Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 15

Singafundani Ezimangalisweni Ezenziwa UJesu?

Singafundani Ezimangalisweni Ezenziwa UJesu?

“Walihamba lonke izwe enza okuhle, elapha.”​—IZE. 10:38.

INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu

AMAZWIBELA a

1. Chaza ukuthi kwakwenzekani lapho uJesu enza isimangaliso sokuqala.

 AKE ucabange ngalokhu: Kungasekupheleni kuka-29 C.E., uJesu usanda kuqala inkonzo yakhe. UJesu nomama wakhe, uMariya, nabanye abafundi bakhe bamenywe edilini lomshado eKhana, indawo esenyakatho yedolobha lakubo kaJesu iNazaretha. UMariya ungumngani walowo mndeni futhi uyasiza ekunakekeleni izimenywa. Kodwa phakathi nedili kuvela inkinga engabangela lo mndeni nalaba abasanda kushada amahloni​—kuphela iwayini. b Mhlawumbe kufike abantu abaningi kakhulu kunalabo abebebalindele. Ngokushesha uMariya uya endodaneni yakhe athi: “Abanalo iwayini.” (Joh. 2:1-3) Wenzenjani uJesu? Wenza into engajwayelekile nemangalisayo​—uphendula amanzi abe “iwayini elimnandi.”​—Joh. 2:9, 10.

2-3. (a) UJesu wawasebenzisa kanjani amandla akhe ayisimangaliso? (b) Kungasizuzisa kanjani ukufunda ngezimangaliso zikaJesu?

2 UJesu wayesazokwenza nezinye izimangaliso eziningi phakathi nenkonzo yakhe. c Wasebenzisa amandla akhe ayisimangaliso ukuze asize izinkulungwane zabantu. Ngokwesibonelo, izimangaliso zakhe ezimbili nje​—ukusuthisa amadoda angu-5 000 nangu-4 000 kamuva—​kungenzeka zazihilela abantu abacishe babe ngaphezu kuka-27 000 uma sibala izingane nabesifazane ababekhona. (Math. 14:15-21; 15:32-38) Kuzo zombili izenzakalo, uJesu welapha nabantu abaningi ababegula. (Math. 14:14; 15:30, 31) Cabanga nje ukuthi izixuku zamangala kanjani lapho zimbona ezelapha futhi ezipha ukudla ngokuyisimangaliso!

3 Izimangaliso zikaJesu zisifundisa lukhulu namuhla. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezifundo eziqinisa ukholo esingazifunda kulezo zimangaliso. Sizobe sesixoxa ngokuthi singakulingisa kanjani ukuthobeka nozwela olwaboniswa uJesu lapho enza lezo zimangaliso.

IZIFUNDO EZIPHATHELENE NOJEHOVA NOJESU

4. Izimangaliso ezenziwa uJesu zisifundisa izifundo eziqinisa ukholo mayelana nobani?

4 Izimangaliso ezenziwa uJesu zisifundisa izifundo eziqinisa ukholo, hhayi nje ngoJesu kuphela kodwa nangoYise. Lokho akusimangazi ngoba empeleni uJehova nguye owayenguMthombo walezo zimangaliso. IzEnzo 10:38 zithi: ‘UNkulunkulu wamgcoba [uJesu] ngomoya ongcwele nangamandla, futhi walihamba lonke izwe enza okuhle, elapha bonke abacindezelwe uDeveli, ngoba uNkulunkulu wayenaye.’ Khumbula nokuthi konke uJesu akusho nakwenza​—kuhlanganise nezimangaliso azenza—​kwayibonisa ngokuphelele indlela uYise acabanga nazizwa ngayo. (Joh. 14:9) Cabanga ngezifundo ezintathu esingazifunda ezimangalisweni ezenziwa uJesu.

5. Yini eyenza uJesu wenza izimangaliso? (Mathewu 20:30-34)

5 Esokuqala, uJesu noYise basithanda ngokujulile. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wabonisa ukuthi ubathanda ngokujulile abantu ngokusebenzisa amandla akhe ayisimangaliso ukuze asize abahluphekayo. Ngelinye ilanga, amadoda amabili ayizimpumputhe ammemeza ecela usizo. (Funda uMathewu 20:30-34.) Phawula ukuthi uJesu ‘wawahawukela,’ wawelapha. Njengoba sisetshenziswe lapha, lesi senzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi ‘hawukela’ sibhekisela ozweleni umuntu aluzwa ngaphakathi ekujuleni. Lolo zwela olujulile, oluyindlela uJesu abonisa ngayo uthando, lwamenza wasuthisa abalambile futhi welapha owayenochoko. (Math. 15:32; Marku 1:41) Singaqiniseka ngokuthi uJehova, uNkulunkulu ‘onozwela,’ neNdodana yakhe basithanda ngokujulile futhi bezwa ubuhlungu lapho sihlupheka. (Luka 1:78; 1 Pet. 5:7) Kumele ukuba bakulangazelela ngempela ukuqeda zonke izinkinga ezihlupha abantu!

6. UNkulunkulu unike uJesu amandla okwenzani?

6 Esesibili, uNkulunkulu unikeze uJesu amandla okuxazulula zonke izinkinga zabantu. Ngezimangaliso azenza, uJesu wabonisa ukuthi unamandla okunqoba izinkinga esingasoze sakwazi ukuzinqoba ngawethu amandla. Ngokwesibonelo, unamandla okusikhulula embangeleni eyinhloko yezinkinga zabantu​—isono esasithola njengefa nemiphumela yaso, ukugula nokufa. (Math. 9:1-6; Roma 5:12, 18, 19) Izimangaliso azenza zifakazela ukuthi angelapha “yonke inhlobo” yesifo, avuse ngisho nabafile. (Math. 4:23; Joh. 11:43, 44) Unamandla okulawula ngisho neziphepho ezinamandla, akhulule nabantu emimoyeni emibi. (Marku 4:37-39; Luka 8:2) Kududuza ngempela ukwazi ukuthi uJehova unike iNdodana yakhe amandla amakhulu kangaka!

7-8. (a) Izimangaliso ezenziwa uJesu zisenza siqiniseke ngani? (b) Yisiphi isimangaliso wena olangazelela kakhulu ukusibona ezweni elisha elizayo?

7 Esesithathu, singaqiniseka ngokuthi siyozithola nakanjani izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu esikhathini esizayo. Izimangaliso ezenziwa uJesu ngesikhathi esemhlabeni zisifundisa ngalokho azokwenza ngezinga elikhulu nakakhulu njengoba eyiNkosi yasezulwini yoMbuso kaNkulunkulu. Cabanga ngalokho okuzokwenzeka maduzane lapho sekubusa uKristu. Siyoba imiqemane ngoba uyoqeda zonke izifo nokukhubazeka osekuhluphe abantu kangaka. (Isaya 33:24; 35:5, 6; IsAm. 21:3, 4) Ngeke siphinde silambe noma sihlushwe izinhlekelele zemvelo. (Isaya 25:6; Marku 4:41) Siyoba nenkulu intokozo lapho samukela abantu esibathandayo sebevusiwe “emathuneni.” (Joh. 5:28, 29) Wena yisiphi isimangaliso olangazelela kakhulu ukusibona ezweni elisha elizayo?

8 Lapho uJesu enza izimangaliso, wabonisa ukuthobeka okukhulu nozwela​—izimfanelo okufanele sizilingise. Ake sixoxe ngezibonelo ezimbili, siqale ngendaba yedili lomshado waseKhana.

ISIFUNDO SOKUTHOBEKA

9. Wenzani uJesu edilini lomshado? (Johane 2:6-10)

9 Funda uJohane 2:6-10. Lapho kuphela iwayini edilini lomshado, uJesu wayephoqelekile yini ukuba enze okuthile? Cha. Asikho isiprofetho esasibikezele ukuthi uMesiya wayeyokwenza iwayini ngokuyisimangaliso. Kodwa cabanga nje ukuthi wena ubuyozizwa kanjani ukube bekungaphela iziphuzo emshadweni wakho. Cishe uJesu wawuzwela lo mndeni, ikakhulukazi umakoti nomkhwenyana, engafuni baphoxeke. Ngakho, njengoba kushiwo ekuqaleni, wenza isimangaliso. Waphendula amanzi​—angaba amalitha angu-390—​aba iwayini elimnandi. Mhlawumbe wenza iwayini eliningi kangaka ukuze lisale libuye liphuzwe ngesinye isikhathi noma lidayiswe ukuze laba abasanda kushada bathole imali. Kumele ukuba laba ababesanda kushada babonga banconcoza!

Lingisa uJesu ngokungaqhoshi ngezinto ozenzayo (Bheka izigaba 10-11) e

10. Yimiphi eminye imininingwane ebalulekile esendabeni ekuJohane isahluko 2? (Bheka nesithombe.)

10 Cabanga ngeminye imininingwane ebalulekile esendabeni ekuJohane isahluko 2. Uphawulile yini ukuthi akuyena uJesu owagcwalisa izimbiza zetshe ngamanzi? Kunokuba azidonsele amehlo abantu, watshela izikhonzi ukuba zizigcwalise. (Amavesi 6, 7) Ngemva kokuphendula amanzi awenze iwayini, uJesu akazange alihambise yena iwayini kumqondisi wedili. Kunalokho, watshela izikhonzi ukuba zilihambise. (Ivesi 8) UJesu akazange neze athathe indebe yewayini, ayiphakamise phambi kwezimenywa bese eyaqhosha athi, ‘Yizwani nje ukuthi limnandi kanjani iwayini engisanda kulenza!’

11. Singafundani esimangalisweni esenziwa uJesu?

11 Yini esingayifunda esimangalisweni sikaJesu sokuphendula amanzi awenze iwayini? Sifunda isifundo sokuthobeka. UJesu akazange aqhoshe ngalesi simangaliso; empeleni, akakaze nanini aqhoshe ngezinto azenzile. Esikhundleni salokho, ngokuthobeka wayisa lonke udumo nenkazimulo kuYise futhi lokho wakwenza ngokuphindaphindiwe. (Joh. 5:19, 30; 8:28) Uma silingisa uJesu, singaziboni sibakhulu kunabanye, ngeke siqhoshe ngezinto esizenzayo. Noma ngabe yini esiyenzayo enkonzweni kaJehova, masingazigabisi thina, kodwa masizigabise ngoNkulunkulu omangalisayo esinelungelo lokumkhonza. (Jer. 9:23, 24) Masimnikeze udumo olumfanele. Yini ngempela nje esingakwazi ukuyenza ngaphandle kosizo lukaJehova?​—1 Kor. 1:26-31.

12. Iyiphi enye indlela esingalingisa ngayo ukuthobeka kukaJesu? Fanekisa.

12 Cabanga nangenye indlela esingalingisa ngayo ukuthobeka kukaJesu. Awubone ngeso lengqondo lesi simo: Umdala uchitha isikhathi esiningi esiza osemusha oyinceku ekhonzayo alungiselele inkulumo yakhe yeningi yokuqala. Ngenxa yololo sizo, le nceku ekhonzayo inikeza inkulumo ekhuthazayo, lijabule ibandla. Ngemva komhlangano, othile uya kumdala athi: ‘Ey, uMfoweth’ uSbanibani unikeze inkulumo emnandi kakhulu.’ Sikhona yini isidingo sokuba umdala athi: ‘Ya, kodwa ngichithe isikhathi esiningi ngimsiza’? Noma ngokuthobeka kufanele athi: ‘Ungasasho, ibimnandi impela. Uthuthuka ngokushesha ngempela lo mzalwane’? Uma sithobekile, ngeke sifune ukuthola udumo ngezinto ezinhle esizenzela abanye. Kuyasanelisa ukwazi ukuthi uJehova uyakubona futhi uyakwazisa esikwenzayo. (Qhathanisa noMathewu 6:2-4; Heb. 13:16) Ngempela siyamthokozisa uJehova lapho silingisa uJesu sibe abantu abathobekile.​—1 Pet. 5:6.

ISIFUNDO SOKUBA NOZWELA

13. Yini uJesu ayibonayo eduze kwedolobha laseNayini, futhi wenzani ngakho? (Luka 7:11-15)

13 Funda uLuka 7:11-15. Awubone ngeso lengqondo lokhu okwenzeka cishe maphakathi nenkonzo kaJesu. UJesu useNayini, idolobha laseGalile elingekude naseShunemi, lapho umprofethi u-Elisha avusa khona indodana yowesifazane eminyakeni ecishe ibe ngu-900 ngaphambili. (2 AmaKh. 4:32-37) Njengoba uJesu esondela esangweni, ubona abantu abaya emngcwabeni besuka kuleli dolobha. Into ayibonayo iyadabukisa kakhulu​—umfelokazi ushonelwe ingane yakhe enguzinyobulala. Kodwa lo mama ososizini akayedwa; uhamba nabantu abaningi abasuka edolobheni. UJesu uyabamisa laba bantu bese emenzela isimangaliso lo mama​—uvusa indodana yakhe! Lona umuntu wokuqala kwabathathu uJesu abavusa okukhulunywa ngabo emaVangelini.

Lingisa uJesu ngokubabonisa uzwela abashonelwe (Bheka izigaba 14-16)

14. Yimiphi eminye imininingwane ebalulekile esendabeni ekuLuka isahluko 7? (Bheka nesithombe.)

14 Cabanga ngeminye imininingwane ebalulekile esendabeni ekuLuka isahluko 7. Uphawulile yini ukuthi uJesu ‘wabona’ lo mfelokazi ososizini, ngemva kwalokho ‘wamhawukela’? (Ivesi 13) Ngakho, lokho akubona​—mhlawumbe wambona ekhala njengoba ehamba phambi kwesidumbu sendodana yakhe—​kwamenza wamzwela. UJesu akagcinanga nje ngokumzwela lo mama; wenza nokuthile okubonisa ukuthi uyamzwela. Akungabazeki ukuthi wakhuluma naye ngezwi eliduduzayo, wathi: “Yeka ukukhala.” Wabe esenza okuthile. Wayivusa le ndodana, ‘wayinika unina.’​—Amavesi 14, 15.

15. Sifundani esimangalisweni esenziwa uJesu?

15 Singafundani esimangalisweni sikaJesu sokuvusa indodana yomfelokazi? Sifunda ukuthi kufanele sibabonise uzwela abashonelwe. Yiqiniso, asikwazi ukuvusa abantu abashonile njengoJesu. Kodwa njengoJesu singababonisa uzwela abashonelwe ngokuba abantu abaqaphelayo. Singababonisa uzwela ngokusho amazwi aduduzayo nokwenza okusemandleni ethu ukuze sibasize. d (IzAga 17:17; 2 Kor. 1:3, 4; 1 Pet. 3:8) Ngisho namazwi ambalwa nezenzo ezincane kungafeza lukhulu.

16. Njengoba kuboniswe esithombeni esifanekisa okwenzeka ngokoqobo, ufundani kumama owayesanda kushonelwa ingane?

16 Cabanga ngalokhu okwenzeka. Eminyakeni ethile edlule, ngesikhathi kuculwa emhlanganweni webandla, udade wabona umama othile ekhala eHholo. Lelo culo lalikhuluma ngethemba lovuko kanti lo mama wayesanda kushonelwa indodakazi yakhe encane. Njengoba lo dade ayekwazi okwakwenzekile, waya kuye ngokushesha, wafike wamgaxa, wacula naye. Kamuva lo mama wathi: “Ngazizwa ngibathanda kakhulu abafowethu nodadewethu.” Wajabula kakhulu ngokuthi wayebe khona esifundweni. Wathi: “EHholo LoMbuso yilapho sithola khona usizo.” Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyazibona futhi uyazazisa ngisho nezinto ezincane esizenzayo ukuze sibonise uzwela kwabashonelwe, “abanomoya ochobozekile.”​—IHu. 34:18, mbhw.

KUNGAKUZUZISA UKUFUNDA NGEZIMANGALISO EZENZIWA UJESU

17. Yini esiyifundile kulesi sihloko?

17 Kungakuzuzisa ukutadisha izindaba ezisemaVangelini ezikhuluma ngezimangaliso zikaJesu. Zisifundisa ukuthi uJehova noJesu basithanda ngokujulile, ukuthi uJesu unamandla okuxazulula zonke izinkinga zabantu, nokuthi singaqiniseka ukuthi sizozithola izibusiso zoMbuso esithenjiswe zona eziseduze kangaka. Njengoba sihlola lezo zindaba, singazindla ngezindlela esingase silingise ngazo izimfanelo zikaJesu. Kungani ungahleli isikhathi sokutadisha lezi zimangaliso noma nibe nokuKhulekela Komkhaya okugxile kwezinye izimangaliso zikaJesu? Zama ukubona ukuthi yiziphi izifundo ongazithola bese uzixoxela abanye. Cabanga nje izingxoxo ezakhayo eningaba nazo!​—Roma 1:11, 12.

18. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

18 Ngasekupheleni kwenkonzo yakhe, uJesu wenza isimangaliso sesithathu ezimangalisweni ezintathu zokuvusa abantu okukhulunywe ngazo eBhayibhelini. Kodwa lesi sasihlukile​—wavusa umngani wakhe amthandayo futhi lokho wakwenza ngaphansi kwezimo ezingajwayelekile. Yiziphi izifundo esingazifunda kulesi simangaliso okukhulunywa ngaso eVangelini? Singaluqinisa kanjani ukholo lwethu ethembeni lovuko? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula leyo mibuzo.

INGOMA 20 Wanikela NgeNdodana Yakho Ezelwe Yodwa

a Wathulisa isiphepho esinamandla, welapha abagulayo, wavusa nabafile. Kumnandi ngempela ukufunda ngezimangaliso ezenziwa uJesu! Lezo zimangaliso azibhalwanga nje eBhayibhelini ukuze zisijabulise, kodwa zabhalelwa ukusifundisa. Njengoba sizihlola, sithola izifundo eziqinisa ukholo lwethu ngoJehova nangoJesu, sibone nezimfanelo ezithandwa uNkulunkulu okufanele silwele ukuba nazo.

b Isazi seBhayibheli siyachaza: “Ukungenisa izihambi eMpumalanga kwakubalulekile futhi umhleli wedili kwakufanele akhiphe ukudla okuningi kakhulu kunabantu abakhona. Lokhu kwakubaluleke ngisho nakakhulu edilini lomshado, ngoba kwakulindeleke ukuba ukudla kube kuningi ngempela.”

c AmaVangeli akhuluma ngezimangaliso ezenziwa uJesu ezingaphezu kuka-30. Ngaphezu kwalokho, wayenza izimangaliso eziningana ngesikhathi esisodwa, kodwa iBhayibheli alikhulumi ngesimangaliso ngasinye. Ngelinye ilanga, “lonke idolobha” lafika kuye, “welapha abaningi ababephethwe izifo.”​—Marku 1:32-34.

d Ukuze uthole amacebiso ezinto ongazisho noma ongazenza ukuze ududuze abashonelwe, bheka isihloko esithi “Duduza Abashonelwe, Njengoba Kwenza UJesu” kuyi-Nqabayokulinda kaNovemba 1, 2010.

e INCAZELO YESITHOMBE: Njengoba uJesu emi ngemuva, umakoti nomkhwenyana nezimenywa bathokozela iwayini elimnandi.