Ingabe Bewazi?
Kungani ebuthweni leNkosi uDavide kwakukhona amadoda ezinye izizwe?
AMANYE amaqhawe ezinye izizwe ayesebuthweni likaDavide eyehlanganisa uZeleki umAmoni, u-Uriya umHeti no-Ithima wakwaMowabi. a (1 IziKr. 11:39, 41, 46) Ibutho likaDavide lalihlanganisa ‘namaKhereti, amaPheleti namaGiti.’ (2 Sam. 15:18) Kubonakala sengathi amaKhereti namaPheleti ayehlobene eduze namaFilisti. (Hez. 25:16) AmaGiti ayevela edolobheni lamaFilisti iGati.—Josh. 13:2, 3; 1 Sam. 6:17, 18.
Kungani uDavide ayenabantu bezinye izizwe ebuthweni lakhe? Wayeqiniseka ngokuthi babeqotho kuye, okubaluleke nakakhulu ukuthi babeqotho kuJehova. Ngokwesibonelo, ngokuphathelene namaKhereti namaPheleti, i-The New Interpreter’s Dictionary of the Bible ithi: “Bahlala beqotho kuDavide ngisho nalapho kwakunezimo ezinzima kakhulu phakathi nokubusa kwakhe.” Kanjani? Lapho “wonke amadoda akwa-Israyeli” eshiya iNkosi uDavide ukuze alandele “umuntu owuhlupho okwakuthiwa nguSheba,” amaKhereti namaPheleti ahlala eqotho kuDavide amsiza ukuba aqede ukuvukela kukaSheba. (2 Sam. 20:1, 2, 7) Ngesinye isikhathi, indodana yeNkosi uDavide u-Adoniya yazama ukuqhwaga ubukhosi. Nokho, amaKhereti namaPheleti ahlala eqotho kuDavide asiza ekubekeni uSolomoni ukuba abe inkosi elandelayo, lowo owayekhethwe uJehova.—1 AmaKh. 1:24-27, 38, 39.
Omunye umuntu wezizwe owahlala eqotho kakhulu kuDavide kwakungu-Ithayi umGiti. U-Ithayi namaqhawe akhe angu-600 basekela iNkosi uDavide lapho indodana ka-Davide u-Absalomu ivukela futhi yenza amadoda akwa-Israyeli ukuba ajikele inkosi. UDavide waqale watshela u-Ithayi ukuthi kwakungadingeki amlwele ngoba wayengowesinye isizwe. Kodwa u-Ithayi wathi: “Ngifunga uJehova futhi ngiyafunga nakuwe nkosi, noma ngabe inkosi yami ikuphi, kungaba ngenjongo yokuba ife noma ukuba iphile, yilapho inceku yakho iyoba khona!”—2 Sam. 15:6, 18-21.
Nakuba amaKhereti, amaPheleti namaGiti ayengabantu bezinye izizwe ayebheka uJehova njengoNkulunkulu weqiniso, ebheka uDavide njengogcotshwe uJehova. Kumele ukuba uDavide wayejabula ngempela ngokuba nala madoda aqotho ohlangothini lwakhe!
a Umthetho kaNkulunkulu olotshwe kuDuteronomi 23:3-6 wawubenqabela abakwa-Amoni nabakwaMowabi ukuba bangene ebandleni lika-Israyeli. Nokho, kubonakala sengathi lo mthetho wawubhekisela ekubeni isakhamuzi esisemthethweni ngokugcwele kuleso sizwe, wawungabenqabeli abantu bezizwe ukuba bazihlanganise nabantu bakaNkulunkulu noma bahlale nabo. Bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 1, k. 95.