ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 17
INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula
Ungalokothi Ulishiye Ipharadesi Elingokomoya
“Thokozani, nijabule kuze kube phakade ngalokho engikudalayo.”—ISA. 65:18.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Thola ukuthi ipharadesi elingokomoya lisizuzisa kanjani nokuthi singabadonsela kanjani abanye kulo.
1. Liyini ipharadesi elingokomoya, futhi yini okufanele sizimisele ukuyenza?
NAMUHLA emhlabeni kunepharadesi eligcwele abantu abenza izinto ezinhle. Linezigidi zabantu abajabulela ukuthula kwangempela. Labo abakuleli pharadesi bazimisele ukungalokothi balishiye. Bafuna nokuba abantu abaningi ngangokunokwenzeka babe yingxenye yaleli lungiselelo elikhethekile. Liyini leli lungiselelo? Yipharadesi elingokomoya! a
2. Yini emangalisayo ngepharadesi elingokomoya?
2 Ngokumangalisayo, uJehova wenze indawo enokuthula ezweni uSathane alenze lagcwala inzondo, ububi nobungozi. (1 Joh. 5:19; IsAm. 12:12) UNkulunkulu wethu onothando uyayibona imiphumela elimazayo yale lizwe futhi usinikeza isivikelo esisidingayo ukuze siqhubeke simkhonza ngenjabulo. IZwi laKhe lichaza ipharadesi elingokomoya ngokuthi “isiphephelo” nangokuthi ‘ingadi eniselwa kahle.’ (Isaya 4:6; 58:11) Ngenxa yokuthi babusiswa uJehova, labo abahlala kuleli pharadesi bazizwa bejabule futhi bevikelekile phakathi nalezi zinsuku zokugcina ezinzima.—Isaya 54:14; 2 Thim. 3:1.
3. Sagcwaliseka kanjani okokuqala isiprofetho esiku-Isaya isahluko 65?
3 Esebenzisa umprofethi u-Isaya, uJehova wachaza ukuthi kwakuyoba njani ukuphila kwalabo ababeyohlala epharadesi elingokomoya. Le ncazelo yesiprofetho eyagcwaliseka okokuqala ngo-537 B.C.E. ungayithola ku-Isaya isahluko 65. Ngaleso sikhathi, amaJuda ayesephendukile akhululwa ekuthunjweni yiBhabhiloni abuyela ezweni lawo. UJehova wababusisa abantu bakhe futhi wabasiza benza idolobha laseJerusalema elalicekelwe phansi laphinde laba lihle, benza nethempeli laphinde laba indawo yokukhulekela kweqiniso kwa-Israyeli.—Isaya 51:11; Zak. 8:3.
4. U-Isaya isahluko 65 ugcwaliseka kanjani osukwini lwethu?
4 Ukugcwaliseka kwesibili kwesiprofetho sika-Isaya kwaqala ngo-1919 C.E. lapho abakhulekeli bakaJehova bangosuku lwethu bekhululwa ekuthunjweni yiBhabhiloni Elikhulu. Ngemva kwalokho ipharadesi elingokomoya laqala ukwanda kancane kancane emhlabeni wonke. Abamemezeli boMbuso abashisekayo bamisa amabandla amaningi, babonisa nezimfanelo zobuKristu. Amadoda nabesifazane ababenodlame futhi beziphatha kabi ‘bagqoka ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu.’ (Efe. 4:24) Yiqiniso, izibusiso eziningi ezachazwa u-Isaya ziyogcwaliseka ngokoqobo ezweni elisha. Ngisho kwamanje, ziningi izinzuzo esizijabulelayo. Ake sixoxe ngokuthi lisithinta kanjani ipharadesi elingokomoya nokuthi kungani kungafanele silishiye.
INDLELA ABAZIZWA NGAYO LABO ABASEPHARADESI ELINGOKOMOYA
5. Njengoba kuthenjiswe ku-Isaya 65:13, yini esiyijabulelayo epharadesi elingokomoya?
5 Banempilo futhi baqabulekile. Isiprofetho sika-Isaya siwuveza ngokucacile umehluko wokuthi kunjani ukuphila kwalabo abasepharadesi elingokomoya nokwalabo abangekho kulo. (Funda u-Isaya 65:13.) UJehova uzanelisa ngokugcwele izidingo ezingokomoya zabakhulekeli bakhe. Sinomoya wakhe ongcwele, iZwi lakhe iBhayibheli nokudla okungokomoya okwanele ukuze ‘sidle, . . . siphuze, . . . [futhi] sijabule.’ (Qhathanisa nesAmbulo 22:17.) Umehluko omkhulu ukuthi labo abangekho epharadesi elingokomoya ‘bayalamba . . . , bayoma . . . , [futhi] banamahloni.’ Abanabo ubuhlobo noNkulunkulu.—Amose 8:11.
6. UJoweli 2:21-24 uwachaza kanjani amalungiselelo angokomoya, futhi angasizuzisa kanjani?
6 Esiprofethweni sakhe, uJoweli usebenzisa izinto eziyisidingo ekuphileni ezinjengokusanhlamvu, iwayini namafutha omnqumo ukuze abonise ukuthi uJehova unika abantu baKhe lokho abakudingayo ngesandla esivulekile, okuhlanganisa nokudla okungokomoya. (Joweli 2:21-24) Lokhu ukwenza esebenzisa iBhayibheli, izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini, iwebusayithi yethu, imihlangano yebandla, imihlangano emincane nemihlangano emikhulu. Singazuza nsuku zonke kulama lungiselelo angokomoya, okuyokwenza sizizwe sinempilo futhi siqabuleke kakhudlwana.
7. Yini eyenza ‘izinhliziyo’ zethu ‘zename’? (Isaya 65:14)
7 Bajabule futhi banelisekile. Abantu bakaNkulunkulu ‘bangamemeza ngenjabulo’ ngoba izinhliziyo zabo zichichima ukubonga. (Funda u-Isaya 65:14.) Amaqiniso akhuthazayo nezithembiso eziduduzayo eziseZwini likaNkulunkulu, nethemba lethu esiqinisekayo ngalo elisekelwe emhlatshelweni kaKristu wesihlengo kwenza ‘izinhliziyo’ zethu ‘zename.’ Ukuxoxa nabafowethu nodadewethu abangokomoya ngalezi zinto kusenza sijabule ngempela!—IHu. 34:8; 133:1-3.
8. Yiziphi izinto ezimbili eziyinhloko ezakha ipharadesi elingokomoya?
8 Uthando nobunye kubantu bakaJehova yizona zinto ezimbili eziyinhloko ezakha ipharadesi elingokomoya. Lobu “bunye” busenza sibe nesithombe sokuthi kuyoba njani ukuphila, lapho izinceku zikaJehova ziyoba nothando nobunye ukwedlula lokhu ezinakho namuhla. (Kol. 3:14) Udade ongumKristu uchaza lokho akuphawula ngabantu bakaJehova lapho eqala ukuhlangana nabo: “Injabulo kwakuyinto engingayazi futhi ngangizizwa kanjalo ngisho noma nginomndeni wami. Uthando ngaqala ukulubona koFakazi BakaJehova.” Noma ubani ofuna ukujabula ngempela nokwaneliseka kudingeka abe sepharadesi lethu elingokomoya. Kungakhathaliseki ukuthi leli zwe licabangani ngezinceku zikaJehova, zinegama elihloniphekile noma idumela elihle, zikanye nabo bonke abakhonza uJehova emhlabeni wonke.—Isaya 65:15.
9. Yini u-Isaya 65:16, 17 osithembisa yona ngezinto ezisibangela ubuhlungu nokuhlupheka?
9 Bakhululekile futhi bazolile. U-Isaya 65:14 uthi labo abakhetha ukuhlala bengaphandle kwepharadesi elingokomoya ‘bayakhala ngenxa yobuhlungu benhliziyo [futhi] bayalila ngenxa yokuphuka emoyeni.’ Kodwa kuthiwani ngazo zonke izinto ezibangele abantu bakaNkulunkulu ubuhlungu nokuhlupheka? Ekugcineni, zonke lezi zinto ‘ziyolibaleka [futhi] amehlo [kaNkulunkulu] ngeke azibone.’ (Funda u-Isaya 65:16, 17.) UJehova uyoziqeda izinkinga zethu, ngokuhamba kwesikhathi siyozikhohlwa ngokuphelele izinkumbulo zalobo buhlungu.
10. Kungani unomuzwa wokuthi ukuzihlanganisa nabafowenu nodadewenu abangamaKristu kuyisibusiso? (Bheka nesithombe.)
10 Ngisho kwamanje, siyaduduzeka lapho sisemihlanganweni yobuKristu, yilapho esikwazi ukukhululeka khona sikhohlwe yizo zonke izingcindezi zaleli zwe elibi. Siba nesandla ekwenzeni abafowethu nodadewethu bazole lapho sibonisa uthando, injabulo, ukuthula, umusa nobumnene, okuyizithelo zomoya kaNkulunkulu. (Gal. 5:22, 23) Kuyisibusiso ngempela kithi ukuba senhlanganweni kaNkulunkulu! Labo abahlala besepharadesi elingokomoya bayokubona ukugcwaliseka ngokuphelele kwesithembiso sikaNkulunkulu ‘samazulu amasha nomhlaba omusha.’
11. Ngokuka-Isaya 65:18, 19, ipharadesi elingokomoya uJehova asenzele lona kufanele lisenze sizizwe kanjani?
11 Bayabonga futhi bayajabula. U-Isaya ube esechaza ukuthi kungani kufanele ‘sithokoze’ futhi ‘sijabule’ ngokuba sepharadesi elingokomoya. NguJehova osenzele ipharadesi elingokomoya. (Funda u-Isaya 65:18, 19.) Akumangazi ukuthi uJehova usebenzisa thina ukuba sisize abantu bashiye izinhlangano zaleli zwe elidala ukuze babe yingxenye yepharadesi elingokomoya elihle! Siyajabula ngezibusiso esizithola ngenxa yokuba seqinisweni futhi lokho kusenza sifune ukutshela abanye ngazo.—Jer. 31:12.
12. Izithembiso ezichazwe ku-Isaya 65:20-24 zikwenza uzizwe kanjani, futhi kungani?
12 Siyabonga futhi siyajabula nangethemba esinalo njengezakhamuzi zepharadesi elingokomoya. Cabanga nje ngazo zonke izinto esiyozibona nesiyozenza ezweni elisha likaNkulunkulu! IBhayibheli liyathembisa: “Ngeke kuphinde kube khona usana oluphila izinsuku ezimbalwa, . . . ngeke kusaba nexhegu elisheshe life lingakazigcwalisi izinsuku zalo.” ‘Siyokwakha izindlu sihlale kuzo [futhi] siyotshala amasimu amagilebhisi sidle izithelo zawo.’ ‘Ngeke sikhandlekele ize,’ ngoba siyobe ‘sibusiswe uJehova.’ Usithembisa ukuphila okulondekile nokwanelisayo, okunenjongo yangempela. ‘Ngisho nangaphambi kokuba bambize,’ uyosazi isidingo somuntu ngamunye “anelise isifiso sayo yonke into ephilayo.”—Isaya 65:20-24; IHu. 145:16.
13. U-Isaya 65:25 uzichaza kanjani izinguquko ezenziwa abantu lapho beqala ukukhonza uJehova?
13 Banokuthula futhi balondekile. Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, abantu abaningi ababenobuntu obunjengobezilwane benze izinguquko eziphawulekayo ekuphileni kwabo. (Funda u-Isaya 65:25.) Basebenze kanzima ukuze bashintshe ubuntu obungathandeki ababenabo ngaphambili. (Roma 12:2; Efe. 4:22-24) Yiqiniso ukuthi abantu bakaNkulunkulu basenesono, ngakho sisazowenza amaphutha. Nokho, uJehova wenze “zonke izinhlobo zabantu” zaba nobunye futhi akekho ongaqeda uthando nokuthula ezinakho. (Thithu 2:11) Lesi isimangaliso esingenziwa uNkulunkulu uMninimandla Onke kuphela!
14. U-Isaya 65:25 ube kanjani iqiniso ekuphileni komunye umzalwane?
14 Abantu bangabushintsha ngempela yini ubuntu babo? Cabanga ngalokhu okwenzeka ngokoqobo. Insizwa eyayisiboshwe izikhathi eziningi ingakayihlanganisi ngisho iminyaka engu-20, yayingene shi ekuziphatheni okubi futhi yayinodlame. Yayiboshelwe ukuntshontsha izimoto, ukugqekeza namanye amacala abucayi. Yayihlale ikulungele ukulwa. Lapho iqala ukuzwa iqiniso eliseBhayibhelini nokuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, yaqiniseka ukuthi yayisithole into ezoyiphilela—ipharadesi elingokomoya. Ngemva kokuba uFakazi obhapathiziwe, yayivame ukucabanga ngokuthi u-Isaya 65:25 usebenza kanjani kuyo. Yayeka ukufana nebhubesi, umuntu onodlame yaba yimvu, umuntu onokuthula.
15. Kungani sifuna ukumema abanye ukuba babekanye nathi epharadesi elingokomoya futhi singakwenza kanjani lokho?
15 U-Isaya 65:13 uqala ngala mazwi: “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo.” Ivesi 25 liphetha ngamazwi athi “kusho uJehova.” Amazwi akhe ahlale egcwaliseka. (Isaya 55:10, 11) Ipharadesi elingokomoya lingokoqobo ngisho kwamanje. UJehova wenze umndeni wabakhulekeli bakhe wangafana neminye. Kubantu bakhe, sithola ukuthula nokulondeka kuleli zwe elinodlame. (IHu. 72:7) Ngenxa yalezi zizathu, sifuna ukusiza bonke abantu esingakwazi ukubasiza babe yingxenye yobuzalwane bethu bobuKristu. Lokho singakwenza ngokugxila ekwenzeni abafundi.—Math. 28:19, 20.
ESINGAKWENZA UKUZE ABANYE BALITHANDE IPHARADESI ELINGOKOMOYA
16. Abantu badonseleka kanjani epharadesi elingokomoya?
16 Ngamunye wethu unendima ebalulekile ayidlalayo ekwenzeni abanye balithande ipharadesi elingokomoya. Singayifeza lendima uma silingisa uJehova. Akabadonseli ngenkani abantu enhlanganweni yakhe. Kunalokho, abantu ‘ubadonsela’ kuye ngothando. (Joh. 6:44; Jer. 31:3) Abantu abanezinhliziyo eziqotho abafunda ngezimfanelo zikaJehova ezithandekayo nangobuntu bakhe obuhle bavele badonseleke kuye. Ukuba nezimfanelo ezinhle nokuziphatha kahle kwethu, kungabenza kanjani abantu balithande ipharadesi elingokomoya?
17. Singabenza kanjani abanye balithande ipharadesi elingokomoya?
17 Enye indlela esingenza ngayo abanye balithande ipharadesi elingokomoya ukuphatha abantu esikholwa nabo ngothando nangomusa. Lapho abantu beqala ukuba semihlanganweni yethu yebandla, cishe sifuna ukubenza bazizwe ngendlela ababezizwa ngayo abangakholwa ababesemhlanganweni yaseKorinte lasendulo. Bathi: “Ngempela uNkulunkulu uphakathi kwenu.” (1 Kor. 14:24, 25; Zak. 8:23) Ngakho kumele siqhubeke silalela iseluleko esithi “yibani nokuthula omunye nomunye.”—1 Thes. 5:13.
18. Yini engenza abantu bayithande inhlangano yethu?
18 Kufanele sihlale sizama ukubheka abafowethu nodadewethu abangamaKristu ngendlela uJehova ababheka ngayo. Lokhu sikwenza ngokugxila ezimfanelweni zabo ezinhle hhayi emaphutheni abo, ayogcina ephelile. Singaxazulula noma yikuphi ukungezwani esinakho nabanye ngothando ngokuthi sihlale ‘sinomusa, sibe nobubele, sithethelelane ngokukhululekile.’ (Efe. 4:32) Uma senza kanjalo, abantu abathanda ukuphathwa ngaleyo ndlela bayolithanda ipharadesi elingokomoya. b
HLALA USEPHARADESI ELINGOKOMOYA
19. (a) Njengoba kuboniswe ebhokisini elithi “ Bahamba Baphinde Babuya,” yini abanye abayisho ngemva kokubuya epharadesi elingokomoya? (b) Yini okufanele sizimisele ukuyenza? (Bheka nesithombe.)
19 Sibonga kakhulu ngepharadesi lethu elingokomoya! Selilihle kakhulu kunangaphambili futhi linabantu abaningi kakhulu abadumisa uJehova kunanini ngaphambili. Kwangathi singambonga njalo uJehova ngepharadesi asenzele lona. Noma ubani ofuna ukuqabuleka, ukwaneliseka, ukuzola nokulondeka kumele eze epharadesi elingokomoya angalokothi alishiye! Kodwa, kudingeka siqaphe ngoba uSathane wenza konke angakwenza ukuze asikhiphe kulo. (1 Pet. 5:8; IsAm. 12:9) Akumele simvumele anqobe. Masenze konke okusemandleni ukuze silondoloze ubuhle, ubumsulwa nokuthula kwepharadesi elingokomoya.
UNGAPHENDULA KANJANI?
-
Liyini ipharadesi elingokomoya?
-
Yiziphi izibusiso esizithola ngokuba sepharadesi elingokomoya?
-
Singabenza kanjani abanye balithande?
INGOMA 144 Bheka Njalo Umvuzo!
a INCAZELO YAMAGAMA: Inkulumo ethi “ipharadesi elingokomoya” ichaza isimo esikhonza kuso uJehova. Kuleli pharadesi elingokomoya, sijabulela ubuhlobo obunokuthula noJehova nobuhlobo obunokuthula nabafowethu nodadewethu.
b Ku-jw.org/zu, bukela ividiyo ethi Bakuphi Manje? Alena Žitníková: Indlela Iphupho Lami Elafezeka Ngayo, ubone izibusiso ezatholwa omunye udade ngokuba sepharadesi elingokomoya.
c INCAZELO YESITHOMBE: Njengoba abaningi bejabulela ukuhlangana nabafowabo emhlanganweni wobuKristu, umzalwane oyedwa uyazihlukanisa.