Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ONGATADISHA NGAKHO

Ukubonisa Isibindi Lapho Ubhekene Nesimo Esicindezelayo

Ukubonisa Isibindi Lapho Ubhekene Nesimo Esicindezelayo

Funda uJeremiya 38:​1-13 ukuze ufunde ngesibindi esaboniswa umprofethi uJeremiya nomthenwa u-Ebhedi-meleki.

Hlaziya umongo. UJeremiya wasibonisa kanjani isibindi lapho etshela abantu umyalezo kaJehova? (Jer. 27:​12-14; 28:​15-17; 37:​6-10) Yini abantu abayenza lapho bezwa umyalezo ababewutshelwe uJeremiya?—Jer. 37:​15, 16.

Funda okwengeziwe ngale ndaba. Yini abantu ababefuna uJeremiya ayenze? (jr 26-27 ¶20-22) Funda ukuthi imithombo yamanzi yayisetshenziselwani nokuthi yayibukeka kanjani. (it-1-E 471) Ucabanga ukuthi uJeremiya wayezizwa kanjani ngesikhathi esemthonjeni onodaka? Yini okungenzeka u-Ebhedi-meleki wayeyisaba?—w12 5/1 31 ¶2-3.

Ongakufunda kule ndaba. Zibuze:

  • ‘Le ndaba ingifundisani ngendlela uJehova avikela ngayo izinceku zakhe eziqotho?’ (IHu. 97:10; Jer. 39:​15-18)

  • ‘Yiziphi izimo okuyodingeka ngibonise kuzo isibindi?’

  • ‘Ngingaba kanjani nesibindi sokwenza okulungile lapho ngibhekene nesimo esicindezelayo?’ (w11 3/1 30) a

a Mayelana nezinto ongatadisha ngazo, bheka isihloko esithi “Amacebiso Okutadisha” kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 2023.