Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ongabhekana Ngayo Ngokuphumelelayo Nokukhathazeka

Indlela Ongabhekana Ngayo Ngokuphumelelayo Nokukhathazeka

UKUKHATHAZEKA kungayicindezela kakhulu inhliziyo. (IzAga 12:25) Kwake kwenzeka yini wakhathazeka kakhulu ekuphileni kwakho waze wafisa ukufa? Kuke kwenzeke yini ucindezeleke uze uthi, ‘Noma sekungenzeka noma yini manje, kulungile’? Uma uke wazizwa kanjalo, awuwedwa neze. Kungenzeka abaningi kithi baye banakekela umuntu ogulayo, bashonelwa umuntu abamthandayo, behlelwa inhlekelele yemvelo noma babhekana nesinye isimo esasiqeda amandla. Kodwa yini engasisiza sibhekane ngokuphumelelayo nokukhathazeka? *

Kuningi esingakufunda endleleni iNkosi uDavide eyabhekana ngayo nokukhathazeka. Yabhekana nezimo eziningi ezinzima ekuphileni kwayo, ngezinye izikhathi yaze yacishe yafa. (1 Sam. 17:34, 35; 18:10, 11) Yabhekana kanjani ngokuphumelelayo nokukhathazeka? Singasilingisa kanjani isibonelo sayo?

INDLELA UDAVIDE ABHEKANA NGAYO NGOKUPHUMELELAYO NOKUKHATHAZEKA

UDavide wabhekana nezinkinga ezihlukahlukene ngesikhathi esisodwa. Ngokwesibonelo, cabanga ngokwenzeka ngesikhathi ebalekela iNkosi uSawule eyayifuna ukumbulala. Lapho uDavide namadoda ayekanye nawo bebuya empini, bashaqeka lapho bethola ukuthi izitha zazintshontshe impahla yabo, zashisa imizi yabo, zathumba nemindeni yabo. Wenzenjani uDavide? “UDavide namadoda ayekanye nawo bakhala kakhulu, kwaze kwaba yilapho sebephelelwe amandla.” Okwenezela ekucindezelekeni kukaDavide ukuthi la madoda ayewethemba ‘ayethi makashaywe ngamatshe.’ (1 Sam. 30:1-6) Manje uDavide wayesebhekene nezinkinga ezinkulu ezintathu ngasikhathi sinye: Umndeni wakhe wawusengozini, wayesaba ukuthi amadoda ayekanye naye azombulala, kanti neNkosi uSawule yayimfuna la. Cabanga nje indlela okumelwe ukuba uDavide wayekhathazeke ngayo!

Yini ayenza uDavide ngemva kwalokho? Ngokushesha nje “waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.” Kungenzeka wakwenza kanjani lokho uDavide? Umkhuba kaDavide kwakuwukuthandazela usizo lukaJehova, akhumbule nokuthi wayemsize kanjani esikhathini esidlule. (1 Sam. 17:37; IHu. 18:2, 6) UDavide wabona isidingo sokufuna isiqondiso sikaJehova, ngakho wabuza kuJehova ukuthi yini okufanele ayenze. Ngemva kokuthola isiqondiso sikaJehova, uDavide wathatha isinyathelo ngokushesha. Ngenxa yalokho, uJehova wambusisa yena namadoda ayekanye naye, bayithola imindeni yabo nempahla yabo. (1 Sam. 30:7-9, 18, 19) Uziqaphelile izinto ezintathu uDavide azenza? Wathandazela usizo lukaJehova, wacabanga indlela uJehova ayemsize ngayo esikhathini esidlule, wenza ngokuvumelana nesiqondiso sikaJehova. Singamlingisa kanjani uDavide? Cabanga ngezindlela ezintathu.

LINGISA UDAVIDE LAPHO UKHATHAZEKILE

1. Thandaza. Noma nini lapho siqala ukukhathazeka, singathandaza kuJehova sicele usizo nokuhlakanipha. Singazethula umthwalo ngokuthandaza kuJehova ngesineke, simtshele konke okusikhathazayo. Noma, uma izimo zingavumi ngaleso sikhathi, singathandaza ngenhliziyo umthandazo omfushane. Noma nini lapho sicela usizo kuJehova, senanela ukuqiniseka kukaDavide lapho ethi: “UJehova uyidwala lami nesiphephelo sami noMkhululi wami. UNkulunkulu wami uyidwala lami, ngiphephela kuye.” (IHu. 18:2) Uyasebenza ngempela yini umthandazo? UKahlia, udade oyiphayona, uthi: “Lapho ngiqeda ukuthandaza, ngiyazola. Umthandazo ungisiza ngivumelanise ukucabanga kwami nendlela kaJehova yokucabanga, bese ngimethemba nakakhulu.” Impela umthandazo uyilungiselelo elinamandla elivela kuJehova elisisiza sibhekane nokukhathazeka.

2. Cabanga. Lapho ukhumbula izinto ezikwehlele, ungacabanga yini ngovivinyo owakwazi ukuluthwala ngenxa nje yosizo lukaJehova? Lapho sicabanga ngendlela uJehova aye wasithwala ngayo thina kanye nezinceku zakhe zesikhathi esidlule, sithola amandla futhi simethembe nakakhulu. (IHu. 18:17-19) UJoshua ongumdala uthi: “Ngiyibhala phansi imithandazo uJehova ayiphendulayo. Lokhu kungisiza ngikhumbule izikhathi lapho ngacela khona into ethile ngokuqondile kuJehova, wayesenginika lokho engangikudinga.” Yebo, lapho sicabanga ngalokho uJehova asenzele kona, sithola amandla okulwa nezinto ezisikhathazayo.

3. Yenza okuthile. Ngaphambi kokunquma ukuthi yini esizoyenza esimweni esithile, singafunda iZwi likaNkulunkulu ukuze sithole isiqondiso esingasethemba. (IHu. 19:7, 11) Abaningi bathola ukuthi lapho becwaninga ivesi elithile, bayiqonda kangcono indlela lelo vesi elisebenza ngayo ekuphileni kwabo. Umdala okuthiwa uJarrod uyachaza: “Ukucwaninga kungisiza ngifunde okwengeziwe ngalelo vesi, ngiqonde nalokho uJehova angitshela kona. Lokho kwenza engikufundayo kungene enhliziyweni bese ngenza lokho uJehova angiqondisa ukuba ngikwenze.” Lapho sifuna isiqondiso sikaJehova emiBhalweni bese sisilandela, sikuhlomela kangcono ukubhekana nokukhathazeka.

UJEHOVA UZOKUSIZA UPHUMELELE

UDavide wayazi kahle ukuthi ukuze akwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nokukhathazeka, wayedinga usizo lukaJehova. Indlela ayelwazisa ngayo usizo lukaJehova, waze wathi: “Ngamandla kaNkulunkulu ngingacaca udonga. UNkulunkulu weqiniso nguye onginika amandla.” (IHu. 18:29, 32) Singase sibe nomuzwa wokuthi uvivinyo lwethu lunjengezindonga ezingacaceki. Kodwa ngosizo lukaJehova, singacaca noma yiluphi uvivinyo olusadonga! Yebo, lapho sithandazela usizo kuJehova, sicabanga ngakho konke asenzele kona, senza ngokuvumelana nesiqondiso sakhe, singaqiniseka ukuthi uzosinika amandla nokuhlakanipha esikudingayo ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nokukhathazeka!

^ Umuntu okhathazeka ngokweqile kungase kudingeke athole usizo lodokotela.