Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 16

Thola Injabulo Ngokwenzela UJehova Konke Okusemandleni Akho

Thola Injabulo Ngokwenzela UJehova Konke Okusemandleni Akho

“Yilowo nalowo makahlole izenzo zakhe.”​—GAL. 6:4.

INGOMA 37 Ukukhonza UJehova Ngomphefumulo Wonke

AMAZWIBELA *

1. Yini esenza saneliseke ngokujulile?

 UJEHOVA ufuna sijabule. Lokhu sikwazi ngoba injabulo iyisici sezithelo zomoya wakhe ongcwele. (Gal. 5:22) Njengoba kunenjabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni, sizizwa saneliseke ngokujulile lapho sihlanganyela ngokugcwele enkonzweni yobuKristu nalapho sisiza abafowethu ngezindlela ezihlukahlukene.​—IzE. 20:35.

2-3. (a) Njengoba kuboniswe kweyabaseGalathiya 6:4, yiziphi izinto ezimbili ezizosisiza sihlale sijabule enkonzweni kaJehova? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Njengoba kubhalwe kweyabaseGalathiya 6:4, umphostoli uPawulu usho izinto ezimbili ezizosisiza sihlale sijabule. (Yifunde.) Eyokuqala, umgomo wethu kufanele kube ukwenzela uJehova konke okusemandleni ethu. Uma simenzela konke okusemandleni ethu, lokho kufanele kusijabulise. (Math. 22:36-38) Eyesibili, kufanele sigweme ukuziqhathanisa nabanye. Kufanele simbonge uJehova ngalokho impilo yethu, ukuqeqeshwa, noma amakhono ethu emvelo okusivumela ukuba sikwazi ukukwenza. Vele konke esinakho kuvela kuye. Ngakolunye uhlangothi, uma abanye bephumelela kakhulu kunathi ezicini ezithile zenkonzo, kufanele kusijabulise ukuthi amakhono abo bawasebenzisela ukudumisa uJehova, hhayi ukuzigqamisa bona noma ukufeza ezabo izinjongo. Ngakho, kunokuba sincintisane nabo, kufanele sifunde kubo.

3 Kulesi sihloko, sizobona ukuthi yini esingayenza uma sinomuzwa wokuthi asikwazi ukwenza okwengeziwe enkonzweni yethu. Sizoxoxa nangokuthi singawasebenzisa kanjani amakhono okungenzeka sinawo, nokuthi yini esingayifunda ezibonelweni zabanye.

LAPHO SINOMUZWA WOKUTHI ASIKWAZI UKWENZA OKWENGEZIWE

Ukwenza okusemandleni ethu kuzo zonke izigaba zokuphila kwethu, kuyamjabulisa uJehova (Bheka izigaba 4-6) *

4. Yisiphi isimo esingenza umuntu adikibale? Nikeza isibonelo.

4 Ezinye izikhonzi zikaJehova zikuthola kunzima ukuzivumelanisa nezimo lapho zingasakwazi ukwenza okwengeziwe ngenxa yokukhula noma impilo engeyinhle. Yilokho okwenzeka kuCarol. Wake waba nelungelo lokukhonza endingekweni. Phakathi naleso sikhathi, waqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-35, wasiza nabaningi bathuthuka baze bazinikezela futhi babhapathizwa. UCarol wayenza kahle kakhulu enkonzweni! Wabe esegula, kwase kudingeka achithe isikhathi esiningi ekhaya. Uthi: “Ngiyazi ukuthi ngenxa yokugula, angikwazi ukwenza lokho abanye abakwazi ukukwenza, kodwa nginomuzwa wokuthi inkonzo yami ayigculisi njengeyabanye. Ngizithola ngifisa ukwenza okwengeziwe kodwa iqiniso liwukuthi angisakwazi, futhi kubuhlungu kakhulu ukulamukela lelo qiniso.” UCarol ufuna ukumenzela konke angamenzela kona uJehova. Kuyancomeka ngempela lokho! Singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wethu onesihawu uwazisa kakhulu umoya wakhe omuhle.

5. (a) Yini okufanele siyikhumbule uma sidikibaliswa esingasakwazi ukukwenza? (b) Njengoba kuboniswe ezithombeni, lo mzalwane uye waqhubeka kanjani enza okusemandleni akhe enkonzweni kaJehova?

5 Uma ngezinye izikhathi udikibaliswa ukuthi awusakwazi ukwenza okwengeziwe, zibuze, ‘Yini uJehova ayifunayo kimi?’ Ufuna okusemandleni akho​—kungakhathaliseki ukuthi kungakanani njengamanje. Cabanga ngalesi simo: Udade oneminyaka engu-80 uzizwa edikibele ngoba akasakwazi ukwenza lokho ayekwazi ukukwenza ngesikhathi eneminyaka engu-40. Unomuzwa wokuthi nakuba enza okusemandleni akhe, akenzi inhliziyo kaJehova ijabule. Kodwa kunjalo ngempela yini? Cabanga ngalokhu: Uma lo dade ayenza konke okusemandleni akhe ngesikhathi eneminyaka engu-40, kanti namanje usenza konke okusemandleni akhe njengoba eseneminyaka engu-80, kusho ukuthi akakaze ayeke ukwenza okusemandleni akhe. Uma siqala ukuba nomuzwa wokuthi ngandlela-thile inkonzo yethu ayanele ukuze yenze uJehova ajabule, kudingeka sizikhumbuze ukuthi uJehova nguye onqumayo ukuthi yini emjabulisayo. Uma senza okusemandleni ethu, kuyofana nokuthi uJehova uthi kithi: ‘Nenze kahle!’​—Qhathanisa noMathewu 25:20-23.

6. Yini esiyifunda esibonelweni sikaMaria?

6 Siyokuthola kulula ukuba abajabulayo uma sigxila kulokho esikwazi ukukwenza kunakulokho esingakwazi ukukwenza. Cabanga ngodade okuthiwa uMaria ophethwe isifo esimenza angakwazi ukwenza okwengeziwe enkonzweni. Waqale wazizwa engelusizo lwalutho futhi ecindezelekile. Kodwa wayesephawula ukuthi ebandleni kunodade ohlale esembhedeni ngenxa yokugula, wayesenquma ukusiza. UMaria uthi: “Ngenza izinhlelo zokushumayela naye ngocingo nangokubhala izincwadi. Njalo ngemva kokusebenza ndawonye, ngangifika ekhaya ngijabule futhi nganelisekile ngoba ngangikwazile ukusiza udadewethu.” Nathi singayandisa injabulo yethu uma sigxila kulokho esikwazi ukukwenza kunokugxila kulokho esingakwazi ukukwenza. Kuthiwani uma sinawo amandla okwenza okwengeziwe noma uma senza kahle kakhulu ezicini ezithile zenkonzo kaJehova?

UMA UNEKHONO​—‘LISEBENZISE’!

7. Yisiphi iseluleko esiwusizo umphostoli uPetru asinika amaKristu?

7 Encwadini yakhe yokuqala ephefumulelwe, umphostoli uPetru wanxusa abafowabo ukuba basebenzise noma yiziphi izipho namakhono abanawo ukuze bakhe abakholwa nabo. UPetru wabhala: “Ngokwezinga ngamunye amukele ngalo isipho, sisebenziseni ekukhonzaneni njengabaphathi abahle bomusa omkhulu kaNkulunkulu.” (1 Pet. 4:10) Akufanele siyeke ukuwasebenzisa ngokusemandleni ethu amakhono esinawo ngoba sesaba ukuthi abanye bangase babe nomona noma badikibale. Uma singenza kanjalo, siyobe asimenzeli uJehova okusemandleni ethu.

8. Ngokweyoku-1 Korinte 4:6, 7, kungani kufanele sigweme ukuqhosha ngamakhono ethu?

8 Kudingeka siwasebenzise ngokugcwele amakhono ethu, kodwa kumelwe siqaphele ukuba singaqhoshi ngawo. (Funda eyoku-1 Korinte 4:6, 7.) Ngokwesibonelo, ungase ube nekhono lokuqala izifundo zeBhayibheli. Akufanele uzigodle, ungalisebenzisi lelo khono! Kuhle ukuba nekhono, kodwa akukuhle ukuchoma ngalo. Ake sithi uxoxe kamnandi nomninikhaya ensimini, wawusuqala isifundo. Awusakwazi nokulinda, ufuna ukuxoxela abanye abaseqenjini lakho lenkonzo yasensimini. Kodwa uma ufika eqenjini, uthola udade othile exoxela abanye ukuthi ukwazile ukuhambisa umagazini. Yena uhambise umagazini; wena uqale isifundo. Uzokwenzenjani? Uyazi ukuthi kuzobakhuthaza abaseqenjini lokho okufezwe uwena, kodwa ungase ukhethe ukungaxoxi ngakho ngaleso sikhathi ukuze ungamdumazi udadewenu ohambise umagazini. Ukwenza kanjalo kuyobe kubonisa umusa ngempela. Kodwa wena, ungalokothi uyeke ukucela izifundo zeBhayibheli. Unekhono​—ngakho lisebenzise!

9. Kufanele siwasebenzise kanjani amakhono ethu?

9 Masikhumbule ukuthi noma yimaphi amakhono angokwemvelo esingase sibe nawo ayizipho ezivela kuNkulunkulu. Kufanele siwasebenzisele ukwakha ibandla, hhayi ukufeza ezethu izinjongo. (Fil. 2:3) Lapho sisebenzisa amandla namakhono ethu ukuze senze intando kaNkulunkulu, siyoba nesizathu sokujabula​—singajatshuliswa ukuthi siyabedlula abanye noma sibonakala singcono kunabo, kodwa sijatshuliswa ukuthi amakhono ethu siwasebenzisela ukudumisa uJehova.

10. Kungani kungahlakaniphile ukuziqhathanisa nabanye?

10 Uma umuntu engaqaphile, angase awele ogibeni lokuqhathanisa ikhono lakhe nobuthakathaka bomunye umuntu. Ngokwesibonelo, angase azibeke kahle kakhulu izinkulumo zeningi. Yikhono lakhe lelo. Kodwa ngaphakathi kungenzeka umbukela phansi umzalwane okuthola kunzima ukuzibeka kahle. Kodwa kungenzeka ukuthi lo mzalwane yena wenza kahle kakhulu ekungeniseni izihambi, ekuqeqesheni izingane zakhe noma uyashiseka ensimini. Siyabonga kakhulu ngokuba nabafowethu nodadewethu abanamakhono amahle abawasebenzisela ukukhonza uJehova nokusiza abanye!

FUNDA EZIBONELWENI ZABANYE

11. Kungani kufanele sizame ukulandela isibonelo sikaJesu?

11 Nakuba kufanele sikugweme ukuziqhathanisa nabanye, singazuza ngokufunda ezibonelweni zabantu abathembekile. Ukuze sikufanekise lokhu, ake sicabange ngoJesu. Nakuba ayengenasono, singafunda ezimfanelweni zakhe ezinhle nasezintweni azenza. (1 Pet. 2:21) Uma senza konke okusemandleni ethu ukuze silandele isibonelo sakhe eduze, simkhonza kangcono uJehova futhi siphumelela nakakhulu enkonzweni.

12-13. Singafundani eNkosini uDavide?

12 EZwini likaNkulunkulu, sithola izibonelo eziningi zabesilisa nabesifazane abathembekile okuthi nakuba babenesono, bakufanelekele ukuba sibalingise. (Heb. 6:12) Cabanga ngeNkosi uDavide uJehova ayibiza ngokuthi “umuntu ojabulisa inhliziyo yami,” noma njengoba enye inguqulo yeBhayibheli ikubeka, “umuntu ongithokozisa ngaphezu kwabo bonke abantu.” (IzE. 13:22) Kodwa wayenesono uDavide. Empeleni, wenza amaphutha amabi kakhulu. Naphezu kwalokho, uyisibonelo esihle kithi. Kungani? Kungenxa yokuthi lapho eboniswa amaphutha akhe, akazange abeke izaba. Kunalokho, wasamukela iseluleko esiqinile asithola futhi wazisola ngobuqotho ngalokho ayekwenzile. Ngenxa yalokho, uJehova wamthethelela.​—IHu. 51:3, 4, 10-12.

13 Singafunda esibonelweni sikaDavide ngokuzibuza: ‘Ngisabela kanjani lapho ngelulekwa? Ingabe ngiyashesha ukuvuma amaphutha, noma ngibeka izaba? Ingabe ngiyashesha ukusola abanye? Ngenza konke yini okusemandleni ukuze ngingawaphindi amaphutha?’ Ungazibuza imibuzo efanayo lapho ufunda ngabanye abantu besilisa nabesifazane abathembekile eBhayibhelini. Ingabe babhekana nezinselele ezifana nezakho? Iziphi izimfanelo ezinhle abazibonisa? Esimweni ngasinye, zibuze: ‘Ngingayilingisa kanjani le nceku kaJehova eqotho?’

14. Singazuza kanjani uma sibheka esikholwa nabo?

14 Singazuza nangokubheka esikholwa nabo, abancane nabadala. Ngokwesibonelo, ungacabanga yini ngothile ebandleni okhuthazelela uvivinyo ngokwethembeka​—mhlawumbe ukucindezela kontanga, ukuphikiswa umndeni noma impilo engeyinhle? Zikhona yini izimfanelo ezinhle kulo muntu ongathanda ukuzihlakulela ngezinga elithe xaxa? Ngokucabanga ngesibonelo sakhe esihle, ungase ufunde izindlela ezingakusiza ukhuthazelele olwakho uvivinyo. Sibonga kakhulu ngokuba nezibonelo zokholo eziphilayo esingazilingisa​—kuyisizathu sangempela sokujabula!​—Heb. 13:7; Jak. 1:2, 3.

JABULA ENKONZWENI OYENZELA UJEHOVA

15. Yisiphi iseluleko esanikezwa ngumphostoli uPawulu esingasisiza siqhubeke sijabula enkonzweni esiyenzela uJehova?

15 Ngamunye wethu kudingeka enze konke okusemandleni ukuze akhuthaze ukuthula nobunye ebandleni. Cabanga ngamaKristu ekhulu lokuqala. Ayenezipho nezabelo ezihlukahlukene. (1 Kor. 12:4, 7-11) Kodwa lokho akuwenzanga ancintisana noma ahlukana phakathi. Kunalokho, uPawulu wakhuthaza ngamunye wawo ukuba anezele okwakudingeka “ukuze kwakhiwe umzimba kaKristu.” UPawulu wabhalela abase-Efesu: “Lapho ilunga ngalinye lisebenza kahle, lokhu kwenezela ekukhuleni komzimba njengoba uzakha othandweni.” (Efe. 4:1-3, 11, 12, 16) Labo ababenza kanjalo babekhuthaza ukuthula nobunye​—okuyizimfanelo esizibona emabandleni namuhla.

16. Yini okufanele sizimisele ukuyenza? (Hebheru 6:10)

16 Zimisele ukugwema ukuziqhathanisa nabanye. Kunalokho, funda kuJesu, ulwele nokulingisa izimfanelo zakhe. Zuza ezibonelweni zokholo eziseBhayibhelini nezanamuhla. Njengoba uqhubeka wenza konke okusemandleni akho, qiniseka ukuthi uJehova ‘akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wakho.’ (Funda eyamaHebheru 6:10.) Qhubeka uyijabulela inkonzo oyenzela uJehova, wazi ukuthi uyayazisa imizamo yakho yomphefumulo wonke yokumthokozisa.

INGOMA 65 Qhubekela Phambili!

^ Sonke singazuza ngokufunda ezibonelweni zabanye. Kodwa kunezingozi okumelwe sizigweme. Lesi sihloko sizosisiza sihlale sijabule futhi sigweme ugibe lokuqhosha noma lokudikibala lapho sibona okufezwa abanye.

^ INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane wayekhonza eBethel esemusha. Wabe eseshada, waphayona nomkakhe. Lapho esenezingane, waziqeqesha enkonzweni. Manje, njengoba esekhulile uyaqhubeka enza okusemandleni akhe, ushumayela ngokubhala izincwadi.