Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amacebiso Okutadisha

Amacebiso Okutadisha

Uyazuza yini ezincazelweni zamavesi eBhayibheli ezisencwadini ethi INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova?

Lezi zincazelo zingakusiza umbe ujule eZwini likaNkulunkulu. Zingase zihlanganise nokuthi kwakunjani ngesikhathi kwenzeka izinto ezishiwo evesini leBhayibheli, ukuthi kungani labhalwa, labhalelwa bani noma zinikeze incazelo yamagama noma yeqoqo lamagama.

Lapho usebenzisa i-ONLINE LIBRARY YeBhayibheli ne-JW Library® uyakwazi ukuthi uma usevesini elithile leBhayibheli uthole izikhombo zencwadi ethi INcwadi Yokucwaninga. Lezo zikhombo ungazithola engxenyeni eseceleni yanoma yiliphi iBhayibheli elikhona lapho.

Lapho usebenzisa lezi zikhombo, nakisisa ukuthi ezanini. Izihloko ezintsha ziba phezulu. Uma wehlela ngezansi kunezihloko ezindala okungenzeka zinendlela esasiqonda ngayo imiBhalo kodwa eseyalungiswa.

  • Izikhombo zamavesi zencwadi ethi INcwadi Yokucwaninga uzozithola sezivulekile kuyi-ONLINE LIBRARY YeBhayibheli.

  • Ku-JW Library, ukuze uthole izikhombo zamavesi, dawuniloda INcwadi Yokucwaninga bese ufaka uhlelo lwayo lwamuva uma selukhona. Lokhu ungakwenza ngokuchofoza ibhathini elithi “Dawuniloda” elitholakala phezulu engxenyeni eseceleni yanoma yisiphi isahluko seBhayibheli.