Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 16

Balalele, Ubazi Kangcono Futhi Ubabonise Uzwela Abanye

Balalele, Ubazi Kangcono Futhi Ubabonise Uzwela Abanye

“Yekani ukwahlulela ngokubonakala kwangaphandle, kodwa yahlulelani ngokwahlulela okulungileyo.”—JOH. 7:24.

INGOMA 101 Ukusebenza Ndawonye Ngobunye

AMAZWIBELA *

1. IBhayibheli liveza liphi iqiniso eliduduzayo ngoJehova?

UNGATHANDA yini abantu bakwahlulele ngenxa yebala lakho lesikhumba, indlela ubuso bakho obumi ngayo noma ukuthi umzimba wakho ungakanani? Cishe ngeke uthande. Ngakho, kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova akasahluleli ngalokho iso lomuntu elikubonayo! Ngokwesibonelo, lapho uSamuweli ebuka amadodana kaJese, akazange akubone lokho uJehova ayekubona. UJehova wayetshele uSamuweli ukuthi enye yamadodana kaJese yayizoba inkosi yakwa-Israyeli. Kodwa yiphi yona? Lapho uSamuweli ebona indodana kaJese endala u-Eliyabe, wathi, ‘Ngokuqinisekile ogcotshiweyo kaJehova [umi] phambi kwakhe.’ U-Eliyabe wayebukeka kahle kangangokuba uSamuweli wayecabanga ukuthi nguye ozokhethwa abe inkosi. “Kodwa uJehova wathi kuSamuweli: ‘Musa ukubheka ukubonakala kwakhe nokuphakama kwesiqu sakhe, ngoba ngimalile.’” Sifundani? UJehova waqhubeka wathi: “Umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.”—1 Sam. 16:1, 6, 7.

2. Njengoba kuboniswe encwadini kaJohane 7:24, kungani kungafanele sahlulele abanye ngokwendlela ababukeka ngayo? Fanekisa.

2 Njengabantu abanesono, sonke siyabahlulela abanye ngendlela ababukeka ngayo. (Funda uJohane 7:24.) Kodwa kuncane kakhulu esingakufunda ngomuntu ngokwalokho esikubona ngamehlo. Ukuze sifanekise, ngisho nodokotela ohlakaniphe kakhulu nongumakad’ ebona kuncane angakufunda ngesiguli ngokumane asibuke nje. Kudingeka asilalelisise uma efuna ukuthola ukuthi yiziphi izifo ezisiphathayo, indlela esizizwa ngayo ngokugula kwaso noma ukuthi yiziphi izimpawu zokugula esinazo. Udokotela angaze ngisho asihambise kwi-X-ray ukuze abona ingaphakathi laso. Uma engakwenzi lokhu, udokotela angase anike isiguli imithi engafanele. Ngendlela efanayo, asisoze sabaqonda ngokugcwele abafowethu nodadewethu ngokumane sibabuke nje. Kudingeka sizame ukuqonda uhlobo lwabantu abayilo. Kuyiqiniso ukuthi asikwazi ukufunda izinhliziyo, ngakho asisoze sabaqonda abanye njengoba uJehova ebaqonda. Kodwa singenza konke okusemandleni ethu ukuze silingise uJehova. Kanjani?

3. Izindaba eziseBhayibhelini okukhulunywa ngazo kulesi sihloko zizosisiza kanjani silingise uJehova?

3 UJehova ubaphatha kanjani abakhulekeli bakhe? Uyabalalela. Uyazicabangela izimo zabo nendlela abakhuliswe ngayo. Ubabonisa nozwela. Njengoba sifunda ngendlela uJehova akwenza ngayo lokhu kuJona, ku-Eliya, kuHagari nakuLoti, ake sibone ukuthi singamlingisa kanjani endleleni esiphatha ngayo abafowethu nodadewethu.

LALELISISA

4. Kungani singase sibe nemibono emibi ngoJona?

4 Ngenxa yokuthi akukuningi esikwaziyo ngesimo sikaJona, singase sicabange ukuthi wayengumuntu ongathembekile. Wathola umyalo oqondile kuJehova wokuyomemezela isahlulelo eNineve. Kunokuba alalele, uJona wagibela umkhumbi oya kwenye indawo ‘wasuka phambi kukaJehova.’ (Jona 1:1-3) Wawungamnika yini uJona elinye ithuba lokuba aphinde enze leso sabelo? Cishe wawungeke. Nokho, uJehova wabona izizathu zokuba amnike elinye ithuba.—Jona 3:1, 2.

5. Ufundani ngoJona emazwini akhe abhalwe kuJona 2:1, 2, 9?

5 Emthandazweni wakhe, uJona waveza uhlobo lomuntu ayeyilo ngempela. (Funda uJona 2:1, 2, 9.) Ngokungangabazeki, uJona wathandaza kuJehova izikhathi eziningi. Kulowo awusho ngesikhathi esesiswini senhlanzi usisiza siqonde ukuthi wayengeyona nje indoda eyabalekela isabelo sayo. Amazwi akhe abonisa ukuthi wayethobekile, engumuntu obongayo futhi ezimisele ukulalela uJehova. Ngakho akumangazi-ke ukuthi uJehova akazange agxile emaphutheni akhe. Kunalokho, wawuphendula umthandazo wakhe futhi waqhubeka emsebenzisa njengomprofethi!

Uma sithola yonke indaba, singakwazi ukuba nozwela nakakhulu (Bheka isigaba 6) *

6. Kungani kudingeka senze umzamo wokulalelisisa abanye?

6 Ukuze sibalalelisise abanye, kudingeka sithobeke futhi sibe nesineke. Kufanele sizame ukukwenza lokhu, okungenani ngenxa yezizathu ezintathu. Esokuqala, ngeke sisheshe sibe nemibono engemihle ngabanye. Esesibili, singayiqonda indlela abafowethu abazizwa ngayo kanye nezisusa zabo, lokho kuzosisiza sibazwele kakhudlwana. Kanti esesithathu, singase sisize umuntu afunde okuthile ngaye ngokwakhe. Ngezinye izikhathi asiyiqondi ngokugcwele indlela esizizwa ngayo kuze kube yilapho sesikhuluma nothile ngayo. (IzAga 20:5) Umdala wase-Asia uyavuma: “Ngikhumbula ngenza iphutha lokukhuluma ngaphambi kokuba ngilalele wonke amaqiniso. Ngatshela omunye udade ukuthi kufanele athi ukuthuthukisa izimpendulo zakhe emhlanganweni. Kamuva, ngathola ukuthi wayengakwazi ukufunda kahle futhi kudingeka azikhandle ukuze aphendule.” Akuve kubalulekile ukuba umdala ngamunye ayazi yonke “indaba” ngaphambi kokuba anikeze iseluleko!—IzAga 18:13.

7. Ufundani endleleni uJehova aphatha ngayo u-Eliya?

7 Abanye abafowethu nodadewethu kunzima ngabo ukuxoxa ngendlela abazizwa ngayo ngenxa yezinto ezenzeka esikhathini esidlule noma ngenxa yobuntu babo. Singenzenjani ukuze senze kube lula ukuthi basitshele indlela abazizwa ngayo? Uyayikhumbula indlela uJehova asebenzelana ngayo no-Eliya ngesikhathi ebalekela uJezebeli. Kwamthatha izinsuku eziningi u-Eliya ngaphambi kokuba atshele uYise osezulwini indlela azizwa ngayo. UJehova wamlalelisisa. Wabe esemkhuthaza futhi wamnika umsebenzi obalulekile okwakufanele awenze. (1 AmaKh. 19:1-18) Kungase kuthathe isikhathi ngaphambi kokuba abafowethu nodadewethu bazizwe bekhululekile ukuxoxa nathi. Kodwa uma silingisa uJehova ngokuba nesineke, ngokuhamba kwesikhathi bazosethemba bese besitshela indlela abazizwa ngayo. Ngakho lapho sebekulungele ukusixoxela, kufanele sibalalelisise.

BAZI KANGCONO ABAFOWENU NODADEWENU

8. Ngokwencwadi kaGenesise 16:7-13, uJehova wamsiza kanjani uHagari?

8 UHagari, incekukazi kaSarayi, wenza ngobuwula ngemva kokuba esengunkosikazi ka-Abrama. UHagari wakhulelwa futhi wabe eseqala ukudelela uSarayi, owayengenazo izingane. Isimo saba sibi kakhulu kangangokuba uSarayi wamxosha uHagari. (Gen. 16:4-6) Ngenxa yokuthi sinesono, singase sicabange ukuthi uHagari wayengowesifazane ononya odinga ukujeziswa. Kodwa uJehova akazange azizwe ngaleyo ndlela ngoHagari. Wathumela ingelosi yakhe kuye. Lapho imthola, yamsiza walungisa indlela ayecabanga ngayo futhi yambusisa. UHagari waphawula ukuthi uJehova wayembhekile futhi azi konke ngesimo sakhe. Wajabula waze wambiza ngokuthi “unguNkulunkulu obonayo, . . . ongibonayo.”—Funda uGenesise 16:7-13.

9. Yini eyenza uNkulunkulu wamphatha ngomusa uHagari?

9 UJehova wabonani kuHagari? Wayekuqonda kahle konke okwakwenzeke ekuphileni kwakhe nesimo ayebhekene naso. (IzAga 15:3) UHagari wayengumGibhithe ohlala emzini wamaHebheru. Ingabe ngezinye izikhathi wayezizwa sengathi akafunwa? Ingabe wayewukhumbula umndeni wakubo nendawo yakubo? Kwakungeyena kuphela inkosikazi ka-Abrama. Esikhathini esithile, amanye amadoda athembekile ayeba namakhosikazi angaphezu kweyodwa. Kodwa akukona lokho uJehova ayekuhlosile ekuqaleni. (Math. 19:4-6) Akumangazi-ke ukuthi lokhu kwakubangela izinkinga ezifana nomona nenzondo emndenini. UJehova wayazi ukuthi kwakungalungile ukuba uHagari adelele uSarayi. Kodwa futhi wayeyiqonda indlela uHagari ayezizwa ngayo nezimo ayebhekene nazo, ngakho wamphatha ngomusa.

Bazi kangcono abafowenu nodadewenu (Bheka izigaba 10-12) *

10. Singabazi kanjani kangcono abafowethu nodadewethu?

10 Singamlingisa uJehova ngokuzama ukubaqonda kangcono abafowethu nodadewethu. Bazi kangcono abafowenu nodadewenu. Xoxa nabo ngaphambi nangemva kwemihlangano, sebenza nabo ensimini futhi uma kungenzeka, bameme kwakho. Uma wenza kanjalo, ungathola ukuthi udade obonakala engenabo ubungane, empeleni unamahloni; umzalwane ocabanga ukuthi uthanda izinto, empeleni unesandla esivulekile; noma uthole ukuthi umndeni ovame ukufika sekwephuzile emihlanganweni ukhuthazelela ukuphikiswa. (Jobe 6:29) Yiqiniso ukuthi akufanele sibe “ogaxekile ezindabeni zabanye abantu.” (1 Thim. 5:13) Nokho, kuhle ukwazi okuthile ngabafowethu nodadewethu, sazi nalokho ababhekene nakho ekuphileni. Lokho kungasisiza sibazi kangcono.

11. Kungani kubalulekile ngabadala ukuba bazazi kahle izimvu?

11 Abadala ngokukhethekile kudingeka babazi kangcono abafowethu nodadewethu ebandleni. Cabanga ngesibonelo sikamfoweth’ u-Artur owayengumbonisi wesigodi. Yena nomunye umdala bavakashela omunye udade owayebonakala enamahloni. U-Artur uthi: “Sathola ukuthi washonelwa umyeni wakhe ngemva nje kokuba beshadile. Nakuba ayenezinkinga, wakwazi ukufundisa amadodakazi akhe amabili ukuthanda uJehova futhi aba izikhonzi zakhe ezithembekile. Kodwa manje wayengasaboni kahle futhi ecindezelekile. Noma kunjalo, umthanda kakhulu uJehova futhi nokholo lwakhe luqinile. Saphawula ukuthi kwakukuningi okwakufanele sikufunde esibonelweni sakhe esihle.” (Fil. 2:3) Lo mbonisi wesigodi wayelingisa isibonelo sikaJehova. UJehova uyazazi izimvu zakhe ezithembekile nobuhlungu ezibuzwayo. (Eks. 3:7) Abadala abaziqonda kahle izimvu basemathubeni amahle okuzisiza.

12. Udade Yip Yee wazuza kanjani ngokwazi kangcono omunye udade osebandleni akulo?

12 Lapho uzama ukwazi kangcono umzalwane noma udade ocabanga ukuthi unesicefe, cishe uyokwazi ukumbonisa uzwela. Cabanga ngalesi sibonelo. UYip Yee ohlala e-Asia uthi, “Kunodade ebandleni engikulo owayememeza lapho ekhuluma. Ngangicabanga ukuthi akanayo inhlonipho. Kodwa lapho ngisebenza naye ensimini, ngathola ukuthi wayevame ukusiza abazali bakhe badayise ofishi emakethe. Kwakufanele amemeze ukuze adonse abathengi.” UYip Yee uyanezela: “Ngafunda ukuthi ukuze ngibaqonde abafowethu nodadewethu, kudingeka ngibazi kangcono.” Kudinga umzamo ukubazi kangcono abafowenu. Noma kunjalo, lapho ulandela iseluleko seBhayibheli uvule inhliziyo yakho, ulingisa uJehova othanda “zonke izinhlobo zabantu.”—1 Thim. 2:3, 4; 2 Kor. 6:11-13.

BONISA UZWELA

13. Njengoba kuboniswe encwadini kaGenesise 19:15, 16, yini izingelosi ezayenza ngesikhathi uLoti elokhu elibala, futhi kungani?

13 Esikhathini esibucayi ekuphileni kwakhe, uLoti wephuza ukulalela iziqondiso zikaJehova. Izingelosi ezimbili zafika kuLoti futhi zamtshela ukuthi akhiphe umndeni wakhe eSodoma. Kungani? Zathi: ‘Sizoyichitha le ndawo.’ (Gen. 19:12, 13) Ngakusasa ekuseni, uLoti nomndeni wakhe babesahleli emzini wabo. Ngakho izingelosi zaphinde zamxwayisa uLoti. Kodwa ‘wayelokhu elibala.’ Singase sicabange ukuthi uLoti wayengenandaba nalokho uJehova ayemtshele kona noma wayengalaleli ngisho nokulalela. Nokho, uJehova akazange ayeke ukuzama ukumsindisa. “Ngobubele bukaJehova obabuphezu kwakhe,” izingelosi zababamba ngesandla futhi zabakhiphela ngaphandle kwedolobha.—Funda uGenesise 19:15, 16.

14. Yini okungenzeka yenza uJehova waba nozwela ngoLoti?

14 Kungenzeka ziningi izizathu ezenza uJehova waba nozwela ngoLoti. Mhlawumbe akazange asheshe aphume emzini wakhe ngenxa yokuthi wayesaba abantu ababengaphandle kwedolobha. Kunezinye izinto ezaziyingozi. Kungenzeka uLoti wayewazi amakhosi amabili ayewele emgodini webitume, owawusesigodini esiseduze. (Gen. 14:8-12) Njengomyeni nobaba, kumelwe ukuba wayekhathazekile ngomndeni wakhe. Ngaphezu kwalokho, uLoti wayecebile, ngakho kungenzeka wayenomuzi kanokusho eSodoma. (Gen. 13:5, 6) Kunoma yikuphi, zonke lezo zinto zazingezona izizathu ezinhle zokuba angamlaleli ngokushesha uJehova. Nokho, uJehova akazange agxile emaphutheni kaLoti futhi wambheka ‘njengomuntu olungile.’—2 Pet. 2:7, 8.

Lapho silalela abanye, singayiqonda indlela esingababonisa ngayo uzwela (Bheka izigaba 15-16) *

15. Kunokuba sigxeke izinto ezenziwa othile, yini okufanele siyenze?

15 Kunokuba ugxeke izinto ezenziwa othile, zama ukuqonda indlela azizwa ngayo. Yilokho uVeronica, udade waseYuropu, azama ukukwenza. Uthi, “Omunye udade wayehlale ebonakala sengathi ucasukile. Wayehlale engunkom’ idla yodwa. Ngezinye izikhathi ngangesaba ukumkhulumisa. Kodwa ngacabanga, ‘Ukube bengisesimweni esifana nesakhe, bengizomdinga umngane.’ Ngakho nganquma ukumbuza ukuthi wayezizwa kanjani. Waqala ukuthulula isifuba sakhe futhi wangitshela indlela ayezizwa ngayo! Manje kuningi esengikuqonda ngaye.”

16. Kungani kufanele sikuthandazele ukuba nozwela?

16 Umuntu osiqonda kangcono uJehova kuphela. (IzAga 15:11) Ngakho mcele akusize ubheke abanye ngendlela yena ababheka ngayo futhi akusize ubone ukuthi ungababonisa kanjani uzwela. Umthandazo wasiza omunye udade okuthiwa u-Anzhela ukuba abonise abanye uzwela kakhudlwana. Omunye udade ebandleni akulo wayengangeneki. U-Anzhela uyavuma: “Kwakungabalula ukumgxeka lowo dade futhi ngingafuni lutho oluzongihlanganisa naye. Kodwa ngacela uJehova ukuba angisize ngizwelane naye.” Ingabe uJehova wawuphendula umthandazo ka-Anzhela? Uma eqhubeka, uthi: “Saya ensimini ndawonye futhi ngemva kwalokho kwaphela amahora sixoxa. Ngamlalela ngozwela. Manje sengimthanda kakhulu futhi ngizimisele ukumsiza.”

17. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

17 Asikwazi ukuzikhethela ukuthi ibaphi abazalwane noma odade okufanele sibabonise uzwela. Bonke abafowethu bayabhekana nezinkinga njengoba kwakunjalo ngoJona, u-Eliya, uHagari noLoti. Ezimweni eziningi, yibo abasuke bezifake kulezo zinkinga. Iqiniso liwukuthi ngezinye izikhathi sonke siyazifaka obishini. Ngakho, kunengqondo ukuthi uJehova asicele ukuba sibonisane uzwela. (1 Pet. 3:8) Lapho silalela uJehova, siqinisa ubunye obumangalisayo bomndeni wethu womhlaba wonke. Ngakho masizimisele ukulalela abafowethu nodadewethu, sibazi kangcono futhi sibabonise uzwela.

INGOMA 87 Wozani! Niqabuleke

^ par. 5 Njengabantu abanesono, sivame ukushesha ukuba nemibono ethile ngabantu kanye nezisusa zabo. Ngakolunye uhlangothi, uJehova “ubona lokho inhliziyo eyikho.” (1 Sam. 16:7) Kulesi sihloko sizoxoxa ngendlela aphatha ngayo uJona, u-Eliya, uHagari noLoti. Lesi sihloko sizosisiza silingise uJehova endleleni esiphatha ngayo abafowethu nodadewethu.

^ par. 52 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane osekhulile ucasulwa ukuthi umzalwane osemusha ufika sekwephuzile emihlanganweni kodwa kamuva uthola ukuthi into emenze wafika sekwephuzile ukuthi ube sengozini yemoto.

^ par. 54 INCAZELO YEZITHOMBE:: Nakuba umbonisi weqembu ekuqaleni ayecabanga ukuthi lo dade ungunkom’idla yodwa, kamuva wathola ukuthi wayemane nje enamahloni futhi engakhululeki uma enabantu angabajwayele.

^ par. 56 INCAZELO YEZITHOMBE:: Lapho udade echitha isikhathi sakhe ukuze abe nalo omunye udade, waqaphela ukuthi akukona ukuthi lo dade wayengenendaba nabanye njengoba ayecabanga kanjalo ngesikhathi beqala ukuhlangana eHholo loMbuso.