Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 19

Esingakwenza Ukuze Sihlale Sinokholo Oluqinile Esithembisweni SikaJehova Sezwe Elisha

Esingakwenza Ukuze Sihlale Sinokholo Oluqinile Esithembisweni SikaJehova Sezwe Elisha

“Lapho [uJehova] esho okuthile, ngeke yini akwenze?”​—NUM. 23:19.

INGOMA 142 Ukubambelela Ngokuqinile Ethembeni Lethu

AMAZWIBELA a

1-2. Yini okudingeka siyenze njengoba sisalinde izwe elisha?

 SIYIGUGU kakhulu kithi isithembiso sikaJehova esithi uzoletha izwe elisha elinokulunga esikhundleni saleli zwe elibi. (2 Pet. 3:13) Nakuba singazi ukuthi lelo zwe elisha lizofika nini, izinto esizibonayo zifakazela ukuthi ngeke silinde isikhathi eside.​—Math. 24:32-34, 36; IzE. 1:7.

2 Okwamanje, kungakhathaliseki ukuthi sesiside kangakanani isikhathi sikhonza uJehova, sonke kudingeka sibe nokholo oluqinile kuleso sithembiso. Kungani? Kungoba ngisho nokholo oluqinile lungaba buthaka. Eqinisweni, umphostoli uPawulu wathi ukuntula ukholo ‘kuyisono esisithandela kalula.’ (Heb. 12:1) Ukuze ukholo lwethu lungabi buthaka, kudingeka sizibuyekeze njalo izinto ezifakazela ukuthi izwe elisha lizofika maduze.​—Heb. 11:1.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezindlela ezintathu ezingasisiza sihlale sinokholo oluqinile esithembisweni sikaJehova sezwe elisha: (1) ukuzindla ngesihlengo, (2) ukuzindla ngamandla kaJehova (3) nokuchitha isikhathi senza izinto ezisisondeza kuJehova. Sizobe sesixoxa ngokuthi umyalezo kaJehova oya kuHabakuki uluqinisa kanjani ukholo lwethu namuhla. Nokho, ake siqale sixoxe ngezimo okungenzeka sibhekene nazo kwamanje ezidinga ukuba sibe nokholo oluqinile esithembisweni sikaJehova sezwe elisha elizayo.

IZIMO EZIDINGA UKUBA SIBE NOKHOLO OLUQINILE

4. Yiziphi izinqumo ezidinga sibe nokholo oluqinile?

4 Zonke izinsuku senza izinqumo ezidinga ukuba sibe nokholo oluqinile. Ngokwesibonelo, senza izinqumo eziphathelene nokuthi obani esizozihlanganisa nabo, sizozijabulisa ngani, eziphathelene nemfundo, umshado, izingane nomsebenzi wokuziphilisa. Kuhle sizibuze: ‘Izinto engikhetha ukuzenza ziyabonisa yini ukuthi ngiyaqiniseka ukuthi leli zwe elibi lingelesikhashana futhi ngokushesha lizothathelwa indawo izwe elisha likaNkulunkulu? Noma ingabe izinto engikhetha ukuzenza zithonywa abantu abanombono wokuthi baphilela olwanamuhla kuphela?’ (Math. 6:19, 20; Luka 12:16-21) Sizokwenza izinqumo ezinhle kakhulu uma sinokholo oluqinile lokuthi izwe elisha seliseduze.

5-6. Kungani kudingeka sibe nokholo oluqinile lapho sibhekene nezingcindezi? Fanekisa.

5 Sibhekana nanovivinyo oludinga sibe nokholo oluqinile. Singase sishushiswe, siphathwe isifo esingamahlalakhona, noma sibhekane nokunye okungasidikibalisa. Ekuqaleni, singase sibe nomuzwa wokuthi sizokwazi ukubhekana nalolo vivinyo. Kodwa uma luqhubeka isikhathi eside​—njengoba kuvame ukuba njalo—​kuzodingeka sibe nokholo oluqinile ukuze sikwazi ukulukhuthazelela, siqhubeke sikhonza uJehova ngenjabulo.​—Roma 12:12; 1 Pet. 1:6, 7.

6 Lapho sibhekene novivinyo, singase sibe nomuzwa wokuthi izwe elisha likaJehova alisoze lafika. Ingabe lokho kusho ukuthi ukholo lwethu lubuthaka? Akusho lokho ngempela. Cabanga ngalo mfanekiso. Ebusika obushubisa umnkantsha, singase sicabange ukuthi ihlobo alisoze lafika. Kodwa liyafika. Ngokufanayo, lapho siphelelwe yithemba, singase sicabange ukuthi izwe elisha alisoze lafika. Kodwa uma ukholo lwethu luqinile, siyazi ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu zizogcwaliseka. (IHu. 94:3, 14, 15; Heb. 6:17-19) Uma siqiniseka ngalokho, singaqhubeka senza ukukhonza uJehova kuze kuqala ekuphileni kwethu.

7. Yini okumele siqaphele ukuba ingasithonyi?

7 Cabanga nangokunye okudinga sibe nokholo oluqinile​—ukushumayela. Abantu abaningi esibashumayezayo bacabanga ukuthi ziyinganekwane nje ‘izindaba ezinhle’ eziphathelene nezwe elisha likaNkulunkulu elizayo. (Math. 24:14; Hez. 33:32) Asifuni nanini ukuthonywa ukungabaza kwabo. Ukuze kungenzeki lokho, kumele siqhubeke siqinisa ukholo lwethu. Ake sixoxe ngezindlela ezintathu esingakwenza ngazo lokho.

ZINDLA NGESIHLENGO

8-9. Ukuzindla ngesihlengo kungaluqinisa kanjani ukholo lwethu?

8 Enye indlela esingaqinisa ngayo ukholo iwukuzindla ngesihlengo. Isihlengo siyisiqinisekiso sokuthi izithembiso zikaNkulunkulu zizogcwaliseka nakanjani. Lapho sicabangisisa ngokuthi kungani uJehova alungiselela isihlengo nokuthi kungakanani akudela, sisuke sibonisa ukuthi sinokholo oluqinile lokuthi sizogcwaliseka nakanjani isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi sizophila phakade ezweni elihle. Kungani sisho kanjalo?

9 Kanti sasihilelani isihlengo? UJehova wathumela iNdodana yakhe ayithandayo eyizibulo, ayesondelene nayo kakhulu, isuka ezulwini ukuze izalwe njengomuntu ongenasono. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni wakhuthazelela zonke izinhlobo zobunzima. Ngemva kwalokho, wahlupheka wayesefa kabuhlungu. UJehova wadela okukhulu kakhulu lapho elungiselela isihlengo! UNkulunkulu wethu onothando wayengeke avumele iNdodana yakhe ihlupheke futhi ife ukuze nje asinikeze ukuphila okungcono kodwa okufushane. (Joh. 3:16; 1 Pet. 1:18, 19) Njengoba adela okukhulu kangaka, uJehova uzoqikelela ukuthi sizokwazi ukuphila phakade ezweni elisha.

ZINDLA NGAMANDLA KAJEHOVA

10. Ngokweyabase-Efesu 3:20, yini uJehova akwazi ukuyenza?

10 Indlela yesibili yokuqinisa ukholo lwethu iwukuzindla ngamandla kaJehova. Unamandla okwenza yonke into ayithembisile. Yiqiniso, ukugcwaliseka kwesithembiso sokuphila phakade ezweni elisha kungabonakala kungenakwenzeka. Kodwa uJehova uvame ukuthembisa izinto abantu abangeke bakwazi ukuzenza. Phela yena unguNkulunkulu onguMninimandla Onke. (Jobe 42:2; Marku 10:27) Asimangali-ke lapho enza izithembiso ezimangalisayo!—Funda eyabase-Efesu 3:20.

11. Nikeza isibonelo sezithembiso ezimangalisayo zikaNkulunkulu. (Bheka ibhokisi elithi “ Ezinye Zezithembiso Ezimangalisayo Ezagcwaliseka.”)

11 Cabanga ngezinye zezinto ezazibonakala zingenakwenzeka uJehova ayezithembisile endulo. Waqinisekisa u-Abrahama noSara ngokuthi babeyothola indodana sebekhulile. (Gen. 17:15-17) Watshela u-Abrahama nokuthi inzalo yakhe yayizonikwa izwe laseKhanani. Phakathi neminyaka eminingi leyo nzalo ka-Abrahama engama-Israyeli iyizigqila eGibhithe, kumele ukuba kwakubonakala sengathi leso sithembiso asisoze sagcwaliseka. Kodwa sagcwaliseka. Kamuva, uJehova wamemezela ukuthi u-Elizabethe owayesekhulile wayezothola ingane. Watshela noMariya, owayeyintombi nto, ukuthi uzozala iNdodana eyayizoba ngekaJehova. Eminyakeni eminingi ngaphambili, ensimini yase-Edene, uJehova wayebikezele ukuthi izozalwa le Ndodana​—okuyisithembiso naso esagcwaliseka!​—Gen. 3:15.

12. UJoshuwa 23:14 no-Isaya 55:10, 11 basiqinisekisa ngani mayelana namandla kaJehova?

12 Siqinisa ukholo lwethu lokuthi uJehova unamandla okuletha izwe elisha ngokuzindla ngomlando wakhe wokwenza izithembiso nokuzigcwalisa. (Funda uJoshuwa 23:14; Isaya 55:10, 11.) Lokho kusenza sikulungele kahle ukusiza abanye baqonde ukuthi izwe elisha uNkulunkulu alithembisile alilona iphupho nje, aliyona inganekwane. Ngokuqondene namazulu amasha nomhlaba omusha, uJehova wathi: “La mazwi athembekile, ayiqiniso.”​—IsAm. 21:1, 5.

YENZA IZINTO EZIKUSONDEZA KUJEHOVA

IMIHLANGANO YEBANDLA

Imihlangano yebandla ingaluqinisa kanjani ukholo lwakho? (Bheka isigaba 13)

13. Imihlangano yebandla iluqinisa kanjani ukholo lwethu? Chaza.

13 Indlela yesithathu esiqinisa ngayo ukholo lwethu iwukuba sizinike isikhathi sokwenza izinto ezisisondeza kuJehova. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela esizuza ngayo emihlanganweni yebandla. U-Anna, osechithe isikhathi eside emikhakheni ehlukahlukene yenkonzo yesikhathi esigcwele, uthi: “Imihlangano igcina ukholo lwami luqinile. Ngisho noma isikhulumi singenalo ikhono elingako lokufundisa noma kungekho lutho olusha esikushoyo, ngokuvamile kuba khona okuthile engikuzwayo okungisiza ngiliqonde kangcono iBhayibheli, lokho kuluqinisa ngempela ukholo lwami.” b Akungabazeki ukuthi siyazazisa nezimpendulo zabafowethu nodadewethu eziqinisa ukholo.​—Roma 1:11, 12; 10:17.

INKONZO YASENSIMINI

Inkonzo yasensimini ingaluqinisa kanjani ukholo lwakho? (Bheka isigaba 14)

14. Inkonzo yasensimini iluqinisa kanjani ukholo lwethu?

14 Siqinisa ukholo lwethu nalapho sihlanganyela enkonzweni yasensimini. (Heb. 10:23) UBarbara, osekhonze uJehova iminyaka engaphezu kuka-70, uthi: “Ukushumayela bekulokhu kungiqinisa ukholo. Ukuhlale ngixoxela abanye ngezithembiso zikaJehova ezimangalisayo kwenza ukholo lwami luqine ngisho nakakhulu.”

ISIFUNDO SOMUNTU SIQU

Isifundo somuntu siqu singaluqinisa kanjani ukholo lwakho? (Bheka isigaba 15)

15. Isifundo somuntu siqu siluqinisa kanjani ukholo lwethu? (Bheka nezithombe.)

15 Kukhona nokunye okuqinisa ukholo lwethu: isifundo somuntu siqu. USusan uthi kuyamsiza ukuhlela isikhathi azotadisha ngaso. Uthi: “NgeSonto, ngitadisha iSifundo Se-Nqabayokulinda sangeviki elilandelayo. NgoMsombuluko nangoLwesibili ngilungiselela umhlangano waphakathi neviki. Ngalezi ezinye izinsuku kuba nento ethile engiyifundayo.” Ngenxa yokuthi uSusan unamathela esimisweni sakhe sokutadisha, ukholo lwakhe luyaqhubeka luqina. U-Irene, osekhonze iminyaka eminingi endlunkulu, uthi ukutadisha iziprofetho zeBhayibheli kuluqinisile ukholo lwakhe. Uthi: “Kuyangimangaza ukubona ukuthi ngisho nemininingwane emincane yeziprofetho zikaJehova iyagcwaliseka.” c

“NAKANJANI UZOGCWALISEKA”

16. Kungani kuthiwa isiqinisekiso uJehova asinika uHabakuki siyasithinta nathi namuhla? (Hebheru 10:36, 37)

16 Sekuyisikhathi eside ezinye izinceku zikaJehova zilinde ukuba leli zwe elibi liphele. Abanye abantu bacabanga ukuthi leli zwe elibi kufanele engabe kade laphela. Kodwa uJehova uyayazi indlela izinceku zakhe ezizizwa ngayo. Empeleni waqinisekisa umprofethi uHabakuki: “Umbono uzogcwaliseka ngesikhathi esimisiwe, leso sikhathi sizofika ngokushesha, ngeke uqambe amanga. Ngisho noma ungase ulibale, hlala uwulindele! Ngoba nakanjani uzogcwaliseka. Ngeke wephuze!” (Hab. 2:3) Ingabe uNkulunkulu wayeqinisekisa uHabakuki kuphela? Noma ingabe amazwi aKhe ayasithinta nathi namuhla? Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu wathi lawo mazwi asebenza kumaKristu alindele izwe elisha. (Funda eyamaHebheru 10:36, 37.) Ngakho, singaqiniseka ukuthi ngisho noma ukukhululwa esikuthenjisiwe kubonakala sengathi kuyalibala, ‘nakanjani kuzogcwaliseka. Ngeke kwephuze!’

17. Omunye udade wasisebenzisa kanjani iseluleko uJehova asinikeza uHabakuki?

17 Izinceku zikaJehova eziningi ziye zasisebenzisa iseluleko sakhe ‘sokuhlala zilindile’​—ngisho noma sekuphele iminyaka eminingi. Ngokwesibonelo, uLouise waqala ukukhonza uJehova ngo-1939. Uthi: “Ngaleso sikhathi, ngangicabanga ukuthi i-Armagedoni iyofika ngingakaqedi esikoleni samabanga aphezulu. Kodwa ayifikanga. Njengoba iminyaka ihamba, kwangisiza ukufunda izindaba eziseBhayibhelini ezikhuluma ngabantu abalindela uJehova ukuba agcwalise izithembiso zakhe. Labo bantu bahlanganisa uNowa, u-Abrahama, uJosefa kanye nabanye okwadingeka balinde isikhathi eside ngaphambi kokuthola umvuzo ababewuthenjiswe uJehova. Ukuhlala ngilindile kwenze mina nabanye sagxila ekutheni izwe elisha liseduze ngempela.” Abanye asebekhonze uJehova isikhathi eside nabo bayavumelana nalokhu!

18. Ukubuka indalo kungaluqinisa kanjani ukholo lwethu ekutheni izwe elisha lizofika?

18 Yiqiniso, izwe elisha alikakabi khona. Kodwa cabanga ngezinto ezikhona njengamanje​—izinkanyezi, izihlahla, izilwane nabantu. Akekho ongangabaza ukuthi lezi zinto zikhona nakuba zazingekho ekuqaleni. Zikhona ngenxa nje yokuthi uJehova wazidala. (Gen. 1:1, 26, 27) UNkulunkulu wethu uthembise nokuthi uzoletha izwe elisha. Uzosigcwalisa leso sithembiso. Ezweni elisha abantu bayophila phakade beyimiqemane. Ngesikhathi esinqunywe uNkulunkulu, izwe elisha lizoba khona njengoba nje kukhona izulu nomhlaba.​—Isaya 65:17; IsAm. 21:3, 4.

19. Ungaluqinisa kanjani ukholo lwakho?

19 Lingakafiki izwe elisha, yenza konke ongakwenza ukuze uqinise ukholo lwakho. Sazise isihlengo. Zindla ngamandla kaJehova. Yenza izinto ezikusondeza kuJehova. Uma wenza kanjalo, uyoba phakathi kwalabo “okuthi ngokholo nangokubekezela bazuze izithembiso.”​—Heb. 6:11, 12; Roma 5:5.

INGOMA 139 Zibone Lapho Konke Sekukusha

a Abaningi namuhla abasikholwa isithembiso esiseBhayibhelini sokuthi kuzoba nezwe elisha. Bacabanga ukuthi simane siyiphupho nje, inganekwane uqobo lwayo. Nokho, siyaqiniseka ukuthi zonke izithembiso zikaJehova zizogcwaliseka. Noma kunjalo, kumele siqhubeke siluqinisa ukholo lwethu. Kanjani? Lesi sihloko sizochaza.

b Amanye amagama ashintshiwe.

c Izihloko eziningi ezikhuluma ngeziprofetho zeBhayibheli zitholakala ngaphansi kwesihloko esithi “Prophecy” kuyi-Watch Tower Publications Index. Ngokwesibonelo, bheka isihloko esithi “Lokho UJehova Akubikezelayo Kuyagcwaliseka,” kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 1, 2008.