Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 16

“Umfowenu Uzovuka”!

“Umfowenu Uzovuka”!

“UJesu wathi [kuMarta]: ‘Umfowenu uzovuka.’”​—JOH. 11:23.

INGOMA 151 Uyobiza

AMAZWIBELA a

1. Omunye umfana wabonisa kanjani ukuthi unethemba lovuko?

 UMFANA okuthiwa uMatthew unesifo esibucayi esimenze wahlinzwa kaningi. Ngesikhathi eneminyaka eyisikhombisa, yena nomndeni wakubo babebukele uhlelo lwanyanga zonke lwe-JW Broadcasting®. Ngasekupheleni kwalolo hlelo, kwadlala ividiyo yomculo eveza abantu abamukela izihlobo zabo ezivusiwe. b Lapho lolo hlelo seluphelile, uMatthew waya kubazali bakhe, wababamba ngezandla, wathi: “Mama nobaba, niyabona ukuthi noma ngingashona uNkulunkulu uyongivusa? Ningakhathazeki; nami niyophinde ningibone.” Cabanga nje ukuthi labo bazali kumele ukuba bazizwa kanjani lapho bebona ukuthi ithemba lovuko lingokoqobo kangakanani endodaneni yabo!

2-3. Kungani kukuhle ukucabanga ngesithembiso sovuko?

2 Kuhle ukudamane sicabanga ngesithembiso esiseBhayibhelini sokuthi kuzoba khona uvuko esikhathini esizayo. (Joh. 5:28, 29) Kungani? Kungenxa yokuthi ngeke sazi ukuthi kunini lapho singase siphathwe yisifo esisongela ukuphila noma sishonelwe umuntu esimthandayo kungalindelekile. (UmSh. 9:11; Jak. 4:13, 14) Ithemba lethu lovuko lingasisiza sikhuthazelele izinselele ezinjalo. (1 Thes. 4:13) ImiBhalo isiqinisekisa ngokuthi uBaba wethu osezulwini usazi kahle futhi usithanda kakhulu. (Luka 12:7) Ungacabanga ukuthi uJehova uNkulunkulu usazi kahle kangakanani njengoba ezosivusa sinobuntu esasinabo ekuqaleni futhi sikhumbula yonke into. UJehova usithanda ngempela ngokusinika ithuba lokuphila phakade futhi ngisho noma sifa uyosivusa!

3 Kulesi sihloko, sizoqale sixoxe ngokuthi kungani singaba nokholo esithembisweni sovuko. Sizobe sesihlola indaba eseBhayibhelini eqinisa ukholo enamazwi okusekelwe kuwo isihloko sethu, athi: “Umfowenu uzovuka.” (Joh. 11:23) Okokugcina, sizofunda ngokuthi singalenza kanjani ithemba lovuko libe ngokoqobo kithi.

OKUSENZA SIBE NOKHOLO ESITHEMBISWENI SOVUKO

4. Ukuze sibe nokholo esithembisweni, yini okudingeka siqiniseke ngayo? Fanekisa.

4 Ukuze sibe nokholo esithembisweni esithile, kudingeka siqiniseke ukuthi lowo osenzayo uyafisa futhi unawo amandla okusifeza. Ake sifanekise: Ake sithi umuzi wakho ucekelwe phansi yisiphepho. Kube sekufika umngani wakho akuthembise athi, ‘Ngizokusiza uphinde wakhe umuzi wakho.’ Uzwakala eqotho futhi awungabazi ukuthi uyafisa ukukusiza. Uma engumakhi onekhono futhi enamathuluzi adingekayo, uyazi ukuthi unawo amandla okukusiza. Ngakho uyasikholwa isithembiso sakhe. Kuthiwani-ke ngesithembiso sikaNkulunkulu sovuko? Unaso ngempela yini isifiso namandla okusifeza?

5-6. Yini esenza siqiniseke ukuthi uJehova uyafisa ukuvusa asebashona?

5 UJehova unaso yini isifiso sokuvusa abantu asebashona? Akubuzwa! Waphefumulela ababhali beBhayibheli abathile ukuba babhale ngesithembiso sovuko. (Isaya 26:19; Hos. 13:14; IsAm. 20:11-13) Noma nini lapho uJehova enza isithembiso, uyasifeza. (Josh. 23:14) Ngempela, uJehova uyakulangazelela ukuvusa abantu asebashona. Kungani sisho kanjalo?

6 Cabanga ngamazwi ashiwo inhloko yomndeni, uJobe. Wayeqiniseka ngokuthi ngisho noma efa, uJehova wayekulangazelela ukumvusa. (Jobe 14:14, 15) UJehova uzizwa ngendlela efanayo ngabo bonke abakhulekeli bakhe asebashona. Uyakulangazelela ukubavusa beyimiqemane futhi bejabule. Kuthiwani ngezigidigidi ezashona zingakalitholi ithuba lokufunda iqiniso ngoJehova? UNkulunkulu wethu onothando uyafuna ukuzivusa nazo. (IzE. 24:15) Ufuna zibe nethuba lokuba abangani bakhe, ziphile phakade emhlabeni. (Joh. 3:16) Kusobala ukuthi uJehova uyafisa ukuvusa asebashona.

7-8. Kungani siqiniseka ngokuthi uJehova unawo amandla okuvusa asebashona?

7 UJehova unawo yini amandla okuvusa abantu asebashona? Impela unawo! ‘UnguMninimandla Onke.’ (IsAm. 1:8) Ngakho unawo amandla okunqoba noma yisiphi isitha, ngisho nokufa imbala. (1 Kor. 15:26) Kuyasiduduza futhi kusiqinise ukwazi lokho. Cabanga ngokwenzeka kudade Emma Arnold. Yena nomndeni wakubo babhekana novivinyo olunzima phakathi neMpi Yezwe II. Ukuze aduduze indodakazi yakhe ngemva kokushona kwezihlobo zakhe emakamu okuhlushwa amaNazi, u-Emma wathi: “Ukube ukufa bekungeke kuphele, bekuyosho ukuthi kunamandla kunoNkulunkulu, akunjalo?” Ngokuqinisekile, ayikho into enamandla ukwedlula uJehova! UNkulunkulu onawo wonke amandla, owadala izinto eziphilayo, angakwazi ukuvusa asebashona.

8 Okunye okusenza sazi ukuthi uNkulunkulu angakwazi ukuvusa abantu asebashona ukuthi unenkumbulo engenamkhawulo. Zonke izinkanyezi uzibiza ngamagama. (Isaya 40:26) Uyabakhumbula nalabo asebashona. (Jobe 14:13; Luka 20:37, 38) Kuye, kulula ngisho nokukhumbula imininingwane emincane ngalabo azobavusa, kuhlanganise nezakhi zabo zofuzo, izinto ababhekane nazo ekuphileni nezinto abazikhumbulayo.

9. Kungani usikholwa isithembiso sikaJehova sokuthi esikhathini esizayo uzovusa abantu asebashona?

9 Kuyacaca ukuthi singasikholwa isithembiso sikaJehova sokuthi esikhathini esizayo uzobavusa abantu asebashona ngoba siyazi ukuthi unesifiso namandla okusigcwalisa leso sithembiso. Nasi esinye isizathu esenza sisikholwe isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi uzobavusa asebashona: UJehova wake wabavusa abantu. Ezikhathini zeBhayibheli, wanikeza abantu abambalwa abathembekile, kuhlanganise noJesu, amandla okuvusa abantu abase beshonile. Ake sihlole indaba ephathelene nomuntu owavuswa uJesu ebhalwe kuJohane isahluko 11.

UJESU USHONELWA UMNGANI AMTHANDAYO

10. Kwenzekani njengoba uJesu eshumayela ngaphesheya kweJordani, futhi yini ayenzayo? (Johane 11:1-3)

10 Funda uJohane 11:1-3. Bona ngeso lengqondo lokho okwenzeka eBhethaniya ngasekupheleni kuka-32 C.E. Kule ndawo, uJesu unabangani asondelene nabo​—uLazaru nodadewabo ababili, uMariya noMarta. (Luka 10:38-42) Kodwa uLazaru uyagula futhi odadewabo bakhathazekile. Bathumela umyalezo kuJesu, ongaphesheya kweJordani, okuwuhambo olungathatha izinsuku ezimbili uma usuka eBhethaniya. (Joh. 10:40) Ngeshwa, uLazaru uyashona lapho nje uJesu ethola lo myalezo. Nakuba uJesu azi ukuthi umngani wakhe usanda kushona, uyaqhubeka ehleli lapho ekhona ezinye izinsuku ezimbili, ngemva kwalokho uyasuka aye eBhethaniya. UJesu uthi eqambe efika, uLazaru usenezinsuku ezine eshonile. UJesu uhlose ukwenza into ezozuzisa abangani bakhe, ikhazimulise noNkulunkulu.​—Joh. 11:4, 6, 11, 17.

11. Yisiphi isifundo esiphathelene nobungani esisifunda kule ndaba?

11 Kule ndaba sifunda isifundo esiphathelene nobungani. Cabanga ngalokhu: Ngesikhathi uMariya noMarta bethumela umyalezo kuJesu, abamcelanga ukuba eze eBhethaniya. Bamane bathi umngani wakhe amthandayo uyagula. (Joh. 11:3) Ngesikhathi uLazaru eshona, uJesu wayengamvusa ekude. Kodwa wakhetha ukuya eBhethaniya ukuze abe nabangani bakhe uMariya noMarta. Wena unaye yini umngani ongakusiza ungamcelanga? Uma kunjalo, uyazi ukuthi ungathembela kuye “ngesikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) NjengoJesu, kwangathi singaba yilolo hlobo lwabangani kwabanye! Manje asibuyele endabeni kaLazaru, sibone ukuthi kube sekwenzekani.

12. UJesu umthembisani uMarta, futhi kungani engasikholwa leso sithembiso? (Johane 11:23-26)

12 Funda uJohane 11:23-26. UMarta uthola ukuthi uJesu usesondela eBethaniya. Uyaphuthuma aye kuye, afike athi: “Nkosi, ukube ubulapha umfowethu ngabe akafanga.” (Joh. 11:21) Kuyiqiniso ukuthi uJesu ubengamelapha uLazaru. Kodwa ufuna ukwenza into emangalisa nakakhulu. Uyathembisa: “Umfowenu uzovuka.” Unikeza uMarta esinye isizathu sokusikholwa isithembiso sakhe, uthi: “Mina ngingukuvuka nokuphila.” UNkulunkulu unike uJesu amandla okuvusa abafile. Ngaphambi kwalokho, wavusa intombazanyana eyayisanda kushona, wavusa nensizwa ngosuku eyayishone ngalo. (Luka 7:11-15; 8:49-55) Kodwa angamvusa yini umuntu osenezinsuku ezine eshonile, nesidumbu sakhe sesiqala ukubola?

“LAZARU, PHUMA!”

UJesu wabazwela ngokujulile abangani bakhe abashonelwe (Bheka izigaba 13-14)

13. Njengoba kubhalwe kuJohane 11:32-35, uJesu wenzenjani lapho ebona uMariya nabanye bekhala? (Bheka nesithombe.)

13 Funda uJohane 11:32-35. Kubone ngeso lengqondo okube sekwenzeka. UMariya, omunye udadewabo kaLazaru, uyaphuma ayohlangabeza uJesu. Uphinda amazwi kadadewabo: “Nkosi, ukube ubulapha umfowethu ngabe akafanga.” Yena nalabo anabo balusizi kakhulu. Kumdabukisa kakhulu uJesu ukubabona nokubezwa bekhala. Ngenxa yokuthi uyabazwela abangani bakhe, naye uyakhala. Uyazi ukuthi kubuhlungu kangakanani ukushonelwa umuntu omthandayo. Ngokuqinisekile, uzimisele ukuqeda imbangela yokukhala kwabo!

14. Sifundani ngoJehova endleleni uJesu asabela ngayo lapho uMariya ekhala?

14 Indlela uJesu asabela ngayo lapho ebona uMariya ekhala isifundisa ukuthi uJehova unguNkulunkulu onozwela. Kungani sisho kanjalo? Njengoba sifundile esihlokweni esidlule, uJesu uyilingisa ngokuphelele indlela uYise acabanga nazizwa ngayo. (Joh. 12:45) Ngakho, lapho sifunda ngokuthi uJesu wabazwela abangani bakhe ababeshonelwe kangangokuba wakhala, singase siphethe ngokuthi uJehova naye kumzwisa ubuhlungu obukhulu ukusibona sikhala ngenxa yosizi. (IHu. 56:8) Lokho akukwenzi yini ufune ukusondela nakakhulu kuNkulunkulu wethu onozwela?

UJesu wabonisa ukuthi unawo amandla okuvusa asebashona (Bheka izigaba 15-16)

15. Njengoba kubonisiwe kuJohane 11:41-44, yini eyenzekayo ethuneni likaLazaru? (Bheka nesithombe.)

15 Funda uJohane 11:41-44. UJesu ufika ethuneni likaLazaru acele ukuba kususwe itshe elilivalile. UMarta uyenqaba, uthi kumele ukuba useyanuka manje. UJesu uyamphendula: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ungase ukholwe, uzobona inkazimulo kaNkulunkulu?” (Joh. 11:39, 40) UJesu ube esephakamisa amehlo athandaze phambi kwabantu. Ufuna ukunika uJehova lonke udumo ngalokho okube sekwenzeka. UJesu ube esememeza athi: “Lazaru, phuma!” ULazaru uyaphuma ethuneni! UJesu usanda kwenza into abanye abebecabanga ukuthi ayinakwenzeka.​—Bheka isihloko esithi, “Kungani kwamthatha izinsuku ezine uJesu ngaphambi kokuba afike ethuneni likaLazaru?” kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 1, 2008, k. 31.

16. Indaba ekuJohane isahluko 11 iluqinisa kanjani ukholo lwethu ethembeni lovuko?

16 Indaba ekuJohane isahluko 11 iqinisa ukholo lwethu ethembeni lovuko. Kanjani? Khumbula lokho uJesu akuthembisa uMarta: “Umfowenu uzovuka.” (Joh. 11:23) NjengoYise, uJesu unesifiso namandla okusifeza leso sithembiso. Izinyembezi zakhe zibonisa ukuthi unesifiso esijulile sokuqeda ukufa nosizi olubangelwa ukufa. Lapho nje uLazaru ephuma ethuneni, nalapha uJesu wabonisa ukuthi unawo amandla okuvusa abafile. Cabanga nangalokho uJesu akukhumbuza uMarta: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ungase ukholwe, uzobona inkazimulo kaNkulunkulu?” (Joh. 11:40) Sinezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi isithembiso sikaNkulunkulu sovuko siyogcwaliseka. Nokho, yini esingayenza ukuze leli themba libe ngokoqobo nakakhulu kithi?

INDLELA ESINGENZA NGAYO ITHEMBA LOVUKO LIBE NGOKOQOBO NAKAKHULU KITHI

17. Yini okufanele siyikhumbule lapho sifunda ngezindaba zovuko eziseBhayibhelini?

17 Funda futhi uzindle ngabantu abavuswa esikhathini esidlule. IBhayibheli likhuluma ngabantu abangu-8 abavuselwa emhlabeni. c Kunganjani ufunde indaba ngayinye ngokucophelela? Njengoba ufunda, khumbula ukuthi kukhulunywa ngabantu abangokoqobo​—amadoda, abesifazane nezingane. Zama ukubona ukuthi yini ongayifunda. Cabanga ngokuthi indaba ngayinye ikuveza kanjani ukuthi uNkulunkulu unaso isifiso namandla okuvusa abafile. Ngaphezu kwakho konke, zindla ngovuko olubaluleke kunalo lonke​—uvuko lukaJesu. Khumbula ukuthi ngesikhathi esevusiwe wabonwa amakhulu abantu futhi lokho kusenza sibe nesizathu esizwakalayo sokukholelwa ovukweni.​—1 Kor. 15:3-6, 20-22.

18. Ungazisebenzisa kanjani ngokunenzuzo izingoma zethu ezikhuluma ngethemba lovuko? (Bheka nombhalo waphansi.)

18 Zisebenzise ngokunenzuzo ‘izingoma zokudumisa’ ezikhuluma ngethemba lovuko. d (Efe. 5:19) Lezi zingoma zenza uvuko lube ngokoqobo, ziqinise nokholo lwethu kuleli themba eliyigugu. Zilalele, uziprakthize bese ekukhulekeleni komndeni nixoxe ngokuthi asho ukuthini amagama azo. Gxilisa amagama azo engqondweni nasenhliziyweni. Kuyothi lapho ubhekana novivinyo olusongela ukuphila noma ushonelwa umuntu omthandayo, umoya kaJehova uyokusiza ukukhumbuze lezi zingoma, zikududuze zikunike namandla.

19. Yiziphi izinto esingazibona ngeso lengqondo lapho sicabanga ngovuko? (Bheka ibhokisi elithi “ Ungababuzani?”)

19 Bona izinto ngeso lengqondo. UJehova usenze sakwazi ukuzibona ngeso lengqondo sisezweni elisha. Omunye udade uyachaza: “Ngiye ngachitha isikhathi esiningi ngizibona ngisezweni elisha ngeso lengqondo kangangokuba kuba sengathi ngiyalizwa iphunga lezimbali eziqhakazayo ePharadesi.” Ake uzibone uhlangana namadoda nabesifazane abanokholo bangezikhathi zeBhayibheli. Ubani olangazelela ukumbona? Uyombuza miphi imibuzo? Awuzicabange usubona abantu obathandayo asebashona. Kubone ngeso lengqondo okuyokwenzeka lapho niphinde nibonana​—amazwi okuqala oyowasho, indlela eniyokwangana ngayo nezinyembezi zenjabulo.

20. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

20 Simbonga asiphezi uJehova ngesithembiso sovuko! Singaqiniseka ngokuthi lesi sithembiso siyogcwaliseka ngoba uJehova uyafisa futhi unawo amandla okusigcwalisa. Masizimisele ukuqhubeka siqinisa ukholo lwethu kulesi sithembiso esiyigugu. Ngokwenza kanjalo, siyosondela nakakhulu kuNkulunkulu othembisa ngamunye wethu ukuthi, ‘Izihlobo zakho zizovuka!’

INGOMA 147 Ukuphila Okuphakade Kuthenjisiwe

a Uma uke washonelwa, akungabazeki ukuthi ithemba lovuko liyakududuza ngempela. Nokho, ungabachazela kanjani abanye ukuthi kungani unokholo kuleso sithembiso? Ungalenza kanjani ithemba lovuko libe ngokoqobo kuwe? Injongo yalesi sihloko ukusisiza siqinise ukholo lwethu ethembeni lovuko.

b Ividiyo yomculo ethi Ususemnyango yadlalwa ohlelweni lwe-Broadcasting kaNovemba 2016.

c Bheka ibhokisi elithi “Abantu Abangu-8 Abavuswa Kwabafileyo Okukhulunywa Ngabo EBhayibhelini,” kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 1, 2015, k. 4.

d Bheka izingoma ezilandelayo eculweni elithi ‘Culela UJehova Ngenjabulo’:Zibone Lapho Konke Sekukusha” (Ingoma 139), “Bheka Njalo Umvuzo!” (Ingoma 144), nethi “Uyobiza” (Ingoma 151). Bheka nezingoma eziqanjiwe ezithi “Ususemnyango,” “Sisezwen’ Elisha,” nethi “Zibone” ku-jw.org/zu.”