Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 14

‘Landela Izinyathelo Zakhe Eduze’

‘Landela Izinyathelo Zakhe Eduze’

‘UKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo ukuze nilandele izinyathelo zakhe eduze.’—1 PET. 2:21.

INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu

AMAZWIBELA *

UJesu usishiyele izinyathelo noma imilobo esingayilandela eduze (Bheka izigaba 1-2)

1-2. Singazilandela kanjani izinyathelo zikaJesu? Fanekisa.

ZICABANGE useqenjini labantu abahamba ehlane eliyingozi elimbozwe iqhwa. Umqondisi weqembu onesipiliyoni uyanihola. Njengoba ehamba, ushiya imilobo eqhweni, kuyabonakala lapho abenyathela khona. Ngezinye izikhathi ubuye ungamboni umqondisi! Kodwa awubi novalo. Kunalokho, wena nabanye eqenjini nilandela izinyathelo zomqondisi ngokuseduze ngangokunokwenzeka!

2 NjengamaKristu eqiniso, ngomqondo othile sihamba ehlane eliyingozi—leli zwe elibi. Ngokujabulisayo, uJehova usinikeze uMqondisi ofanele—iNdodana yakhe, uJesu Kristu, esingalandela izinyathelo zakhe eduze. (1 Pet. 2:21) Ngokwenye incwadi echaza iBhayibheli, uPetru lana uqhathanisa uJesu nomqondisi. Njengomqondisi oshiye imilobo ngemuva, noJesu ushiye izinyathelo esingazilandela. Ake sixoxe ngalezi zinto ezintathu mayelana nokulandela izinyathelo zakhe: kusho ukuthini? kungani? nokuthi kanjani?

KUSHO UKUTHINI UKULANDELA IZINYATHELO ZIKAJESU?

3. Kusho ukuthini ukulandela izinyathelo zothile?

3 Kusho ukuthini ukulandela izinyathelo zothile? EBhayibhelini igama elithi “hamba” nelithi “izinyawo” ngezinye izikhathi abhekisela endleleni yomuntu yokuphila. (Gen. 6:9; IzAga 4:26) Isibonelo umuntu asibekayo singafaniswa nezinyathelo noma imilobo ayishiya ngemuva lapho ehamba. Ngakho ukulandela izinyathelo zothile kusho ukulandela isibonelo sakhe nokumlingisa.

4. Kusho ukuthini ukulandela izinyathelo zikaJesu?

4 Kusho ukuthini-ke ukulandela izinyathelo zikaJesu? Kalula nje kusho ukulingisa isibonelo sakhe. EmBhalweni okusekelwe kuwo isihloko sethu, umphostoli uPetru ngokuyinhloko ukhuluma ngesibonelo esihle esabekwa uJesu lapho ekhuthazelela ukuhlupheka, kodwa ziningi ezinye izindlela esingamlingisa ngazo uJesu. (1 Pet. 2:18-25) Eqinisweni, konke ukuphila kukaJesu—konke akusho nakwenza—kuyisibonelo okufanele sisilandele.

5. Ingabe abantu abanesono bangakwazi ngempela ukulandela isibonelo esiphelele sikaJesu? Chaza.

5 Njengoba sinesono singakwazi yini ngempela ukulandela isibonelo sikaJesu? Yebo singakwazi. Khumbula ukuthi uPetru usikhuthaza ukuba ‘silandele izinyathelo zikaJesu eduze’—hhayi ngokuphelele. Uma sizilandela ngokucophelela izinyathelo zakhe, senze konke esingakwenza njengabantu abanesono, siyobe sisebenzisa iseluleko somphostoli uJohane esithi: ‘Qhubekani nihamba njengoba nje uJesu ahamba.’—1 Joh. 2:6.

KUNGANI SILANDELA IZINYATHELO ZIKAJESU?

6-7. Kungani singaphetha ngokuthi ukulandela izinyathelo zikaJesu kuzosisondeza eduze kukaJehova?

6 Ukulandela izinyathelo zikaJesu kuzosisondeza eduze kukaJehova. Kungani sisho kanjalo? Okokuqala, uJesu wabeka isibonelo esihle kakhulu sokuthi singaphila kanjani ngendlela ejabulisa uNkulunkulu. (Joh. 8:29) Ngakho lapho silandela izinyathelo zikaJesu siyojabulisa uJehova. Singaqiniseka ngokuthi uBaba wethu osezulwini uyosondela kulabo abazama kanzima ukuba abangane bakhe.—Jak. 4:8.

7 Okwesibili, uJesu wamlingisa ngokuphelele uYise. Yingakho uJesu ayengathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Joh. 14:9) Lapho silingisa izimfanelo zikaJesu nezindlela asebenzelana ngazo nabanye—ngokwesibonelo isihawu asibonisa kowayenochoko, uzwela alubonisa owesifazane owayegula kakhulu nalubonisa abashonelwe—sisuke silingisa noJehova. (Marku 1:40, 41; 5:25-34; Joh. 11:33-35) Lapho silingisa uJehova, yilapho sisondela nakakhulu kuye.

8. Chaza ukuthi kungani ukulandela izinyathelo zikaJesu kuzosisiza ‘sinqobe’ izwe.

8 Ukulandela izinyathelo zikaJesu kuyasisiza singaphazanyiswa yileli zwe elibi. Ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe emhlabeni, uJesu wakwazi ukuthi: “Mina ngilinqobile izwe.” (Joh. 16:33) Wayeqonde ukusho ukuthi ukwazile ukugwema ukuthonywa ukucabanga, imigomo kanye nezenzo zaleli zwe. UJesu akazange alokothe akhohlwe isizathu sokuthunywa kwakhe emhlabeni—okuwukungcwelisa igama likaJehova. Kuthiwani ngathi? Kuleli zwe, ziningi izinto ezingasiphazamisa. Kodwa uma siqhubeka sigxila ekwenzeni intando kaJehova njengoba kwenza uJesu, nathi ‘sizolinqoba’ izwe.—1 Joh. 5:5.

9. Yini okumelwe siyenze ukuze sihlale endleleni eya ekuphileni okuphakade?

9 Ukulandela izinyathelo zikaJesu kuholela ekuphileni okuphakade. Lapho insizwa ecebile ibuza ukuthi yini okudingeka iyenze ukuze ithole ukuphila okuphakade, uJesu waphendula: ‘Woza ube umlandeli wami.’ (Math. 19:16-21) Kwamanye amaJuda ayengakholwa ukuthi unguKristu, uJesu wathi: “Izimvu zami . . . ziyangilandela. Ngizinika ukuphila okuphakade.” (Joh. 10:24-29) KuNikhodemu, owayeyilungu leSanhedrini, owayesethanda izimfundiso zikaJesu, uJesu wathi labo ‘ababonisa ukholo kuye bayothola ukuphila okuphakade.’ (Joh. 3:16) Sibonisa ukholo kuJesu ngokusebenzisa lokho akufundisa ngamazwi nangesibonelo. Uma senza kanjalo, sizohlala endleleni eya ekuphileni okuphakade.—Math. 7:14.

SINGAZILANDELA KANJANI IZINYATHELO ZIKAJESU EDUZE?

10. Yini ehilelekile ‘ekwazini’ uJesu kangcono? (Joh. 17:3)

10 Ngaphambi kokuba silandele izinyathelo zikaJesu eduze, kumelwe simazi. (Funda uJohane 17:3.) ‘Ukwazi’ uJesu kuyinto eqhubekayo. Kumelwe siyithuthukise njalo indlela esimazi ngayo—sifunde ngezimfanelo, imicabango nemithetho yakhe. Kungakhathaliseki ukuthi sinesikhathi esingakanani siseqinisweni, kumelwe siqhubeke sizama ukwazi uJehova neNdodana yakhe.

11. Kukhulunywa ngani emaVangelini amane?

11 Ukuze asisize sazi iNdodana yakhe, ngothando uJehova wafaka amaVangeli amane eZwini lakhe. AmaVangeli alandisa ngokuphila nenkonzo kaJesu. Lokho kulandisa kusitshela lokho uJesu akusho, akwenza futhi kwembula nemizwa yakhe. Lezi zincwadi ezine ziyasisiza ‘sicabangisise’ ngesibonelo sikaJesu. (Heb. 12:3) Zikhuluma ngezinyathelo noma imilobo eyashiywa uJesu. Ngakho ngokutadisha la maVangeli, singakwazi ukumazi kangcono uJesu. Ngenxa yalokho, singalandela izinyathelo zakhe eduze.

12. Singazuza kanjani ngokugcwele emaVangelini?

12 Ukuze sizuze ngokugcwele emaVangelini, kumelwe senze okungaphezu kokuwafunda nje. Kudingeka sizinike isikhathi sokuwatadisha ngokucophelela futhi sizindle ngokujulile ngawo. (Qhathanisa noJoshuwa 1:8, umbhalo waphansi.) Ake sixoxe ngezinto ezimbili ezingasisiza sizindle ngamaVangeli futhi sisebenzise esikufunda kuwo.

13. Ungawenza kanjani aphile amaVangeli?

13 Okokuqala, wenze aphile amaVangeli. Buka ngeso lengqondo ukuze ubone, uzwe futhi uhilele imizwa yakho kokwenzekayo. Ukuze ukwazi ukwenza lokho, yenza ucwaningo usebenzisa izinsiza-kufunda zenhlangano kaJehova. Hlaziya umongo wendaba—izenzakalo ezenzeka ngaphambi nangemva kwendaba otadisha ngayo. Funa imininingwane echaza umsuka wendaba nezimo ezihilelekile. Qhathanisa indaba oyifundayo namavesi akhuluma ngezenzakalo ezifanayo kwelinye iVangeli. Ngezinye izikhathi omunye umbhali weVangeli ufaka imininingwane ewusizo engafakwanga kwelinye iVangeli.

14-15. Singakusebenzisa kanjani esikufunda emaVangelini ekuphileni kwethu?

14 Okwesibili, sebenzisa okufunda emaVangelini ekuphileni kwakho. (Joh. 13:17) Ngemva kokuyitadisha ngokucophelela indaba eseVangelini, zibuze: ‘Sikhona yini isifundo engingasisebenzisa ekuphileni kwami? Ngingayisebenzisa kanjani le ndaba ukuze ngisize othile?’ Zama ukucabanga ngomuntu othile, bese ngesikhathi esikahle, ngothando nangobuhlakani umxoxele ngesifundo ositholile.

15 Ake sixoxe ngesibonelo sendlela esingazisebenzisa ngazo lezi zinto ezimbili. Sizohlola indaba yomfelokazi ohluphekayo owabonwa uJesu ethempelini.

UMFELOKAZI OHLUPHEKAYO ETHEMPELINI

16. Chaza isimo esenzeka kuMarku 12:41.

16 Yenze iphile indaba. (Funda uMarku 12:41.) Ibuke ngeso lengqondo. NguNisani 11, 33 C.E.—sekusele isikhathi esingaphansi kweviki ngaphambi kokufa kukaJesu. UJesu uchithe isikhathi esiningi sosuku efundisa ethempelini. Abaholi benkolo bebelokhu bemphikisa. Abanye bebengabaza igunya lakhe. Abanye bebezama ukumvalela ekhoneni ngemibuzo enzima. (Marku 11:27-33; 12:13-34) Manje uJesu usekwenye ingxenye yethempeli. Kule ndawo—okungenzeka ibizwa ngeGceke Labesifazane—wayekwazi ukubona amabhokisi omnikelo ayegudle udonga. Uhlala phansi abuke abantu njengoba befaka iminikelo emabhokisini. Ubona izicebi eziningi zifaka izinhlamvu eziningi zemali. Mhlawumbe useduze ngokwanele, uyayizwa imali ikhalakathiselwa emabhokisini.

17. Yini eyenziwa umfelokazi ohluphekayo okukhulunywe ngaye kuMarku 12:42?

17 Funda uMarku 12:42. Ngemva kwesikhashana, amehlo kaJesu aqala ukugxila kowesifazane othile. ‘Ungumfelokazi ohluphekayo.’ (Luka 21:2) Izinto azimhambeli neze kahle; kungenzeka akakwazi nokuthola izinto eziyisidingo ekuphileni. Yize kunjalo, uqonda kwelinye lamabhokisi, afake izinhlamvu ezimbili zemali ngaphandle kokufuna ukuqashelwa, okungenzeka azenzanga ngisho umsindo njengoba ezikhalakathisela ebhokisini. UJesu uyazi ukuthi ufake malini—amaleptoni amabili, izinhlamvu ezincane kunazo zonke ezazisetshenziswa ngaleso sikhathi. Leyo mali yayingeke ithenge ngisho undlunkulu owodwa, owawuphakathi kwezinyoni ezidliwayo ezishibhe kakhulu.

18. Ngokwencwadi kaMarku 12:43, 44, yini uJesu ayisho ngomnikelo womfelokazi?

18 Funda uMarku 12:43, 44. Imhlaba umxhwele uJesu indaba yalo mfelokazi. Ngakho ubiza abafundi bakhe, abakhombise lo mfelokazi, bese ethi: “Lo mfelokazi ohluphekayo ufake okungaphezu kokwabo bonke [abanye].” Ube esechaza: “Bonke [ikakhulukazi abacebile] bafake okuvela enaleni yabo, kodwa yena, nakuba ehlupheka, ufake konke abenakho, konke abezoziphilisa ngakho.” Ngesikhathi lo mfelokazi othembekile enikela ngemali yakhe yokugcina ngalelo langa, wayebeka ukuphila kwakhe ezandleni zikaJehova.—IHu. 26:3.

Lingisa uJesu, uncome abanye abenzela uJehova konke okusemandleni abo (Bheka izigaba 19-20) *

19. Yisiphi isifundo esibalulekile esingasifunda emazwini kaJesu ngomfelokazi ohluphekayo?

19 Kusebenzise ekuphileni kwakho okufundile. Zibuze, ‘Yini engingayifunda kulokho uJesu akusho ngomfelokazi ohluphekayo?’ Cabanga ngalowo mfelokazi. Akungabazeki ukuthi wayefisa ukunikela okwengeziwe kuJehova. Noma kunjalo, wakwenza okusemandleni; wanika uJehova konke ayenakho. UJesu wayazi ukuthi umnikelo wakhe wawuyigugu emehlweni kaYise. Nasi isifundo esibalulekile: UJehova uyajabula lapho simnika konke okusemandleni—simkhonze ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke. (Math. 22:37; Kol. 3:23) UJehova uyajabula lapho ebona senza konke esingakwenza! Lesi simiso sisebenza esikhathini nasemandleni esinikela ngawo ekukhonzeni uNkulunkulu, okuhlanganisa inkonzo kanye nemihlangano.

20. Ungasisebenzisa kanjani isifundo esisendabeni yomfelokazi? Nikeza isibonelo.

20 Ungasisebenzisa kanjani isifundo esisendabeni yomfelokazi? Zama ukucabanga ngabantu abathile okungenzeka badinga ukuqinisekiswa ngokuthi imizamo yabo iyamjabulisa uJehova. Ngokwesibonelo, ukhona yini udade osekhulile omaziyo, mhlawumbe ozizwa enecala noma engelusizo lwalutho ngenxa yokuthi impilo ayisavumi noma akasenawo amandla okwenza lokho ayevame ukukwenza enkonzweni? Noma ukhona yini umzalwane omcabangayo onesifo esingamahlala-khona noma ogula kakhulu, okhungathekile ngenxa yokuthi akasakwazi ukuya kuyo yonke imihlangano eHholo LoMbuso? Basize ngokukhuluma amazwi “akhayo.” (Efe. 4:29) Baxoxele ngesifundo esikhuthazayo esisifunde endabeni yomfelokazi ohluphekayo. Amazwi akho akhuthazayo angabaqinisekisa ngokuthi uJehova uyajabula lapho senza okusemandleni ethu. (IzAga 15:23; 1 Thes. 5:11) Uma uncoma abanye lapho benika uJehova okusemandleni abo—kungakhathaliseki ukuthi kubonakala kukuncane kangakanani—usuke ulandela izinyathelo zikaJesu eduze.

21. Yini ozimisele ukuyenza?

21 Sibonga kakhulu ngokuthi ukulandisa kwamaVangeli kuveza imininingwane eminingi kangaka ngokuphila kukaJesu, eyenza sikwazi ukumlingisa, silandele izinyathelo zakhe eduze! Kungaba njani nenze ukuKhulekela Komkhaya noma isifundo somuntu siqu esigxile emaVangelini? Masikhumbule ukuthi ukuze sizuze ngokugcwele, kudingeka sikwenze kuphile lokho kulandisa futhi sikusebenzise ekuphileni kwethu. Ngaphezu kokulingisa lokho uJesu akwenza, kudingeka silalele nalokho akusho. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngalokho esingakufunda emazwini kaJesu okugcina awasho esesemhlabeni.

INGOMA 15 Dumisani IZibulo LikaJehova!

^ par. 5 NjengamaKristu eqiniso kumelwe ‘silandele izinyathelo zikaJesu eduze.’ Yiziphi “izinyathelo” uJesu asishiyela zona ukuba sizilandele? Lesi sihloko sizophendula lowo mbuzo. Sizoxoxa nangokuthi kungani kufanele silandele izinyathelo zakhe eduze nokuthi singakwenza kanjani lokho.

^ par. 60 INCAZELO YEZITHOMBE: Ngemva kokuzindla ngalokho uJesu akusho ngomfelokazi ohluphekayo, udade uncoma osekhulile ngenkonzo yakhe yomphefumulo wonke.