukuze sikufanekise lokhu, cabanga ngomuntu oshayela indiza. Ukuze afike ngokuphephile lapho eya khona, ngokuvamile kumelwe alandele indlela egunyaziwe. Amathuluzi anamuhla aqondisa izindiza, avumela umuntu oshayela indiza ukuba athintane nabaqondisi bezindiza abasemhlabeni njengoba esemoyeni ukuze afike kahle endaweni aya kuyo. Nokho, umuntu oshayela indiza uma ekhetha ukungasinaki isiqondiso ahambe ngendlela ayithandayo, lokho kungaholela enhlekeleleni. Njengalowo muntu oshayela indiza, u-Adamu no-Eva babefuna ukwenza izinto ngendlela yabo. Basenqaba isiqondiso uNkulunkulu ayebanike sona. Yaba yini imiphumela? Kwaba nenhlekelele, bathola isono nokufa futhi lokho bakudlulisela nasenzalweni yabo. (Roma 5:12) Emizamweni yabo yokuzilawula, balahlekelwa inkululeko yangempela ababeyinikiwe.

INDLELA YOKUTHOLA INKULULEKO YANGEMPELA

13, 14. Singayithola kanjani inkululeko yangempela?

13 Abantu bangase bacabange ukuthi uma bekhululekile ezintweni eziningi bayophila kangcono, kodwa iqiniso liwukuthi ukuba nenkululeko engenamingcele kuhle, kubi. Kuyiqiniso ukuthi inkululeko iletha izinzuzo eziningi; kodwa kuyethusa ukucabanga ngezwe elingenayo nhlobo imithetho nemingcele. I-World Book Encyclopedia ithi: “Imithetho kuyo yonke imiphakathi ehlelekile yenza kube nokulingana okuhle phakathi kwenkululeko nemingcele ebekiwe ngendlela eyinkimbinkimbi.” Ngempela igama elithi “eyinkimbinkimbi” lifaneleka kahle. Cabanga nje ngenqwaba yemithetho ebhalwe umuntu, kanye nezinkulungwane zabameli namajaji adingekayo ukuze achaze le mithetho futhi ayisebenzise.

14 Ngakolunye uhlangothi, uJesu Kristu waveza indlela elula yokuthola inkululeko yangempela. Wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Joh. 8:31, 32) Isiqondiso sikaJesu sokuthola inkululeko yangempela sihilela izimfuneko ezimbili: Eyokuqala, yamukela iqiniso alifundisa, okwesibili, yiba umfundi. Ukwenza lokho kuyoholela enkululekweni yangempela. Kodwa yini le esikhululeka kuyo? UJesu wachaza: “Wonke umuntu ongumenzi wesono uyisigqila sesono. . . . uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela.”​—Joh. 8:34, 36.

15. Kungani inkululeko uJesu ayithembisa ingasenza ‘sikhululeke ngempela’?

15 Ngokucacile, inkululeko uJesu ayithembisa abafundi bakhe ingcono kakhulu kunenkululeko yomphakathi noma yezombusazwe efiswa abantu abaningi namuhla. Lapho uJesu ethi: “Uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela,” wayekhuluma ngokukhululeka ekugqilazekeni okukhulu abantu abake babhekana nakho—ukuba “yisigqila sesono.” Isono asigcini nje ngokubangela ukuba senze okubi kodwa singasenza siyeke ukwenza lokho esaziyo ukuthi kulungile noma siyeke ukuphila ngendlela efanele. Ngaleyo ndlela siyizigqila zesono futhi lokho kusenza sicindezeleke, sizwe ubuhlungu, sihlupheke bese ekugcineni sife. (Roma 6:23) Umphostoli uPawulu wabuzwa lobu buhlungu. (Funda eyabaseRoma 7:21-25.) Inkululeko yangempela efana naleyo u-Adamu no-Eva ababenayo siyoyithola kuphela lapho sesikhululekile esonweni.

16. Singakhululeka kanjani ngempela?

16 Amazwi kaJesu athi, “uma nihlala ezwini lami” abonisa ukuthi kunezimfuneko ezithile noma imingcele ebekiwe ukuze asikhulule. NjengamaKristu azinikezele, asisaziphileli thina futhi siye sakhetha ukulawulwa izimfundiso zikaKristu njengabafundi bakhe. (Math. 16:24) Njengoba uJesu athembisa, siyokhululeka ngempela lapho izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo sezisebenza kithi ngokugcwele.

17. (a) Yini ezokwenza ukuphila kwethu kube nenjongo yangempela futhi saneliseke? (b) Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

17 Ukulalela izimfundiso zikaJesu njengabafundi bakhe kuyokwenza ukuphila kwethu kube nenjongo yangempela futhi saneliseke. Lokhu kuyobe sekuvula ithuba lokukhululeka ngokuphelele ekugqilazweni isono nokufa. (Funda eyabaseRoma 8:1, 2, 20, 21.) Isihloko esilandelayo sizodingida indlela esingasebenzisa ngayo inkululeko esinayo manje ngokuhlakanipha ukuze sidumise phakade uJehova, uNkulunkulu wenkululeko yangempela.