Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 6

‘Inhloko Yowesifazane Yindoda’

‘Inhloko Yowesifazane Yindoda’

‘Inhloko yowesifazane yindoda.’—1 KOR. 11:3.

INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu

AMAZWIBELA *

1. Lapho udade ecabanga ukushada, yimiphi eminye imibuzo okufanele azibuze yona?

WONKE amaKristu angaphansi kobunhloko obuphelele bukaJesu Kristu. Nokho, lapho owesifazane ongumKristu eshada, uba ngaphansi kobunhloko bendoda engaphelele. Lokho akulula ngaso sonke isikhathi. Ngakho lapho ecabanga ngomuntu angase ashade naye, kuyoba kuhle azibuze: ‘Yini ebonisa ukuthi lo mzalwane uzoba inhloko yomndeni eyisibonelo? Ingabe ukukhonza uJehova kuza kuqala ekuphileni kwakhe? Uma kungenjalo, yini engenza ngicabange ukuthi uzokwazi ukusisiza sisondelane noJehova ngemva kokuba sesishadile?’ Udade kufanele azibuze nokuthi: ‘Yiziphi izimfanelo enginazo ezizoba usizo emshadweni wethu? Ingabe nginesineke futhi ngiyaphana? Ingabe nginobuhlobo obuqinile noJehova?’ (UmSh. 4:9, 12) Izinga lenjabulo inkosikazi ezolithola emshadweni wayo lizoncika ezinqumweni ezenza ngaphambi kokuba ishade.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Izigidi zodadewethu abangamaKristu zibeka isibonelo esihle sokuzithoba kubayeni bazo. Kufanele zinconywe! Kuyasijabulisa ukukhonza uJehova kanye nalaba besifazane abaqotho! Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimpendulo zemibuzo emithathu: (1) Yiziphi ezinye izinkinga amakhosikazi abhekana nazo? (2) Kungani inkosikazi ikhetha ukuzithoba kumyeni wayo? (3) Yini amadoda namakhosikazi angamaKristu abangayifunda ngokuthobeka esibonelweni sikaJesu, u-Abhigayili noMariya, inkosikazi kaJosefa nonina kaJesu?

YIZIPHI IZINKINGA AMAKHOSIKAZI ANGAMAKRISTU ABHEKANA NAZO?

3. Kungani ungekho umshado ongenazo izinkinga?

3 Umshado uyisipho esiphelele esivela kuNkulunkulu, kodwa abantu bona abaphelele. (1 Joh. 1:8) Yingakho iZwi likaNkulunkulu lixwayisa abashadile ngokuthi bayoba nezinkinga ezichazwa ngokuthi ‘usizi enyameni yabo.’ (1 Kor. 7:28) Phawula ezinye zezinkinga inkosikazi engase ibhekane nazo.

4. Kungani inkosikazi ingase icabange ukuthi kwehlisa isithunzi ukuzithoba kumyeni wayo?

4 Mhlawumbe ngenxa yemvelaphi yayo, inkosikazi ingase icabange ukuthi ukuzithoba kumyeni wayo kwehlisa isithunzi. UMarisol ohlala e-United States, uthi: “Endaweni engikhulele kuyo, abesifazane babegqugquzelwa ukuba balingane namadoda kuyo yonke into. Ngiyazi ukuthi uJehova wenze ilungiselelo lobunhloko nokuthi unike abesifazane indima ehloniphekile kodwa edinga ukuba bathobeke. Kodwa kuyinselele ukuhlale unombono ofanele ngobunhloko.”

5. Yimiphi imibono engasekelwe eBhayibhelini abanye abanayo ngendima yabesifazane?

5 Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka owesifazane ashade nendoda ecabanga ukuthi abesifazane ababalulekile kunamadoda. U-Ivon, udade ohlala eNingizimu Melika, uthi, “Ngakithi amadoda adla kuqala bese abesifazane bedla kamuva. Amantombazane kulindeleke ukuba apheke futhi ahlanze ikhaya, kodwa abafana bona benzelwa yonke into ngomama babo nodadewabo, batshelwa nokuthi ‘bangamakhosi emndenini.’” UYingling, udade ohlala e-Asia, uthi: “Ngolimi lwami kunesisho esiveza ukuthi abesifazane akudingeki bahlakaniphe noma babe namakhono. Indima yabo ukwenza yonke imisebenzi yasendlini, kodwa abavumelekile ukuveza imibono yabo kubayeni babo.” Indoda ethonywe imibono enjalo—imibono engenalo uthando futhi engasekelwe eBhayibhelini—yenza ukuphila komkayo kube nzima, iyehluleka ukulingisa uJesu futhi ayimjabulisi uJehova.—Efe. 5:28, 29; 1 Pet. 3:7.

6. Yini okudingeka amakhosikazi ayenze ukuze aqinise ubuhlobo bawo noJehova?

6 Njengoba kubonisiwe esihlokweni esidlule, uJehova ulindele amadoda angamaKristu ukuba anakekele izidingo ezingokomoya, ezingokomzwelo, nezingokwenyama zemindeni yawo. (1 Thim. 5:8) Noma kunjalo, odade abashadile nakuba bematasa kufanele bazinike isikhathi usuku ngalunye sokufunda iZwi likaNkulunkulu, bazindle ngalo futhi bathandaze kuJehova ngokusuka enhliziyweni. Lokhu kungaba inselele. Amakhosikazi amatasa, ngakho angase acabange ukuthi awanaso isikhathi namandla okwenza lezo zinto, kodwa kubalulekile ukuba asenze isikhathi sazo. Kungani? Yingoba uJehova ufuna ngamunye wethu abe nobuhlobo naye futhi abulondoloze.—IzE. 17:27.

7. Yini eyokwenza kube lula ngenkosikazi ukuba ihloniphe futhi ilalele umyeni wayo?

7 Kuyaqondakala ukuthi inkosikazi kungadingeka isebenze kanzima ukuze izithobe kumyeni wayo onesono. Nokho, kuyoba lula ukuba ihloniphe futhi ilalele umyeni wayo uma iqonda futhi yamukela izizathu ezingokomBhalo zokuthi kungani kufanele izithobe.

KUNGANI INKOSIKAZI IKHETHA UKUZITHOBA?

8. Njengoba kuboniswe kweyabase-Efesu 5:22-24, kungani inkosikazi engumKristu ikhetha ukuzithoba kumyeni wayo?

8 Inkosikazi engumKristu ikhetha ukuzithoba kumyeni wayo ngenxa yokuthi yilokho uJehova akushoyo. (Funda eyabase-Efesu 5:22-24.) Iyamethemba uBaba wayo wasezulwini, iyazi ukuthi akwenzayo kusekelwe othandweni ngaso sonke isikhathi futhi noma yini ayishoyo isuke izozuzisa yona.—Dut. 6:24; 1 Joh. 5:3.

9. Kwenzekani lapho udade ongumKristu ehlonipha igunya lomyeni wakhe?

9 Izwe likhuthaza abesifazane ukuba bangayinaki imithetho kaJehova futhi babheke ukuzithoba njengento eyehlisa isithunzi. Labo abakhuthaza leyo mibono abamazi uNkulunkulu onothando. UJehova akasoze anika amadodakazi akhe ayigugu umyalo ongase uwehlise isithunzi. Udade ozikhandlayo ekufezeni indima uJehova amabele yona wenza kube nokuthula emndenini wakhe. (IHu. 119:165) Umyeni wakhe uyazuza, naye uyazuza nabantwana bayazuza.

10. Yini esingayifunda kulokho okushiwo uCarol?

10 Inkosikazi ezithoba kumyeni wayo onesono ibonisa ukuthi iyamthanda futhi iyamhlonipha uJehova, okunguye owamisa ubunhloko. UCarol ohlala eNingizimu Melika, uthi, “Ngiyazi ukuthi umyeni wami uzowenza amaphutha. Ngiyazi nokuthi indlela engisabela ngayo kulawo maphutha iveza ukuthi ngibazisa kangakanani ubungane bami noJehova. Ngakho ngiyazama ukuzithoba ngaso sonke isikhathi ngoba ngifuna ukujabulisa uBaba wami wasezulwini.”

11. Yini eyasiza udade okuthiwa u-Aneese ukuba athethelele, futhi yini esingayifunda kulokho akushoyo?

11 Kungase kube inselele ngenkosikazi ukuba ihloniphe futhi izithobe uma ibona sengathi umyeni wayo akayicabangeli imizwa yayo nezinto eziyikhathazayo. Kodwa phawula lokho udade oshadile okuthiwa u-Aneese akwenzayo lapho lokhu kwenzeka. Uthi: “Ngizama ukungathukutheli. Ngikhumbule ukuthi sonke siyawenza amaphutha. Umgomo wami kuba ukuthethelela ngokukhululekile, njengoba kwenza uJehova. Lapho ngithethelela, ngiphinde ngibe nokuthula kwengqondo.” (IHu. 86:5) Inkosikazi ethethelelayo cishe kuyoba lula ngayo ukuba izithobe.

YINI ESINGAYIFUNDA EZIBONELWENI EZISEBHAYIBHELINI?

12. IBhayibheli linaziphi izibonelo?

12 Abanye bangase bacabange ukuthi umuntu ozithobayo ubuthaka. Kodwa lowo mbono awulona iqiniso. IBhayibheli linezibonelo eziningi zabantu ababezithoba futhi benesibindi. Cabanga ngalokho esingakufunda kuJesu, u-Abhigayili noMariya.

13. Kungani uJesu ezithoba kuJehova? Chaza.

13 UJesu uyazithoba kuJehova, kodwa hhayi ngoba engenakho ukuhlakanipha noma ikhono. Umuntu ohlakaniphe kakhulu kuphela ongafundisa ngendlela elula necacile njengoba kwenza uJesu. (Joh. 7:45, 46) UJehova walihlonipha ikhono likaJesu kangangokuba wamvumela wasebenza eceleni kwaKhe ngesikhathi edala konke okusemazulwini nasemhlabeni. (IzAga 8:30; Heb. 1:2-4) Kusukela ngesikhathi uJesu avuswa ngaso, uJehova wamphathisa “lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” (Math. 28:18) Nakuba uJesu enamakhono, usasifuna isiqondiso sikaJehova. Kungani? Yingoba uthanda uYise.—Joh. 14:31.

14. Abayeni bangafundani (a) endleleni uJehova abheka ngayo abesifazane? (b) kulokho okushiwo izAga 31?

14 Okungafundwa abayeni. UJehova akenzanga inkosikazi yazithoba kumyeni wayo ngenxa yokuthi ubheka amadoda njengangcono kunabesifazane. UJehova wakwenza kwaba sobala lokho ngokukhetha abesifazane namadoda ukuba babuse kanye noJesu. (Gal. 3:26-29) UJehova ubonise ukuthi uyayethemba iNdodana yakhe ngokuyinika igunya. Ngokufanayo, indoda ehlakaniphile iyonika umkayo igunya elithile. Lapho lichaza indima yenkosikazi enekhono, iZwi likaNkulunkulu lithi inakekela ikhaya, ithenge indawo bese iyinakekela futhi isize nasekusetshenzisweni kwezimali. (Funda izAga 31:15, 16, 18.) Ayisona isigqila esingenalo ilungelo lokuveza umbono waso. Kunalokho, umyeni wayo uyayethemba futhi uyayilalela imibono yayo. (Funda izAga 31:11, 26, 27.) Lapho indoda imhlonipha ngaleyo ndlela umkayo, uyokujabulela ukuzithoba kuyo.

Amakhosikazi anekhono angafundani esibonelweni sikaJesu sokuzithoba kuJehova? (Bheka isigaba 15)

15. Amakhosikazi angafundani esibonelweni sikaJesu?

15 Okungafundwa amakhosikazi. Naphezu kwakho konke akufezile, uJesu akacabangi ukuthi kumehlisa isithunzi ukuzithoba ebunhlokweni bukaJehova. (1 Kor. 15:28; Fil. 2:5, 6) Ngokufanayo, owesifazane onekhono olandela isibonelo sikaJesu ngeke azizwe elulazeka ngokuzithoba kumyeni wakhe. Uyomsekela umyeni wakhe, isizathu esiyinhloko sokwenza kanjalo akukona nje ukuthi uyamthanda, kodwa kungenxa yokuthi uthanda uJehova futhi uyamhlonipha.

Ngemva kokuthumela ukudla kuDavide namadoda ayekanye naye, u-Abhigayili uya kuDavide. Uyaguqa emhlabathini, amncenge ukuba angaziletheli icala legazi ngokuziphindiselela (Bheka isigaba 16)

16. Ngokweyoku-1 Samuweli 25:3, 23-28, u-Abhigayili wabhekana naziphi izinselele? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

16 U-Abhigayili wayenomyeni okuthiwa uNabali. Wayeyindoda eyigovu, eqhoshayo nengabongi. Noma kunjalo, u-Abhigayili akazange afune indlela yokuphuma emshadweni wakhe. Wayengase athule, avumele uDavide namadoda ayekanye naye babulale umyeni wakhe. Kunalokho, wathatha izinyathelo zokuvikela uNabali kanye nomndeni wabo omkhulu. Cabanga ngesibindi u-Abhigayili asibonisa lapho eya emadodeni ahlomile angu-400 futhi ebonisana noDavide ngenhlonipho. Wayezimisele nokuba kusolwe yena ngezenzo zomyeni wakhe. (Funda eyoku-1 Samuweli 25:3, 23-28.) UDavide waqaphela ukuthi uJehova wayesebenzise lona wesifazane onesibindi ukuze amnike iseluleko esamsiza wagwema ukwenza iphutha elikhulu.

17. Abayeni bangafundani endabeni kaDavide no-Abhigayili?

17 Okungafundwa abayeni. U-Abhigayili wayengowesifazane okhaliphile. UDavide wahlakanipha, walalela iseluleko sakhe. Ngenxa yalokho, wagwema ukwenza into eyayizomenza abe necala legazi. Ngokufanayo, indoda ehlakaniphile iyocabangisisa ngemibono yomkayo lapho yenza izinqumo ezibalulekile. Mhlawumbe umbono wakhe uyoyisiza igweme ukwenza isinqumo esingahlakaniphile.

18. Amakhosikazi angafundani esibonelweni sika-Abhigayili?

18 Okungafundwa amakhosikazi. Inkosikazi emthandayo nemhloniphayo uJehova ingaba nethonya elihle emndenini wayo, ngisho noma umyeni wayo engamkhonzi uJehova noma engaphili ngemithetho yaKhe. Ngeke ifune isizathu esingasekelwe emBhalweni sokuphuma emshadweni wayo. Kunalokho, ngokubonisa inhlonipho nokuzithoba, iyozama ukusiza umyeni wayo afunde ngoJehova. (1 Pet. 3:1, 2) Kodwa ngisho noma engasabeli kahle esibonelweni sayo esihle, uJehova uyabazisa ubuqotho inkosikazi ezithobayo ebubonisayo kuYe.

19. Kungaphansi kwaziphi izimo lapho inkosikazi ingeke imlalele umyeni wayo?

19 Inkosikazi engumKristu ezithobayo, angeke imsekele umyeni wayo lapho eyicela ukuba yephule imithetho noma izimiso zeBhayibheli. Ake sithi ngokwesibonelo, umyeni ongeyena uFakazi, utshela udade ukuba aqambe amanga, antshontshe, noma enze izinto ezingavumelani nemiBhalo. Wonke amaKristu, kuhlanganise nodade abashadile, kufanele athembeke kuJehova uNkulunkulu kuqala. Uma udade ecelwa ukuba aphule izimiso zeBhayibheli, kufanele anqabe, achaze ngendlela enomusa kodwa eqinile ukuthi kungani engeke akwenze lokho.—IzE. 5:29.

Bheka isigaba 20 *

20. Sazi kanjani ukuthi uMariya wayenobungane obuseduze noJehova?

20 UMariya wayenobungane obuseduze noJehova. Kusobala ukuthi wayeyazi kahle imiBhalo. Engxoxweni yakhe no-Elizabethe, unina kaJohane uMbhapathizi, uMariya wacaphuna imiBhalo yesiHebheru engaphezu kuka-20. (Luka 1:46-55) Cabanga ngaleli qiniso: Nakuba uMariya ayethembisene umshado noJosefa, ingelosi kaJehova ayizange iqale ikhulume noJosefa. Ingelosi yaqale yakhuluma ngokuqondile noMariya yamtshela ukuthi uzozala iNdodana kaNkulunkulu. (Luka 1:26-33) UJehova wayemazi kahle uMariya, wayeqiniseka ngokuthi uzoyithanda futhi ayinakekele iNdodana yakhe. Ngokungangabazeki uMariya waqhubeka waba nobungane obuseduze noJehova ngisho nangemva kokufa kukaJesu nokuvuselwa kwakhe ezulwini.—IzE. 1:14.

21. Abayeni bangafundani kulokho iBhayibheli elikushoyo ngoMariya?

21 Okungafundwa abayeni. Indoda ehlakaniphile iyajabula lapho umkayo eyazi kahle imiBhalo. Ayizizwa yesaba noma ibone sengathi umkayo uzama ukuyibangisa. Indoda iyaqaphela ukuthi udade onolwazi lweBhayibheli nezimiso zalo angaba usizo olukhulu emndenini. Ngisho noma inkosikazi ifundile kunomyeni wayo, kuyisibopho somyeni ukuhola ekukhulekeleni komkhaya nakweminye imisebenzi ehlobene nokukhonza uJehova.—Efe. 6:4.

Amakhosikazi angafunda ziphi izifundo kuMariya unina kaJesu mayelana nokutadisha nokuzindla? (Bheka isigaba 22) *

22. Amakhosikazi angafundani kuMariya?

22 Okungafundwa amakhosikazi. Inkosikazi kumelwe izithobe kumyeni wayo, kodwa kuwumthwalo wayo ukuba iqinise ingokomoya layo. (Gal. 6:5) Ngakho, kumelwe ibekele eceleni isikhathi sesifundo somuntu siqu futhi izindle. Lokho kuyoyisiza ukuba iqhubeke ithanda futhi ihlonipha uJehova, ithole nenjabulo lapho ithobela umyeni wayo.

23. Amakhosikazi azithobayo azizuzisa kanjani wona, imindeni yawo, nebandla?

23 Amakhosikazi azithobayo kubayeni bawo ngenxa yokuthi athanda uJehova, ayothola injabulo enkulu nokwaneliseka kunalawo angalamukeli ilungiselelo likaJehova lobunhloko. Abekela izinsizwa nezintombi isibonelo esihle. Awagcini nje ngokwenza kube mnandi emndenini kodwa nasebandleni kuba nokuthula. (Thithu 2:3-5) Namuhla, abesifazane yibona abaningi kubantu abakhonza uJehova ngobuqotho. (IHu. 68:11) Sonke, kungakhathaliseki ukuthi singabesilisa noma singabesifazane, sinendima ebalulekile ebandleni. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngendlela ngamunye wethu angayifeza ngayo indima yakhe.

INGOMA 131 “Lokho UNkulunkulu Akuhlanganisile”

^ par. 5 UJehova wenze ilungiselelo lokuba amakhosikazi azithobe kubayeni bawo. Kuhilelani lokho? Amadoda angamaKristu nomkawo bangafunda lukhulu ngokuzithoba esibonelweni esabekwa uJesu kanye nabesifazane okukhulunywa ngabo eBhayibhelini.

^ par. 68 INCAZELO YESITHOMBE: Ngesikhathi uMariya exoxa no-Elizabethe, unina kaJohane uMbhapathizi, wacaphuna imiBhalo yesiHebheru ayeyibambe ngekhanda.

^ par. 70 INCAZELO YESITHOMBE: Inkosikazi engumKristu ibekela eceleni isikhathi sokutadisha iBhayibheli ukuze izondle ngokomoya.