Wenqabe Umoya Waleli Zwe Wokuzicabangela Wena Kuphela
UKE WAQAPHELA yini ukuthi abantu abaningi ezweni namuhla banomuzwa wokuthi kufanele baphathwe ngendlela ekhethekile noma bathole amalungelo akhethekile? Kungakhathaliseki ukuthi kungakanani abakutholayo, bakholelwa ukuthi bafanelwe okungcono. Le ndlela yokucabanga ibangelwa umoya wobugovu nowokungabongi iBhayibheli elalithe abantu babeyoba nawo ngezinsuku zokugcina.—2 Thim. 3:2.
Yiqiniso ukuthi abantu abanobugovu abaqali ukuba khona. U-Adamu no-Eva bakhetha ukuzinqumela bona ukuthi yini elungile nengalungile, okwaba nemiphumela edabukisayo. Emakhulwini eminyaka kamuva, u-Uziya iNkosi yakwaJuda wayecabanga ukuthi kwakufanele ashise impepho ethempelini, kodwa wayengenalo nhlobo ilungelo lokwenza kanjalo. (2 IziKr. 26:18, 19) AbaFarisi nabaSadusi nabo babekholelwa ukuthi uNkulunkulu kwakufanele abaphathe ngendlela ekhethekile kunabanye ngenxa nje yokuthi babeyinzalo ka-Abrahama.—Math. 3:9.
Sizungezwe abantu abangamagovu nabazazisayo futhi indlela abacabanga ngayo ingasithonya nathi. (Gal. 5:26) Singase siqale ukucabanga ukuthi kufanele sithole ilungelo elithile noma kufanele siphathwe ngendlela ekhethekile. Singakugwema kanjani ukucabanga ngale ndlela? Kufanele siqale siqonde ukuthi uyini umbono kaJehova ngale ndaba. Izimiso zeBhayibheli ezimbili zizosisiza.
NguJehova onqumayo ukuthi yini esifanele. Cabanga ngezibonelo ezilandelayo.
-
Emndenini, umyeni kudingeka ezwe ukuthi umkakhe uyamhlonipha, nenkosikazi kudingeka izwe ukuthi umyeni wayo uyayithanda. (Efe. 5:33) Kuyinto efanele ukuba abantu abashadile baboniswe uthando lwezithandani ngabantu abashade nabo. (1 Kor. 7:3) Abazali balindele ukuba izingane zabo zibalalele futhi kube kufanele, nezingane nazo zilindele ukuba abazali bazo bazithande futhi bazinakekele.—2 Kor. 12:14; Efe. 6:2.
-
Ebandleni, abadala abasebenza kanzima kufanele sibahloniphe. (1 Thes. 5:12) Nokho, abanalo ilungelo lokuba yizingqongqo kubafowabo nodadewabo.—1 Pet. 5:2, 3.
-
UNkulunkulu unikeze ohulumeni ilungelo lokuba bafune intela futhi bahlonishwe abantu abababusayo.—Roma 13:1, 6, 7.
Ngokuzithandela uJehova usinikeza okungaphezu kwalokho okusifanele. Ngenxa yokuthi siyizoni, ukuphela kwento esifanele ukufa. (Roma 6:23) Noma kunjalo, uJehova usinikeza izibusiso eziningi ngenxa yokuthi usithanda ngobuqotho. (IHu. 103:10, 11) Isibusiso ngasinye noma ilungelo ngalinye asinika lona sikuthola ngenxa yomusa wakhe omkhulu.—Roma 12:6-8; Efe. 2:8.
OKUNGASISIZA SIGWEME UKUBA NOMOYA WOBUGOVU NOWOKUZAZISA
Yiqaphe indlela leli zwe elicabanga ngayo. Singanakile, singase siqale ukucabanga ukuthi sifanelwe yizinto ezingcono kunabanye. UJesu wasebenzisa umfanekiso wezisebenzi ezakhokhelwa udenariyu ukuze abonise ukuthi kungaba lula kangakanani ukuba siqale ukucabanga ngaleyo ndlela. Ezinye izisebenzi zaqala ukusebenza ekuseni kakhulu, zisebenza usuku lonke elangeni elishisayo; ezinye zasebenza ihora elilodwa nje kuphela. Iqembu lokuqala lalizitshela ukuthi kwakufanele lithole iholo elikhulu ngenxa yokuthi lalisebenze usuku lonke elangeni elishisayo. (Math. 20:1-16) Ngalo mfanekiso, uJesu wayebonisa ukuthi abalandeli bakhe kufanele baneliswe yilokho uNkulunkulu ajabulela ukubanika kona.
Yiba umuntu obongayo, ungafuni izinto ngenkani. (1 Thes. 5:18) Lingisa umphostoli uPawulu, ongazange afune abazalwane baseKorinte bamnike izinto ayezidinga ngisho noma ayenelungelo lokwenza kanjalo. (1 Kor. 9:11-14) Kufanele sibonge ngesibusiso ngasinye esisitholayo, sigweme umoya wokufuna izinto ngenkani.
Thobeka. Uma umuntu ezibona engcono kunabanye, ngokuvamile uqala ukucabanga ukuthi ufanelwe yizinto ezinkulu kunalezo anazo. Ukuthobeka kuyikhambi lalokho kucabanga okuwushevu.
Umprofethi uDaniyeli wasibekela isibonelo esihle endabeni yokubonisa ukuthobeka. Ngenxa yokuthi wayevela emndenini ovelele, emuhle, ehlakaniphile futhi enamakhono amaningi, wayengase acabange ukuthi kwakufanele aphathwe ngendlela ekhethekile athole namalungelo ayenawo. (Dan. 1:3, 4, 19, 20) Nokho, uDaniyeli waqhubeka ethobekile futhi le mfanelo yamenza waba yigugu kuJehova.—Dan. 2:30; 10:11, 12.
Masiwenqabe umoya wobugovu nowokuzazisa ogcwele ezweni namuhla. Kunalokho, kwangathi singaqhubeka sijabula ngesibusiso ngasinye uJehova asinika sona ngenxa yomusa wakhe omkhulu.