Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 6

INGOMA 18 Siyabonga Ngesihlengo

Okwenza Simbonge UJehova Ngendlela Asithethelela Ngayo

Okwenza Simbonge UJehova Ngendlela Asithethelela Ngayo

“UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.”JOH. 3:16.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Ukusisiza simbonge uJehova ngendlela asithethelela ngayo ngokuthi siqonde lokho akwenza ukuze izono zethu zithethelelwe.

1-2. Isimo sabantu sifana kanjani nesensizwa okukhulunywe ngayo esigabeni sokuqala?

 CABANGA ngensizwa ekhuliswe abazali abacebile. Ngolunye usuku kwenzeka into ebuhlungu, abazali bayo bashona. Lezo zindaba zayizwisa ubuhlungu obukhulu. Nokho, kwakusenezinye izindaba ezishaqisayo ezazisayilindile. Le nsizwa yathola ukuthi abazali bayo babeyisebenzise yonke imali ababenayo bayishiya icwile ezikweletini. Esikhundleni sokuba ithole ifa, yazuza izikweletu zabo futhi abantu abakweletwayo babefuna izikhokhe ngokushesha. Isikweletu sasisikhulu kakhulu ukuba ingakwazi ukusikhokha.

2 Ngandlela-thile isimo sethu siyafana nesale nsizwa. Abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, babengenaso isono futhi babehlala epharadesi elihle. (Gen. 1:27; 2:​7-9) Babenethuba lokujabulela ukuphila okuphakade. Kodwa kwabe sekushintsha yonke into. Balahlekelwa ikhaya labo eliyiPharadesi, balahlekelwa nayithuba lokuphila phakade. Yiliphi ifa abalishiyela abantwana babo? IBhayibheli liyasitshela: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, ngaleyo ndlela ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Sazuza isono ku-Adamu, okuholela ekufeni. Lesi sono esasizuza njengefa sifana nesikweletu esikhulu okungekho muntu phakathi kwethu ongakwazi ukusikhokha.—IHu. 49:8.

3. Kungani isono sifaniswa “nesikweletu”?

3 EBhayibhelini isono sifaniswa nesikweletu. (Math. 18:​32-35) Lapho sona kuba njengokungathi sikweleta uJehova. Kumele sikhokhele leso sono. Uma leso sikweletu sishiywa singakhokhiwe, siyosulwa kuphela lapho sifa.—Roma 6:​7, 23.

4. (a) Ngaphandle kosizo, yini ebiyokwenzeka kuzo zonke izoni? (IHubo 49:​7-9) (b) EBhayibhelini, libhekisela kuphi igama elithi “isono”? (Bheka ibhokisi elithi “ Isono.”)

4 Kungenzeka yini siphinde sithole lokho okwalahlekela u-Adamu no-Eva? Ngeke sikwazi ukukuthola ngamandla ethu. (Funda iHubo 49:​7-9.) Ngaphandle kosizo, besingeke sibe nalo ithemba ngekusasa noma ithemba lovuko. Empeleni ukufa kwethu bekuyofana nokwezilwane.—UmSh. 3:19; 2 Pet. 2:12.

5. UBaba wethu onothando usikhokhele kanjani isono sethu? (Bheka esisekhasini 1.)

5 Cabanga ngensizwa okukhulunywe ngayo ekuqaleni kwalesi sihloko. Ibiyozizwa kanjani uma umuntu ocebile efuna ukuyikhokhela zonke izikweletu zayo? Akungabazeki ukuthi ibiyokujabulela kakhulu ukwamukela leso sipho esikhulu. Ngendlela efanayo, uBaba wethu onothando uJehova, usiphe isipho esikhokhela isono esisizuze ku-Adamu njengefa. UJesu wakuchaza ngale ndlela: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.” (Joh. 3:16) Lesi sipho senza nokuba sikwazi ukuba nobuhlobo obuhle noJehova.

UJesu washumayela izindaba ezinhle ezimayelana nentethelelo kaJehova etholakala ngenxa yomhlatshelo wesihlengo. (Joh. 3:​16) Wabe esenikela ngokuphila kwakhe ngokuzithandela ukuze abe yileso sihlengo (Bheka isigaba 5)


6. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko, futhi kungani?

6 Singazuza kanjani kulesi sipho esimangalisayo futhi sithethelelwe izono zethu noma “izikweletu” zethu? Impendulo yalowo mbuzo itholakala endleleni iBhayibheli elisebenzisa ngayo amagama anjengathi ukubuyisana, isihlawulelo (ukuhlawulela), isihlengo, ukukhulula, nokuba kuthiwe silungile. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezincazelo zala magama. Njengoba sizindla ngalezi ncazelo, siyombonga nakakhulu uJehova ngalokho akwenzile ukuze asithethelele.

UMGOMO: UKUBUYISANA

7. (a) Yini enye eyalahlekela u-Adamu no-Eva? (b) Njengenzalo ka-Adamu no-Eva, yini esiyidinga nakakhulu? (Roma 5:​10, 11)

7 Ngaphezu kokulahlekelwa ithuba lokuphila phakade, u-Adamu no-Eva balahlekelwa ubuhlobo obuyigugu noBaba wabo uJehova. Ngaphambi kokuba bone, u-Adamu no-Eva babeyingxenye yomndeni kaNkulunkulu. (Luka 3:38) Kodwa ngesikhathi bengamlaleli uJehova, baxoshwa emndenini waKhe ngaphambi kokuba babe nabantwana. (Gen. 3:​23, 24; 4:1) Ngakho-ke njengenzalo yabo sidinga ukubuyisana noJehova. (Funda eyabaseRoma 5:​10, 11.) Ngamanye amazwi sidinga ukwakha ubuhlobo obuhle naye. Ngokwenye incwadi, igama lesiGreki elichaza “ukubuyisana” lingasho “ukwakha ubungani nomuntu obuyisitha naye.” Ngokumangalisayo, nguJehova oye wathatha isinyathelo kuqala ukuze lokho kwenzeke. Kanjani?

ILUNGISELELO: ISIHLAWULELO

8. Siyini isihlawulelo?

8 Isihlawulelo ilungiselelo uJehova alenzile ukuze yena nabantu abanesono baphinde babe nobuhlobo obuhle. Lokhu kuhlanganisa ukushintshana ngento ethile yenani elilinganayo. Ngaleyo ndlela, into elahlekile noma elimele ingaphinde ibuyiswe noma itholakale. ImiBhalo YamaKristu YesiGreki nayo ibhekisela endleleni uJehova enze ngayo ukuze umuntu akwazi ukuba nobuhlobo obunokuthula naye.—Roma 3:25.

9. Yiliphi ilungiselelo lesikhashana uJehova alenza ukuze athethelele izono zama-Israyeli?

9 Ukuze ama-Israyeli akwazi ukuba nobuhlobo obuhle noJehova, wamisa ilungiselelo lesikhashana lokuthethelelwa kwezono zawo. Kwa-Israyeli, uSuku Lokuhlawulelwa lwalugujwa kanye ngonyaka. Ngalolo suku, umpristi ophakeme wayenza imihlatshelo yezilwane ukuze ahlawulele abantu. Yiqiniso, imihlatshelo yezilwane yayingeke ikwazi ukuhlawulela izono zabantu ngokuphelele ngoba izilwane zisezingeni eliphansi kunelabantu. Kodwa uma ama-Israyeli aphendukile ayenikela ngezilwane ezifanele, uJehova wayekulungele ukuthethelela izono zawo. (Heb. 10:​1-4) Ngaphezu kwalokho, imihlatshelo ababeyiletha ngoSuku Lokuhlawulelwa nangezinye izikhathi yayisiza ama-Israyeli aqonde ukuthi ayeyizoni futhi ayedinga okungaphezu kwalokho ukuze izono zawo zithethelelwe ngokuphelele.

10. Yiliphi ilungiselelo eliyohlala njalo uJehova alenza ukuze kuthethelelwe izono zabantu?

10 UJehova wayenelungiselelo eliyohlala njalo lokuthethelela izono zabantu. Wanikela ngeNdodana yakhe ethandekayo ‘kwaba kanye kuphela ukuze ithwale izono zabaningi.’ (Heb. 9:28) UJesu wanikela ‘ngokuphila kwakhe ukuze kube yisihlengo sabaningi.’ (Math. 20:28) Siyini isihlengo?

INANI: ISIHLENGO

11. (a) NgokweBhayibheli, siyini isihlengo? (b) Yini eyayiyodingeka ukuze kukhokhwe isihlengo?

11 NgokweBhayibheli, isihlengo inani elikhokhwayo ukuze kuhlawulelwe okuthile futhi kubuyiswane. a Ngokombono kaJehova, sinikeza isisekelo sokubuyisela lokho okwalahleka. Ngayiphi indlela? Khumbula, u-Adamu no-Eva balahlekelwa ukuphila okungenasono kanye nethuba lokuphila phakade. Ngakho, inani lesihlengo kwakuyodingeka lilingane nalokho okwalahleka. (1 Thim. 2:6) Lalingakhokhwa kuphela umuntu omdala (1) owayengenasono; (2) owayengaphila phakade emhlabeni; (3) nowayezimisele ukudela lokho kuphila noma ukulahlekelwa yikho ngenxa yethu. Kungaleyo ndlela kuphela ukuphila kwalowo muntu kwakungabuyisa noma kuhlawulele ukuphila okwalahleka.

12. Kungani uJesu akwazi ukukhokha inani lesihlengo elalidingeka?

12 Cabanga ngezizathu ezintathu ezenza uJesu wakwazi ukukhokha isihlengo. (1) Wazalwa engenasono—“akenzanga sono.” (1 Pet. 2:22) (2) Ngenxa yalokho, wayengaphila phakade emhlabeni. (3) Wayezimisele ukufa futhi adele lokho kuphila ngenxa yethu. (Heb. 10:​9, 10) Njengomuntu ongenasono, uJesu wayelingana nendoda yokuqala, u-Adamu, ngaphambi kokuba yone. (1 Kor. 15:45) Ngakho ngokufa kwakhe, uJesu wakwazi ukuhlawulela isono sika-Adamu, okuwukuthi ukubuyisa lokho u-Adamu akulahla. (Roma 5:19) Ngakho uJesu waba “u-Adamu wokugcina.” Akudingeki kuphinde kuze omunye umuntu azokhokhela lokho u-Adamu akulahla. UJesu wafa “kwaba kanye kuphela.”—Heb. 7:27; 10:12.

13. Uyini umehluko phakathi kwelungiselelo lokuhlawulela nesihlengo?

13 Pho uyini-ke umehluko phakathi kwelungiselelo lokuhlawulela nesihlengo? Ilungiselelo lokuhlawulela yilokho uNkulunkulu akwenzayo ukuze aphinde abe nobuhlobo obuhle nabantu . Isihlengo inani elikhokhwayo ukuze abantu abanesono bahlawulelwe izono zabo. Leli nani limelelwa yigazi likaJesu eliyigugu elathululwa ngenxa yethu.—Efe. 1:7; Heb. 9:14.

IMIPHUMELA: UKUKHULULWA NOKUBA KUTHIWE SILUNGILE

14. Yini esizoxoxa ngayo manje, futhi kungani?

14 Yiziphi izinzuzo esizithola ngenxa yelungiselelo lokuhlawulela? IBhayibheli lisebenzisa amagama amaningana ukuze lichaze lokho esikuzuzayo. Nakuba izincazelo zala magama zicishe zifane, igama ngalinye ligcizelela isici esithile selungiselelo lokuhlawulela elenza uJehova akwazi ukusithethelela. Masixoxe ngezincazelo ezimbili ezizosisiza siqonde izinzuzo zokuthethelelwa uJehova.

15-16. (a) EBhayibhelini, libhekisela kuphi igama elithi “ukukhululwa?” (b) Kusithinta kanjani ukukhululwa esonweni nasekufeni?

15 IBhayibheli lithi ngenxa yokuthi isihlengo sesakhokhwa sesikhululiwe. Umphostoli uPetru wakubeka ngale ndlela: “Niyazi ukuthi anikhululwanga [ngesiGreki, “anihlengwanga”] ngezinto ezonakalayo, ngesiliva noma ngegolide, endleleni yenu yokuphila engenanzuzo eyadluliselwa kini okhokho benu. Kodwa nakhululwa ngegazi eliyigugu, njengalelo lewundlu elingenasici nelingenabala, lelo likaKristu.”—1 Pet. 1:​18, 19; mbhw.

16 Ngenxa yomhlatshelo wesihlengo, singakhululwa ekucindezelweni isono nokufa. (Roma 5:21) Ngokuqinisekile, simbonga kakhulu uJehova noJesu ngokusikhulula ngenxa yegazi likaJesu eliyigugu noma ukuphila kwakhe.—1 Kor. 15:22.

17-18. (a) Kusho ukuthini ukuba kuthiwe silungile? (b) Kusithinta kanjani lokho?

17 Ukuba kuthiwe silungile kusho ukuthi amacala ethu axolelwe nokuthi amacala ethu asuliwe. Ngokwenza kanjalo, uJehova akayiphuli imithetho yakhe yobulungisa. Akathi silungile ngoba sikufanelekela lokho futhi akazivuni izono zethu. Kodwa ngenxa yokuthi sibonisa ukholo elungiselelweni lesihlawulelo nasesihlengweni esakhokhwa, uJehova uzimisele ukuthethelela izono zethu.—Roma 3:24; Gal. 2:16.

18 Kusho ukuthini lokhu kithi? Labo abakhethwe ukuba babuse noJesu ezulwini kakade sekuthiwe balungile njengabantwana bakaNkulunkulu. (Thithu 3:7; 1 Joh. 3:1) Izono zabo zithethelelwe. Kunjengokungathi abakaze bone, ngakho bayakufanelekela ukuba seMbusweni. (Roma 8:​1, 2, 30) Labo abanethemba lokuphila emhlabeni kuthiwe balungile njengabangani bakaNkulunkulu futhi izono zabo zithethelelwe. (Jak. 2:​21-23) Isixuku esikhulu esiyosinda e-Armagedoni sinethemba lokungaphinde sife. (Joh. 11:26) “Abalungile nabangalungile” asebashona bayovuswa. (IzE. 24: 15; Joh. 5:​28, 29) Ekugcineni, zonke izinceku zikaJehova ezilalelayo ezisemhlabeni ziyoba “nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:21) Liyisibusiso ngempela leli lungiselelo lokuhlawulela—ukubuyisana ngokuphelele noBaba wethu, uJehova!

19. Isimo sethu sishintshe kanjani saba ngcono? (Bheka nebhokisi elithi “ Kusho Ukuthini Kithi?”)

19 Ngempela, isimo sethu sake safana nesensizwa okukhulunywe ngayo ekuqaleni eyalahlekelwa yikho konke, yazuza isikweletu esikhulu eyayingasoze yakwazi ukusikhokha. Kodwa siyambonga uJehova ngokuthi wasisiza. Isimo sethu sesishintshile ngenxa yelungiselelo lokuhlawulela nokukhokhwa kwesihlengo. Ukholo lwethu kuJesu Kristu lusenza sikhululwe esonweni nasekufeni. Lapho uJehova ethethelela izono zethu kuba njengokungathi asikaze sone. Kodwa okubaluleke kunakho konke ukuthi manje singakwazi ukuba nobuhlobo obuhle noBaba wethu osezulwini onothando, uJehova.

20. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

20 Izinhliziyo zethu zigcwele ukubonga njengoba sizindla ngalokho uJehova noJesu abasenzele kona. (2 Kor. 5:15) Ngaphandle kosizo lwabo, besingeke nhlobo sibe nalo ithemba! Kodwa isho ukuthini ngempela intethelelo kaJehova kumuntu ngamunye? Yilokho esizoxoxa ngakho esihlokweni esilandelayo.

INGOMA 10 Dumisani UJehova, UNkulunkulu Wethu!

a Kwezinye izilimi igama elithi “isihlengo” ngokwezwi nezwi lihunyushwe ngokuthi “inani lokuphila,” noma “ukukhokhwa kwesikweletu.”