Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ONGATADISHA NGAKHO

Abantu Abafuna Ukujabulisa UJehova Benza Izinqumo Ezihlakaniphile

Abantu Abafuna Ukujabulisa UJehova Benza Izinqumo Ezihlakaniphile

Funda uGenesise 25:​29-34 ukuze uthole ukuthi u-Esawu noJakobe bazenza yini izinqumo ezihlakaniphile.

Funda okwengeziwe ngomongo wendaba. Kwakwenzekeni ngaphambili? (Gen. 25:​20-28) Kwabe sekwenzekani kamuva?—Gen. 27:​1-46.

Funda okwengeziwe ngemininingwane. Ngalezo zinsuku, ayeyini amalungelo nemisebenzi yezibulo?—Gen. 18:​18, 19; w10 5/1 13.

  • Ingabe lawo malungelo ayehlanganisa ukuba ukhokho kaMesiya ngaso sonke isikhathi? (w17.12 14-15)

Thola izifundo bese uyazisebenzisa. Kungani amalungelo obuzibulo ayebalulekile kuJakobe kunaku-Esawu? (Heb. 12:​16, 17; w03 10/15 28-29) UJehova wayezizwa kanjani ngoJakobe no-Esawu, futhi kungani? (Mal. 1:​2, 3) Yini u-Esawu ayengayenza ngendlela ehlukile ukuze enze izinqumo ezingcono?

  • Zibuze, ‘Ngingabonisa kanjani ukuthi ngiyabonga ngezinto ezingokomoya lapho ngenza uhlelo lwamasonto onke, njengalapho ngihlela ukukhulekela komndeni?’