Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ongakwenza Ukuze Ube Umngani Weqiniso

Ongakwenza Ukuze Ube Umngani Weqiniso

KWAKE kwenzeka yini wazizwa ungenabani njengoba wawubhekene nenkinga ethile? Siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ ezingasenza sizizwe siphelelwa amandla futhi singenamuntu esingakhuluma naye. (2 Thim. 3:1) Nokho, lapho sinezinkinga, bakhona abantu abangasisiza. IBhayibheli likhuluma ngokubaluleka kokuba nabangani beqiniso “ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

INDLELA ABANGANI BEQINISO ABANGASISIZA NGAYO

Nakuba ayeboshelwe endlini, umphostoli uPawulu wakwazi ukufeza inkonzo yakhe ngenxa yokusekelwa abangani bakhe abaqotho

Umphostoli uPawulu wazuza kubangani ayehamba nabo ngesikhathi enza umsebenzi wokuba yisithunywa sevangeli. (Kol. 4:​7-11) Ngesikhathi uPawulu eboshiwe eRoma, abangani bakhe benza imisebenzi ayengeke akwazi ukuzenzela yona. Ngokwesibonelo, u-Ephafrodithu wanikeza uPawulu izinto ayezidinga ezazivela kubafowabo nodadewabo baseFilipi. (Fil. 4:18) UThikhiku wahambisa izincwadi ezazivela kuPawulu emabandleni ahlukahlukene. (Kol. 4:7) Ngosizo lwabangani bakhe, uPawulu wakwazi ukufeza inkonzo yakhe nakuba ayeboshelwe endlini noma nangesikhathi eboshwe yedwa ejele. Ungaba kanjani umngani weqiniso namuhla?

Izibonelo zosuku lwanamuhla zibonisa ukubaluleka kokuba umngani weqiniso. U-Elisabet, iphayona elivamile laseSpain, uchaza indlela omunye udade amsiza ngayo lapho ebhekene nezikhathi ezinzima. Lapho umama ka-Elisabet ethola ukuthi unesifo sekhensa, lo dade wathumelela u-Elisabet imiyalezo eminingi ekhuthazayo enamavesi eBhayibheli. U-Elisabet uthi, “Leyo miyalezo yanginika amandla okubhekana nosuku ngalunye, ngangaba nomuzwa wokuthi ngingedwa.”—IzAga 18:24.

Singaqinisa ubungani bethu nesikholwa nabo ngokubasiza ukuba baye emihlanganweni yebandla futhi sishumayele nabo. Ngokwesibonelo, ungakwazi yini ukusiza umzalwane noma udade osekhulile ngokumhambisa ngemoto emihlanganweni yebandla noma enkonzweni yasensimini? Uma wenza kanjalo, cishe uyokujabulela ukuba nezingxoxo ezakhayo naye. (Roma 1:12) Nokho, amanye amaKristu avaleleke ezindlini. Singaba kanjani abangani beqiniso kulawo maKristu?

YIBA UMNGANI WEQINISO KULABO ABAVALELEKE EZINDLINI

Abanye abafowethu nodadewethu abakwazi ukuya ngokoqobo emihlanganweni yebandla ngenxa yezinkinga zempilo noma ezinye izimo. Cabanga ngesibonelo sikaDavid owathola ukuthi unekhensa ebizwa ngokuthi i-lymphoma. Kwaphela izinyanga ezingaphezu kweziyisithupha elashwa ikhensa. Njengoba ayelashwa, uDavid nomkakhe uLidia babeba khona emihlanganweni yebandla besebenzisa ividiyo.

Yiluphi usizo abaluthola kubangani babo basebandleni? Ngemva komhlangano ngamunye, abanye balabo ababeseHholo LoMbuso babenza imizamo yokukhuluma noDavid noLidia ngevidiyo. Ngaphezu kwalokho, lapho uDavid noLidia benikeza izimpendulo, kamuva babethola imiyalezo ekhuthazayo evela kubafowabo nodadewabo. Kwabenza bazizwa kanjani lokho? Bazizwa besondelene nabafowabo nodadewabo.

Shumayela nabafowenu nodadewenu abavaleleke ezindlini

Singahlela yini ukushumayela nalabo abavaleleke ezindlini? Singenza ushintsho oluncane ezinhlelweni zethu ukuze sikwazi ukusebenza nabo. Ngokwenza kanjalo, sibabonisa ukuthi asibakhohliwe. (IzAga 3:27) Kungani ungahleli ukushumayela nabo ngokubhala izincwadi noma ngocingo? Labo abavaleleke ezindlini bangakwazi ukuba khona emihlanganweni yenkonzo yasensimini besebenzisa ividiyo. UDavid noLidia babelijabulela leli lungiselelo. UDavid uyachaza, “Kwakusikhuthaza kakhulu ukuba nengxoxo emfushane nokuthandaza neqembu lethu lasensimini.” Ngaphezu kwalokho, uma kuphephile futhi izimo zivuma, ngezikhathi ezithile ungahlela yini ukuletha umuntu ofunda naye iBhayibheli emzini wommemezeli ovaleleke endlini ukuze uqhube naye isifundo seBhayibheli?

Lapho sichitha isikhathi nabafowethu nodadewethu abavaleleke ezindlini futhi sizibonela mathupha izimfanelo zabo ezinhle, sisondelana nakakhulu nabo. Ngokwesibonelo, lapho ushumayela nabamemezeli ababhekene naleso simo futhi ubona indlela abalisebenzisa ngayo ngobuhlakani iZwi likaNkulunkulu ukuze bathinte izinhliziyo zabantu ababashumayezayo, cishe ubahlonipha ngisho nakakhulu. Lapho usiza okholwa nabo ukuba baye emihlanganweni yebandla futhi ushumayela nabo, ungase uzenzele abangani abasha.—2 Kor. 6:13.

Kwamduduza uPawulu ukuvakashelwa umngani wakhe uThithu. (2 Kor. 7:​5-7) Indaba yabo isikhumbuza ukuthi ngeke sigcine ngokubaduduza ngamazwi akhuthazayo abafowethu nodadewethu, kodwa singabaduduza nangokuchitha isikhathi nabo futhi senze konke esingakwenza ukuze sibasekele.—1 Joh. 3:18.

YIBA UMNGANI WEQINISO NGEZIKHATHI ZOSHUSHISO

Abafowethu nodadewethu baseRussia basibekele isibonelo esihle uma kuziwa endabeni yokusekelana. Cabanga ngesibonelo sikaSergey nomkakhe uTatyana. Ngemva kokuba amaphoyisa eseshe umuzi wabo, ahamba nabo ukuze bayophenywa ngemibuzo. UTatyana wadedelwa kuqala wabuyela ekhaya. USergey uyalandisa: “Ngemva nje kokuba uTatyana eqeda kufika ekhaya, omunye udade onesibindi wafika ezomvakashela. Kwafika abangani abengeziwe bezosisiza ngokuhlanza indlu nokubuyisela izinto endaweni yazo.”

USergey uyenezela: “Ngiyawuthanda umBhalo wezAga 17:​17, othi: ‘Umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.’ La mazwi abe yiqiniso nakakhulu kimi phakathi nalesi sikhathi sokushushiswa lapho ngingakwazi ukubhekana nalesi simo ngingedwa. UJehova unginike abangani abanesibindi.” a

Njengoba manje sibhekana nezimo ezinzima ngisho nakakhulu, sidinga abangani abazosisekela. Siyobadinga ngisho nakakhulu phakathi nosizi olukhulu. Ngakho masenze konke esingakwenza ukuze sibe umngani weqiniso manje!—1 Pet. 4:​7, 8.

a Bheka isihloko esithi “UJehova Ungiphe Abangani Abanesibindi” ku-jw.org/zu.