INDABA YOKUPHILA
Ngathola Okungcono Kunokuba Udokotela
“KUSUKELA ngiseyingane bengilokhu ngikufisa lokhu enikushoyo!” Lawo mazwi ngawasho ngesasasa elikhulu ezigulini ezimbili ngo-1971. Ngangisanda kuqala ukusebenza njengodokotela. Zazingobani lezo ziguli, futhi sasiyini leso sifiso sami? Awuthi ngikuxoxele ukuthi leyo ngxoxo yakushintsha kanjani ukuphila kwami nokuthi kungani ngikholelwa ukuthi leso sifiso sami sesizokwaneliseka.
Ngazalwa ngo-1941 eParis, eFrance, ekhaya babengenayo imali eningi. Ngangikuthanda ukufunda, ngakho ungayicabanga nje indlela engadumala ngayo lapho ngineminyaka eyishumi ngithola ukuthi kuzomelwe ngiyeke ukuya esikoleni ngoba nganginesifo sofuba! Odokotela bathi angibe into yombhede ukuze amaphaphu ami angakhathali. Ngakho, kwaphela izinyanga eziningana ngifunda isichazamazwi, ngilalela nezinhlelo zomsakazo waseYunivesithi YaseParis, esiteshini esibizwa ngokuthi iRadio Sorbonne. Ngajabula ngafa lapho udokotela ethi sengelaphekile, sengingabuyela esikoleni. Ngacabanga, ‘Ziyamangalisa izinto ezenziwa odokotela!’ Kusukela ngaleso sikhathi, ngaba nesifiso sokwelapha abagulayo. Njalo lapho ubaba engibuza ukuthi ngifuna ukuba yini uma sengimdala, impendulo yami yayihlale ifana, “Ngifuna ukuba udokotela.” Isifiso sami sokuba udokotela sakheka kanjalo-ke.
UKUFUNDA KWAMI ISAYENSI KUNGISONDEZA KUNKULUNKULU
Ekhaya sasingamaKatolika, kodwa akukuningi engangikwazi ngoNkulunkulu futhi nganginemibuzo eminingi. Kwakungemva kokuba ngiqale ukufundela ukuba udokotela eyunivesithi lapho ngaqiniseka khona ukuthi izinto eziphilayo zadalwa.
Ngikhumbula mhla ngiqala ukubona ama-cell esitshalo esithile ngaphansi kwe-microscope. Ngachazwa indlela izakhi ze-cell ezizivikela ngayo entweni eshisayo nakwebandayo. Ngabona nendlela i-cytoplasm (etholakala kuyi-cell) encipha ngayo lapho ifakwa oketshezini olunosawoti nendlela enwebeka ngayo lapho ifakwa emanzini. Lolu shintsho kanye nolunye, lwenza izinto eziphilayo zikwazi ukuzivumelanisa nezimo ezishintshayo.
Lapho ngibona ukuthi i-cell iyinkimbinkimbi kangakanani, kwangikhanyela ukuthi izinto eziphilayo azizange zivele zibe khona nje.Ngesikhathi ngenza unyaka wesibili wobudokotela, ngabona ubufakazi obengeziwe bokuthi uNkulunkulu ukhona. Ekilasini esasifunda kulo ngokwakheka komzimba, sahlola indlela ingalo eyenza ngayo iminwe yethu ikwazi ukugoba nokuqonda. Iyamangalisa indlela imisipha, ama-ligament nama-tendon okusebenza ngayo. Ngokwesibonelo, ngafunda ukuthi ama-tendon ahlanganisa imisipha yengalo nethambo lesibili lomunwe ahlukana kabili, akhe amabhuloho bese ama-tendon aya emunweni echusha ngaphansi kwala mabhuloho bese ehlala endaweni yawo. Izicubu eziqinile zibamba ama-tendon asondelane namathambo eminwe. Uma bekungenzeki ngale ndlela, ama-tendon esandla angenza iminwe inganyakazi. Kwangicacela ukuthi umzimba womuntu wenziwe ngokuhlakanipha okukhulu.
Ukwazisa kwami uMdali wezinto eziphilayo kwakhula lapho ngifunda ngendlela ingane ezalwa ngayo. Ngafunda ukuthi ngaphambi kokuba umntwana azalwe, umbungu uthola umoya-mpilo kunina ngomzanyana. Ngakho, ama-alveoli, okuyizinto eziyizindingilizana ezincane ezisemaphashini, asuke engakabi nomoya. Njengoba sisondela isikhathi sokuba ingane izalwe, ama-alveoli aba nento ebizwa ngokuthi i-surfactant. Lapho ingane isizelwe futhi iphefumula okokuqala, kube sekwenzeka izinto ezimangalisayo. Imbobo esenhliziyweni yengane iyavaleka, okwenza igazi liye emaphashini. Ngaso leso sikhathi i-surfactant yenza ukuba ama-alveoli anganamathelani njengoba umoya ungena kuwo ngokushesha. Ngokuphazima kweso ingane ibe isikwazi ukuziphefumulela.
Ngangifuna ukumazi uMuntu odale izimanga ezinje, ngakho ngaqala ukufunda iBhayibheli ngokuzimisela. Yangimangaza imithetho yenhlanzeko eyayisesivumelwaneni uNkulunkulu asenza nesizwe sakwa-Israyeli eminyakeni engaphezu kuka-3 000 edlule. UNkulunkulu wayala ama-Israyeli ukuba agqibe indle yawo, ageze njalo ngamanzi futhi amhlukanise kwabanye umuntu onezimpawu zesifo esithathelwanayo. (Lev. 13:50; 15:11; Dut. 23:13) IBhayibheli liyayisho indlela izifo ezisakazeka ngayo kodwa ososayensi akukudala kakhulu bekutholile lokho. Ngaqaphela nokuthi imithetho ephathelene nokuhlanzeka kwezocansi ekuLevitikusi yenza isizwe saba nempilo enhle. (Lev. 12:1-6; 15:16-24) Ngaphetha ngokuthi uMdali wanikeza ama-Israyeli le mithetho ukuze aphile kahle nangokuthi wayebabusisa labo ababelalela imiyalo yakhe. Ngaqiniseka ngokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu—uNkulunkulu engangingalazi igama lakhe ngaleso sikhathi.
INDLELA ENGAHLANGANA NGAYO NOMKAMI NGATHOLA NOJEHOVA
Ngesikhathi ngiseyunivesithi ngifundela ukuba udokotela, ngatholana nentokazi okuthiwa uLydie, sathandana. Ngo-1965, lapho sengizoqeda izifundo zami sashada. Ngo-1971, sase sinezingane ezintathu kodwa sagcina sesineziyisithupha. ULydie uye wangisekela kakhulu emsebenzini wami wokuba udokotela nasekhaya.
Ngasebenza esibhedlela iminyaka emithathu ngaphambi kokuba ngivule owami umtholampilo. IzE. 15:28, 29) Yena nomyeni wakhe baphinde bangibonisa lokho uMbuso kaNkulunkulu ozokufeza; uzoqeda ukuhlupheka, ukugula nokufa. (IsAm. 21:3, 4) Ngababaza, “Hhayi bo, lokhu eningitshela kona bekulokhu kuyisifiso sami kusukela ngisemncane! Ngaba udokotela ngoba ngifuna ukuqeda ukugula.” Ngangijabule kangangokuba saxoxa kwaze kwaphela ihora nohhafu. Bathi beqambe behamba, ngangingasakufuni ukuba umKatolika, ngase ngifunde ukuthi uMdali engangimthanda kangaka wayenegama—elithi Jehova!
Ngokushesha nje ngemva kwalokho, kwafika indoda nomkayo, leziya ziguli ezimbili esikhulume ngazo ekuqaleni. Lapho sengizobhalela umyeni ukuthi udinga yiphi imithi, umkakhe wathi: “Dokotela, sicela imithi engenalo igazi.” Ngimangele ngabuza: “Ngempela? Yin’ ndaba?” Waphendula wathi: “SingoFakazi BakaJehova.” Ngangingakaze mina ngizwe ngoFakazi BakaJehova nokuma kwabo endabeni yegazi. Umkakhe wakhipha iBhayibheli wangibonisa isizathu esingokomBhalo sokuthi kungani bengalamukeli igazi. (Ngabonana nalab’ oFakazi kathathu emtholampilo wami, isikhathi ngasinye sasixoxa kuze kuphele ihora. Ngabamemela kwami ukuze sibe nesikhathi esiningi sokuxoxa ngeBhayibheli. Nakuba uLydie avuma ukuhlanganyela kanye nathi esifundweni seBhayibheli, wayengafuni ukuvuma ukuthi ezinye zezimfundiso zamaKatolika esasifundiswe zona zazingelona iqiniso. Ngakho, ngamema umfundisi ukuba eze ekhaya. Sakhuluma ngezimfundiso zesonto kwaze kwaba phakathi kwamabili, sisebenzisa iBhayibheli kuphela. Leyo ngxoxo yaqinisekisa uLydie ukuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso. Ngemva kwalokho, uthando lwethu ngoJehova uNkulunkulu lwakhula kwaze kwaba yilapho sobabili sibhapathizwa ngo-1974.
UKUBEKA UJEHOVA KUQALA
Engakufunda ngenjongo kaNkulunkulu ngabantu kwashintsha indlela engibheka ngayo izinto eziza kuqala. Mina noLydie sabe sesigxila ekukhonzeni uJehova. Sasizimisele ukukhulisa izingane zethu ngemithetho yeBhayibheli. Izimiso zokuthanda uNkulunkulu nomakhelwane zasenza saba nobunye.—Math. 22:37-39.
Lapho sibheka emuva, kuye kusihlekise ukubona ukuthi izingane zethu zazibona ukuthi singabazali abanobunye. Zazazi ukuthi ekhaya kwakusebenza umyalo kaJesu othi “izwi lenu ‘elinguYebo’ malisho uyebo, ‘uCha’ wenu, asho ucha.” (Math. 5:37) Ngokwesibonelo, ngesikhathi enye yamadodakazi ethu ineminyaka engu-17, uLydie wayenqabela ukuba ihambe neqembu lontanga yayo. Othile kuleli qembu wathi endodakazini yethu, “Uma umama wakho enqaba, ubocela ubaba wakho!” Kodwa indodakazi yethu yathi: “Ngeke kusize lokho. Bahlale bevumelana labo.” Impela, zonke izingane zethu zabona ukuthi sasivumelana lapho sisebenzisa izimiso zeBhayibheli. Sibonga uJehova ngokuthi namuhla izihlobo zethu eziningi ziyamkhonza.
Nakuba iqiniso lase lizishintshile izinto eziza kuqala ekuphileni kwami, ngangifuna ukusebenzisa uthando lwami lwezokwelapha ukuze ngisize abantu bakaNkulunkulu. Ngakho, ngavolontiyela ukusebenza njengodokotela eBethel yaseParis, kamuva ngasebenza naseBethel entsha eLouviers. Bengilokhu ngisebenza eBethel ngihlala ekhaya cishe iminyaka engu-50. Phakathi nalesi sikhathi, ngithole abangane abaningi engibathandayo emkhayeni waseBethel, abanye babo sebehlanganise iminyaka engu-90. Angive ngajabula ngelinye ilanga lapho ngibona isikhonzi esisha saseBethel. Ngathola ukuthi unina wayebelethiswe yimina mhla ezala le ngane eminyakeni engu-20 ngaphambili!
NGIBONILE UKUTHI UJEHOVA UBAKHATHALELA KANGAKANANI ABANTU BAKHE
Kule minyaka edlule, uthando lwami ngoJehova luye lwakhula njengoba ngibona indlela aqondisa navikela ngayo abantu bakhe esebenzisa inhlangano yakhe. Ekuqaleni kwawo-1980, iNdikimba Ebusayo yenza uhlelo e-United States olwaluzothuthukisa ukuxhumana phakathi koFakazi BakaJehova nabezokwelapha.
Kwathi ngo-1988, iNdikimba Ebusayo yahlela ukuba kube khona umnyango omusha eBethel obizwa ngokuthi uMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela. Ekuqaleni, lo mnyango wawuqondisa amaKomiti Okubonisana Nezibhedlela asungulwa e-United States ukuze asize iziguli ezingoFakazi zithole ukwelwashwa okufanele. Lapho lolu hlelo lusungulwa emhlabeni wonke, la maKomiti asungulwa naseFrance. Kuyamangalisa ukubona indlela inhlangano kaJehova ebanakekela ngayo ngothando abazalwane nodade abagulayo lapho bedinga usizo!
ISIFISO SAMI SIYAFEZEKA
Ukuba udokotela kwakuyinto eza kuqala ekuphileni kwami. Kodwa njengoba ngangicabanga ngezinto ezibalulekile ekuphileni, ngabona ukuthi indlela yokwelapha eyayibaluleke kakhulu kwakuyindlela engokomoya—ukusiza abantu bazi uMthombo wokuphila, uJehova uNkulunkulu. Ngemva kokuthatha umhlalaphansi, mina noLydie sasichitha amahora amaningi inyanga ngayinye njengamaphayona avamile, sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Sisawenza ngokusemandleni ethu lo msebenzi osindisa ukuphila.
Ngiyaqhubeka ngenza engingakwenza okwamanje ukuze ngisize abagulayo. Kodwa ngiyazi ukuthi ngisho nodokotela ochwepheshile akakwazi ukwelapha zonke izifo nokuvimba ukufa. Ngakho, ngibheke phambili esikhathini lapho ubuhlungu, ukugula nokufa kuyobe kungasekho. Kulelo zwe elisha elisondela ngokushesha, ngiyoba naso sonke isikhathi sokufunda ngendalo kaNkulunkulu, okuhlanganisa nendlela emangalisayo adala ngayo umzimba womuntu. Isifiso sami kusukela ngisemncane sisafezeke ngokuyingxenye. Ngiyaqiniseka ngokuthi okungcono kakhulu kuseza!