ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 8
INGOMA 130 Yiba Othethelelayo
Ungayilingisa Kanjani Indlela UJehova Athethelela Ngayo?
“Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, nani kumele nenze kanjalo.”—KOL. 3:13.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Lesi sihloko sizoxoxa ngezinto esingazenza ukuze sithethelele umuntu osizwise ubuhlungu.
1-2. (a) Kunini lapho singase sikuthole kunzima kakhulu ukuthethelela othile? (b) UDenise wabonisa kanjani ukuthi uyayithethelela indoda eyayimzwise ubuhlungu?
UKUTHOLA kunzima yini ukuthethelela abanye? Iningi lethu likuthola kunzima, ikakhulukazi uma umuntu esho noma enza into esizwisa ubuhlungu obukhulu. Noma kunjalo, singakwazi ukunqoba leyo mizwa ebuhlungu sithethelele. Ngokwesibonelo, cabanga ngodade okuthiwa uDenise, a owathethelela ngendlela emangalisayo. Ngo-2017, uDenise nomndeni wakhe babevakashele eNdlunkulu Yomhlaba Wonke YoFakazi BakaJehova eyayisanda kuvulwa. Njengoba babesanda kusuka khona besemotweni bebheke ekhaya, omunye umshayeli wahluleka ukulawula imoto yakhe wabashayisa. UDenise waquleka. Lapho ephaphama wathola ukuthi izingane zakhe zazilimele kakhulu nokuthi umyeni wakhe uBrian wayeshonile. Uma ecabanga ngaleso sikhathi uDenise uthi, “Ngangicindezelekile futhi ngididekile.” Kamuva, wathola ukuthi umuntu owabashayisa wayephile saka futhi ayikho into eyayimphazamisile. UDenise wathandaza kuJehova emcela ukuba abe nokuthula.
2 Umuntu owabashayisa wabekwa icala lokubulala ngokungenhloso. Uma elahlwa yicala wayengaboshwa. Nokho, inkantolo yatshela uDenise ukuthi isinqumo sejaji sasiyoncika kakhulu ebufakazini ayezobethula enkantolo. UDenise uthi: “Njengoba kwakudingeka ngikhulume ngento ebuhlungu kunazo zonke ekuphileni kwami, ngezwa sengathi othile wayengiqaqe izitishi wabe esengibhunyela ngosawoti esilondeni.” Emavikini ambalwa alandelayo, uDenise wayehlezi enkantolo elungiselela ukubhekana nendoda eyayizwise umndeni wakhe ubuhlungu obukhulu. Yini ayisho? Wacela ijaji ukuba liyibonise isihawu le ndoda. b Lapho nje eqeda ukukhuluma, ijaji lakhala. Lathi: “Kuyo yonke le minyaka engu-25 ngiyijaji, angikaze ngiyizwe into enje. Angikaze ngiwuzwe umndeni wesisulu ucela ukuba ummangalelwa aboniswe isihawu. Angize ngingawezwa amazwi abonisa uthando nentethelelo.”
3. Yini eyasiza uDenise wathethelela?
3 Yini eyasiza uDenise ukuba abe umuntu othethelelayo? Wazindla ngendlela uJehova athethelela ngayo. (Mika 7:18) Uma sibonga ngokuthi uJehova usithethelele, nathi siyofuna ukubathethelela abanye.
4. Yini uJehova afuna siyenze? (Efesu 4:32)
4 UJehova ufuna sibathethelele abanye njengoba nje naye eye wasithethelela ngokukhululekile. (Funda eyabase-Efesu 4:32.) Ulindele ukuba sikulungele ukuthethelela labo abasizwise ubuhlungu. (IHu. 86:5; Luka 17:4) Kulesi sihloko sizoxoxa ngezinto ezintathu ezizosisiza sithethelele kakhudlwana.
UNGAYIZIBI INDLELA OZIZWA NGAYO
5. NgokwezAga 12:18, singase sizizwe kanjani lapho othile esizwisa ubuhlungu?
5 Singase sizwe ubuhlungu obukhulu ngenxa yalokho othile akushoyo noma akwenzayo kithi, ikakhulukazi uma lowo muntu engumngani oseduze noma ilungu lomndeni. (IHu. 55:12-14) Ngezinye izikhathi, ubuhlungu esibuzwayo bungafaniswa nokugwazwa othile. (Funda izAga 12:18.) Singase sizame ukucindezela noma ukuziba ubuhlungu esibuzwayo. Kodwa ukwenza kanjalo kungafaniswa nokugwazwa bese ummese ushiywa enxebeni. Ngendlela efanayo, ngeke silindele ukuba ubuhlungu esibuzwayo bube ngcono uma sivele sibuziba.
6. Singase sisabele kanjani lapho othile esiphatha kabi?
6 Lapho othile esiphatha kabi, ekuqaleni singase sisabele ngokuthi sithukuthele. IBhayibheli liyavuma ukuthi singase sithukuthele. Nokho, lisixwayisa ngokuthi singakuvumeli ukulawulwa yilowo muzwa. (IHu. 4:4; Efe. 4:26) Kungani? Kungenxa yokuthi ngokuvamile indlela esizizwa ngayo iholela esenzweni; futhi akuvamile ukuba intukuthelo ibe nemiphumela emihle. (Jak. 1:20) Khumbula ukuthi ngeke sikwazi ukukugwema ngaso sonke isikhathi ukuthukuthela lapho othile esiphatha kabi, kodwa umuntu nguye onqumayo ukuthi uzohlala ecasukile yini noma cha.
Ngeke sikwazi ukukugwema ngaso sonke isikhathi ukuthukuthela lapho othile esiphatha kabi, kodwa umuntu nguye onqumayo ukuthi uzohlala ecasukile yini noma cha
7. Yiziphi ezinye izindlela esingezwa ngazo ubuhlungu lapho othile esiphatha kabi?
7 Lapho othile esiphathe kabi, singezwa ubuhlungu nangezinye izindlela. Ngokwesibonelo, udade okuthiwa u-Ann uthi: “Ngesikhathi ngiseyingane, ubaba washiya umama washada nowesifazane owayenginakekela (u-nanny). Ngazizwa ngilahliwe. Lapho ubaba eba nezingane nalona wesifazane, ngezwa sengathi sengithathelwe indawo yami. Ngakhula ngizizwa ngingafunwa.” Udade okuthiwa uGeorgette uchaza indlela ayezizwa ngayo ngesikhathi umyeni wakhe ephinga: “Sasingabangani kusukela siseyizingane. Sasiphayona ndawonye! Inhliziyo yami yayibuhlungu kakhulu.” Udade okuthiwa uNaomi uthi: “Ngangingakaze ngicabange ukuthi umyeni wami angangizwisa ubuhlungu obungaka. Ngakho lapho engitshela ukuthi wayebukela izithombe ezingcolile zocansi futhi engifihlela, ngazizwa ngikhohlisiwe futhi ngilahliwe.”
8. (a) Yiziphi ezinye izizathu ezenza kudingeke sithelele abanye? (b) Yiziphi izinzuzo esizitholayo lapho sithethelela? (Bheka ibhokisi elithi “ Kuthiwani Uma Othile Enze Into Esihlukumezayo?”)
8 Ngeke sikwazi ukulawula lokho abanye abakushoyo noma abakwenzayo kithi, kodwa singazama ukulawula indlela esisabela ngayo. Ngokuvamile indlela engcono kakhulu esingasabela ngayo ukuba sithethelele. Kungani? Kungenxa yokuthi siyamthanda uJehova futhi ufuna sithethelele. Uma siqhubeka sithukuthele futhi singaxoli maningi amathuba okuba senze ngobuwula, mhlawumbe size silimaze ngisho nempilo yethu. (IzAga 14:17, 29, 30) Cabanga ngesibonelo sikadade okuthiwa uChristine. Uthi: “Lapho ngithukuthele noma ngiphathwe kabi othile, mancane amathuba okuba ungithole ngimomotheka. Ngizithola sengidla ukudla okungenampilo. Angilali ngokwanele futhi kuba nzima kakhulu ukulawula imizwa yami, okuthinta indlela engiphatha ngayo umyeni wami nabanye.”
9. Kungani kufanele siyeke ukubamba amagqubu?
9 Ngisho noma umuntu osizwise ubuhlungu engaxolisi, singakwazi ukunciphisa ubuhlungu asibangele bona. Kanjani? UGeorgette okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Kwangithatha isikhathi, kodwa ngagcina ngiyekile ukumbambela igqubu nokumthukuthelela lowo owayengumyeni wami. Ngenxa yalokho, ngaba nokuthula okumangalisayo.” Uma siyeka ukubamba amagqubu, sivikela izinhliziyo zethu ekulinyazweni yinzondo. Ngaphezu kwalokho siyobe sizisiza thina—okuwukuthi siyakudlulisa okwenzekile siphinde sijabulele ukuphila. (IzAga 11:17) Kodwa kuthiwani uma kungakavumi ukuba uthethelele?
OKUNGAKUSIZA UNQOBE UBUHLUNGU OBUZWAYO
10. Kungani kufanele sizinike isikhathi sokuba siphole ngokomzwelo? (Bheka nezithombe.)
10 Yini engakusiza unqobe ubuhlungu obuzwayo? Enye indlela ukuba uzinike isikhathi sokuphola. Ngemva kokwelashwa, umuntu olimele kakhulu udinga isikhathi ukuze aphole. Ngendlela efanayo, singase sidinge isikhathi sokuba siphole ngokomzwelo ngaphambi kokuba sikulungele ukuthethela othile ngokusuka enhliziyweni.—UmSh. 3:3; 1 Pet. 1:22.
11. Umthandazo ungakusiza kanjani ube umuntu othethelelayo?
11 Thandaza, ucele uJehova akusize ube umuntu othethelelayo. c U-Ann, okukhulunywe ngaye ekuqaleni uchaza indlela umthandazo owamsiza ngayo. Uthi: “Ngacela uJehova ukuba athethelele ngamunye wethu emndenini ngenxa yezinto esingazisingathanga kahle. Ngabe sengibhalela ubaba nomkakhe omusha ngibatshela ukuthi ngibathethelele.” U-Ann uyavuma ukuthi kwakungelula ukwenza kanjalo. Kodwa uthi: “Ngethemba ukuthi ukulingisa kwami indlela uJehova athethelela ngayo kuyokwenza ubaba nomkakhe bafune ukwazi okwengeziwe ngoJehova.”
12. Kungani kufanele sethembe uJehova kunokuba sethembe imizwa yethu? (IzAga 3:5, 6)
12 Themba uJehova, ungathembi imizwa yakho. (Funda izAga 3:5, 6.) UJehova uhlale ekwazi kahle okusilungele. (Isaya 55:8, 9) Akasoze asicela ukuba senze into ezosilimaza. Ngakho lapho esikhuthaza ukuba sithethelele, singaqiniseka ngokuthi ukwenza kanjalo kuyosizuzisa. (IHu. 40:4; Isaya 48:17, 18) Ngakolunye uhlangothi, uma sethemba imizwa yethu, singase singakwazi nhlobo ukuthethelela. (IzAga 14:12; Jer. 17:9) UNaomi, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ngangizitshela ukuthi ngenza kahle ngokungamthetheleli umyeni wami ngokubukela izithombe zocansi ezingcolile. Ngangesaba ukuthi uzophinde angizwise ubuhlungu noma uzokhohlwa ukuthi ungizwise ubuhlungu obungakanani. Ngazitshela ukuthi uJehova wayeyiqonda indlela engangizizwa ngayo. Kodwa ngabe sengiqaphela ukuthi ukuqonda kukaJehova indlela engizizwa ngayo akusho ukuthi uvumelana nayo. Uyazi ukuthi ngizizwa kanjani nokuthi kuthatha isikhathi ukuphola, kodwa ufuna nokuba ngithethelele.” d
ZAMA UKUBA NEMICABANGO EYAKHAYO
13. NgokweyabaseRoma 12:18-21, yini okudingeka siyenze?
13 Lapho sithethelela umuntu osizwise ubuhlungu obukhulu, sifuna ukungagcini nje ngokunquma ukungakhulumi ngokwenzekile. Uma umuntu osizwise ubuhlungu engumfowethu noma udadewethu ongumKristu, umgomo wethu ukwenza ukuthula. (Math. 5:23, 24) Sikhetha ukubonisa isihawu kunokuthukuthela, nokuthethelela kunokubamba amagqubu. (Funda eyabaseRoma 12:18-21; 1 Pet. 3:9) Yini engasisiza senze lokho?
14. Yini okufanele silwele ukuyenza, futhi kungani?
14 Kufanele silwele ukubheka umuntu osonile ngendlela uJehova ambheka ngayo. UJehova ukhetha ukubheka okuhle kubantu. (2 IziKr. 16:9; IHu. 130:3) Ngokuvamile siyothola lokho esikubhekayo kubantu—kungaba okuhle noma okubi. Lapho sibheka okuhle kwabanye, siyokuthola kulula ukubathethelela. Ngokwesibonelo, umzalwane okuthiwa uJarrod uthi, “Ngikuthola kulula ukuthethelela umfowethu uma ngiqhathanisa iphutha lakhe nezinto eziningi engizithandayo ngaye.”
15. Kungani kungase kube usizo ukutshela umuntu ukuthi usumxolele?
15 Enye into ongacabangela ukuyenza ukutshela umuntu ukuthi usumxolele. Kungani? Cabanga ngalokho uNaomi okukhulunywe ngaye ekuqaleni akushoyo: “Umyeni wami wangibuza, ‘Usungixolele yini?’ Lapho ngivula umlomo wami ngifuna ukuthi, ‘Ngiyakuxolela,’ ngahluleka ukulikhipha ngomlomo lelo gama. Ngaqaphela ukuthi ngangingakamxoleli ngokusuka enhliziyweni. Ngokuhamba kwesikhathi ngakwazi ukuthi ‘ngiyakuxolela.’ Angiyikholwanga indlela umyeni wami owayehlengezela izinyembezi akhululeka ngayo nendlela nami engaba nokuthula ngayo. Kusukela ngaleso sikhathi, ngiye ngafunda ukuphinde ngimethembe futhi sesiphinde saba abangani abakhulu.”
16. Yini oyifundile ngokuthethelela?
16 UJehova ufuna sibe abantu abathethelelayo. (Kol. 3:13) Noma kunjalo singase sikuthole kunzima ukuthethelela abanye. Kodwa singakwazi ukubathethelela uma singayizibi imizwa yethu bese senza konke esingakwenza ukuze siyeke ukuthukuthela. Ngaleyo ndlela siyokwazi ukuba nemizwa eyakhayo.—Bheka ibhokisi elithi “ Izinto Ezintathu Ongazenza Ukuze Uthethelele.”
GXILA EZINZUZWENI ZOKUBA UMUNTU OTHETHELELAYO
17. Kusizuzisa kanjani ukuba abantu abathethelelayo?
17 Sinezizathu eziningi zokuba abantu abathethelelayo. Cabanga ngezinye zazo. Esokuqala, silingisa futhi sijabulise uBaba wethu uJehova. (Luka 6:36) Esesibili, sibonisa ukuthi siyabonga ngokuthi uJehova usibonise umusa wasithethelela. (Math. 6:12) Esesithathu, siba nempilo engcono futhi sigcina ubungani bethu nabanye buqinile.
18-19. Yini engase yenzeke uma singabantu abathethelelayo?
18 Lapho sithethelela abanye, singase sithole izibusiso ebesingazilindele. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwenzeka kuDenise okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Nakuba ayengazi ngaleso sikhathi, indoda eyayibashayisile yayinqume ukuzibulala ngemva kokuqulwa kwecala. Nokho, indlela uDenise ayithethelela ngayo yayithinta kangangokuba yaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.
19 Singase sizitshele ukuthi ukuthethelela othile kungenye yezinto ezinzima kakhulu okuyoke kudingeke siyenze—kodwa futhi kungase kube enye yezinto ezizuzisa kakhulu. (Math. 5:7) Ngakho, masenze konke esingakwenza ukuze silingise indlela uJehova athethelela ngayo.
INGOMA 125 “Bayajabula Abanesihe!”
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Ezimweni ezifana nalezi, umKristu ngamunye kumele azinqumele ukuthi yini azoyenza.
c Bheka amavidiyo ezingoma eziqanjiwe athi “Masithethelelane,” “Ungabi Namagqubu,” nethi “Sibuye Sibe Abangane” ku-jw.org/zu.
d Nakuba ukubukela izithombe zocansi ezingcolile kuyisono futhi kuzwisana ubuhlungu, akuniki umuntu oshade nomuntu ozibukelayo isizathu esingokomBhalo sokudivosa.