Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 8

Indlela Ongalondoloza Ngayo Injabulo Lapho Ukhuthazelela Izilingo

Indlela Ongalondoloza Ngayo Injabulo Lapho Ukhuthazelela Izilingo

“Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bazalwane, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene.”—JAK. 1:2.

INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula

AMAZWIBELA *

1-2. Ngokwencwadi kaMathewu 5:11, kufanele sizibheke kanjani izilingo?

UJESU wathembisa abalandeli bakhe ukuthi babeyoba nenjabulo yangempela. Wabuye waxwayisa nalabo abamthandayo ngokuthi babeyobhekana nezilingo. (Math. 10:22, 23; Luka 6:20-23) Kuyasijabulisa ukuba abafundi bakaKristu. Kodwa sizizwa kanjani lapho sicabanga ngokuphikiswa umndeni wethu, ukushushiswa uhulumeni, noma ukucindezelwa abantu esisebenza nabo nesifunda nabo ukuba senze okungafanele? Kuyaqondakala ukuthi leyo micabango ingasenza sikhathazeke.

2 Ngokuvamile abantu ababheki ukushushiswa njengesizathu sokujabula. Noma kunjalo, yilokho kanye iZwi likaNkulunkulu elisitshela ukuba sikwenze. Ngokwesibonelo, umfundi uJakobe wabhala ukuthi kunokuba sikhungatheke, kufanele sijabule lapho sibhekana nezilingo. (Jak. 1:2, 12) UJesu wathi kufanele sijabule ngisho noma sishushiswa. (Funda uMathewu 5:11.) Singayilondoloza kanjani injabulo yethu naphezu kwezilingo? Singafunda okuningi ngokucabanga ngokunye kwalokho uJakobe akubhalela amaKristu angekhulu lokuqala. Ake siqale sixoxe ngezinselele lawo maKristu abhekana nazo.

YIZIPHI IZILINGO AMAKRISTU ANGEKHULU LOKUQALA ABHEKANA NAZO?

3. Yini eyenzeka ngokushesha nje ngemva kokuba uJakobe ebe umfundi kaJesu?

3 Ngokushesha ngemva kokuba uJakobe, umfowabo kaJesu ngamzali munye ebe umfundi, kwaqubuka ukuphikiswa kwamaKristu eJerusalema. (IzE. 1:14; 5:17, 18) Lapho kubulawa umfundi uStefanu, amaKristu amaningi abaleka edolobheni ‘ahlakazekela kuzo zonke izifunda zaseJudiya naseSamariya,’ agcina efike eKhupro nase-Antiyokiya. (IzE. 7:58–8:1; 11:19) Abafundi bakhuthazelela ubunzima obuningi. Noma kunjalo, baqhubeka beshumayela izindaba ezinhle ngentshiseko nomaphi lapho beya khona, kwamiswa amabandla kuzo zonke izindawo ezingaphansi koMbuso WaseRoma. (1 Pet. 1:1) Kodwa kukhulu kakhulu okwakuseza kumaKristu angekhulu lokuqala.

4. Yiziphi ezinye izilingo amaKristu angekhulu lokuqala okwadingeka azikhuthazelele?

4 AmaKristu angekhulu lokuqala kwadingeka akhuthazelele izilingo ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, cishe ngo-50 C.E., uMbusi waseRoma uKlawudiyu wayala wonke amaJuda ukuba ahambe eRoma. Ngakho amaJuda ayesengamaKristu aphoqeleka ukuba ashiye imizi yawo, aye kwezinye izindawo. (IzE. 18:1-3) Ngawo-61 C.E., umphostoli uPawulu wabhala ukuthi amaKristu ayekanye nawo ahlanjalazwa phambi kwabantu, aboshwa futhi antshontshelwa impahla yawo. (Heb. 10:32-34) Njengabo bonke abantu, amaKristu kwakumelwe akhuthazelele ukuhlupheka nokugula.—Roma 15:26; Fil. 2:25-27.

5. Yimiphi imibuzo esizoyiphendula?

5 Ngesikhathi uJakobe ebhala incwadi yakhe ngaphambi kuka-62 C.E., wayezazi kahle izilingo abafowabo nodadewabo ababebhekene nazo. UJehova waqondisa uJakobe ukuba abhalele lawo maKristu ukuze awanike iseluleko esisebenzayo esasiyowasiza ahlale ejabule ngisho nalapho ebhekene nezilingo. Ake sihlole incwadi kaJakobe bese siphendula le mibuzo: Yiluphi uhlobo lwenjabulo uJakobe abhala ngalo? Yini engenza umKristu alahlekelwe ileyo njabulo? Ukuhlakanipha, ukholo nesibindi kungasisiza kanjani silondoloze leyo njabulo kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izilingo?

YINI EYENZA UMKRISTU ABE NENJABULO?

Njengelangabi elingacimi elivutha esibanini, injabulo enkulu evela kuJehova nayo ilokhu ivuthe njalo enhliziyweni yomKristu (Bheka isigaba 6)

6. Ngokwencwadi kaLuka 6:22, 23, kungani umKristu engajabula lapho ebhekana nezilingo?

6 Abantu bangase bacabange ukuthi bangajabula kuphela uma beyimiqemane, benemali eningi noma benokuthula emndenini. Kodwa uhlobo lwenjabulo uJakobe abhala ngalo luyingxenye yezithelo zomoya kaNkulunkulu futhi aluncikile ezimweni umuntu abhekene nazo. (Gal. 5:22) UmKristu uba nenjabulo, noma injabulo esuka ngaphakathi, lapho azi ukuthi ujabulisa uJehova, ulandela nesibonelo sikaJesu. (Funda uLuka 6:22, 23; Kol. 1:10, 11) Njengelangabi elivutha ngaphakathi esibanini, lolu hlobo lwenjabulo luvutha ngaphakathi enhliziyweni yomKristu. Ukuvutha kwayo akupheli lapho egula noma enemali encane. Ayicishwa ukwenziwa inhlekisa noma ukuphikiswa amalungu omndeni noma abanye. Kunokuthi licime, leli langabi livutha nakakhulu njalo lapho abaphikisi bezama ukulicisha. Izilingo esibhekana nazo ngenxa yokholo lwethu zifakazela ukuthi singabafundi bakaKristu bangempela. (Math. 10:22; 24:9; Joh. 15:20) Yingakho uJakobe abhala: “Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bazalwane, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene.”—Jak. 1:2.

Kungani izilingo zingafaniswa nomlilo osetshenziselwa ukwenza inkemba? (Bheka isigaba 7) *

7-8. Ukholo lwethu luqina kanjani nakakhulu lapho sivivinywa?

7 UJakobe uveza esinye isizathu sokuthi kungani amaKristu ezimisele ukukhuthazelela ngisho nezilingo ezinzima kakhulu. Uthi: “Ukuvivinywa okunjalo kokholo lwenu kuveza ukukhuthazela.” (Jak. 1:3) Izilingo zingafaniswa nomlilo osetshenziselwa ukwenza inkemba yensimbi. Lapho inkemba ishiswa bese iyapholiswa, insimbi iqina nakakhulu. Ngendlela efanayo, lapho sikhuthazelela izilingo, ukholo lwethu luyaqina. Yingakho uJakobe abhala: “Vumelani ukukhuthazela kufeze umsebenzi wako, ukuze nibe abaphelele nabaphilile ezicini zonke.” (Jak. 1:4) Lapho sibona ukuthi izilingo ziqinisa ukholo lwethu, singazikhuthazelela ngenjabulo.

8 Encwadini yakhe, uJakobe uveza nezinye izinto ezingabangela ukuba siphelelwe yinjabulo. Yiziphi lezo zinselele, futhi singazinqoba kanjani?

UKUNQOBA IZINSELELE EZINGASIPHUCA INJABULO

9. Kungani sidinga ukuhlakanipha?

9 Inselele: Ukungazi ukuthi kufanele senzeni. Lapho sibhekene nezilingo, sifuna ukuncika kuJehova ukuze asisize senze izinqumo ezimjabulisayo, ezizuzisa abafowethu nodadewethu, nezisisiza sigcine ubuqotho bethu. (Jer. 10:23) Sidinga ukuhlakanipha ukuze sazi ukuthi kufanele senzeni nokuthi kufanele sithini kulabo abasiphikisayo. Uma singazi ukuthi kufanele senzeni, singazizwa siphelelwa amandla, bese ngokushesha siphelelwa nayinjabulo.

10. Ukuze sizuze ukuhlakanipha, uJakobe 1:5 uthi kudingeka senzeni?

10 Isixazululo: Cela ukuhlakanipha kuJehova. Uma sifuna ukukhuthazelela izilingo zethu ngenjabulo, kumelwe siqale sicele uJehova ngomthandazo ukuba asinikeze ukuhlakanipha esikudingayo ukuze senze izinqumo ezinhle. (Funda uJakobe 1:5.) Kufanele senzeni uma sinomuzwa wokuthi uJehova akayiphenduli ngokushesha imithandazo yethu? UJakobe uthi kufanele ‘siqhubeke sicela’ kuNkulunkulu. UJehova akacikeki lapho siqhubeka sicela ukuhlakanipha. Ngeke asithukuthelele. UBaba wethu osezulwini ‘upha ngesandla esivulekile’ lapho sithandazela ukuhlakanipha kokukhuthazelela izilingo. (IHu. 25:12, 13) Uyazibona izilingo zethu, unozwela futhi uyakulangazelela ukusisiza. Ngokuqinisekile, lokho kusenza sijabule! UJehova usinika kanjani-ke ukuhlakanipha?

11. Yini enye okumelwe siyenze ukuze sizuze ukuhlakanipha?

11 UJehova usebenzisa iZwi lakhe ukuze asinike ukuhlakanipha. (IzAga 2:6) Ukuze sikuzuze lokho kuhlakanipha, kumelwe sitadishe iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezisekelwe kulo. Kodwa kudingeka senze okungaphezu kokuqongelela ulwazi. Kumelwe sikusebenzise ekuphileni kwethu ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ngokwenza akushoyo. UJakobe wabhala: “Yibani abenzi bezwi ningabi abalizwayo kuphela.” (Jak. 1:22) Lapho sisebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu, siba nokuthula, siyacabangela, futhi siba nesihe. (Jak. 3:17) Lezo zimfanelo zisisiza sikhuthazelele noma yisiphi isilingo ngaphandle kokuphelelwa injabulo.

12. Kungani kubalulekile ukuba silazi kahle iBhayibheli?

12 IZwi likaNkulunkulu lifana nesibuko, liyasisiza sibone futhi silungise izinto esingazenzi kahle. (Jak. 1:23-25) Ngokwesibonelo, ngemva kokutadisha iZwi likaNkulunkulu, singase siqaphele ukuthi sidinga ukulawula intukuthelo yethu. Ngosizo lukaJehova, sifunda ukuba abantu abazolile lapho sisebenzelana nabantu noma sibhekene nezinkinga ezisicasulayo. Ngenxa yokuthi singabantu abazolile, sibhekana kangcono nezingcindezi. Sikwazi ukucabangisisa kahle ngesimo bese senza izinqumo ezinhle. (Jak. 3:13) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukulazi kahle iBhayibheli!

13. Kungani kufanele sitadishe ngezibonelo zabantu abaseBhayibhelini?

13 Ngezinye izikhathi sifunda ngemva kokwenza amaphutha ukuthi yini okufanele siyigweme. Kodwa leyo, indlela ebuhlungu yokufunda. Indlela engcono yokuzuza ukuhlakanipha ukufunda empumelelweni nasemaphutheni abanye. Yingakho uJakobe esikhuthaza ukuba sifunde ngezibonelo ezabekwa abantu abaseBhayibhelini abafana no-Abrahama, uRahabi, uJobe, no-Eliya. (Jak. 2:21-26; 5:10, 11, 17, 18) Lezo zinceku zikaJehova eziqotho zakwazi ukukhuthazelela izilingo ezazingase ziziphuce injabulo. Izibonelo zazo zokukhuthazela zibonisa ukuthi ngosizo lukaJehova nathi singenza okufanayo.

14-15. Kungani kumelwe sikulungise ukungabaza?

14 Inselele: Ukungabaza. Ngezinye izikhathi, kungase kube nzima ukuqonda okuthile okuseZwini likaNkulunkulu. Noma uJehova angase angayiphenduli imithandazo yethu ngendlela ebesiyilindele. Lokhu kungase kubangele ukungabaza. Uma singakulungisi lokho kungabaza, kuzokwenza ukholo lwethu lube buthaka futhi kulimaze ubuhlobo bethu noJehova. (Jak. 1:7, 8) Kungaze kusenze silahlekelwe ithemba lethu ngekusasa.

15 Umphostoli uPawulu wafanisa ithemba lethu ngekusasa nehange. (Heb. 6:19) Ihange lenza umkhumbi ungaphephuki lapho kunesiphepho futhi liyawumisa ungashayeki emadwaleni. Kodwa ihange liba usizo kuphela uma iketanga lalo eliboshelwe emkhunjini lingagqashuki. Njengoba nje ukudleka kwensimbi kulenza buthaka iketanga lehange, nokungabaza kulwenza buthaka ukholo lwethu. Lapho evivinywa abaphikisi, umuntu ongabazayo angaphelelwa ukholo lokuthi uJehova uzozifeza izithembiso zakhe. Uma siphelelwa ukholo, nethemba lethu liyaphela. Njengoba uJakobe esho, ongabazayo “ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha.” (Jak. 1:6) Mancane kakhulu amathuba okuba umuntu onjalo ajabule!

16. Yini okufanele siyenze uma sinokungabaza?

16 Isixazululo: Bhekana nokungabaza; qinisa ukholo lwakho. Ungabi manqikanqika. Ngezinsuku zomprofethi u-Eliya, abantu bakaJehova baba manqikanqika. U-Eliya wathi kubo: “Kuyoze kube nini nigxamalaze phakathi kwemibono emibili? Uma uJehova enguNkulunkulu weqiniso, landelani yena; kodwa uma kunguBhali, landelani yena!” (1 AmaKh. 18:21) Kusenjalo nanamuhla. Kufanele sicwaninge ukuze sizibonele thina ukuthi uJehova unguNkulunkulu, iBhayibheli liyiZwi lakhe, nokuthi oFakazi BakaJehova bangabantu bakhe. (1 Thes. 5:21) Ukwenza konke lokho kuyoqeda ukungabaza esinakho kuqinise nokholo lwethu. Uma sidinga usizo lokunqoba ukungabaza, singacela abadala basisize. Uma sifuna ukulondoloza injabulo yethu ekukhonzeni uJehova, kumelwe sisheshe ukuthatha isinyathelo!

17. Yini ezokwenzeka uma siphelelwa isibindi?

17 Inselele: Ukudikibala. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Uma udikibala ngosuku lokucindezeleka, amandla akho ayoba mancane.” (IzAga 24:10) Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘ukudikibala’ lingase lisho “ukuphelelwa isibindi.” Uma uphelelwa isibindi, ngokushesha uzophelelwa injabulo.

18. Kusho ukuthini ukukhuthazela?

18 Isixazululo: Ncika kuJehova ukuze akunike isibindi sokukhuthazela. Kudingeka sibe nesibindi uma sifuna ukukhuthazelela izilingo. (Jak. 5:11) Igama elasetshenziswa uJakobe elihunyushwe ngokuthi ‘ukukhuthazela’ lidlulisa umqondo womuntu onganyakazi endaweni yakhe. Singase sicabange ngesosha elinesibindi elime endaweni yalo libhekene nesitha, lingafuni ngisho ukuhlehla nakancane nje kungakhathaliseki ukuthi impi ishube kangakanani.

19. Singafundani esibonelweni sikamphostoli uPawulu?

19 Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo esihle kakhulu sesibindi nokukhuthazela. Ngezinye izikhathi, wayezizwa ebuthaka. Kodwa wakwazi ukukhuthazela ngenxa yokuthi wayethembele kuJehova ukuba amnike amandla ayewadinga. (2 Kor. 12:8-10; Fil. 4:13) Nathi singaba namandla nesibindi esifanayo uma ngokuzithoba siqaphela ukuthi sidinga usizo lukaJehova.—Jak. 4:10.

SONDELA KUNKULUNKULU FUTHI ULONDOLOZE INJABULO YAKHO

20-21. Yini esingaqiniseka ngayo?

20 Singaqiniseka ngokuthi izilingo esibhekana nazo azisona isijeziso esivela kuJehova. UJakobe uyasiqinisekisa: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jak. 1:13) Uma siqiniseka ngalelo qiniso, sisondela nakakhulu kuBaba wethu osezulwini onothando.—Jak. 4:8.

21 UJehova ‘akashintshashintshi noma aphenduke.’ (Jak. 1:17) Wawasekela amaKristu angekhulu lokuqala ezilingweni zawo, nathi uzosisiza namuhla. Mcele ngobuqotho uJehova akusize uzuze ukuhlakanipha, ukholo nesibindi. Uzoyiphendula imithandazo yakho. Ungaqiniseka ngokuthi uzokusiza ulondoloze injabulo ngisho noma ukhuthazelela izilingo!

INGOMA 128 Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni

^ par. 5 Incwadi kaJakobe inezeluleko eziningi ezisebenzayo ezisisiza sikwazi ukubhekana nezilingo. Lesi sihloko sixoxa ngezinye izeluleko esizinikwa uJakobe. Lezi zeluleko zingasisiza sikhuthazelele ubunzima ngaphandle kokulahlekelwa injabulo ekukhonzeni uJehova.

^ par. 59 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane uyaboshwa emzini wakhe. Umkakhe nendodakazi yakhe bayabuka njengoba amaphoyisa emthatha. Ngesikhathi umyeni esejele, abanye basebandleni bajoyina udadewethu nendodakazi yakhe ekukhulekeleni komkhaya. Umama nendodakazi bathandaza njalo kuJehova ukuze bathole amandla okukhuthazelela isilingo ababhekene naso. UJehova ubanika ukuthula kwangaphakathi nesibindi. Ngenxa yalokho, ukholo lwabo luyakhula, lubenza bakwazi ukukhuthazela ngenjabulo.