Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

“Ngangingengedwa”

“Ngangingengedwa”

ZININGI izimo ekuphileni ezingasenza sizizwe sinesizungu: ukushonelwa umuntu esimthandayo, ukuba sendaweni esingayijwayele nokuhlala wedwa. Zonke lezi zimo ngike ngabhekana nazo. Kodwa lapho ngicabanga ngokuphila kwami, sengiyabona ukuthi empeleni ngangingengedwa. Ake ngikuxoxele ukuthi yini engenze ngafinyelela leso siphetho.

ISIBONELO SABAZALI BAMI

Umama nobaba babengamaKatolika okuqina. Kodwa lapho befunda eBhayibhelini ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, bobabili baba oFakazi BakaJehova abashisekayo. Ubaba wayeka ukubaza izithombe zikaJesu. Kunalokho, wasebenzisa ikhono lakhe lokubaza washintsha igumbi elingaphansi lendlu yasekhaya walenza iHholo LoMbuso lokuqala laseSan Juan del Monte, edolobheni laseManila, inhloko-dolobha yePhilippines.

Nginabazali bami namalungu omndeni wami

Ngemva kokuba sengizelwe ngo-1952, abazali bami baqala ukungifundisa ngoJehova, njengoba nje babenza kubafowethu abadala abane nakodadewethu abadala abathathu. Njengoba ngangikhula, ubaba wangikhuthaza ukuba ngifunde isahluko seBhayibheli usuku nosuku futhi wayefunda nami izincwadi zenhlangano ezihlukahlukene. Ngezikhathi ezithile, abazali bami babemema ababonisi abajikelezayo nabameleli begatsha ukuba bahlale nathi ekhaya. Njengomndeni, sasijabula kakhulu futhi sikhuthazeka lapho besixoxela izinto ababebhekana nazo futhi sonke zasikhuthaza ukuba senze inkonzo ize kuqala ekuphileni kwethu.

Kuningi engakufunda esibonelweni sabazali bami ababenokholo oluqinile kuJehova. Ngemva kokushona kukamama wami engimthandayo ngenxa yokugula, mina nobaba saqala ukuphayona ndawonye ngo-1971. Kodwa ngo-1973, lapho ngineminyaka engu-20, kwabe sekushona ubaba. Ukushonelwa abazali bami kwangishiya ngikhungathekile futhi nginesizungu. Kodwa ithemba elitholakala eBhayibhelini ‘eliqinisekile futhi elisenza singangabazi,’ langisiza ngahlala nginombono omuhle kunokuba ngicindezeleke ngokweqile, langisiza nokuba ngihlale ngisondelene noJehova. (Heb. 6:19) Ngemva nje kwesikhashana ubaba eshonile, ngamukela isabelo sokuba yiphayona elikhethekile esiqhingini esicezile saseCoron, esifundazweni sasePalawan.

NGANGIZENZA NGEDWA IZABELO EZIYINSELELE

Ngangineminyaka engu-21 ngesikhathi ngifika eCoron. Njengoba ngangingumfana okhulele edolobheni, kwangimangaza ukubona ukuthi kulesi siqhingi yayimbalwa imizi enogesi namanzi futhi kwakunezimoto ezimbalwa kuso. Nakuba babekhona abazalwane abambalwa, ngangingenaye umuntu engangiphayona naye futhi ngezinye izikhathi kwakudingeka ngishumayele ngedwa. Ngenyanga yokuqala, ngangiwukhumbula kakhulu umndeni wami nabangani bami. Ebusuku, ngangigqolozela isibhakabhaka esinezinkanyezi njengoba kwakwehla izinyembezi. Ngangifuna ukusiyeka isabelo sami ngibuyele ekhaya.

Ngezikhathi ezinjalo, ngangithulula isifuba sami kuJehova. Ngangikhumbula amazwi akhuthazayo engangiwafunde eBhayibhelini nasezincwadini zethu. Ngangivame ukucabanga ngeHubo 19:14. Ngaqaphela ukuthi uJehova wayezoba ‘iDwala lami noMkhululi wami’ uma ngizindla ngezinto ezimjabulisayo, ezinjengemisebenzi yakhe nezimfanelo zakhe. Sangisiza kakhulu isihloko se-Nqabayokulinda esithi “You Are Never Alone” a (esitholakala ngesiNgisi). Ngangisifunda kaningi. Ngomqondo othile, ngangingengedwa, kodwa nganginoJehova futhi lezo zikhathi zanginika amathuba ayigugu okuthandaza, okutadisha nokuzindla.

Ngemva kokuba sengifikile eCoron, akuthathanga isikhathi eside ukuba ngimiswe njengomdala. Njengoba kwakuyimi kuphela umdala, ngaqala ukuqhuba iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini samaviki onke, uMhlangano Wenkonzo, iSifundo Sencwadi Sebandla neSifundo Se-Nqabayokulinda. Ngangenza nenkulumo yomphakathi maviki onke. Iyodwa into engangiqiniseka ngayo—yayisiphele nya le nto yami yokukhala ngesizungu!

Ngangikujabulela ukuba sensimini yaseCoron ethelayo—abanye engangifunda nabo iBhayibheli bagcina bebhapathiziwe. Kodwa zazikhona nezinselele. Ngezinye izikhathi, kwakudingeka ngihambe kusukela ekuseni kuze kube semini ngaphambi kokuba ngifike lapho engizoshumayela khona, ngingazi nokuthi ngizolala kuphi uma ngifika khona. Insimu yebandla yayihlanganisa neziqhingi ezincane eziningi. Ngangivame ukuhamba ngesikebhe olwandle olugubhayo ukuze ngifike kulezo ziqhingi, ngisho noma ngangingakwazi ukubhukuda! Kuzo zonke lezo zinselele, uJehova wangivikela wangipha namandla. Kamuva, ngabona ukuthi uJehova wayengiqeqeshela izinselele ezinzima ngisho nakakhulu zesabelo sami esilandelayo.

EPAPUA NEW GUINEA

Ngo-1978, ngabelwa ukuba ngiyokhonza ePapua New Guinea, enyakatho ye-Australia. IPapua New Guinea iyizwe elinezintaba, elicishe lilingane neSpain. Ngamangala lapho ngithola ukuthi abantu abangaba yizigidi ezintathu abahlala khona bakhuluma izilimi ezingaphezu kuka-800. Ngenhlanhla, abantu abaningi abahlala khona bayakwazi ukukhuluma isiPidgin saseMelanesian, esaziwa ngokuthi isiTok Pisin.

Okwesikhashana, ngabelwa ukuba ngiyokhonza ebandleni lesiNgisi edolobheni, ePort Moresby. Kodwa ngabe sengithuthela ebandleni lesiTok Pisin, ngenza namakilasi afundisa lolo limi. Lapho ngishumayela ngangisebenzisa lokho engangikufunda ekilasini. Lokho kwangisiza ukuba ngisheshe ngilufunde ulimi. Ngesikhashana nje, ngase ngikwazi ukwenza inkulumo yomphakathi ngesiTok Pisin. Ngamangala kabi lapho ngabelwa ukuba ngikhonze njengombonisi ojikelezayo wamabandla esiTok Pisin, ezifundazweni ezinkulu eziningana, ungakapheli ngisho nonyaka ngifike ePapua New Guinea.

Ngenxa yokuthi amabandla ayeqhelelene kakhulu, kwakudingeka ngihlele imihlangano yesigodi eminingi futhi ngichithe isikhathi esiningi ngihamba. Ekuqaleni, ngangizizwa nginesizungu kakhulu ngoba ngangisendaweni engingayijwayele—izwe elisha, ulimi olusha namasiko amasha. Ngenxa yokuthi indawo yakhona yayinezintaba nemigwaqo yakhona imibi, ngangingakwazi ukuhambela amabandla ngemoto. Ngakho kwakudingeka ngihambe ngebhanoyi, cishe iviki neviki. Ngezinye izikhathi, kwakuba yimi kuphela ogibele ebhanoyini elincane eligugile. Njalo lapho ngihamba ngebhanoyi ngangesaba, njengoba nje ngangesaba nalapho ngihamba ngesikebhe!

Babembalwa abantu ababenamafoni, ngakho ukuze ngixhumane namabandla ngangibhala izincwadi. Ngangivame ukufika emabandleni zingakafiki izincwadi engangizithumele, ngakho kwakudingeka ngibuze abantu bendawo ukuthi bahlala kuphi oFakazi. Njalo lapho ngihlangana nabafowethu, babengamukela ngenjabulo futhi lokho kwakungikhumbuza ukuthi kungani ngangenza yonke imizamo engangiyenza ukuze ngifike kubo. UJehova wangisekela ngezindlela eziningi futhi ngasondelana nakakhulu naye.

Emhlanganweni wami wokuqala esiqhingini esigudle ulwandle, esibizwa ngokuthi iBougainville, kweza indoda nomkayo kimi bemamatheka, bafike bathi, “Usasikhumbula?” Ngakhumbula ngesikhathi ngibashumayeza lapho ngiqala ukufika ePort Moresby. Ngaqalisa isifundo seBhayibheli nabo ngaphambi kokuba ngibadlulisele kumzalwane wasendaweni. Manje bobabili base bebhapathiziwe! Lesi kwakungesinye sezibusiso eziningi engazithola phakathi neminyaka emithathu engayichitha ePapua New Guinea.

UMNDENI OMNCANE OKHUTHELE

Ngino-Adel

Ngaphambi kokuba ngihambe eCoron ngo-1978, ngahlangana nodade omuhle ozidelayo okuthiwa u-Adel. Wayeyiphayona elivamile njengoba ayekhulisa izingane zakhe ezimbili uSamuel noShirley. Wayenakekela nomama wakhe osekhulile. NgoMeyi 1981, ngabuyela ePhilippines ukuze ngiyoshada no-Adel. Ngemva kokuba sesishadile, saba amaphayona avamile, sanakekela nomndeni wethu ndawonye.

Ngesikhathi sikhonza ePalawan—ngino-Adel nezingane zethu, uSamuel noShirley

Nakuba ngase nginomndeni, ngo-1983, ngaphinde ngamiswa njengephayona elikhethekile, ngabelwa ukuba ngiyokhonza eSiqhingini SaseLinapacan, esifundazweni sasePalawan. Umndeni wethu wonke wathuthela kuleso siqhingi esicezile esasingenabo oFakazi. Umama ka-Adel washona ngemva konyaka sikuleyo ndawo. Noma kunjalo, saqhubeka simatasa enkonzweni, okwasisiza sakhuthazelela usizi lokushonelwa. Saqalisa izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo eziningi eLinapacan, kangangokuba ngokushesha nje sase sidinga iHholo LoMbuso elincane. Ngakho sazakhela thina lelo Hholo. Ngemva nje kweminyaka emithathu sifikile eLinapacan, sajabula kakhulu lapho sibona abantu abangu-110 beze eSikhumbuzweni, iningi labo elathuthuka laze labhapathizwa ngemva kokuba sesihambile.

Ngo-1986, ngabelwa ukuba ngiyokhonza esiqhingini saseCulion, esasihlala abantu ababenochoko. Ngemva kwalokho, u-Adel naye wamiswa njengephayona elikhethekile. Ekuqaleni, kwakusithusa ukushumayeza abantu abanochoko. Kodwa abamemezeli bendawo basiqinisekisa ngokuthi labo ababephethwe yilesi sifo base beyitholile imithi yokuselapha futhi ayemancane amathuba okuba basithelele ngaso. Abanye babo babeba khona emihlanganweni yebandla eyayiba semzini kadade. Ngokushesha sazizwa sikhululekile ukubashumayeza futhi kwakumnandi kakhulu ukuxoxela abantu ababezizwa belahlwe uNkulunkulu nawumphakathi ngethemba lethu eliseBhayibhelini. Kwakujabulisa kakhulu ukubona abantu ababephethwe yisifo esibucayi bejatshuliswa ukufunda ukuthi ngolunye usuku bayoba imiqemane.—Luka 5:​12, 13.

Izingane zethu zakujabulela yini ukuthuthela eCulion? Mina no-Adel samema odade ababili abasebasha baseCoron ukuba babe kanye nathi ukuze izingane zethu zikwazi ukuba nabangani abakahle. USamuel, uShirley nalabo dade ababili abasebasha bakujabulela ukusiza abanye bafunde iqiniso, babefunda nezingane eziningi kuyilapho mina no-Adel sifunda nabazali balezo zingane. Empeleni, ngesinye isikhathi sasifunda iBhayibheli nemindeni engu-11. Ngokushesha nje sase siqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi ezithuthukayo, kangangokuba sakwazi ukumisa ibandla elisha!

Ekuqaleni, kwakuyimi kuphela umdala kuleyo ndawo. Ngakho ihhovisi legatsha langicela ukuba ngiqhubele abamemezeli abangu-8 baseCulion imihlangano yebandla yamaviki onke bese ngenza okufanayo nakubamemezeli abangu-9 basemaphandleni abizwa ngokuthi iMarily, okwakuthatha amahora amathathu ukufika khona uma uhamba ngomkhumbi. Ngemva kwemihlangano yebandla yakuleyo ndawo, njengomndeni, sasihamba amahora amaningi endaweni eyizintaba ukuze siyoqhuba izifundo zeBhayibheli emaphandleni abizwa ngokuthi iHalsey.

Ekugcineni, abantu abaningi bamukela iqiniso eMarily naseHalsey, kangangokuba sakha amaHholo OMbuso kuzo zombili lezo zindawo. NjengaseLinapacan, abazalwane nabantu abanesithakazelo banikela ngezinto eziningi zokwakha, basiza nasekwakheni. Ihholo laseMarily lalingathatha abantu abangu-200 futhi sasikwazi ukulinweba, okwasenza sakwazi ukuba nemihlangano yesigodi kulo.

NGABHEKANA NOSIZI, UMZWANGEDWA, NGAPHINDE NGAJABULA

Ngo-1993 lapho izingane sezikhulile, mina no-Adel saqala umsebenzi wokujikeleza ePhilippines. Ngo-2000, ngabe sengiya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo ukuze ngiqeqeshelwe ukuba uthisha waleso sikole. Ngazizwa ngingakufanelekeli ukwenza lowo msebenzi, kodwa u-Adel wayehlale engikhuthaza. Wangikhumbuza ukuthi uJehova wayezonginika amandla okwenza leso sabelo esisha. (Fil. 4:13) U-Adel wayekhuluma ngento ayaziyo ngoba wayenza isabelo sakhe nakuba ayegula.

Ngo-2006 ngesikhathi ngenza isabelo sokuba uthisha, sathola ukuthi u-Adel wayenesifo esibizwa ngokuthi iParkinson. Sashaqeka! Lapho ngisikisela ukuba siyeke isabelo sethu ukuze ngimnakekele, u-Adel wathi, “Ngicela uthole udokotela ongangisiza, ngiyazi ukuthi uJehova uzosisiza siqhubeke nesabelo sethu.” Kwaphela iminyaka eyisithupha u-Adel eqhubeka nenkonzo yakhe ngaphandle kokukhononda. Lapho engasakwazi ukuhamba, wayeshumayela esesihlalweni sabakhubazekile. Lapho engasakwazi ukukhuluma kahle, wayephendula ngegama elilodwa noma amabili emihlanganweni yebandla. Abazalwane nodade babevame ukuthumelela u-Adel imiyalezo emnandi, bembonga ngesibonelo sakhe sokukhuthazela, kwaze kwaba yilapho eshona ngo-2013. Ngichithe iminyaka engaphezu kwengu-30 no-Adel, umkami othembekile nonothando, ngakho ngesikhathi eshona ngaphinde ngagajwa usizi nomzwangedwa.

U-Adel wayefuna ngiqhubeke nesabelo sami, ngakho yilokho kanye engakwenza. Ngangihlale ngimatasa, okwangisiza ngalwisana nomzwangedwa. Kusukela ngo-2014 kuya ku-2017, ngabelwa ukuba ngivakashele amabandla akhuluma isiTagalog, emazweni lapho umsebenzi wethu wawuvinjelwe khona. Ngemva kwalokho, ngavakashela amabandla akhuluma isiTagalog eTaiwan, e-United States naseCanada. Ngo-2019, ngaba uthisha eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso esasiqhutshwa ngesiNgisi, eNdiya naseThailand. Ngizijabulele kakhulu zonke lezi zabelo. Ayikho into engijabulisa njengokugxila enkonzweni kaJehova.

LUHLALE LUKHONA USIZO ESILUDINGAYO

Esabelweni esisha ngasinye, ngibathanda kakhulu abafowethu nodadewethu engihlangana nabo, ngakho kuhlale kunzima ukuhlukana nabo. Ezikhathini ezinjalo, ngifunde ukuthembela kuJehova ngokuphelele. Ubelokhu engisekela izikhathi eziningi futhi lokho kungisize ngalwamukela ngenhliziyo yami yonke noma yiluphi ushintsho olwenzeka ekuphileni kwami. Namuhla, ngiyiphayona elikhethekile ePhilippines. Sengilijwayele ibandla lami elisha, eseliphenduke umndeni wami onothando nongisekelayo. Ngiyaziqhenya nangokubona uSamuel noShirley belingisa ukholo lukamama wabo.—3 Joh. 4.

Ibandla seliwumndeni wami onothando

Ngempela luningi uvivinyo engibhekane nalo ekuphileni kwami, oluhlanganisa ukubona umkami othandekayo ehlushwa yisifo esibi kwaze kwaba yilapho eshona. Kudingeke nokuba ngizivumelanise nezimo ezintsha eziningi. Noma kunjalo, ngibonile ukuthi uJehova ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzE. 17:27) Isandla sikaJehova “asisifushane” ukuba sisekele futhi siqinise izinceku zakhe, ngisho nalezo ezihlala ezindaweni ezicezile. (Isaya 59:1) UJehova, iDwala lami, ubelokhu enami ukuphila kwami konke futhi ngimbonga kakhulu ngalokho. Ngangingengedwa.

a Bheka INqabayokulinda kaSepthemba 1, 1972, kk. 521-527 ngesiNgisi.