Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 18

Khuthazanani Emihlanganweni Yebandla

Khuthazanani Emihlanganweni Yebandla

“Masicabangelane . . . , sikhuthazane.”​—HEB. 10:24, 25.

INGOMA 88 Ngenze Ngazi Izindlela Zakho

AMAZWIBELA a

1. Kungani siphendula emihlanganweni?

 KUNGANI siya emihlanganweni yebandla? Ngokuyinhloko, ukuze siyodumisa uJehova. (IHu. 26:12; 111:1) Esinye isizathu ukuba sikhuthazane kulezi zikhathi ezinzima. (1 Thes. 5:11) Lapho siphakamisa ukuze siphendule, sisuke sizenza zombili lezi zinto.

2. Yimaphi amathuba esinawo okuphendula emihlanganweni?

2 Isonto ngalinye, siba namathuba okuphendula emihlanganweni. Ngokwesibonelo, ebandleni singaphendula eSifundweni Se-Nqabayokulinda ngezimpelasonto. Emihlanganweni yaphakathi neviki singase siphendule engxenyeni ethi Amagugu Angokomoya, eSifundweni SeBhayibheli Sebandla nakwezinye izingxenye okudingeka izilaleli ziphendule kuzo.

3. Yiziphi izinselele esingase sibhekane nazo, futhi ingasisiza kanjani eyamaHebheru 10:24, 25?

3 Sonke sifuna ukudumisa uJehova, sikhuthaze nabanye esikhonza nabo. Kodwa lapho siphendula, singase sibhekane nezinselele. Singase sesabe ukuphendula noma singase sibe nesifiso esikhulu sokuphendula kodwa singakhonjwa kaningi ngendlela esifisa ngayo. Yini engasisiza? Impendulo siyithola encwadini umphostoli uPawulu ayibhalela amaHebheru. Lapho ekhuluma ngokubaluleka kokuhlangana ndawonye, wathi kufanele sigxile ‘ekukhuthazaneni.’ (Funda eyamaHebheru 10:24, 25.) Lapho siqaphela ukuthi ezinye izilaleli zingakhuthazwa ngisho nayimpendulo yethu elula ebonisa ukholo, ngeke sesabe ukuphendula. Uma singakhonjwa njalo, kuyosijabulisa ukuthi abanye ebandleni bazolithola ithuba lokuphendula.​—1 Pet. 3:8.

4. Yiziphi izinto ezintathu esizoxoxa ngazo kulesi sihloko?

4 Kulesi sihloko, sizoqale sixoxe ngokuthi singakhuthazana kanjani uma sisebandleni elincane, elinabantu abambalwa abazophendula. Sizobe sesixoxa ngokuthi singakhuthazana kanjani uma sisebandleni elikhulu, elinabantu abaningi abazophendula. Ekugcineni, sizobe sesixoxa ngezinto esingazenza ukuze esikushoyo lapho siphendula kubakhuthaze ngempela abanye.

KHUTHAZANANI EBANDLENI ELINCANE

5. Singakhuthazana kanjani uma kukhona abantu abambalwa ebandleni?

5 Ebandleni elincane noma eqenjini, ababaningi kangako abantu umqhubi angabakhomba ukuze baphendule. Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke ame, alinde isikhashana kuze kube khona ophakamisayo. Lokho kungenza umhlangano udonse​—okuyinto engakhuthazi nhlobo. Yini ongayenza? Kukhuthalele ukuphakamisa kaningana. Uma wenza kanjalo, ungase ukhuthaze abanye ukuba nabo baphakamise.

6-7. Singalunciphisa kanjani uvalo esinalo ngokuphendula?

6 Kuthiwani-ke uma ukucabanga nje ngokuphendula kukushayisa ngovalo? Baningi abazizwa ngaleyo ndlela. Nokho, ukuze ubakhuthaze ngisho nakakhulu abafowenu nodadewenu, kungani ungabheki ukuthi yiziphi izinto ongazenza ukuze unciphise uvalo? Ungakwenza kanjani lokho?

7 Kungakusiza ukubuyekeza amanye amacebiso atholakala komagazini bakudala be-Nqabayokulinda. b Ngokwesibonelo, lungiselela kahle. (IzAga 21:5) Uma uyazi kahle indaba okuzoxoxwa ngayo, kuyoba lula nokuphendula. Gcina nezimpendulo zakho zimfushane. (IzAga 15:23; 17:27) Impendulo emfushane izokusiza ungethuki kakhulu. Kungase kube lula ngabafowenu nodadewenu ukuba baqonde impendulo emfushane, mhlawumbe umusho owodwa noma emibili, kunempendulo ende enamaphuzu amaningi. Uma unikeza impendulo emfushane ngamazwi akho, uyobonisa ukuthi ulungiselele kahle nokuthi ukuqonda kahle okufundwayo.

8. UJehova uzizwa kanjani ngemizamo yethu eqotho?

8 Kuthiwani uma usuwazamile amanye ala macebiso kodwa usenovalo lokuphendula kaningana? Qiniseka ngokuthi uJehova uyazisa kakhulu imizamo yakho eqotho yokwenza okusemandleni. (Luka 21:1-4) Akasiceli ukuba senze okungaphezu kwamandla ethu. (Fil. 4:5) Bona ukuthi yini ongayenza, uzibekele umgomo wokuyenza, ucele uJehova akuphe inhliziyo ezolile. Ekuqaleni, lowo mgomo ungaba ukunikeza impendulo eyodwa emfushane.

KHUTHAZANANI EBANDLENI ELIKHULU

9. Iyiphi inselele engaba khona ebandleni elikhulu?

9 Uma ibandla lenu linabamemezeli abaningi, ungase ube nenselele ehlukile. Kungenzeka babe baningi abazalwane nodade abaphakamisayo bese wena ungawatholi amathuba amaningi okuphendula. Ngokwesibonelo, uDanielle ubelokhu elithola njalo ithuba lokuphendula emihlanganweni. c Ithuba lokuphendula ulibheka njengendlela yakhe yokukhonza uJehova, indlela akhuthaza ngayo abanye, nendlela yokugxilisa amaqiniso eBhayibheli engqondweni yakhe. Kodwa lapho ethuthela ebandleni elikhulu wayengasavamile ukukhonjwa​—ngezinye izikhathi angakhonjwa ngisho nakanye uze uphele umhlangano. Wathi: “Kwakungicasula lokho. Ngangizizwa sengathi kukhona ilungelo engiphucwe lona. Uma kulokhu kwenzeka kaningi, uqala ukuzibuza ukuthi akwenziwa yini ngamabomu.”

10. Yini esingayenza ukuze sandise amathuba okuphendula?

10 Kwake kwenzeka yini wazizwa njengoDanielle? Uma kunjalo, ungase ulingeke ukuba ungabe usaphakamisa nhlobo, uvele ulalele nje. Kodwa ungayeki ukuphakamisa. Yini ongayenza? Kungakusiza ukulungiselela izimpendulo eziningana umhlangano ngamunye. Uma ungakhonjwanga ngasekuqaleni komhlangano, usuke usazoba nawo amathuba okuphendula njengoba umhlangano uqhubeka. Lapho ulungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda, cabanga ngendlela isigaba ngasinye esihlobana ngayo nesihloko. Uma wenza kanjalo, cishe uyoba nazo izimpendulo ongazinikeza njengoba isifundo siqhubeka. Ngaphezu kwalokho, ungase ulungiselele izimpendulo zezigaba ezikhuluma ngamaqiniso ajulile okungelula ukuwachaza. (1 Kor. 2:10) Kungani? Kungoba bangase babe mbalwa abazophakamisa kuleyo ngxenye yesifundo. Kuthiwani uma naphezu kokuzama la macebiso uthola ukuthi ngemva kwemihlangano eminingana awukalitholi ithuba lokuphendula? Ungakhuluma nomqhubi ngaphambi kokuba kuqale umhlangano, umazise ukuthi yimuphi umbuzo ofisa ukuwuphendula.

11. EyabaseFilipi 2:4 isikhuthaza ukuba senzeni?

11 Funda eyabaseFilipi 2:4. Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba akhathalelane. Singasisebenzisa kanjani leso seluleko emihlanganweni? Ngokukhumbula ukuthi njengathi, nabanye abantu bayakuthanda ukuphendula.

Njengoba nje ubanika ithuba lokukhuluma abanye lapho nixoxa, banike ithuba lokuphendula nabanye emihlanganweni (Bheka isigaba 12)

12. Iyiphi indlela enhle yokukhuthaza abanye emihlanganweni? (Bheka nesithombe.)

12 Awucabange ngalokhu. Lapho uxoxa nabangani bakho, ingabe ubuyokhuluma kakhulu baze bangalitholi ngisho nethuba lokukhuluma? Ubungeke! Uyafuna ukuba nabo bakhulume. Kunjalo nasemihlanganweni, sifuna ukunikeza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ithuba lokuphendula. Empeleni, indlela enhle kakhulu yokukhuthaza abafowethu nodadewethu ukubanikeza ithuba lokukhuluma ngokholo lwabo. (1 Kor. 10:24) Ake sixoxe ngokuthi singakwenza kanjani lokho.

13. Yini esingayenza ukuze babe baningi abazophendula?

13 Okunye esingakwenza, ukunikeza izimpendulo ezimfushane ukuze babe baningi abazophendula. Abadala nabamemezeli abangomakadebona bangabeka isibonelo. Ngisho nalapho unikeza impendulo emfushane, gwema ukukhuluma ngamaphuzu amaningi. Uma uphendula isigaba sonke, akukho okuzosalela abanye. Ngokwesibonelo, kulesi sigaba kunamacebiso amabili​—nikeza izimpendulo ezimfushane, ugweme ukukhuluma ngamaphuzu amaningi. Uma ukhonjwa kuqala kulesi sigaba, ungawashaqi wonke amaphuzu, yisho elilodwa.

Kunini lapho singakhetha khona ukungaphakamisi emhlanganweni? (Bheka isigaba 14) f

14. Yini engasisiza sinqume ukuthi sizophakamisa kangaki? (Bheka nesithombe.)

14 Sebenzisa ukuqonda ukuze unqume ukuthi uzophakamisa kangaki. Uma siphakamisa isigaba nesigaba, singase senze umqhubi azizwe ecindezelekile ukuba asikhombe kaningi kube kunabantu abangakalitholi ithuba lokuphendula. Lokhu kungenza abanye baphele amandla, bangabe besaphakamisa.​—UmSh. 3:7.

15. (a) Yini okungafanele siyenze uma singakhonjwa? (b) Abaqhubi bangabonisa kanjani ukuthi bayabacabangela bonke abantu? (Bheka ibhokisi elithi “ Okufanele Kuqashelwe Umqhubi.”)

15 Lapho bebaningi abamemezeli abaphakamisayo emhlanganweni, singase singalitholi ithuba lokuphendula kaningi ngendlela esithanda ngayo. Ngezinye izikhathi umqhubi angase angakwazi nhlobo ukusikhomba. Lokho kungasiqeda amandla, kodwa akufanele sicasuke lapho singakhonjwa.​—UmSh. 7:9.

16. Singabakhuthaza kanjani abanye abaphendulayo?

16 Uma ungakwazi ukuphendula kaningi ngendlela ongathanda ngayo, lalelisisa labo abaphendulayo bese kuthi ngemva komhlangano ubancome ngezimpendulo zabo. Ukuncoma abafowenu nodadewenu kungabakhuthaza ngendlela izimpendulo zakho ebezingabakhuthaza ngayo. (IzAga 10:21) Ukuncoma abanye kungenye indlela esingakhuthazana ngayo.

EZINYE IZINDLELA ESINGAKHUTHAZANA NGAZO

17. (a) Abazali bangazisiza kanjani izingane zilungiselele izimpendulo ezifanelana neminyaka yazo? (b) Ividiyo ithi iziphi izinto ezine ongazenza lapho ulungiselela impendulo? (Bheka nombhalo waphansi.)

17 Iyiphi enye indlela esingakhuthazana ngayo emihlanganweni? Uma ungumzali, siza izingane zakho zilungiselele izimpendulo ezifanelana neminyaka yazo. (Math. 21:16) Ngezinye izikhathi, emhlanganweni kukhulunywa ngezindaba ezibucayi, njengezinkinga zasemshadweni nezindaba eziphathelene nokuziphatha, kodwa cishe siyoba khona isigaba esisodwa noma ezimbili ingane engaphendula kuso. Siza izingane zakho ziqonde nokuthi cishe ngeke zikhonjwe njalo lapho ziphakamisile. Ukuzichazela lokho kuyozenza zingadumali lapho kukhonjwa abanye esikhundleni sazo.​—1 Thim. 6:18. d

18. Singakugwema kanjani ukuzidonsela amehlo lapho siphendula? (IzAga 27:2)

18 Sonke singazilungiselela izimpendulo ezakhayo, ezidumisa uJehova, zikhuthaze namanye amaKristu. (IzAga 25:11) Nakuba ngezinye izikhathi singase sikusho okuye kwenzeka kithi, kufanele sigweme ukukhuluma kakhulu ngathi. (Funda izAga 27:2; 2 Kor. 10:18) Kunalokho, sizama ukugxila kuJehova, eZwini lakhe nakubantu bakhe bebonke. (IsAm. 4:11) Kodwa uma umbuzo wesigaba ufuna sisho okuye kwenzeka kithi, kuyafaneleka ukukusho. Isibonelo salokhu sisesigabeni esilandelayo salesi sihloko.

19. (a) Uyoba yini umphumela uma sibacabangela bonke abasemhlanganweni? (Roma 1:11, 12) (b) Yini wena oyithanda kakhulu ngokuphendula emihlanganweni?

19 Nakuba ingekho imithetho eqinile yendlela okufanele siphendule ngayo, sonke singazama ukukhuthazana lapho siphendula. Lokhu kungase kusho ukuthi masiphendule izikhathi ezimbalwa. Noma kungase kusho ukuthi masaneliswe amathuba esiwatholayo okuphendula, sikujabulele ukuthi nabanye bayalithola ithuba lokuphendula. Uma sigxila ekucabangeleni abanye emihlanganweni yebandla, sonke ‘singakhuthazana.’​—Funda eyabaseRoma 1:11, 12.

INGOMA 93 Busisa Ukuhlangana Kwethu

a Siyakhuthazana lapho siphendula emihlanganweni. Abanye nokho, bayesaba ukuphendula. Abanye bayakuthanda ukuphendula futhi bafisa sengathi bangakhonjwa kaningana. Kunoma yisiphi isimo, singabonisa kanjani ukuthi siyacabangelana ukuze sonke sikhuthazeke? Singaphendula kanjani ngendlela ezokhuthaza abafowethu nodadewethu ukuba babonise uthando benze nemisebenzi emihle? Lesi sihloko sizochaza.

b Ukuze uthole amacebiso engeziwe, bheka INqabayokulinda kaJanuwari 2019, kk. 8-13 nekaSepthemba 1, 2003, kk. 19-22.

c Igama lishintshiwe.

e Bheka INqabayokulinda kaJulayi 15, 2013, k. 32 nekaSepthemba 1, 2003, kk. 21-22.

f INCAZELO YESITHOMBE: Ebandleni elikhulu, umzalwane osephendulile unikeza abanye ithuba lokuphendula.