Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qhubeka Ukhonza UJehova Ngenjabulo

Qhubeka Ukhonza UJehova Ngenjabulo

AKE ucabange ngosuku owawujabule ngalo kakhulu kunazo zonke ekuphileni kwakho. Ingabe usuku owashada ngalo noma usuku okwazalwa ngalo ingane yakho yokuqala? Noma ingabe usuku owabhapathizwa ngalo? Cishe lolu kwakuwusuku olubaluleke kunazo zonke nowawujabule ngalo kakhulu ekuphileni kwakho. Futhi ngalolo suku, yeka indlela abafowenu nodadewenu ababejabule ngayo ukukubona unikeza ubufakazi bokuthi uthanda uNkulunkulu ngenhliziyo, ngomphefumulo, ngengqondo nangamandla akho onke!—Marku 12:30.

Cishe wathola injabulo enkulu ekukhonzeni uJehova kusukela ngesikhathi ubhapathizwa. Nokho, abamemezeli abaningi baye balahlekelwa yinjabulo ababenayo ekuqaleni. Kubangelwe yini lokhu? Sinaziphi izizathu zokuqhubeka sikhonza uJehova ngenjabulo?

OKWENZA ABANYE BALAHLEKELWA YINJABULO

Izindaba zoMbuso zisilethela injabulo enkulu. Ngani? Ngoba uJehova uthembisa ukuthi maduzane uMbuso uzoliqeda leli zwe elibi bese uletha izwe elisha likaNkulunkulu. UZefaniya 1:14 uyasitshela: “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze. Luseduze, lushesha kakhulu.” Kodwa uma sinomuzwa wokuthi kudingeka silinde isikhathi eside kunalokho ebesikucabanga, singase silahlekelwe yinjabulo esasinayo ekuqaleni. Lokhu kungasenza sehlise ijubane ekukhonzeni kwethu uNkulunkulu.—IzAga 13:12.

Lapho sichitha isikhathi esithile nabafowethu nodadewethu, siyakhuthazeka ukuba siqhubeke sikhonza uJehova ngenjabulo. Kungenzeka ukuthi ukuziphatha okuhle kwabantu bakaJehova kwasidonsela ekukhulekeleni kweqiniso futhi kwasisiza saqala ukukhonza uNkulunkulu ngenjabulo. (1 Petru 2:12) Nokho, yini ebingenzeka ukube omunye wabafowethu noma udadewethu ubengasolwa ngenxa yokungalaleli imithetho kaNkulunkulu? Lokhu kungase kubadikibalise abanye ebandleni futhi kubenze balahlekelwe injabulo.

Ukuthanda izinto ezibonakalayo nakho kungasilahlekisela injabulo. Kanjani? Izwe likaSathane lizama ukusenza sikholelwe ukuthi kufanele sithenge izinto esingazidingi ngempela. Ngakho, kwangathi singakhumbula amazwi kaJesu, athi: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, noma anamathele kwenye, adelele enye. Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Mathewu 6:24) Ngeke sikwazi ukukhonza uJehova ngenjabulo, kodwa ngesikhathi esifanayo sibe sizama ukuthola konke esingakuthola kuleli zwe.

UKUJABULA ENKONZWENI KAJEHOVA

Ukukhonza uJehova akuwona umthwalo osindayo kulabo abamthandayo. (1 Johane 5:3) Khumbula ukuthi uJesu wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:28-30) Ukuba umKristu weqiniso kuyaqabula futhi kuyajabulisa. Ngokuqinisekile sinezizathu ezinhle zokujabula enkonzweni kaJehova. Manje ake sixoxe ngezintathu zazo.—Habakuki 3:18.

Sikhonza uMniki-Kuphila wethu, uNkulunkulu ojabulayo. (IzEnzo 17:28; 1 Thimothewu 1:11) Siyaqaphela ukuthi siphila ngenxa yoMdali wethu. Khona-ke masiqhubeke simkhonza ngenjabulo, kungakhathaliseki ukuthi sekudlule iminyaka emingaki sabhapathizwa.

UHéctor ulondoloza injabulo yakhe ngokukhumbula ithemba lakhe loMbuso nokuhlale ematasa

Cabanga ngoHéctor, owakhonza uJehova iminyaka engu-40 engumbonisi ojikelezayo. Ngisho “nasebumpungeni” usakujabulela ukukhonza uJehova. (IHubo 92:12-14) Ukugula komkakhe kukunciphisile lokho angakwenza enkonzweni kaNkulunkulu, kodwa uHéctor akalahlekelwanga yinjabulo yakhe. Uthi: “Nakuba kudabukisa ukubona impilo yomkami iya ngokuya iwohloka futhi kuye kwaba yinselele ukumnakekela, angizange ngikuvumele lokhu ukuba kungincishe injabulo ekukhonzeni uNkulunkulu weqiniso. Ukwazi ukuthi ngiphila ngenxa kaJehova, owayenenjongo ethile lapho edala abantu, kuyisizathu esanele sokuba ngimthande ngokujulile futhi ngimkhonze ngenhliziyo ephelele. Ngilwela ukuhlale ngimatasa emsebenzini wokushumayela, futhi ngizama ukugcina ithemba loMbuso liyinto eza kuqala engqondweni yami ukuze ngingalahlekelwa yinjabulo yami.”

UJehova uye walungiselela umhlatshelo wesihlengo, owenza sikwazi ukujabulela ukuphila. Ngempela, “uNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Yebo, izono zethu zingathethelelwa futhi sibe nokuphila okuphakade uma sibonisa ukholo kulesi sipho sikaNkulunkulu sothando sesihlengo. Ngempela, lesi isizathu esihle kakhulu sokubonga! Futhi ukwazisa kwethu isihlengo kuzosishukumisela ukuba sikhonze uJehova ngenjabulo.

UJesús wenza ukuphila kwakhe kwaba lula futhi wakhonza uJehova ngenjabulo iminyaka eminingi

Umfowethu okuthiwa uJesús, owayehlala eMexico, wathi: “Ngangiyisigqila somsebenzi wami, ngezinye izikhathi ngisebenza ubusuku nemini izinsuku ezimbili nesigamu zilandelana nakuba lokho kwakungeyona imfuneko. Ngangikwenzela nje ukuthola imali eningi. Ngabe sengifunda ngoJehova nangendlela anikela ngayo ngeNdodana yakhe ukuze kuzuze isintu. Ngaba nesifiso esijulile sokumkhonza. Ngakho nganikezela ukuphila kwami kuJehova, futhi ngemva kokusebenza iminyaka engu-28 kuleyo nkampani, nganquma ukuwuyeka umsebenzi ngingenele inkonzo yesikhathi esigcwele.” Waqala kanjalo-ke uJesús ukukhonza uJehova ngenjabulo.

Siphila ukuphila okuhlanzekile ngokokuziphatha, okusenza sijabule. Usakhumbula yini ukuthi ukuphila kwakho kwakunjani ngaphambi kokuba wazi uJehova? Umphostoli uPawulu wakhumbuza amaKristu aseRoma ukuthi ayeke aba “yizigqila zesono” kodwa ayesebe “yizigqila zokulunga.” Ngenxa yokuthi ayephila ukuphila okuhlanzekile, ayengakulindela ngokulangazela ukuphila okuphakade. (Roma 6:17-22) Nathi siphila ngezindinganiso zikaJehova, ngakho sikhululekile ekudangaleni okubangelwa ukuphila ukuphila okuxekethile noma okunobudlova. Yeka isizathu sokujabula!

“Iminyaka ejabulisa kunayo yonke ekuphileni kwami yileyo engayichitha ngikhonza uJehova.”—Jaime

Cabanga ngoJaime, owayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, ekholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo futhi engumshayi-sibhakela. UJaime waqala ukuya emihlanganweni yobuKristu futhi lwamthinta uthando aluthola lapho. Ukuze alahle indlela yakhe yokuphila yangaphambili, uJaime kwadingeka acele ukuba uJehova amsize abe nokholo kuYe. UJaime uthi: “Kancane kancane, ngathola ukuthi wayekhona uBaba onothando noNkulunkulu onesihe. Ukuphila ngezindinganiso zikaJehova zokulunga kuye kwaba yisivikelo kimi. Ukube angizange ngishintshe, cishe ngabe sengafa, njengabanye babangane bami bakudala ababengabashayi-sibhakela. Iminyaka ejabulisa kunayo yonke ekuphileni kwami yileyo engayichitha ngikhonza uJehova.”

MASINGAYEKI!

Kufanele sizizwe kanjani njengoba silinde isiphelo saleli zwe elibi? Khumbula, senza intando kaNkulunkulu futhi sikubheke ngabomvu ukuphila okuphakade. “Ngakho masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.” (Galathiya 6:8, 9) Ngosizo lukaJehova, masikhuthazele, sisebenze kanzima ekuhlakuleleni izimfanelo esizidingayo ukuze sisinde “osizini olukhulu,” futhi siqhubeke sikhonza uJehova ngenjabulo.—IsAmbulo 7:9, 13, 14; Jakobe 1:2-4.

Singaqiniseka ukuthi uJehova uzokuvuza ukukhuthazela kwethu ngoba uyawazi umsebenzi esiwenzayo nothando esilubonisayo ngaye nangegama lakhe. Uma siqhubeka simkhonza ngenjabulo, sizoba njengomhubi uDavide, owathi: “Ngimbeké njalo uJehova phambi kwami. Ngeke ngintengantengiswe, ngoba yena ungakwesokunene sami. Ngakho-ke inhliziyo yami iyathokoza, nenkazimulo yami ithambekele ekujabuleni. Futhi, inyama yami iyohlala ngokulondeka.”—IHubo 16:8, 9.