Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 7

“Lalelisisa Amazwi Abahlakaniphile”

“Lalelisisa Amazwi Abahlakaniphile”

“Lalelisisa amazwi abahlakaniphile.”​—IZAGA 22:17.

INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho

AMAZWIBELA *

1. Iseluleko singafika ngaziphi izindlela, futhi kungani sonke sisidinga?

SONKE siyasidinga iseluleko ngezikhathi ezithile. Kwezinye izimo, singase siye kumuntu esimhloniphayo siyocela iseluleko. Kwezinye, umzalwane osikhathalelayo angase eze kithi asixwayise ngokuthi sizothatha “isinyathelo okungesona”​—esizozisola ngaso. (Gal. 6:1) Okokugcina, singase sithole iseluleko ngokuthi othile asikhuze ngemva kokwenza iphutha elikhulu. Kungakhathaliseki ukuthi siza ngayiphi indlela, kufanele sisilalele iseluleko. Ukusilalela kungasisiza futhi kungasindisa ukuphila kwethu!​—IzAga 6:23.

2. Ngokuvumelana nezAga 12:15 nombhalo waphansi, kungani kufanele sisilalele iseluleko?

2 UmBhalo okusekelwe kuwo isihloko usikhuthaza ukuba ‘silalelisise amazwi abahlakaniphile.’ (IzAga 22:17) Akekho umuntu owazi yonke into; kuyohlale kunomuntu onolwazi olungaphezu kolwethu. (Funda izAga 12:15 nombhalo waphansi.) Ngakho, ukulalela iseluleko kuwuphawu lokuthobeka. Kubonisa ukuthi siyawazi amaphutha ethu nokuthi siyaludinga usizo ukuze sifinyelele imigomo yethu. Inkosi ehlakaniphile, uSolomoni, yaphefumulelwa ukuba ibhale: “Kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.”​—IzAga 15:22.

Kulezi zinhlobo ezimbili zeseluleko, yisiphi okuthola kunzima ukusamukela? (Bheka izigaba 3-4)

3. Iseluleko singasithola ngaziphi izindlela?

3 Singase sizitholele iseluleko ngokwethu noma singase sisinikezwe othile ngokuqondile. Singazitholela kanjani iseluleko ngokwethu? Singase sifunde okuthile eBhayibhelini noma kwenye yezincwadi zethu okusenza sithi ukuma sicabange ngalokho esikwenzayo bese sishintsha indlela esenza ngayo. (Heb. 4:12) Lokho singakubiza ngokuthi iseluleko esizitholela sona ngokwethu. Singasithola kanjani iseluleko ngokuqondile? Umdala noma umzalwane ofanelekayo angase asibonise okuthile okudingeka sisebenzele kukho. Lokho singakubiza ngokuthi iseluleko esisinikezwa othile ngokuqondile. Uma othile esithanda kangangokuba asinike iseluleko esisekelwe eBhayibhelini, kufanele sibonise ukwazisa ngokulalela akushoyo bese siyakwenza.

4. UmShumayeli 7:9 uthi yini okufanele siyigweme lapho selulekwa?

4 Uma sikhuluma iqiniso, kungenzeka sikuthole kunzima kakhulu ukwamukela iseluleko esisinikezwa othile ngokuqondile. Singase sikhubeke ngisho nokukhubeka. Kungani? Nakuba kulula ukuvuma ukuthi sinesono, singase sikuthole kunzima ukwamukela iseluleko lapho othile esibonisa iphutha lethu. (Funda umShumayeli 7:9.) Singase sibeke izaba. Singase singabaze izisusa zomuntu oselulekayo noma sikhutshwe indlela aseluleke ngayo. Singase sigxeke ngisho nomuntu oselulekayo, sithi: ‘Ulithathaphi igunya lokungeluleka? Angithi kwayena unawakhe amaphutha!’ Uma singasithandi iseluleko esisitholayo, singase singasinaki noma sisifune kwenye indawo iseluleko esizozwana nathi.

5. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

5 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezibonelo eziseBhayibhelini zalabo abasenqaba iseluleko nalabo abasamukela. Sizoxoxa nangokuthi yini engasisiza samukele iseluleko futhi sizuze kuso.

BASENQABA ISELULEKO

6. Sifundani endleleni iNkosi uRehobowamu eyasabela ngayo eselulekweni?

6 Cabanga ngesibonelo sikaRehobowamu. Lapho eseyinkosi yakwa-Israyeli, abantu beza kuye bezocela okuthile. Bamcela ukuba axegise ijoka uyise, uSolomoni, ayelibeke phezu kwabo. Kuyancomeka ukuthi uRehobowamu wabuza amadoda amadala akwa-Israyeli ukuthi kufanele abaphendule athini abantu. La madoda amadala acebisa inkosi ngokuthi abantu bayoyisekela njalo uma yenza ngokuvumelana nesicelo sabo. (1 AmaKh. 12:3-7) Kubukeka sengathi leso seluleko asimgculisanga uRehobowamu, ngakho wabuza amadoda ayengontanga yakhe. Cishe lawo madoda ayeseyihlanganisile iminyaka engu-40, ngakho kumelwe ukuba ayesehlangabezane nezinto eziningi ekuphileni. (2 IziKr. 12:13) Kodwa kulokhu, anikeza uRehobowamu iseluleko esingahlakaniphile. Ameluleka ngokuthi akalenze libe nzima nakakhulu ijoka labantu. (1 AmaKh. 12:8-11) Njengoba kwase kunemibono emibili, uRehobowamu wayengathandaza kuJehova ambuze ukuthi isiphi iseluleko okufanele asisebenzise. Kunokuba enze kanjalo, wanquma ukwamukela iseluleko ayesithanda, walalela izinsizwa. Imiphumela yaba mibi kakhulu kuRehobowamu nakubantu bakwa-Israyeli. Iseluleko esisitholayo nathi kungase kungabi iseluleko esifuna ukusizwa. Noma kunjalo, uma sisekelwe eZwini likaNkulunkulu, kufanele sisamukele.

7. Sisifundisani isibonelo seNkosi u-Uziya?

7INkosi u-Uziya yasenqaba iseluleko. Yangena engxenyeni yethempeli likaJehova okwakuvunyelwe abapristi kuphela ukuba bangene kuyo, yazama ukunikela ngempepho. Abapristi bakaJehova bathi kuyo: “Uziya, akufanele ushisele uJehova impepho! Ngabapristi kuphela okufanele bashise impepho.” Wenzenjani u-Uziya? Ukube wazithoba wamukela iseluleko, wahamba ngokushesha ethempelini, mhlawumbe uJehova wayeyomthethelela. Kunalokho, “u-Uziya . . . wathukuthela kakhulu.” Wasenqabelani iseluleko? Kusobala ukuthi wayecabanga ukuthi njengoba ayeyinkosi, wayenelungelo lokwenza noma yini ayithandayo. Kodwa uJehova wayengacabangi kanjalo. Ngenxa yokuthi wagabadela, u-Uziya washaywa ngochoko, ‘waqhubeka enochoko waze washona.’ (2 IziKr. 26:16-21) Isibonelo sika-Uziya sisifundisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi singobani, uma senqaba iseluleko esisekelwe emiBhalweni, uJehova uyosilahla.

BASAMUKELA ISELULEKO

8. Wenzenjani uJobe lapho elulekwa?

8 IBhayibheli linezibonelo ezinhle zalabo ababusiswa ngenxa yokwamukela iseluleko, ngokungefani nezibonelo eziyisixwayiso esisanda kuxoxa ngazo. Cabanga ngoJobe. Nakuba ayemesaba uNkulunkulu, wayenesono. Lapho ecindezeleke kakhulu, washo izinto eziyiphutha. Ngenxa yalokho, u-Elihu noJehova bameluleka ngokuqondile. Wenzenjani uJobe? Wasamukela ngokuthobeka iseluleko. Wathi: “Ngikhulumile, kodwa ngingaqondi . . . Yingakho ngikuhoxisa engikushilo, futhi ngihlala othulini nasemlotheni ukuze ngibonise ukuzisola kwami.” UJehova wambusisa uJobe ngalokho kuzithoba kwakhe.​—Jobe 42:3-6, 12-17.

9. UMose wasibeka kanjani isibonelo esihle endabeni yokwamukela iseluleko?

9UMose uyisibonelo esihle somuntu owavuma ukulungiswa ngemva kokwenza iphutha elikhulu. Ngesinye isikhathi wahluleka ukuzibamba, wangamdumisa uJehova. Ngenxa yalokho, uMose walahlekelwa ilungelo lokungena eZweni Lesithembiso. (Num. 20:1-13) Lapho uMose eveza ukuthi lesi sinqumo siyamdumaza, uJehova wathi kuye: “Ungaphinde ukhulume nami ngale ndaba.” (Dut. 3:23-27) UMose akazange acasuke. Kunalokho, wasamukela isinqumo sikaJehova, waqhubeka esetshenziswa uJehova ukuba ahole ama-Israyeli. (Dut. 4:1) UJobe noMose bayizibonelo ezinhle esingazilingisa endabeni yokwamukela iseluleko. UJobe walungisa indlela ayebheka ngayo izinto; akazange abeke izaba. UMose wabonisa ukuthi uyasamukela iseluleko sikaJehova ngokuhlala ethembekile ngisho nangemva kokulahlekelwa ilungelo elaliyigugu kuye.

10. (a) NgokwezAga 4:10-13, ziyini izinzuzo zokwamukela iseluleko? (b) Yisiphi isimo sengqondo esihle abanye abasibonisile ngeseluleko?

10 Siyazuza lapho silingisa isibonelo esabekwa abantu abathembekile njengoJobe noMose. (Funda izAga 4:10-13.) Yilokho okwenziwe abafowethu nodadewethu abaningi. Phawula lokho u-Emmanuel, umzalwane waseCongo, akushoyo ngesixwayiso asithola: “Abazalwane abavuthiwe ebandleni babona ukuthi ngase ngizolimala ngokomoya, bangisiza. Ngasisebenzisa iseluleko sabo, sangisiza ngagwema izinkinga eziningi.” * Mayelana neseluleko, uMegan oyiphayona eCanada, uthi: “Sasingabi yilokho engangithanda ukukuzwa, kodwa sasiyilokho okwakudingeka ngikuzwe.” UMarko, umzalwane waseCroatia, uthi: “Ngalahlekelwa ilungelo elithile, kodwa uma ngicabanga ngiyabona ukuthi iseluleko engasithola sangisiza ngalulama ngokomoya.”

11. Wathini uMfoweth’ uKlein ngokwamukela iseluleko?

11 Esinye isibonelo somuntu okwamsiza ukwamukela iseluleko uMfoweth’ uKarl Klein, owakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo. Lapho exoxa ngokuphila kwakhe, uMfoweth’ uKlein wakhuluma ngesikhathi athola ngaso iseluleko esiqinile kuJoseph F. Rutherford, ayesondelene naye. Wavuma ukuthi asimphathanga kahle ekuqaleni. Wathi: “Lapho siphinde sibonana [noMfoweth’ uRutherford], wangibingelela ngomusa wathi, ‘Sawubona Karl!’ Nokho, ngenxa yokuthi ngangisaphatheke kabi, ngavele ngangundaza nje. URutherford wathi, ‘Karl, bhasobha! UDeveli uyakucathamela!’ Senginamahloni, ngaphendula, ‘Hhayi kuhamba kahle Mfoweth’ uRutherford.’ Kodwa wayebona ukuthi ngangisacasukile, ngakho wasiphinda isixwayiso sakhe, ‘Kulungile. Kodwa bhasobha. UDeveli uyakucathamela.’ Wayeqinisile! Uma siqhubeka sithukuthelele umfowethu, ikakhulukazi ngoba esho into anelungelo lokuyisho . . .  sizichaya ezingibeni zikaDeveli.” * (Efe. 4:25-27) UMfoweth’ uKlein wasamukela iseluleko sikaMfoweth’ uRutherford, futhi bahlala bengabangane.

YINI ENGASISIZA SAMUKELE ISELULEKO?

12. Ukuthobeka kungasisiza kanjani samukele iseluleko? (IHubo 141:5)

12 Yini engasisiza samukele iseluleko? Kudingeka sithobeke, sikhumbule indlela esinesono ngayo nendlela esingaba iziwula ngayo ngezinye izikhathi. Njengoba sixoxile ngaphambili, uJobe wayenemibono eyiphutha. Kodwa kamuva washintsha indlela yakhe yokucabanga, uJehova wambusisa. Kungani? Kungenxa yokuthi uJobe wayethobekile. Wabonisa ukuthobeka ngokwamukela iseluleko asinikwa u-Elihu ngisho noma u-Elihu ayemncane kunaye. (Jobe 32:6, 7) Ukuthobeka kuzosisiza nathi sisisebenzise iseluleko ngisho noma sicabanga ukuthi asisidingi, noma lapho sisithola kumuntu omncane kunathi. Umdala waseCanada uthi, “Njengoba singaziboni ngendlela abanye abasibona ngayo, singathuthuka kanjani uma kungekho muntu oselulekayo?” Ubani kithi ongafuni ukwenza intuthuko ekubeni nezithelo zomoya nasekufezeni inkonzo yobuKristu?​—Funda iHubo 141:5.

13. Kufanele sisibheke kanjani iseluleko esisitholayo?

13Bheka iseluleko njengesiyindlela kaNkulunkulu yokubonisa uthando. UJehova usifunela okungcono kakhulu. (IzAga 4:20-22) Lapho eseluleka ngeZwi lakhe, ngezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini noma ngomKristu ovuthiwe, usuke esibonisa uthando. EyamaHebheru 12:9, 10 ithi: “Usiyala ukuze kuzuze thina.”

14. Yini okufanele sigxile kuyo lapho selulekwa?

14Gxila eselulekweni ngokwaso, hhayi endleleni esinikezwa ngayo. Ngezinye izikhathi singase sicabange ukuthi iseluleko esisitholile asinikezwanga ngendlela ekahle. Kuyavunywa, noma ubani onikeza iseluleko kufanele azame ukwenza kube lula ukusamukela. * (Gal. 6:1) Kodwa uma kuyithi eselulekwayo, kuhle sigxile eselulekweni ngokwaso​—ngisho noma sicabanga ukuthi iseluleko besinganikezwa ngenye indlela engcono. Singase sizibuze: ‘Ngisho noma ngingayithandi indlela esinikezwe ngayo iseluleko, kukhona yini okuyiqiniso kuso? Ngingakwazi yini ukubheka ngale kwamaphutha omuntu osinikezile, ngifunde kuso?’ Kungaba ukuhlakanipha ukubona ukuthi singazuza kanjani kunoma yisiphi iseluleko esisitholayo.​—IzAga 15:31.

CELA ISELULEKO, UZUZE

15. Kungani kufanele sicele iseluleko?

15 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sicele iseluleko. IzAga 13:10 zithi: “Ukuhlakanipha okwalabo abawafunayo amacebiso.” Kuyiqiniso ngempela lokho. Labo abasicelayo iseluleko kunokuba balinde umuntu ozoza kubo abanike sona, bavame ukuthuthuka ngokomoya kunalabo abangasiceli. Ngakho, sicele iseluleko.

Kungani udade osemusha ecela iseluleko kudade ovuthiwe? (Bheka isigaba 16)

16. Kukuziphi izimo lapho singase sicele khona iseluleko?

16 Singase sisicele nini iseluleko kwabanye esikholwa nabo? Cabanga ngalezi zimo. (1) Udade ucela ummemezeli ongumakad’ ebona ukuba aye naye esifundweni seBhayibheli, kamuva ucela amacebiso angathuthukisa ngawo indlela afundisa ngayo. (2) Udade ongashadile ufuna ukuthenga ibhulukwe, ngakho ucela umbono kadade ovuthiwe ngalelo bhulukwe. (3) Umzalwane wabelwe ukuba anikeze inkulumo yeningi okokuqala. Ucela umzalwane oyisikhulumi esinekhono ukuba alalelisise inkulumo yakhe bese emeluleka ngokuthi angathuthukisa kuphi. Ngisho nomzalwane oseneminyaka enikeza izinkulumo wenza kahle ngokucela umbono wezikhulumi ezinekhono bese esisebenzisa iseluleko asitholayo.

17. Singasizuzisa kanjani iseluleko?

17 Emavikini noma ezinyangeni ezizayo, sonke sizothola iseluleko, esisinikezwa othile ngokuqondile noma iseluleko esizitholela sona ngokwethu. Lapho lokho kwenzeka, khumbula amaphuzu esisanda kuxoxa ngawo. Hlala uthobekile. Gxila eselulekweni ngokwaso, hhayi endleleni esinikezwa ngayo. Sisebenzise iseluleko ositholayo. Akekho kithi ozalwa ehlakaniphile. Kodwa lapho ‘silalela iseluleko samukela nesiyalo,’ iZwi likaNkulunkulu lisithembisa ukuthi ‘siyohlakanipha.’​—IzAga 19:20.

INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo

^ par. 5 Abantu bakaJehova bayakuqaphela ukubaluleka kokulalela iseluleko esisekelwe eBhayibhelini. Noma kunjalo, akulula ngaso sonke isikhathi ukwamukela iseluleko. Kungani? Yini engasisiza sizuze eselulekweni esisitholayo?

^ par. 10 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 11 Bheka INqabayokulinda yesiNgisi ka-Okthoba 1, 1984, kk. 21-28.

^ par. 14 Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngokuthi labo abanikeza iseluleko bangasinikeza kanjani ngendlela engacasuli.