Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 6

INGOMA 10 Dumisani UJehova, UNkulunkulu Wethu!

“Dumisani Igama LikaJehova”

“Dumisani Igama LikaJehova”

“Mdumiseni nina zinceku zikaJehova, dumisani igama likaJehova.”IHU. 113:1.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Ukugcizelela ukuthi yini esenza sihlale sifuna ukudumisa igama likaJehova elingcwele.

1-2. Yini engasisiza siqonde indlela uJehova azizwa ngayo lapho eqanjelwa amanga?

 CABANGA ngalokhu: Umuntu omthandayo usho into embi ngawe. Uyazi ukuthi lokho akushoyo kungamanga; kodwa abanye bayakukholwa lokho akushoyo. Okubi nakakhulu, baze bawaxoxele nabanye lawo manga, nabo bawakholwe. Ungazizwa kanjani? Uma ubathanda abantu futhi unendaba nedumela lokho elihle, lokho kunyundela bekungakuzwisa ubuhlungu, akunjalo?—IzAga 22:1.

2 Lokhu kungasisiza siqonde indlela uJehova ayezizwa ngayo lapho idumela lakhe licekelwa phansi. Enye yamadodana akhe omoya yakhuluma amanga ngaye kowesifazane wokuqala, u-Eva. Wawakholwa lawo manga. Lawo manga enza abazali bethu bokuqala bangamlalela uJehova. Lokhu kwabangela isono nokufa kubantu. (Gen. 3:​1-6; Roma 5:12) Zonke izinkinga ezikhona emhlabeni—ukufa, izimpi nosizi—zibangelwa amanga asakazwa uSathane ensimini yase-Edene. UJehova uyabuzwa yini ubuhlungu ngenxa yalokho kunyundela nemiphumela yako? Yebo uyabuzwa. Nokho, uJehova akanayo inzondo. Empeleni, ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’—1 Thim. 1:11.

3. Yiliphi ilungelo esinalo?

3 Sinelungelo lokuba nengxenye ekungcwelisweni kwegama likaJehova ngokulalela lo myalo olula: “Dumisani igama likaJehova.” (IHu. 113:1) Lokhu sikwenza ngokukhuluma kahle ngaLowo omelelwa yileli gama elingcwele. Uzolidumisa yini igama likaJehova? Ake sixoxe ngezinto ezintathu ezizosisiza sidumise igama likaNkulunkulu wethu ngenhliziyo yonke.

SIJABULISA UJEHOVA LAPHO SIDUMISA IGAMA LAKHE

4. Kungani uJehova ejabula lapho simdumisa? Fanekisa. (Bheka nesithombe.)

4 Sijabulisa uBaba wethu osezulwini lapho sidumisa igama lakhe. (IHu. 119:108) Ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu uMninimandla Onke ufana nabantu abanesono abathanda ukudunyiswa ngenxa yokungazethembi? Cha. Cabanga ngalesi sibonelo. Ngothando intombazanyana ihaga ubaba wayo bese ithi, “Akekho ubaba ofana nawe emhlabeni wonke!” Ubaba uyajabula futhi uthinteka inhliziyo ngalesi senzo abengasilindele. Kungani? Ingabe kufanele siphethe ngokuthi uyindoda engazethembi ethanda ukudunyiswa ingane yayo? Cha. Kunalokho, lo baba uyayithanda indodakazi yakhe futhi uyajabula ngokuthi ibonisa uthando nokubonga. Uyazi ukuthi izimfanelo ezinjalo zizoyisiza ibe umuntu ojabulayo njengoba ikhula. Ngenxa yezizathu ezifanayo, uJehova, uBaba obedlula bonke, uyajabula lapho simdumisa.

Njengoba nje ubaba ejabula lapho ingane yakhe imtshela ukuthi iyamthanda futhi ibonisa ukuthi iyabonga, uJehova naye uyajabula lapho sidumisa igama lakhe (Bheka isigaba 4)


5. Lapho sidumisa uJehova sibonisa ngayiphi indlela ukuthi lokho okwashiwo uSathane ngathi kungamanga?

5 Lapho sidumisa uBaba wethu osezulwini, sisuke sibonisa ukuthi lokho okwashiwo uSathane ngathi kungamanga. USathane uthi akekho umuntu ongavikela igama likaNkulunkulu ngobuqotho. Uthi akekho umuntu ongahlala ethembekile kuNkulunkulu lapho evivinywa. Uthi sonke singamjikela uNkulunkulu uma sicabanga ukuthi sizozuza ngokumshiya. (Jobe 1:​9-11; 2:4) Kodwa uJobe othembekile wabonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga. Kuthiwani ngawe? Ngamunye wethu unelungelo lokulimelela ngobuqotho igama likaBaba wethu nokumjabulisa ngokumkhonza ngobuqotho. (IzAga 27:11) Lokhu kuyilungelo elikhulu.

6. Singayilingisa kanjani iNkosi uDavide namaLevi? (Nehemiya 9:5)

6 Ukuthanda uNkulunkulu kwenza abantu abathembekile bafune ukudumisa igama lakhe ngenhliziyo yonke. INkosi uDavide yabhala: “Ngizomdumisa uJehova; konke okungaphakathi kimi makudumise igama lakhe elingcwele.” (IHu. 103:1) UDavide wayazi ukuthi ukudumisa igama likaJehova kufana nokudumisa uJehova. Igama likaJehova lihlanganisa nedumela lakhe, ngakho lisenza sicabange ngazo zonke izimfanelo zakhe ezinhle nezenzo zakhe ezisishiya sibambe ongezansi. UDavide wayefuna ukuliphatha ngobungcwele igama likaBaba wakhe futhi alidumise. Wayefuna ukwenza lokhu ngakho “konke okungaphakathi” kuye—okungukuthi, ngenhliziyo yonke. Ngokufanayo, amaLevi ahola ekudumiseni uJehova. Ngokuthobeka avuma ukuthi awanawo amazwi anele okudumisa igama likaJehova elingcwele. (Funda uNehemiya 9:5.) Asingabazi ukuthi lokhu kuthobeka namazwi okudumisa asuka enhliziyweni kwamjabulisa uJehova.

7. Singamdumisa kanjani uJehova enkonzweni yasensimini nasekuphileni kwethu kwansuku zonke?

7 Namuhla singajabulisa uJehova ngokukhuluma ngaye ngendlela enemfudumalo, ebonisa ukubonga nenothando. Lapho sisenkonzweni yasensimini, kufanele sikhumbule ukuthi isizathu esiyinhloko ukudonsela abantu kuJehova nokubasiza bazizwe ngendlela esizizwa ngayo ngoBaba wethu onothando. (Jak. 4:8) Kuyasijabulisa ukubonisa abantu indlela iBhayibheli elimchaza ngayo uJehova, libonisa ukuthi unothando, ubulungisa, ukuhlakanipha, amandla, liveza nezinye izimfanelo ezimenza athandeke. Enye indlela esidumisa nesijabulisa ngayo uJehova ukulwela ukumlingisa. (Efe. 5:1) Ukwenza lokhu, kusenza sihluke ezweni elibi. Abantu bangase bazibuze ukuthi kungani sihlukile. (Math. 5:​14-16) Njengoba sixoxa nabo ekuphileni kwethu kwansuku zonke, singakwazi ukubachazela ukuthi kungani sihlukile. Lokhu kuyokwenza abaqotho bafune ukukhonza uNkulunkulu wethu. Lapho sidumisa uJehova ngalezi zindlela, simenza ajabule.—1 Thim. 2:​3, 4.

SIJABULISA UJESU LAPHO SIDUMISA IGAMA LIKAJEHOVA

8. UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyahola ekudumiseni igama likaJehova?

8 Kuzo zonke izidalwa ezihlakaniphile ezisezulwini nasemhlabeni, akekho owazi uJehova ukwedlula uJesu. (Math. 11:27) UJesu uyamthanda uBaba wakhe futhi uyahola ekudumiseni igama likaJehova. (Joh. 14:31) Emthandazweni awenza kuBaba wakhe ngobusuku bangaphambi kokuba afe, wachaza into ebaluleke kakhulu ayifeza phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni ngala mazwi: “Ngibazisile igama lakho.” (Joh. 17:26) Wayesho ukuthini?

9. Yimuphi umfanekiso uJesu awusebenzisa ukuze achaze uYise ngendlela ecacile?

9 UJesu wenza okungaphezu nje kokutshela abantu ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. AmaJuda ayefundiswa uJesu ayeselazi kakade igama likaNkulunkulu. Kodwa uJesu “nguye” owahola ‘ekuchazeni’ uNkulunkulu. (Joh. 1:​17, 18) Ngokwesibonelo, imiBhalo yesiHebheru iveza ukuthi uJehova unesihe nozwela. (Eks. 34:​5-7) UJesu wenza lelo qiniso lakhanya bha lapho elandisa umfanekiso wendodana yolahleko noyise. Lapho sifunda ngalokho uyise akwenza lapho ebona indodana yakhe ephendukile “isekude,” egijima eyoyihlangabeza, eyanga ngothando, eyixolela ngokusuka enhliziyweni, sikubona ngokucacile ukuthi uJehova unesihe nozwela. (Luka 15:​11-32) UJesu wembula lokho uYise ayikho ngempela.

10. (a) Sazi kanjani ukuthi uJesu walisebenzisa igama likaYise nokuthi wayefuna nabanye benze okufanayo? (Marku 5:19) (Bheka nesithombe.) (b) Yini uJesu afuna siyenze namuhla?

10 UJesu wayefuna yini ukuthi nabanye balisenzise igama likaYise? Impela. Abanye abaholi benkolo bangaleso sikhathi kungenzeka babekholelwa ukuthi igama likaNkulunkulu lalingcwele kakhulu ukuba abantu balibize, kodwa uJesu akazange awavumele amasiko anjalo angekho ngokomBhalo ukuba amvimbele ukuba adumise igama likaYise. Cabanga ngesikhathi elapha ngaso umuntu onamademoni esifundeni samaGerasa. Abantu besaba bancenga uJesu ukuba ahambe, ngakho akahlalanga kuleso sifunda. (Marku 5:​16, 17) Noma kunjalo, uJesu wayefuna igama likaJehova laziwe kuleyo ndawo. Ngakho watshela umuntu ayemelaphile ukuba atshele abantu ngalokho uJehova ayemenzele kona, hhayi ngalokho uJesu ayekwenzile. (Funda uMarku 5:19.) a Nanamuhla ufuna senze okufanayo—sazise abantu igama likaYise emhlabeni wonke! (Math. 24:14; 28:​19, 20) Uma senza kanjalo, sijabulisa iNkosi yethu, uJesu.

UJesu watshela indoda eyayikade inamademoni ukuba itshele abantu ukuthi uJehova wayeyisize kanjani (Bheka isigaba 10)


11. Yini uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bayithandazele, futhi kungani lokho kubalulekile? (Hezekeli 36:23)

11 UJesu wayazi ukuthi injongo kaJehova iwukungcwelisa igama laKhe, asuse isihlamba kulo. Yingakho iNkosi yethu yafundisa abalandeli bayo ukuba bathandaze bathi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Math. 6:9) UJesu wayeqonda ukuthi lena inkinga enkulu kuyo yonke indalo. (Funda uHezekeli 36:23.) Asikho isidalwa esihlakaniphile ezulwini nasemhlabeni esiye sangcwelisa igama likaJehova ukwedlula uJesu. Kodwa ngesikhathi uJesu eboshwa, izitha zakhe zammangalela ngani? Ngokuhlambalaza! Ngokuqinisekile kuJesu ukusebenzisa kabi noma ukuhlambalaza igama likaYise elingcwele kwakuyisono esibi kakhulu. Kwamhlukumeza kakhulu ukuthi wayezomangalelwa futhi agwetshwe ngenxa yalelo cala. Kungenzeka yilokho okwabangela ukuba abe ‘nomunyu’ emahoreni angaphambi kokuba aboshwe.—Luka 22:​41-44.

12. UJesu walingcwelisa kanjani igama likaYise ngendlela enkulu kunazo zonke?

12 Ukuze angcwelise igama likaYise, uJesu wakhuthazelela ukuhlukunyezwa, ukuthukwa nokunyundelwa. Wayazi ukuthi wayelalele uYise kukho konke; ayikho into okwakumele abe namahloni ngayo. (Heb. 12:2) Wayazi nokuthi uSathane wayemhlasela ngokuqondile kuleso sikhathi esinzima. (Luka 22:​2-4; 23:​33, 34) Ngokuqinisekile uSathane wayezitshela ukuthi uzoyekisa uJesu ukuba qotho kuNkulunkulu; nokho, uSathane wehluleka ingcaca! Lokho uJesu akwenza kwakufakazela ngokucacile ukuthi uSathane ungumqambimanga ononya nokuthi uJehova unazo izinceku eziqotho, eziqhubeka ziqotho ngisho nalapho zibhekene novivinyo olunzima!

13. Ungayijabulisa kanjani iNkosi yakho ebusayo?

13 Uyafuna yini ukujabulisa iNkosi yakho ebusayo? Qhubeka udumisa igama likaJehova, usize nabanye bazi izimfanelo ezinhle zikaNkulunkulu wethu. Uma wenza kanjalo, ulingisa uJesu. (1 Pet. 2:21) NjengoJesu, ujabulisa uJehova futhi ufakazela ukuthi isitha saKhe, uSathane, singumqambimanga ongenamahloni!

LAPHO SIDUMISA IGAMA LIKAJEHOVA SIYASIZA EKUSINDISENI UKUPHILA KWABANTU

14-15. Yiziphi izinto ezimangalisayo ezingenzeka lapho sifundisa abantu ngoJehova?

14 Lapho sidumisa igama likaJehova, siyasiza ekusindiseni ukuphila kwabantu. Kanjani? Angithi phela uSathane ‘uye waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa.’ (2 Kor. 4:4) Ngenxa yalokho, bayawakholwa amanga kaSathane anjengokuthi: Akekho uNkulunkulu, uNkulunkulu ukude nathi futhi akanandaba nabantu, uNkulunkulu unonya futhi abantu abenza izinto ezimbi ubajezisa phakade. Ukuphela kwento eyenziwa yila manga ukwenza igama likaJehova lingaziwa noma ukungcolisa igama lakhe nedumela lakhe ukuze abantu bangabi nesifiso sokusondela kuye. Kodwa lapho sishumayela siyakubhuntshisa lokhu okuhloswe uSathane. Sifundisa abantu iqiniso ngoBaba wethu, sidumise igama elingcwele likaNkulunkulu wethu. Uba yini umphumela?

15 Amaqiniso aseZwini likaNkulunkulu anamandla amakhulu. Lapho sifundisa abantu ngoJehova nangokuthi unjani ngempela, siba nethuba lokubona kwenzeka into emangalisayo. Kancane kancane abantu bayayeka ukuphuphuthekiswa amanga kaSathane futhi bayaqala babone izimfanelo ezinhle zikaBaba wethu. Babamba ongezansi ngenxa yamandla akhe angenamkhawulo. (Isaya 40:26) Bafunda ukumethemba ngenxa yobulungisa bakhe obungenaphutha. (Dut. 32:4) Kuningi abakufundayo ekuhlakanipheni kwakhe okukhulu. (Isaya 55:9; Roma 11:33) Kuyabaduduza nokufunda ukuthi uluthando. (1 Joh. 4:8) Njengoba besondelana noJehova, ithemba labo lokuphila phakade njengezingane zakhe liba ngokoqobo. Sinelungelo elimangalisayo lokusiza abantu basondelane noBaba wabo! Lapho senza kanjalo, uJehova usibheka ‘njengezisebenzi ezikanye naye.’—1 Kor. 3:​5, 9.

16. Bathinteke kanjani abanye lapho befunda ngegama likaNkulunkulu? Nikeza izibonelo.

16 Lapho siqala ukuxoxa nabantu, singase sibafundise ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Lokho nje kukodwa kungakushintsha ukuphila komuntu onenhliziyo eqotho. Ngokwesibonelo, owesifazane osemusha okuthiwa u-Aaliyah b wakhulela ekhaya elingewona amaKristu. Kodwa wayengagculisekile ngenkolo yakhe futhi wayengazizwa esondelene noNkulunkulu. Lokho kwashintsha ngemva kokuba eqale ukufunda noFakazi BakaJehova. Waqala ukubheka uNkulunkulu njengomngani wakhe. Wamangala lapho efunda ukuthi igama likaNkulunkulu likhishiwe emaBhayibhelini amaningi kwafakwa iziqu, ezinjengokuthi Nkosi esikhundleni salo. Ukufunda ngegama likaJehova kwakushintsha ukuphila kwakhe. Wababaza: “UMngani wami unegama!” Waba yini umphumela? Uthi: “Manje senginokuthula enhliziyweni yami. Kuyilungelo elikhulu lokho.” Indoda okuthiwa uSteve yayiwumculi, ikhulele enkolweni yobuJuda enomthetho oqinile. Yayingafuni ukuzihlanganisa nenkolo ethile ngenxa yokuthi yayibone ubuzenzisi obuningi. Kodwa ngemva kokushona kukamama wayo, yavuma ukuba khona lapho othile eqhutshelwa isifundo seBhayibheli oFakazi BakaJehova. Kwayithinta kakhulu ukufunda ngegama likaNkulunkulu. Ithi: “Ngangingakaze ngifunde ukuthi uNkulunkulu unegama.” Iyenezela: “Okokuqala ngqa ekuphileni kwami, ngaqonda ukuthi uNkulunkulu ungokoqobo! Ngambheka njengoMuntu. Ngazi ngaleso sikhathi ukuthi sengizitholele uMngani.”

17. Kungani uzimisele ukuqhubeka udumisa igama likaJehova? (Bheka nesithombe.)

17 Lapho ushumayela futhi ufundisa, uyabaxoxela yini abantu ngegama elingcwele, elithi Jehova? Uyabasiza yini babone ukuthi uNkulunkulu wethu unjani ngempela? Uma wenza kanjalo, udumisa igama likaNkulunkulu. Kwangathi ungaqhubeka udumisa igama likaJehova elingcwele ngokusiza abantu bazi ukuthi ungubani ngempela uMnikazi walelo gama. Uma wenza kanjalo, uyosindisa ukuphila kwabantu. Uyolandela ezinyathelweni zeNkosi yakho, uJesu Kristu. Ngaphezu kwakho konke, uyojabulisa uBaba wakho onothando, uJehova. Kwangathi ‘ungalidumisa igama lakhe kuze kube phakade naphakade’!—IHu. 145:2.

Sidumisa igama likaJehova ngokufundisa abantu ngalo nangokubabonisa ukuthi uJehova unjani (Bheka isigaba 17)

UKUDUMISA IGAMA LIKANKULUNKULU . . .

  • kumjabulisa kanjani uJehova?

  • kumjabulisa kanjani uJesu Kristu?

  • kukusindisa kanjani ukuphila kwabantu?

INGOMA 2 NguJehova Igama Lakho

a Sinezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi uMarku wasebenzisa igama likaNkulunkulu kula mazwi ashiwo uJesu. Leli gama selibuyiselwe e-Nguqulweni Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele.

b Amagama ashintshiwe.