Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 18

‘Gijima Uze Uyoqeda’

‘Gijima Uze Uyoqeda’

“Ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda.”—2 THIM. 4:7.

INGOMA 129 Masiqhubeke Sikhuthazela

AMAZWIBELA *

1. Yini okumelwe sonke siyenze?

UNGAFISA yini ukugijima emncintiswaneni owazi kahle ukuthi unzima, ikakhulu uma ugula noma ukhathele? Cishe ubungeke. Nokho, umphostoli uPawulu wathi wonke amaKristu eqiniso asemncintiswaneni. (Heb. 12:1) Sonke, kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala, sinamandla noma sikhathele, kumelwe sikhuthazele kuze kube sekupheleni uma sifuna ukuthola umklomelo uJehova asithembise wona.—Math. 24:13.

2. Njengoba kuboniswe kweyesi-2 Thimothewu 4:7, 8, kungani uPawulu ayenenkululeko yokusho la mazwi?

2 UPawulu wayenenkululeko yokukhuluma ngenxa yokuthi ‘wayesegijimile waze wayoqeda.’ (Funda eyesi-2 Thimothewu 4:7, 8.) Kodwa yimuphi ngokuqondile lo mncintiswano uPawulu ayekhuluma ngawo?

UMNCINTISWANO UPAWULU AYEKHULUMA NGAWO

3. Yimuphi umncintiswano uPawulu ayekhuluma ngawo?

3 Ngezinye izikhathi uPawulu wayebhala ngezinto ezazenziwa emidlalweni eyayiba seGrisi ukuze afundise izifundo ezibalulekile. (1 Kor. 9:25-27; 2 Thim. 2:5) Ezimweni eziningi, wafanisa ukuphila komKristu nokugijima emncintiswaneni. (1 Kor. 9:24; Gal. 2:2; Fil. 2:16) Umuntu uqala ukugijima kulo ‘mncintiswano’ lapho ezinikezela kuJehova futhi ebhapathizwa. (1 Pet. 3:21) Unqamula intambo lapho uJehova emnika umklomelo wokuphila okuphakade.—Math. 25:31-34, 46; 2 Thim. 4:8.

4. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

4 Yikuphi ukufana okukhona phakathi komncintiswano wokugijima ibanga elide nokuphila komKristu? Zikhona izinto ezimbalwa ezifanayo. Ake sixoxe ngezintathu. Okokuqala, kudingeka sigijime silandela indlela efanele; okwesibili, kumelwe sigxile ekufikeni entanjeni; okwesithathu, kufanele sinqobe izinkinga eziphakama ngendlela.

GIJIMA ULANDELA INDLELA EFANELE

Sonke kumelwe sigijime silandela indlela amaKristu okufanele aphile ngayo (Bheka izigaba 5-7) *

5. Iyiphi indlela okumelwe siyilandele, futhi kungani?

5 Ukuze bathole umklomelo emncintiswaneni wangempela, abagijimi kumelwe bagijime belandela indlela ekhethwe abahleli bomncintiswano. Ngendlela efanayo, uma sifuna ukuthola umklomelo wokuphila okuphakade, kumelwe silandele indlela amaKristu okufanele aphile ngayo. (IzE. 20:24; 1 Pet. 2:21) Nokho, uSathane nabalandeli bakhe bafuna senze okuhlukile; bafuna ‘siqhubeke sigijima nabo.’ (1 Pet. 4:4) Bahlekisa ngendlela esiphila ngayo, bathi indlela abayilandelayo ingcono futhi iholela enkululekweni. Kodwa baqamba amanga aluhlaza cwe.—2 Pet. 2:19.

6. Yini oyifunda esibonelweni sikaBrian?

6 Noma ubani ogijima nalabo abathonywe izwe likaSathane usheshe azibonele ukuthi indlela abayikhethile ayiholeli enkululekweni, kunalokho iholela ebugqilini. (Roma 6:16) Cabanga ngesibonelo sikaBrian. Abazali bakhe bamkhuthaza ukuba alandele indlela umKristu okufanele aphile ngayo. Kodwa ngesikhathi esamusha, wakungabaza ukuthi leyo ndlela yayizomjabulisa. UBrian wanquma ukugijima nalabo abaphila ngendlela efunwa uSathane. Uthi, “Ngangingaqapheli ukuthi lokho okubizwa ngokuthi inkululeko kwakuyongiholela ekubeni umlutha wezinto eziningi. Ngokuhamba kwesikhathi, ngadla izidakamizwa, ngaphuza utshwala futhi ngaziphatha kabi. Eminyakeni eyalandela ngaqhubeka ngidla izidakamizwa ezinamandla kakhudlwana futhi ngaba isigqila sazo. . . . ngaqala nokuzidayisa ukuze ngikwazi ukuqhubeka nale mpilo engangiyiphila.” Ngokuhamba kwesikhathi, uBrian wanquma ukuphila ngemithetho kaJehova. Washintsha indlela ayegijima kuyo futhi wabhapathizwa ngo-2001. Manje usejabule ngempela ngoba usegijima endleleni amaKristu okufanele agijime kuyo. *

7. Ngokwencwadi kaMathewu 7:13, 14, iziphi izindlela ezimbili ezibekwe phambi kwethu?

7 Kubaluleke ngempela ukuba sikhethe ukulandela indlela efanele! USathane ufuna sonke siyeke ukugijima endleleni enyinyekile “eholela ekuphileni,” kodwa siwelele endleleni evulekile abantu abaningi kuleli zwe abahamba ngayo. Leyo ndlela idumile futhi kalula ukuhamba kuyo. Kodwa ‘iholela ekubhujisweni.’ (Funda uMathewu 7:13, 14.) Ukuze sihlale endleleni efanele futhi singaphazamiseki, kumelwe sithembele kuJehova futhi simlalele.

HLALA UGXILILE FUTHI UGWEME UKUKHUBEKA

Kufanele sihlale sigxilile futhi sigweme ukukhuba abanye (Bheka izigaba 8-12) *

8. Uma umgijimi ekhubeka, yini ayenzayo?

8 Abagijimi bomncintiswano webanga elide ngokushesha nje bagxilisa amehlo abo endleleni abagijima kuyo ukuze bangakhubeki bawe. Nokho, bangase bakhutshwe ngephutha omunye umgijimi noma banyathele emgodini. Uma kwenzeka bewa, bayavuka bazithathe baqhubeke nokugijima. Abagxili ekutheni ubani noma yini ebakhubile, kodwa bagxila ekufikeni entanjeni futhi bathole umklomelo abathenjiswe wona.

9. Uma sikhubeka, yini okufanele siyenze?

9 Emncintiswaneni esikuwo, singase sikhubeke izikhathi eziningi, senze amaphutha kwesikushoyo noma kwesikwenzayo. Noma abafowethu esigijima nabo bangase benze amaphutha asizwisa ubuhlungu. Kufanele sikulindele lokho. Sonke sinesono futhi sonke sigijima endleleni enyinyekile eya ekuphileni. Ngakho ngezinye izikhathi sizogudluzana. UPawulu wavuma ukuthi ngezinye izikhathi siyoba “nesizathu sokukhononda ngomunye.” (Kol. 3:13) Kodwa kunokugxila ekutheni ubani noma yini esikhubile, asigxile emklomelweni esizowuthola. Uma kwenzeka sikhubeka, masivuke sizithathe futhi siqhubeke nokugijima. Uma sithukuthela futhi sicasuka, singafuni nokuvuka ukuze siqhubeke sikhonza uJehova, ngeke sifike entanjeni futhi ngeke siwuthole umklomelo. Ngaphezu kwalokho, singase sivimbe nabanye abazama ukugijima kule ndlela enyinyekile eya ekuphileni.

10. Singakugwema kanjani ukuba “isikhubekiso” kwabanye?

10 Enye indlela esingagwema ngayo ukuba “isikhubekiso” kubafowethu esigijima nabo iwukubavumela benze izinto ngendlela yabo kunokufuna ukuba bona benze ngendlela yethu. (Roma 14:13, 19-21; 1 Kor. 8:9, 13) Kulokhu, asifani nabagijimi abasemncintiswaneni wangempela. Bancintisana nabanye abagijimi futhi umgijimi ngamunye ulwa kanzima ukuze azitholele yena umklomelo. Labo bagijimi bazicabangela bona. Ngakho bangase bazame ukubagudluzela eceleni abanye abagijimi ukuze bona babe phambili. Ngokungafani nabo, thina asincintisani nabafowethu. (Gal. 5:26; 6:4) Umgomo wethu uwukusiza abantu abaningi uma kungenzeka ukuba bafike nathi entanjeni futhi bathole umklomelo wokuphila okuphakade. Ngakho sizama ukusebenzisa iseluleko sikaPawulu ‘sokungakhathaleli nje kuphela izindaba zethu siqu, kodwa futhi sikhathalele nezabanye.’—Fil. 2:4.

11. Yini umgijimi agxila kuyo, futhi kungani?

11 Ngaphezu kokugxilisa amehlo abo endleleni abagijima kuyo, abagijimi abasemncintiswaneni wangempela bagxila ekufikeni entanjeni. Ngisho noma bengayiboni intambo okufanele bafike kuyo, bayazibona ngeso lengqondo sebefika kuyo futhi bethola umklomelo. Into ebakhuthaza ukuba baqhubeke begijima ukulokhu becabanga ngomklomelo.

12. Yini uJehova asinike yona ngomusa?

12 Emncintiswaneni esigijima kuwo, uJehova uye waqinisekisa abantu bakhe ukuthi uyobanika umvuzo lapho bewuqeda—ukuphila okuphakade ezulwini noma emhlabeni oyipharadesi. IBhayibheli liyasinikeza amazwibela alowo mvuzo ukuze sikwazi ukubona ngeso lengqondo ukuthi kuyoba mnandi kanjani ukuphila ngaleso sikhathi. Lapho siqhubeka sicabanga ngekusasa uJehova asithembise lona, siyozimisela nakakhulu ukuqhubeka sikhuthazela.

QHUBEKA UGIJIMA NAPHEZU KWEZINKINGA

Sifuna ukuqhubeka sigijima kulo mncintiswano wokuphila nakuba sibhekana nezinkinga (Bheka izigaba 13-20) *

13. Yini esinayo abagijimi bangempela abangenayo?

13 Abagijimi ababegijima emidlalweni yamaGreki kwakudingeka banqobe izinkinga ezinjengokukhathala nezinhlungu. Kodwa okuwukuphela kwezinto ababethembela kuzo kwakuwukuqeqeshwa ababekuthola namandla abo. Njengalabo bagijimi, nathi siyaqeqeshwa ukuze sikwazi ukugijima kulo mncintiswano esikuwo. Kodwa kunokuthile esinakho bona ababengenakho. Sinomthombo wamandla angapheli angasisiza. Uma sithembela kuJehova, akagcini ngokusithembisa ukuthi uzosiqeqesha nje kuphela kodwa uyosenza sibe namandla!—1 Pet. 5:10.

14. Eyesi-2 Korinte 12:9, 10, isisiza kanjani sibhekane nezinkinga?

14 UPawulu wabhekana nezinkinga eziningi. Ngaphezu kokuhlanjalazwa nokushushiswa, ngezinye izikhathi wayephelelwa amandla futhi kwadingeka alwe nenkinga ayibiza ngokuthi “iva enyameni.” (2 Kor. 12:7) Kodwa kunokuba abheke lezo zinkinga njengesizathu sokuyeka ukukhonza uJehova, wazibheka njengethuba lokuncika nakakhulu kuJehova. (Funda eyesi-2 Korinte 12:9, 10.) Ngenxa yokuthi uPawulu wayenalesi simo sengqondo, uJehova wamsiza wakwazi ukuzikhuthazelela zonke lezi zinkinga.

15. Yini ezokwenzeka uma silingisa uPawulu?

15 Nathi singase sihlanjalazwe noma sishushiswe ngenxa yokukhonza uJehova. Singase sikhuthazelele ukugula noma ukutubeka komzimba. Kodwa uma silingisa isibonelo sikaPawulu, zonke lezo zinkinga ziyoba ithuba elikahle lokubona indlela uJehova asisekela ngayo ngothando.

16. Uma usukhulile noma ugula, yini ongase ukwazi ukuyenza?

16 Ingabe awusakwazi ukuvuka embhedeni noma uhamba ngesihlalo sabakhubazekile? Ingabe unenkinga yamadolo aqaqambayo futhi awusaboni kahle emehlweni? Uma kunjalo, ungakwazi yini ukugijima nalabo abasebasha nabayimiqemane? Yebo ungakwazi! Abantu abaningi asebekhulile nabagulayo bayagijima endleleni eya ekuphileni. Abakwazi ukukwenza lokhu ngamandla abo. Kunalokho, bathola amandla kaJehova ngokulalela imihlangano yobuKristu ngocingo noma babukele eqoshiwe. Babuye bashumayeze odokotela, onesi nezihlobo zabo.

17. UJehova uzizwa kanjani ngalabo abangaphilile kahle emzimbeni?

17 Uma uhluleka ukwenza konke ofisa ukukwenzela uJehova, ungadikibali ucabange ukuthi ngeke usakwazi ukuqhubeka ugijima endleleni eya ekuphileni. UJehova uyakuthanda ngenxa yokholo lwakho, nazo zonke izinto ezinhle omenzele zona kuyo yonke le minyaka. Manje udinga usizo lwakhe kakhulu kunakuqala futhi ngeke akulahle. (IHu. 9:10) Kunalokho, uzosondela nakakhulu kuwe. Phawula lokho okwashiwo omunye udade onenkinga yempilo: “Njengoba izinkinga zempilo zanda, ngithole ukuthi amathuba okushumayela kubantu ayancipha. Kodwa ngiyazi ukuthi lokho okuncane nje engikwazi ukukwenza kuyamjabulisa uJehova, lokho nami kuyangijabulisa.” Uma uzizwa ucindezelekile, khumbula ukuthi awuwedwa. Cabanga ngesibonelo sikaPawulu futhi ukhumbule amazwi akhuthazayo awasho: “Ngiyajabula ngobuthakathaka, . . . ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.”—2 Kor. 12:10.

18. Iyiphi inkinga enkulu abanye ababhekana nayo?

18 Abanye abagijima endleleni eya ekuphileni babhekana nenye inkinga. Bakhuthazelela izinkinga abanye abantu abangaziboni futhi abangaziqondi. Ngokwesibonelo, babhekene nenkinga yokucindezeleka noma yokukhathazeka okubaqeda amandla. Kungani lezi zinceku zikaJehova ezithandekayo zisenkingeni kangaka? Yingoba uma umuntu ephuke ingalo noma ehamba ngesihlalo sabakhubazekile, wonke umuntu uyakwazi ukubona inkinga akuyo bese kuba lula ukuba bamsize. Nokho, labo abalwa nokucindezeleka noma abaphazamisekile engqondweni bangase bangabonisi ukuthi banenkinga ebadlayo ngaphakathi. Usizi ababhekene nalo luyafana nosizi umuntu ophuke ingalo noma umlenze abhekene nalo. Kodwa ngenxa yokuthi abanye ababuboni ubuhlungu ababuzwayo, bangase bangabanaki futhi bangababonisi uthando nozwela abaludingayo.

19. Yini esiyifunda esibonelweni sikaMefibhosheti?

19 Uma kunezinto ongasakwazi ukuzenza futhi unomuzwa wokuthi abanye abakuqondi kahle, kungase kukukhuthaze ukucabanga ngesibonelo sikaMefibhosheti. (2 Sam. 4:4) Wayekhubazekile futhi wahlulelwa kabi iNkosi uDavide. Lezi zinto ezenzeka ekuphileni kwakhe azenzekanga ngenxa yakhe. Noma kunjalo, akazange athukuthele; kunalokho wayezazisa zonke izinto ezinhle ezazenzeka ekuphileni kwakhe. Wayebonga ngomusa uDavide ayembonise wona esikhathini esidlule. (2 Sam. 9:6-10) Ngakho ngesikhathi iNkosi uDavide imahlulela kabi, uMefibhosheti wazama ukuqonda konke okwakuhilelekile. Akalivumelanga iphutha likaDavide limphuce injabulo. Akazange asole uJehova ngalokho okwenziwa uDavide. UMefibhosheti wagxila kulokho ayengakwenza ukuze asekele inkosi eyayigcotshwe uJehova. (2 Sam. 16:1-4; 19:24-30) UJehova wabhala lesi sibonelo esihle sikaMefibhosheti eBhayibhelini ukuze sizuze kuso.—Roma 15:4.

20. Ukukhathazeka kungasithinta kanjani, kodwa yini esingaqiniseka ngayo?

20 Ngenxa yokukhathazeka ngokweqile, abanye abafowethu nodadewethu banovalo futhi bayazenyeza lapho benabanye abantu. Kungase kube nzima ukuba sendaweni enabantu abaningi, kodwa bayaqhubeka beya emihlanganweni yebandla, yesigodi neyesifunda. Kunzima ukuxoxa nabantu abangabazi, kodwa bayaqhubeka beshumayela. Uma kunjalo nakuwe, qiniseka ngokuthi awuwedwa. Abantu abaningi babhekene nomshikashika ofanayo. Khumbula ukuthi uJehova uyajabula ngokuzikhandla okwenzayo. Njengoba ungakaliphonsi ithawula, lokho kuwubufakazi bokuthi uyakubusisa futhi uyakunika amandla owadingayo. * (Fil. 4:6, 7; 1 Pet. 5:7) Uma ukhonza uJehova nakuba unezinkinga zempilo noma ucindezelekile, ungaqiniseka ngokuthi uyamjabulisa.

21. Ngosizo lukaJehova, yini sonke esizokwazi ukuyenza?

21 Kuyasijabulisa ukwazi ukuthi ziningi izinto ezingafani phakathi komncintiswano wangempela nalona uPawulu akhuluma ngawo. Emncintiswaneni wangezikhathi zeBhayibheli, umklomelo wawutholwa umuntu oyedwa kuphela. Ngokungafani nawo, wonke umuntu okhuthazela ngokwethembeka endleleni amaKristu okufanele aphile ngayo uzothola umvuzo wokuphila phakade. (Joh. 3:16) Emncintiswaneni wangempela, bonke abagijimi kumele babe imiqemane, kungenjalo ayoba mancane amathuba okuwunqoba. Ngakolunye uhlangothi, abaningi kithi abayona imiqemane, kodwa siyakhuthazela. (2 Kor. 4:16) Ngosizo lukaJehova, sonke sizogijima kulo mncintiswano size siwunqobe!

INGOMA 144 Bheka Njalo Umvuzo!

^ par. 5 Izinceku zikaJehova eziningi namuhla zibhekene nezinkinga zokuguga, kanti ezinye ukugula kuzishiya zikhandlekile. Sonke ngezinye izikhathi siyakhathala. Ngakho indaba yokugijima emncintiswaneni ingase izwakale iwumqansa. Lesi sihloko sixoxa ngendlela esingakwazi ngayo sonke ukugijima ngokukhuthazela futhi siwunqobe lo mncintiswano wokuphila uPawulu ayekhuluma ngawo.

^ par. 6 Bheka isihloko esithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 1, 2013.

^ par. 20 Ukuze uthole amacebiso engeziwe endlela yokubhekana nokukhathazeka ngokweqile, uthole nezindaba zabantu ababhekana nako ngokuphumelelayo, bheka uhlelo lwe-JW Broadcasting kaMeyi 2019 ku-jw.org. Iya kwesithi LIBRARY > JW BROADCASTING®.

^ par. 63 INCAZELO YEZITHOMBE: Ukuhlala ematasa kuyamsiza lo mzalwane osekhulile ukuba abe sendleleni efanele eya ekuphileni.

^ par. 65 INCAZELO YEZITHOMBE: Singabakhuba abanye ngokuthi sibacindezele ukuba baphuze kakhulu utshwala noma ngokuthi thina singakwazi ukulinganisela lapho siphuza.

^ par. 67 INCAZELO YEZITHOMBE: Ngisho noma elele embhedeni wasesibhedlela, umzalwane uhlala esemncintiswaneni ngokuthi ashumayeze onesi abamnakekelayo.