Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Khuthazanani “Ikakhulu Njengoba Nibona Usuku Lusondela”

Khuthazanani “Ikakhulu Njengoba Nibona Usuku Lusondela”

“Masicabangelane . . . , sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”—HEB. 10:24, 25.

IZINGOMA: 121, 119

1. Kungani umphostoli uPawulu anxusa amaKristu angamaHebheru ngekhulu lokuqala ukuba akhuthazane ‘ikakhulu njengoba ebona usuku lusondela’?

KUNGANI kufanele sikhuthazane kakhulu kunanini ngaphambili? Umphostoli uPawulu usinikeza isizathu encwadini ayibhalela amaKristu angamaHebheru. Wathi: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Heb. 10:24, 25) Ingakapheli iminyaka emihlanu, amaKristu angamaJuda ayehlala eJerusalema, ayeyobona ukuthi ‘usuku lukaJehova’ lusondele futhi ayeyoluqaphela uphawu uJesu ayewanike lona lokubaleka kulelo dolobha. (IzE. 2:19, 20; Luka 21:20-22) Lolo suku lukaJehova lwafika ngo-70 C.E. lapho amaRoma ekhipha isahlulelo sikaJehova sokubhubhisa iJerusalema.

2. Kungani namuhla kufanele sikuphaphamele ukukhuthazana?

2 Namuhla, sinezizathu zokukholelwa ukuthi ‘usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo’ lusondele. (Joweli 2:11) Umprofethi uZefaniya wathi: “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze. Luseduze, lushesha kakhulu.” (Zef. 1:14) Lesi siprofetho esiyisixwayiso sisasebenza nasosukwini lwethu. Njengoba usuku lukaJehova lusondela, uPawulu uthi, “masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.” (Heb. 10:24) Ngakho, kufanele sibakhathalele nakakhulu abafowethu ukuze sikwazi ukubakhuthaza lapho kudingeka.

UBANI ODINGA UKUKHUTHAZWA?

3. Umphostoli uPawulu wathini ngokukhuthazana? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

3 “Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.” (IzAga 12:25) Lokhu kuyiqiniso kithi sonke. Sonke siyakudinga ukukhuthazwa. UPawulu wabonisa ukuthi ngisho nalabo abanomsebenzi wokukhuthaza abanye, bayakudinga ukukhuthazwa. Ebhalela amaKristu ahlala eRoma wathi: “Ngilangazelela ukunibona, ukuze ngidlulisele kini isipho esithile esingokomoya ukuze niqiniswe noma, kunalokho, ukuze kube khona ukukhuthazana phakathi kwenu, omunye nomunye ngokholo lomunye, kokubili olwenu nolwami.” (Roma 1:11, 12) Njengoba uPawulu ayekhuthaza abanye, naye ngezinye izikhathi wayedinga ukukhuthazwa.​—Funda eyabaseRoma 15:30-32.

4, 5. Ubani esingamkhuthaza namuhla futhi kungani?

4 Labo abaphila ukuphila kokuzidela kufanele banconywe. Abanye balaba, amaphayona akhonza ngokwethembeka. Abaningi baye badela okuningi ukuze bakwazi ukuphayona. Yilokho okuye kwenziwa yizithunywa zevangeli, abakhonza eBethel, abajikelezi nomkabo nalabo abakhonza emahhovisi okuhumusha. Bonke laba, bayazidela ukuze banikele ngesikhathi sabo enkonzweni engcwele. Ngakho kudingeka sibakhuthaze. Nalabo abathanda ukuqhubeka besenkonzweni yesikhathi esigcwele kodwa ngazizathu zimbe kuye kwadingeka bayeke, bayakujabulela ukukhuthazwa.

5 Abazalwane nodade abahlala bengashadile ngenxa yokuthi bafuna ukulalela isiqondiso sokushada “kuphela eNkosini” nabo bayakufanelekela ukukhuthazwa. (1 Kor. 7:39) Ngendlela efanayo, amakhosikazi asebenza kanzima ayajabula lapho ekhuthazwa abayeni bawo. (IzAga 31:28, 31) Ngokufanayo, amaKristu ahlala eqotho naphezu kokushushiswa noma ukugula ayakudinga ukukhuthazwa. (2 Thes. 1:3-5) UJehova noKristu bayaziduduza zonke lezi zinceku ezithembekile.​—Funda eyesi-2 Thesalonika 2:16, 17.

ABADALA BALWELA UKUBA YISIKHUTHAZO

6. Uyini umsebenzi wabadala njengoba uchazwe ku-Isaya 32:1, 2?

6 Funda u-Isaya 32:1, 2Esebenzisa abafowabo abagcotshiwe nabezinye izimvu abakhonza ‘njengezikhulu,’ uJesu Kristu ukhuthaza futhi aqondise abadikibele nabadangele kulesi sikhathi esiphila kuso. Laba bazalwane abawona “amakhosi” phezu kokholo lwethu kodwa ‘bayizisebenzi ezikanye nathi’ ukuze sijabule.​—2 Kor. 1:24.

7, 8. Ngaphezu kokusho amazwi ayisikhuthazo, abadala bangabakhuthaza kanjani abanye?

7 Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo okumelwe sisilingise. Wabhalela amaKristu ashushiswayo aseThesalonika wathi: “Sasinothando lomzwelo ngani, sakujabulela kakhulu ukungadluliseli kini nje kuphela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu, kodwa futhi nemiphefumulo yethu uqobo, ngoba nathandeka kithi.”​—1 Thes. 2:8.

8 Ebonisa ukuthi isikhuthazo sisodwa asanele, uPawulu wathi kubadala base-Efesu: “Kumelwe nisize ababuthakathaka, futhi kumelwe nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, lapho yona ngokwayo ithi, ‘Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.’” (IzE. 20:35) UPawulu wayengazimisele nje ukukhuthaza abafowabo kodwa wayekuthanda ‘nokusebenzisa konke ayenakho’ ngenxa yabo. (2 Kor. 12:15) Ngendlela efanayo, abadala akumelwe bagcine nje ngokukhuthaza nokududuza abafowabo ngamazwi kuphela, kodwa kumelwe babakhathalele.​—1 Kor. 14:3.

9. Abadala bangasinikeza kanjani iseluleko ngendlela ekhuthazayo?

9 Ukwakhana kungahlanganisa ukunika abanye iseluleko, kodwa lapho benza lokhu, abadala kufanele balandele isibonelo esiseBhayibhelini sokunikeza iseluleko ngendlela ekhuthazayo. UJesu wabeka sibonelo esivelele kulokhu ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe. Kwadingeka anikeze amabandla athile e-Asia Minor iseluleko esiqinile, kodwa phawula indlela asinikeza ngayo. Ngaphambi kokuba aweluleke, wawancoma amabandla ase-Efesu, ePhergamu naseThiyathira. (IsAm. 2:1-5, 12, 13, 19) Wathi ebandleni laseLawodikeya: “Bonke engibathandayo ngiyabasola ngibayale. Ngakho-ke shiseka, uphenduke.” (IsAm. 3:19) Abadala benza kahle ngokulingisa isibonelo sikaKristu lapho kudingeka beluleke othile.

AKUWONA UMTHWALO WABADALA KUPHELA

Bazali, ingabe niyaziqeqesha izingane zenu ukuba zikhuthaze abanye? (Bheka isigaba 10)

10. Singahlanganyela kanjani sonke ekwakhaneni?

10 Ukukhuthaza abanye akuwona umthwalo wabadala kuphela. UPawulu wakhuthaza wonke amaKristu ukuba akhulume “izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.” (Efe. 4:29) Ngamunye kithi kufanele akuphaphamele ukubona okudingwa abanye. UPawulu weluleka amaKristu angamaHebheru: “Qondisani izandla eziyethile namadolo abuthakathaka futhi niqhubeke nenzela izinyawo zenu izindlela eziqondileyo, ukuze lokho okulunyonga kungaphinyazeki, kodwa kunalokho kuphulukiswe.” (Heb. 12:12, 13) Sonke, kuhlanganise nabasebasha, singakhana ngamazwi akhuthazayo.

11. UMarthe wasizwa kanjani ngesikhathi ecindezelekile?

11 UMarthe, * udade owake wacindezeleka, uyabhala: “Ngolunye usuku ngithandazela isikhuthazo, ngahlangana nodade osekhulile owangibonisa uthando nomusa, okuyizinto engangizidinga ngaleso sikhathi. Wangixoxela nangezinto abhekana nazo, ezazifana novivinyo engangibhekene nalo, lokho kwangenza ngabona ukuthi angingedwa.” Kungenzeka ukuthi lo dade osekhulile akazange aqaphele ukuthi amazwi akhe ayemkhuthaze kangakanani uMarthe.

12, 13. Singasisebenzisa ngaziphi izindlela iseluleko esikweyabaseFilipi 2:1-4?

12 UPawulu wanika amalungu ebandla laseFilipi lesi sikhuthazo: “Uma kukhona noma yisiphi isikhuthazo kuKristu, noma iyiphi induduzo yothando, noma yikuphi ukuhlanganyela umoya, noma yiluphi uthando lomzwelo kanye nobubele yenzani injabulo yami igcwale ngokuba nomqondo ofanayo nothando olufanayo, njengoba nihlanganiswé ndawonye emphefumulweni, ninomcabango munye engqondweni, ningenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabakhulu kunani ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”​—Fil. 2:1-4.

13 Ngempela, sonke kufanele silwele ukukhathalela abanye, sibanike “induduzo yothando,” “ukuhlanganyela umoya,” “uthando lomzwelo kanye nobubele” ukuze sikhuthaze abafowethu nodadewethu.

IMITHOMBO YESIKHUTHAZO

14. Yini engaba umthombo wesikhuthazo?

14 Ukuzwa ngokwethembeka kwalabo esiye sabasiza esikhathini esidlule, kungaba umthombo wesikhuthazo njengoba kwakunjalo ngomphostoli uJohane owabhala: “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezi zinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami bayaqhubeka behamba eqinisweni.” (3 Joh. 4) Amaphayona amaningi angakufakazela ukuthi kukhuthaza ngempela ukuzwa ngokwethembeka kwabantu abaye babasiza baba amaKristu, mhlawumbe nokuzwa ukuthi nabo bayaphayona. Ukukhumbuza iphayona elidikibele ngayo yonke imisebenzi emihle eliyenzile esikhathini esidlule kungaliduduza ngempela.

15. Iyiphi indlela esingabakhuthaza ngayo labo abakhonza ngokwethembeka?

15 Abajikelezi abaningi baye baveza indlela abakhuthazeka ngayo, bona nomkabo, lapho bethola incwadi ebabonga ngokuhambela ibandla. Kungashiwo into efanayo nangabadala, izithunywa zevangeli, amaphayona nalabo abakhonza eBethel lapho bebongwa ngomsebenzi wabo abawenza ngokwethembeka.

INDLELA SONKE ESINGAKHUTHAZANA NGAYO

16. Yini ongayenza ukuze ukhuthaze umuntu?

16 Kungaba yiphutha ukukholelwa ukuthi asikwazi ukukhuthaza abanye ngenxa yokuthi asinalo ikhono lokukhuluma. Akukuningi okudingekayo ukuze sikhuthaze abanye—ukumomotheka nje kukodwa lapho sibingelela abanye kungabakhuthaza. Uma umuntu ombingelela umomotheka engamomotheki, kusho ukuthi kunenkinga, ngakho ukumlalela lowo muntu kungamduduza.​—Jak. 1:19.

17. Umzalwane osemusha wasizwa kanjani ngesikhathi ecindezelekile?

17 UHenri, umzalwane osemusha, wayecindezeleke kakhulu lapho izihlobo zakhe zishiya iqiniso—kuhlanganise noyise owayengumdala ohlonishwayo. UHenri wakhuthazwa umbonisi wesigodi owahamba naye waya esitolo sekhofi wamvumela ukuba amthululele isifuba. UHenri waqaphela ukuthi ukuphela kwendlela yokusiza umndeni wakubo ubuyele eqinisweni ukukhuthazela ngokwethembeka. Wakhuthazeka kakhulu lapho efunda iHubo 46; uZefaniya 3:17 noMarku 10:29, 30.

Sonke singakhana futhi sikhuthazane (Bheka isigaba 18)

18. (a) Yini eyashiwo yiNkosi uSolomoni? (b) Yini eyasikiselwa umphostoli uPawulu?

18 Isibonelo sikaMarthe noHenri sibonisa ukuthi singamkhuthaza umzalwane noma udade odinga isikhuthazo. INkosi uSolomoni yathi: “Yeka ukuthi lihle kanjani nezwi ngesikhathi salo esifanele! Ukukhanya kwamehlo kwenza inhliziyo ijabule; umbiko omuhle ukhuluphalisa amathambo.” (IzAga 15:23, 30) Ngaphezu kwalokho ukufunda INqabayokulinda noma izihloko eziku-jw.org kungamvuselela umuntu odangele. UPawulu ubonisa ukuthi ukuhlabelela izingoma zoMbuso ndawonye kungaba umthombo wesikhuthazo. Wabhala: “Qhubekani nifundisana futhi niyalana ngamahubo, ngezindumiso zikaNkulunkulu, ngezingoma ezingokomoya ngomusa, nihlabelelela uJehova ezinhliziyweni zenu.”—Kol. 3:16; IzE. 16:25.

19. Kungani ukukhuthazana kuzobaluleka nakakhulu njengoba usuku lukaJehova lusondela futhi yini okufanele siyenze?

19 Ukukhuthazana kuzobaluleka nakakhulu njengoba ‘sibona usuku lukaJehova lusondela.’ (Heb. 10:25) Kwangathi singenza lokho uPawulu akusho kumaKristu angosuku lwakhe: “Qhubekani niduduzana futhi nakhana, njengoba nje eqinisweni nenza.”​—1 Thes. 5:11.

^ isig. 11 Amagama ashintshiwe.