Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 15

Ubabheka Kanjani Abantu Abasensimini Okuyo?

Ubabheka Kanjani Abantu Abasensimini Okuyo?

“Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa”—JOH. 4:35.

INGOMA 64 Ukuhlanganyela Ngentokozo Ekuvuneni

AMAZWIBELA *

1-2. Wayesho ukuthini uJesu ngesikhathi esho amazwi akuJohane 4:35, 36?

UJESU wayesanda kudlula emasimini, okungenzeka kwakutshalwe kuwo ibhali elase liqala ukukhula. (Joh. 4:3-6) Lesi sivuno siyobe silungele ukuvunwa ezinyangeni ezingaba zine kusukela manje. Ngakho badideka abafundi lapho bezwa uJesu ethi: “Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.” (Funda uJohane 4:35, 36.) Wayesho ukuthini?

2 Lapha, uJesu wayekhuluma ngokuvunwa kwabantu, hhayi okwebhali. Cabanga ngalokho okwakusanda kwenzeka. Nakuba amaJuda ayevame ukuwagwema amaSamariya, uJesu wayeqeda ukushumayeza owesifazane ongumSamariya futhi walalela! Empeleni, ngesikhathi uJesu ekhuluma ngamasimu “asemhlophe alungele ukuvunwa,” isixuku samaSamariya esasizwile ngaye kowesifazane sasisendleleni siza kuJesu ukuze asitshele okwengeziwe ngaye. (Joh. 4:9, 39-42) Nakhu omunye umhlaziyi weBhayibheli akushoyo ngale ndaba. “Ukuthi abantu beza ngokushesha kuJesu bezomlalela, kubonisa kona ukuthi babefana nokusanhlamvu okwasekulungele ukuvunwa.”

Yini okufanele siyenze uma sinomuzwa wokuthi amasimu esikuwo “asemhlophe alungele ukuvunwa”? (Bheka isigaba 3)

3. Yini ezokwenzeka uma ubheka abantu ngendlela uJesu ababheka ngayo?

3 Ubabheka kanjani abantu oshumayela kubo izindaba ezinhle? Ingabe ubabheka njengokusanhlamvu osekulungele ukuvunwa? Uma kunjalo, zintathu izinto eziyokwenzeka: Okokuqala, uyowenza ngokuphuthuma lo msebenzi. Isikhathi sokuvuna sizophela, ngakho akumelwe uchithe isikhathi. Okwesibili, uzojabula lapho ubona abantu bezilalela izindaba ezinhle. IBhayibheli libonisa ukuthi abantu bayathokoza “ngesikhathi sokuvuna.” (Isaya 9:3) Okwesithathu, uyobheka umuntu ngamunye oxoxa naye njengomuntu ongaba umfundi kaKristu, ngakho uyoxoxa naye ngezinto azithandayo.

4. Yini esizoyifunda kumphostoli uPawulu kulesi sihloko?

4 Abanye abalandeli bakaKristu kungenzeka babecabanga ukuthi amaSamariya ayengasoze aba abafundi bakaJesu, kodwa uJesu yena wayenombono ohlukile. Wayewabheka njengabantu ababengaba abafundi bakhe. Nathi kudingeka sibheke labo esihlangana nabo ensimini yethu njengabantu abangaba abafundi bakaKristu. Umphostoli uPawulu usibekela isibonelo esihle okufanele sisilandele. Yini esingayifunda kuye? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela (1) ayezazi ngayo izinto abazikholelwayo abantu ayebashumayeza, (2) ayeqonda ngayo ukuthi yini abantu abathanda ukuxoxa ngayo, nendlela (3) ayebabheka ngayo njengabantu abangaba abafundi bakaJesu.

YINI ABAYIKHOLELWAYO?

5. Kungani uPawulu ayebaqonda abantu ababemlalela esinagogeni?

5 UPawulu wayevame ukushumayela emasinagogeni amaJuda. Ngokwesibonelo, “amasabatha amathathu wabonisana [namaJuda] ngemiBhalo” esinagogeni laseThesalonika. (IzE. 17:1, 2) Kungenzeka ukuthi uPawulu wayezizwa ekhululekile lapho esesinagogeni ngenxa yokuthi naye wayengumJuda. (IzE. 26:4, 5) Wayewaqonda kahle amaJuda, ngakho wayekwazi ukuwashumayeza ngesibindi.—Fil. 3:4, 5.

6. Abantu base-Athene babehluke kanjani kulabo uPawulu ayebashumayeza esinagogeni?

6 Ngemva kokuba uPawulu exoshwe abaphikisi eThesalonika naseBhereya, wafika e-Athene. Nalapho futhi “wabonisana namaJuda esinagogeni kanye nabanye abantu ababekhulekela uNkulunkulu.” (IzE. 17:17) Nokho, ngesikhathi eshumayela emakethe, uPawulu wayelalelwe abantu abahlukile. Phakathi kwabo kwakukhona izazi zefilosofi nabeZizwe ababebheka umyalezo kaPawulu ‘njengemfundiso entsha.’ Bathi kuye: “Wethula ezindlebeni zethu izinto esizeshwamayo.”—IzE. 17:18-20.

7. Ngokwencwadi yezEnzo 17:22, 23, uPawulu wayishintsha kanjani intshumayelo yakhe?

7 Funda izEnzo 17:22, 23. UPawulu akazange ashumayeze abantu beZizwe base-Athene ngendlela efanayo naleyo ashumayeza ngayo amaJuda ayesesinagogeni. Cishe wazibuza, ‘Yini la bantu base-Athene abayikholelwayo?’ Wanakisisa izinto ezazimzungezile futhi waziqaphela izinto ababezikholelwa. Ngemva kwalokho, uPawulu wafuna okuthile ababeyovumelana ngakho noma okwakufana phakathi kwendlela ababekhonza ngayo namaqiniso asemiBhalweni. Omunye umhlaziyi weBhayibheli uthi, “NjengomKristu ongumJuda, uPawulu waqaphela ukuthi amaGreki ayengamkhonzi uNkulunkulu ‘weqiniso’ wamaJuda noma wamaKristu. Ngakho, wazama ukubonisa abantu base-Athene ukuthi uNkulunkulu ayeshumayela ngaye empeleni babemazi.” Ngakho uPawulu wayezimisile ukushintsha indlela ayeshumayela ngayo. Watshela abantu base-Athene ukuthi umyalezo ayewushumayela wawuvela “Kunkulunkulu Ongaziwa,” lowo ababezama ukumkhonza. Nakuba abantu beZizwe babengajwayelene nemiBhalo, uPawulu akazange azitshele ukuthi babengasoze baba amaKristu. Kunalokho, wababheka njengokusanhlamvu okwase kulungele ukuvunwa futhi wayishintsha indlela ashumayela ngayo izindaba ezinhle.

Lingisa isibonelo sikaPawulu ngokuthi unakisise, uvumelanise intshumayelo yakho nalokho okuthandwa abantu, futhi ubheke wonke umuntu njengongaba umfundi (Bheka izigaba 8, 12, 18) *

8. (a) Ungazi kanjani ukuthi yini abayikholelwayo abantu abasensimini okuyo? (b) Uma umuntu ethi unenkolo yakhe, ungase umphendule kanjani?

8 Nakisisa njengoPawulu. Bheka izinto ezingakusiza uqonde ukuthi yini abantu abasensimini okuyo abayikholelwayo. Bheka izithombe ezinanyathiselwe emzini noma emotweni yomninikhaya. Ingabe igama lakhe, izinto azigqokile, indlela abukeka ngayo, ngisho nendlela akhuluma ngayo iyabonisa ukuthi usontaphi? Mhlawumbe usekutshele ngokuqondile ukuthi unenkolo yakhe. Uma uFlutura oyiphayona elikhethekile ebhekana nesimo esinjengaleso, uye athi: “Angizile ukuzokuphoqa ukuba ukholelwe izinto engizikholelwayo, kodwa ngingathanda ukuxoxa nawe ngokuthi . . . ”

9. Yiziphi izinto eningavumelana ngazo nomuntu osontayo?

9 Yiziphi izinto eningase nixoxe ngazo nomuntu osontayo? Zama ukuthola izinto enizovumelana ngazo. Kungenzeka ukhonza uNkulunkulu oyedwa noma uyamqaphela uJesu njengoMsindisi wesintu noma kungenzeka uyakholelwa ukuthi siphila esikhathini lapho ububi buzophela khona maduze. Usebenzisa izinto enivumelana ngazo, xoxa naye ngomyalezo weBhayibheli ngendlela ezomkhanga.

10. Yini okufanele sizame ukuyenza, futhi kungani?

10 Khumbula ukuthi abantu bangase bangazikholelwa zonke izinto abazifundiswa emasontweni. Ngakho ngisho noma sewazi ukuthi umuntu usontaphi, zama ukuthola ukuthi yini yena ayikholelwayo. UDavid, oyiphayona elikhethekile e-Australia uthi, “Abantu abaningi namuhla baxuba ifilosofi nezinkolelo zabo.” UDonalta wase-Albania uthi, “Abanye esixoxa nabo bathi bayasonta, kodwa kamuva bayavuma ukuthi empeleni abakholelwa kuNkulunkulu.” Umzalwane oyisithunywa sevangeli e-Argentina uphawula ukuthi abanye bathi bayakholelwa kuZiqu-zintathu, kodwa bangase bangakholelwa ukuthi uYise, iNdodana nomoya ongcwele kunguNkulunkulu oyedwa. Uthi, “Ukwazi lokho kwenza kube lula ukuthola enizovumelana ngakho nalowo muntu.” Ngakho zama ukuthola ukuthi yini ngempela abantu abayikholelwayo. Ngaleyo ndlela, ‘uyoba yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo’ njengoPawulu.—1 Kor. 9:19-23.

YINI ABAYITHANDAYO?

11. Njengoba kuboniswe encwadini yezEnzo 14:14-17, uPawulu wawenza kanjani wakhanga umyalezo wakhe kubantu ababehlala eListra?

11 Funda izEnzo 14:14-17. UPawulu wayekwazi ukubona ukuthi yini eyayithandwa abantu ababemlalele, bese eshintsha intshumayelo yakhe ivumelane nalokho. Ngokwesibonelo, isixuku ayekhuluma naso eListra sasiyazi kancane noma singayazi nhlobo imiBhalo. Ngakho uPawulu wakhuluma naso ngezinto esasizoziqonda. Wakhuluma ngokuvuna izithelo nangokujabulela ukuphila. Wasebenzisa amagama nezibonelo izilaleli zakhe ezaziyoziqonda kalula.

12. Ungabona kanjani ukuthi yini umuntu ayithandayo bese uvumelanisa intshumayelo yakho nalokho?

12 Sebenzisa ukuqonda ukuze ubone ukuthi yini abantu abayithandayo bese uvumelanisa intshumayelo yakho nalokho. Ungabona kanjani ukuthi yini umuntu angathanda ukuxoxa ngayo lapho uya kuye noma lapho ungena emzini wakhe? Nalapha futhi, nakisisa. Kungenzeka ulungisa ingadi, ufunda incwadi, ukhanda imoto noma wenza okunye. Uma kufanekela, mhlawumbe ungaqala ingxoxo ngokukhuluma ngalokho akwenzayo. (Joh. 4:7) Ngisho nezimpahla umuntu azigqokile zingasho okuthile ngaye—mhlawumbe zingakutshela ngobuzwe bakhe, umsebenzi awenzayo noma ngeqembu lebhola alithandayo. UGustavo uthi, “Ngaqala ingxoxo nensizwa eneminyaka engu-19 eyayigqoke isikibha esinomculi odumile. Ngayibuza ngaso futhi yangitshela ukuthi kungani yayimthanda lowo mculi. Leyo ngxoxo yaholela esifundweni seBhayibheli futhi manje leyo nsizwa isingumfowethu.”

13. Ungase usicele kanjani isifundo seBhayibheli ngendlela ezothinta inhliziyo?

13 Lapho ucela othile ukuba umfundele iBhayibheli, zama ukumthinta inhliziyo; mbonise ukuthi ukufunda iBhayibheli kuzomsiza kanjani. (Joh. 4:13-15) Ngokwesibonelo, udade okuthiwa uPoppy, wangeniswa endlini owesifazane owayethanda ukulalela. Lapho ebona isitifiketi odongeni esasibonisa ukuthi lona wesifazane wayenguthisha, uPoppy wagcizelela ukuthi nathi sifundisa abantu ngokubaqhubela izifundo zeBhayibheli nangemihlangano yethu. Lona wesifazane wasamukela isifundo seBhayibheli, ngosuku olulandelayo waya emihlanganweni yebandla futhi kungekudala ngemva kwalokho waya emhlanganweni wesigodi. Ngonyaka olandelayo wabhapathizwa. Zibuze: ‘Yini abayithandayo abantu engithembise ukubuyela kubo? Ngingasicela kanjani isifundo seBhayibheli ngendlela ezobathinta izinhliziyo?’

14. Ungasilungiselela kanjani isifundo seBhayibheli ukuze sizuzise umfundi ngamunye?

14 Ngemva kokuba usuqalise isifundo seBhayibheli, lungiselela isifundo ngasinye ucabanga ngesizinda somfundi nezinto azithandayo. Njengoba ulungiselela, khetha imibhalo ozoyifunda, ividiyo ozombukisa yona nokuthi yimiphi imifanekiso ozoyisebenzisa ukuze ukhanyise amaqiniso aseBhayibhelini. Zibuze, ‘Yini ezoyithinta ngokukhethekile inhliziyo yomfundi?’ (IzAga 16:23) E-Albania, owesifazane owayefunda iBhayibheli noFlora oyiphayona wathi, “Kunzima ukwamukela imfundiso yovuko.” UFlora akazange amphoqe lona wesifazane ukuba ayamukele ngokushesha le mfundiso. Uthi, “Ngabona ukuthi ukuze ayikholelwe le mfundiso, kwakudingeka azi kuqala uNkulunkulu othembisa ukuvusa abantu.” Kusukela ngaleso sikhathi, njalo lapho befunda, uFlora wayegcizelela indlela uJehova anothando ngayo, ahlakaniphe ngayo nendlela anamandla ngayo. Kamuva, lona wesifazane waba nokholo ovukweni. Manje usenguFakazi kaJehova oshisekayo.

BABHEKE NJENGABANTU ABANGABA ABAFUNDI BAKAKRISTU

15. Ngokwencwadi yezEnzo 17:16-18, imiphi imikhuba eyayenziwa eGrisi lasendulo eyayikhathaza uPawulu, kodwa kungani engayekanga ukushumayeza abase-Athene?

15 Funda izEnzo 17:16-18. UPawulu akayekanga ukushumayeza abantu base-Athene, nakuba idolobha labo laligcwele abantu abakhonza izithombe, abangenasimilo nabakholelwa ezazini zefilosofi; akayekanga ngisho nalapho bemhlambalaza. UPawulu naye waba umKristu nakuba ‘ayengumhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo.’ (1 Thim. 1:13) Njengoba nje uJesu ayekholelwa ukuthi uPawulu angaba umfundi wakhe, noPawulu naye wayekholelwa ukuthi abantu base-Athene babengaba abafundi bakaJesu. Kwabanjalo ngempela.—IzE. 9:13-15; 17:34.

16-17. Yini ebonisa ukuthi lonke uhlobo lwabantu lungaba abafundi bakaKristu? Nikeza isibonelo.

16 Ngekhulu lokuqala, lonke uhlobo lwabantu lwaba abafundi bakaJesu. Ngesikhathi uPawulu ebhalela amaKristu ayehlala eKorinte, wathi abanye ebandleni ngaphambilini babeyizigebengu noma bephila ukuphila okungcolile. Kodwa wabe esethi: “Yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka.” (1 Kor. 6:9-11) Wawuyokwazi yini ukubona ukuthi labo bantu babeyokuguqula ukuphila kwabo futhi babe abafundi?

17 Namuhla, abaningi bazimisele ukwenza izinguquko ezidingekayo ukuze babe abafundi bakaKristu. Ngokwesibonelo, uYukina ophayona elikhethekile lase-Australia wathola ukuthi lonke uhlobo lwabantu lungawulalela umyalezo weBhayibheli. Ngolunye usuku, ehhovisi labathengisa izindlu, wabona owesifazane osemusha owayenama-tattoo amaningi futhi egqoke izimpahla ezinkulu nezilengayo. UYukina uthi, “Ngaqale nganqena nje ukukhuluma naye, kodwa ngabe sengixoxa naye lona wesifazane. Ngathola ukuthi wayelithanda kakhulu iBhayibheli kangangokuba amanye ama-tattoo akhe kwangungamavesi encwadi yamaHubo!” Lona wesifazane waqala ukufunda iBhayibheli nokuya emihlanganweni. *

18. Kungani kungafanele sibahlulele abanye?

18 Ingabe uJesu wayebheka amasimu njengaselungele ukuvunwa ngenxa yokuthi wayelindele ukuthi abantu abaningi babeyomlandela? Lutho neze. ImiBhalo yayibikezele ukuthi bambalwa ababeyoba nokholo kuye. (Joh. 12:37, 38) UJesu wayekwazi nokufunda izinhliziyo ngokuyisimangaliso. (Math. 9:4) Nakuba ayegxile kakhulu kulabo abambalwa ababebonisa ukholo kuye, washumayeza wonke umuntu ngentshiseko. Thina asikwazi ukufunda izinhliziyo, ngakho kufanele sizimisele ngempela ukungabahluleli abantu esibashumayezayo noma insimu esishumayela kuyo! Kufanele sibheke wonke umuntu njengongaba umfundi kaKristu. UMarc, oyisithunywa sevangeli eBurkina Faso ukubeka ngale ndlela: “Abantu engicabanga ukuthi bazothuthuka bavame ukuyeka ukufunda. Kodwa labo engicabanga ukuthi ngeke bathuthuke, benza kahle kakhulu. Ngakho sengiye ngafunda ukuthi kungcono sivumele umoya kaJehova usihole.”

19. Kufanele sibabheke kanjani abantu abasensimini esikuyo?

19 Uma ubuka, kungase kubonakale sengathi ababaningi abantu ensimini okuyo abanjengokusanhlamvu osekulungele ukuvunwa. Kodwa khumbula amazwi uJesu awasho kubafundi bakhe. Amasimu amhlophe, okungukuthi aselungele ukuvunwa. Abantu bangashintsha futhi babe abafundi bakaKristu. UJehova ubheka bonke labo bantu abangaba abafundi ‘njengezinto ezifiselekayo.’ (Hag. 2:7) Uma sibheka abantu ngendlela uJehova noJesu abababheka ngayo, siyofunda ngesizinda sabo nangezinto abazithandayo. Ngeke sibabheke njengabantu esingabazi, kodwa siyobabheka njengabantu abangaba abafowethu nodadewethu.

INGOMA 57 Ukushumayeza Zonke Izinhlobo Zabantu

^ par. 5 Indlela obabheka ngayo abantu abasensimini okuyo iyithinta kanjani indlela oshumayela nofundisa ngayo? Lesi sihloko sihlola indlela uJesu nomphostoli uPawulu ababebheka ngayo labo ababexoxa nabo, nendlela thina esingabalingisa ngayo ngokucabangela izinkolelo nezinto ezithandwa yilabo esixoxa nabo futhi siqonde ukuthi nabo bangaba abafundi bakaKristu.

^ par. 17 Ingxenye ethi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” inezinye izibonelo ezibonisa ukuthi abantu bangashintsha. Le ngxenye yayiphuma kuyi-Nqabayokulinda, kodwa yagcina ukuphuma kwezika-2017. Manje isivela ku-jw.org. Iya kwesithi MAYELANA NATHI > IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA.

^ par. 57 INCAZELO YESITHOMBE: Njengoba indoda nomkayo beshumayela endlini ngendlu, babona (1) umuzi olungiswe kahle, ohlotshiswe ngezimbali; (2) umuzi lapho kuhlala khona umndeni onabantwana; (3) umuzi ongacocekile ngaphakathi nangaphandle; (4) nomuzi onabantu abasontayo. Ungamthola kumuphi umuzi umuntu ongaba umfundi kaKristu?