Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngenxa Nje Yokumomotheka!

Ngenxa Nje Yokumomotheka!

IZINTOKAZI ezimbili zazihamba endaweni yamabhizinisi edolobheni iBaguio, ePhilippines. Zabona inqola yokushumayela, kodwa aziyanga kuyo. UHelen, udade owayeme eduze kwenqola wamomotheka. Izintokazi zaqhubeka nendlela, kodwa kwazihlaba umxhwele ukumomotheka kukaHelen.

Kamuva, lapho lezi zintokazi zigibele ibhasi zibuyela ekhaya, zabona uphawu olukhulu lwe-jw.org eHholo LoMbuso. Zakhumbula ukuthi zazibone amagama afanayo nasenqoleni yokushumayela. Bobabili behla ebhasini babuka uhlelo lwezikhathi zemihlangano lwamabandla ahlukahlukene olusesangweni lweHholo LoMbuso.

Zombili lezi zintokazi zaya komunye wemihlangano elandelayo. Ubani ezambona njengoba zingena eHholo LoMbuso? UHelen! Bavele babona ngaleso sikhathi ukuthi nguye lo muntu owayemomotheka enqoleni. UHelen uthi, “Lapho beza kimi, lwangithi heqe uvalo. Ngacabanga ukuthi mhlawumbe kunokuthile okungalungile engikwenzile.” Kodwa lezi zintokazi zamchazela uHelen ukuthi kwakwenzekeni.

Zawujabulela umhlangano nokuxoxa nabantu; zazizwa zisekhaya. Lapho zibona abanye behlanza ihholo ngemva komhlangano, zacela ukusiza. Enye yazo yahamba ePhilippines, kodwa enye yaqala ukuza emihlanganweni yaqala nokufundelwa iBhayibheli—ngenxa nje yokumomotheka!