Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 17

UJehova Uzokusiza Lapho Wehlelwa Izinkinga Ongazilindele

UJehova Uzokusiza Lapho Wehlelwa Izinkinga Ongazilindele

“Ziningi izinhlupheko zolungile, kodwa uJehova umkhulula kuzo zonke.”​—IHU. 34:19.

INGOMA 44 Umthandazo Womuntu Ophansi

AMAZWIBELA a

1. Yini esiqiniseka ngayo?

 NJENGABANTU bakaJehova, siyazi ukuthi uyasithanda futhi ufuna siphile kamnandi. (Roma 8:35-39) Siyaqiniseka nangokuthi izimiso zeBhayibheli zihlale zisizuzisa uma sizisebenzisa. (Isaya 48:17, 18) Kuthiwani-ke kodwa uma sehlelwa izinkinga esingazilindele?

2. Yiziphi izinkinga ezingase zisehlele, futhi zingasenza sizibuze miphi imibuzo?

2 Bonke abantu abakhonza uJehova bayaba nezinkinga. Ngokwesibonelo, ilungu lomndeni lingase lisidumaze ngandlela-thile. Singase sibe nezinkinga zempilo ezisenza singakwazi ukwenza esikufisayo enkonzweni kaJehova. Ukuphila kwethu kungase kuphazanyiswe imiphumela yenhlekelele yemvelo. Noma singase sishushiswe ngenxa yezinkolelo zethu. Lapho sehlelwa uvivinyo olunjalo, singase sizibuze: ‘Kungani lokhu kwenzeka kimi? Kanti mina ngoneni? Yingoba uJehova engangibusisi yini mina?’ Wake wazizwa kanjalo? Uma kunjalo, ungapheli amandla. Baningi abantu abakhonza uJehova ngokwethembeka abaye bazizwa ngaleyo ndlela.​—IHu. 22:1, 2; Hab. 1:2, 3.

3. Singafundani kumaHubo 34:19?

3 Funda iHubo 34:19. Phawula izinto ezimbili ezibalulekile ezikuleli hubo: (1) Abantu abalungile bayaba nezinkinga. (2) UJehova uyasikhulula lapho sivivinywa. Usikhulula kanjani? Enye indlela akwenza ngayo lokhu ukusisiza sibe nombono ofanele ngokuphila kuleli zwe elibi. Yize uJehova esithembisa ukuthi sizothola injabulo uma simkhonza, akasho ukuthi ngeke sibe nazo izinkinga okwamanje. (Isaya 66:14) Usikhuthaza ukuba sigxile esikhathini esizayo​—lapho siyojabulela khona ukuphila phakade ngendlela afuna siphile ngayo. (2 Kor. 4:16-18) Okwamanje uyasisiza siqhubeke simkhonza usuku nosuku.​—IsiL. 3:22-24.

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Ake sixoxe ngokuthi singafundani ezibonelweni zabantu abathembekile ababekhonza uJehova ezikhathini zeBhayibheli nabamkhonza namuhla. Njengoba sizobona, singase sehlelwe izinkinga esingazilindele. Kodwa uma sincika kuJehova, akasoze nanini ahluleka ukusisiza. (IHu. 55:22) Njengoba sixoxa ngalezi zibonelo, zibuze: ‘Mina ngangiyokwenzenjani esimweni esifanayo? Lezi zibonelo zingisiza kanjani ngimethembe nakakhulu uJehova? Yiziphi izifundo engingazisebenzisa ekuphileni kwami?’

EZIKHATHINI ZEBHAYIBHELI

Kwaphela iminyaka engu-20 uJehova ebusisa uJakobe njengoba ayesebenza kanzima, esebenzela uLabani, umalume wakhe owayeyiqili (Bheka isigaba 5)

5. Yiziphi izinkinga uJakobe aba nazo ngenxa kaLabani? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

5 Izikhonzi zikaJehova zangezikhathi zeBhayibheli zabhekana nezinselele ezazingazilindele. Cabanga ngoJakobe. Ubaba wakhe wamyala ukuba ashade nendodakazi kaLabani, isihlobo sabo esasikhonza uJehova, wamqinisekisa ngokuthi uJehova uzombusisa kakhulu. (Gen. 28:1-4) Ngakho uJakobe wenza lokho okwakuthiwe akakwenze. Wasuka eKhanani walibangisa emzini kaLabani, owayenamadodakazi amabili​—uLeya noRaheli. UJakobe wathanda indodakazi kaLabani encane, uRaheli, wavuma ukusebenzela uyise iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokuba ayishade. (Gen. 29:18) Kodwa izinto azihambanga ngendlela uJakobe ayefisa ngayo. ULabani waba iqili wamganisela indodakazi yakhe endala, uLeya. ULabani wavumela uJakobe ukuba ashade noRaheli ngemva kwesonto uma nje ayezomsebenzela eminye iminyaka eyisikhombisa. (Gen. 29:25-27) ULabani wenza ubuqili nalapho enza ibhizinisi noJakobe. Kwaphela iminyaka engu-20 yonke uLabani exhaphaza uJakobe!​—Gen. 31:41, 42.

6. Yiziphi ezinye izinkinga uJakobe aba nazo?

6 UJakobe waba nezinye izinkinga. Wayenomndeni omkhulu kodwa amadodana akhe ayebuye angezwani. Aze athengisa nomfowabo uJosefa ukuze abe isigqila. Amadodana kaJakobe amabili, uSimeyoni noLevi, alethela umndeni wakubo ihlazo, angcolisa negama likaJehova. Ngaphezu kwalokho, umkaJakobe amthandayo, uRaheli, washona ngesikhathi ebeletha ingane yabo yesibili. Okunye futhi ukuthi ngenxa yendlala enkulu, uJakobe waphoqeleka ukuba athuthele eGibhithe esekhulile.​—Gen. 34:30; 35:16-19; 37:28; 45:9-11, 28.

7. UJehova wambonisa kanjani uJakobe ukuthi uyamamukela?

7 Kukho konke lokho, uJakobe akazange ayeke ukuba nokholo kuJehova nasezithembisweni zaKhe. UJehova naye wabonisa uJakobe ukuthi uyamamukela. Ngokwesibonelo, naphezu kobuqili bukaLabani, uJehova wambusisa ngezinto eziningi uJakobe. Cabanga nje nokuthi uJakobe wambonga kangakanani uJehova lapho ephinda ehlangana noJosefa​—indodana yakhe ayecabanga ukuthi kade yashona! Ubungani obuseduze noJehova basiza uJakobe wabhekana novivinyo ngokuphumelelayo. (Gen. 30:43; 32:9, 10; 46:28-30) Uma sihlale sinobungani obuseduze noJehova, nathi singakwazi ukubhekana ngokuphumelelayo novivinyo esingalulindele.

8. Yini iNkosi uDavide eyayifisa ukuyenza?

8 INkosi uDavide ayikwazanga ukwenza konke eyayifisa ukukwenza enkonzweni kaJehova. Ngokwesibonelo, uDavide wayefisa ngempela ukwakhela uNkulunkulu ithempeli. Leso sifiso sakhe wasitshela umprofethi uNathani. UNathani wamphendula wathi: “Yenza noma yini esenhliziyweni yakho, ngoba uNkulunkulu weqiniso unawe.” (1 IziKr. 17:1, 2) Kumele ukuba lawo mazwi amkhuthaza kakhulu uDavide. Mhlawumbe waqala ngaso leso sikhathi ukwenza amalungiselelo alowo msebenzi wokwakha omkhulu.

9. Wenzenjani uDavide lapho ethola izindaba ezibuhlungu?

9 Nokho, ngokushesha umprofethi kaJehova wabuyela kuDavide nezindaba ezibuhlungu. “Ngabo kanye lobo busuku,” uJehova watshela uNathani ukuthi ithempeli lalingeke lakhiwe uDavide; kunalokho lalizokwakhiwa enye yamadodana akhe. (1 IziKr. 17:3, 4, 11, 12) Wenzenjani uDavide lapho ethola lowo myalezo? Wawushintsha umgomo wakhe. Wagxila ekuhlanganiseni imali nezinto zokwakha ezazizodingwa indodana yakhe uSolomoni ukuze yenze lo msebenzi.​—1 IziKr. 29:1-5.

10. UJehova wambusisa kanjani uDavide?

10 Ngemva nje kokutshela uDavide ukuthi ithempeli ngeke lakhiwe nguye, uJehova wenza isivumelwano naye. Wathembisa uDavide ukuthi omunye enzalweni yakhe wayeyobusa kuze kube phakade. (2 Sam. 7:16) Cabanga nje ukuthi uDavide uyojabula kanjani ezweni elisha lapho ethola ukuthi uphila ngaphansi kokuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane, iNkosi ephuma emndenini wakhe! Le ndaba isisiza sibone ukuthi ngisho noma singakwazi ukwenzela uJehova konke ebesifisa ukumenzela kona, kungenzeka ukuthi uNkulunkulu usibekele ezinye izibusiso esingakaze sizicabange.

11. AmaKristu ekhulu lokuqala abusiswa kanjani ngisho noma uMbuso ungafikanga ngesikhathi ayewulindele ngaso? (IzEnzo 6:7)

11 AmaKristu ekhulu lokuqala ehlelwa izinkinga ayengazilindele. Ngokwesibonelo, ayelangazelela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike, kodwa ayengazi ukuthi uzofika nini. (IzE. 1:6, 7) Pho, enzenjani? Azigcina ematasa eshumayela. Njengoba izindaba ezinhle zisakazeka, abona ubufakazi bokuthi uJehova uyayibusisa imizamo yawo.​—Funda izEnzo 6:7.

12. Enzenjani amaKristu ekhulu lokuqala lapho kunendlala?

12 Ngesinye isikhathi kwaba khona indlala enkulu kuwo “wonke umhlaba.” (IzE. 11:28) AmaKristu ekhulu lokuqala nawo athinteka. Ucabanga ukuthi leyo ndlala enkulu yawathinta kanjani? Akungabazeki ukuthi izinhloko zemindeni zazikhathazeke ngokuthi zizoyondla kanjani imindeni yazo. Kuthiwani ngabasebasha ababehlela ukwandisa inkonzo yabo? Kungenzeka yini baba nomuzwa wokuthi kufanele bahlehlise lezo zinhlelo? Kungakhathaliseki ukuthi izimo zalawo maKristu zazinjani, azivumelanisa nazo. Aqhubeka eshumayela ngazo zonke izindlela futhi akuthokozela ukupha ayekholwa nabo baseJudiya izinto ayenazo.​—IzE. 11:29, 30.

13. AmaKristu athola ziphi izibusiso ngesikhathi kunendlala?

13 AmaKristu athola ziphi izibusiso ngesikhathi kunendlala? Labo abathola usizo bambona uJehova ebasekela. (Math. 6:31-33) Kumele ukuba bazizwa besondelene nakakhulu nabakholwa nabo ababasiza. Kanti labo abanikela noma abafaka isandla ngezinye izindlela bathola injabulo enkulu ngenxa yokupha. (IzE. 20:35) UJehova wababusisa bonke njengoba babezivumelanisa nezimo ezase zishintshile.

14. Kwenzekani kuBarnaba nomphostoli uPawulu, futhi kwaba namiphi imiphumela? (IzEnzo 14:21, 22)

14 AmaKristu ekhulu lokuqala ayevame ukushushiswa, ngezinye izikhathi ashushiswe engalindele nhlobo. Cabanga ngalokho okwenzeka kuBarnaba nomphostoli uPawulu ngesikhathi beshumayela eListra. Ekuqaleni, abantu ababebalalele babamukela ngezandla ezifudumele. Kodwa kamuva, abaphikisi ‘bathonya izixuku’ futhi abanye balabo bantu bashaya uPawulu ngamatshe, bamshiya becabanga ukuthi ufile. (IzE. 14:19) Kodwa uBarnaba noPawulu baqhubeka beshumayela kwenye indawo. Kwaba namiphi imiphumela? Benza “abafundi abaningana” futhi amazwi abo nesibonelo sabo saqinisa abakholwa nabo. (Funda izEnzo 14:21, 22.) Abaningi bazuza ngenxa yokuthi uBarnaba noPawulu abazange bayeke ukushumayela lapho beshushiswa kungazelelwe. Uma nje singawuyeki umsebenzi uJehova athi asiwenze, uzosibusisa.

OSUKWINI LWETHU

15. Ufundani esibonelweni sikaMfoweth’ u-A. H. Macmillan?

15 Eminyakeni engaphambi kuka-1914, abantu bakaJehova babelindele lukhulu. Ngokwesibonelo, cabanga ngoMfoweth’ u-A. H. Macmillan. Njengabaningi ngaleso sikhathi uMfoweth’ uMacmillan wayecabanga ukuthi uzoya ezulwini maduzane. Enkulumweni ayinikeza ngoSepthemba 1914, wathi: “Cishe le nkulumo yeningi engiyibekayo ngeyokugcina.” Kodwa akubanga inkulumo yakhe yokugcina leyo. Kamuva wabhala: “Mhlawumbe abanye bethu babe namawala kakhulu ngokucabanga ukuthi sizoya ezulwini ngokushesha.” Wanezela: “Okwakumele sikwenze ukuhlala simatasa enkonzweni yeNkosi.” UMfoweth’ uMacmillan waba matasa ngempela. Wayekhuthele enkonzweni. Wajabulela ukukhuthaza abazalwane abaningi ababeboshelwe ukungathathi hlangothi. Ngisho nalapho esekhulile, wayengaphuthi emihlanganweni yebandla. Kwamzuzisa ngani uMfoweth’ uMacmillan ukuba matasa enkonzweni ngesikhathi esalinde umvuzo wakhe? Ngaphambi nje kokuba ashone ngo-1966, wabhala: “Namanje ukholo lwami lusaqine njengasekuqaleni.” Yisimo sengqondo esihle ngempela leso sonke okufanele sisilingise​—ikakhulukazi uma sesikhuthazele isikhathi eside kunaleso ebesisilindele!​—Heb. 13:7.

16. UHerbert Jennings nomkakhe babhekana nayiphi inselele ababengayilindele? (Jakobe 4:14)

16 Abantu bakaJehova abaningi bashikiliswa izinkinga zempilo abangazilindele. Ngokwesibonelo, endabeni yakhe yokuphila, uMfoweth’ uHerbert Jennings b wakhuluma ngendlela yena nomkakhe ababekujabulela ngayo ukuba izithunywa zevangeli eGhana. Ngokuhamba kwesikhathi, kwatholakala ukuthi unesifo semizwa eshintshashintshayo (bipolar mood disorder). Ecaphuna amazwi akuJakobe 4:14, uMfoweth’ uJennings wabiza lesi simo ngokuthi “‘ikusasa’ ebesingalilindele.” (Yifunde.) Wabhala: “Sabhekana namaqiniso, sahlela ukuhamba eGhana sishiye abangani bethu abaningi abaseduze sibuyele eCanada [ukuze ngiyolashwa].” UJehova wasiza uMfoweth’ uJennings nomkakhe ukuba baqhubeke bemkhonza ngokwethembeka naphezu kwenselele ababebhekene nayo.

17. Isibonelo sikaMfoweth’ uJennings sabasiza kanjani abanye?

17 Amazwi kaMfoweth’ uJennings aqotho asendabeni yakhe yokuphila abathinta kakhulu abanye. Omunye udade wabhala: “Angikaze ngithinteke ngendlela engathinteka ngayo ngemva kokufunda lesi sihloko. . . . Ukufunda indlela uMfoweth’ uJennings ashiya ngayo isabelo sakhe ukuze ayokwelashwa kwangisiza ngaba nombono ofanele ngesimo sami.” Omunye umzalwane owabhekana nesimo esithi asifane wabhala: “Ngemva kokukhonza njengomdala iminyaka eyishumi, kwadingeka ngiyeke ngenxa yesifo sokuphazamiseka komqondo. Ngenxa yokuzizwa ngiyisehluleki, kwakungicindezela kakhulu ukufunda izihloko ezikhuluma ngokuphila kwabantu. . . . Kodwa ukukhuthazela kukaMfoweth’ uJennings kwangikhuthaza kakhulu.” Lokhu kusikhumbuza ukuthi lapho sikhuthazelela izinkinga esingazilindele, singabakhuthaza abanye. Ngisho nalapho izinto zingahambi ngendlela ebesifisa ngayo, sisengaba izibonelo zokuba abantu abanokholo nabakhuthazelayo.​—1 Pet. 5:9.

Lapho sincika kuJehova, izinkinga zokuphila ezingalindelekile empeleni zingasisondeza nakakhulu kuye (Bheka isigaba 18)

18. Njengoba kubonisiwe esithombeni esifanekisa okwenzeka ngokoqobo, ufundani esibonelweni somfelokazi waseNigeria?

18 Izifo ezifana nobhubhane lwe-COVID-19 zibathinte kakhulu abantu bakaJehova abaningi. Ngokwesibonelo, umfelokazi waseNigeria wayenokudla okuncane kakhulu, esalelwe nayimali encane. Ngelinye ilanga ekuseni, indodakazi yakhe yambuza ukuthi bazodlani uma sebepheke ilayisi labo lokugcina. Udadewethu watshela indodakazi yakhe ukuthi babengasenayo imali nokudla, wathi kufanele balingise umfelokazi waseZarefati​—bapheke ukudla kwabo kokugcina bese bethembela ngokuphelele kuJehova. (1 AmaKh. 17:8-16) Bengakacabangi ngisho nokucabanga ukuthi bazodlani emini ngalolo suku, bathola ukudla kuvela kwamanye amaKristu. Balethelwa ukudla ababezokudla isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili. Lo dade wathi wayenganakile ukuthi uJehova wayekulalelisisile lokho ayekutshele indodakazi yakhe. Ngempela, lapho sincika kuJehova izinkinga esingazilindele empeleni zingasisondeza nakakhulu kuye.​—1 Pet. 5:6, 7.

19. U-Aleksey Yershov wakhuthazelela luphi ushushiso?

19 Eminyakeni yamuva, abafowethu nodadewethu abaningi baye bakhuthazelela ushushiso okungenzeka babengalulindele. Cabanga ngoMfoweth’ u-Aleksey Yershov, ohlala eRussia. Abantu bakaJehova kuleyo ndawo babenenkululeko ngokwezinga elithile ngesikhathi uMfoweth’ uYershov ebhapathizwa ngo-1994. Nokho eminyakeni eyalandela, isimo sashintsha eRussia. Ngo-2020, kwatheleka amaphoyisa ezosesha umuzi kaMfoweth’ uYershov, athatha impahla yakhe eningi. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, uhulumeni wamvulela icala. Okwenza izinto zaba zimbi nakakhulu ukuthi amacala ayebekwe wona ayesekelwe kuyividiyo eyayithathwe umuntu okwase kuphele isikhathi esingaphezu konyaka enza sengathi uyakuthanda ukutadisha iBhayibheli. Yeka ubuzenzisi!

20. Yini eyenze uMfoweth’ uYershov wasondelana nakakhulu noJehova?

20 Ukushushiswa kukaMfoweth’ uYershov kube nayo yini imiphumela emihle? Yebo. Usesondelene nakakhulu noJehova. Uthi: “Mina nomkami sesithandaza ndawonye kaningana. Ngiyaqaphela ukuthi ngeke ngikwazi ukukhuthazelela lesi simo ngaphandle kosizo lukaJehova.” Uyenezela: “Isifundo somuntu siqu siyangisiza ngingapheli amandla. Ngizindla ngezibonelo zezinceku ezithembekile zasendulo. Ziningi izindaba eziseBhayibhelini ezibonisa ukuthi kubaluleke kangakanani ukuzola nokwethemba uJehova.”

21. Sifundeni kulesi sihloko?

21 Sifundeni kulesi sihloko? Ukuphila kuleli zwe elibi kunezinkinga ezingalindelekile. Noma kunjalo, uJehova uhlale ezisiza izinceku zakhe ezincika kuye. Njengoba umBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko usho, “ziningi izinhlupheko zolungile, kodwa uJehova umkhulula kuzo zonke.” (IHu. 34:19) Kwangathi singaqhubeka sigxile emandleni kaJehova asiqinisayo, hhayi ebunzimeni esibhekana nabo. Uma senza kanjalo, siyosho njengomphostoli uPawulu, owathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”​—Fil. 4:13.

INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla

a Nakuba ukuphila kuleli zwe elibi kungaba nezinkinga esingazilindele, singaqiniseka ngokuthi uJehova uzozisekela izikhonzi zakhe ezithembekile. UJehova uzisize kanjani izikhonzi zakhe esikhathini esidlule? Usisiza kanjani namuhla? Ukuxoxa ngezibonelo eziseBhayibhelini nezangosuku lwethu kuzosenza siqiniseke nakakhulu ukuthi uma sincika kuJehova, uyosisiza nathi.