Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphayona uGeorge Rollston no-Arthur Willis bafaka amanzi emotweni.​—Ensimini eseNyakatho, ngo-1933

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

“Akukho Mgwaqo Omubi Noma Omude Kakhulu”

“Akukho Mgwaqo Omubi Noma Omude Kakhulu”

NGO-MARCH 26, 1937, amadoda amabili ekugcineni afika eSydney, e-Australia ngemva kohambo olude ehamba ngeloli elaligcwele izintuli futhi efile ukukhathala. Kwase kuphele unyaka ekulolu hambo futhi eseshayele ibanga elingaphezu kwamakhilomitha angu-19 300, edabula ezindaweni ezicezile nezimagedugedu. La madoda ayengebona abahloli bezindawo. U-Arthur Willis noBill Newlands babemane nje bengamaphayona amabili ashisekayo, ayezimisele ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ezindaweni ezikude nezicezile zase-Australia.

Idlanzana labaFundi beBhayibheli * e-Australia belilokhu lishumayela emadolobheni agudle ulwandle kwaze kwaba ngasekupheleni kwawo-1920. Maphakathi nezwe kwakunendawo ecezile eyomile okwakuhlala kuyo abantu abambalwa ecishe iyiphinde kane iNingizimu Afrika ngobukhulu. Nokho, abazalwane babazi ukuthi abalandeli bakaJesu kwakumelwe bashumayele “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba” kuhlanganise nezindawo ezikude nezicezile zase-Australia. (IzE. 1:8) Kodwa babengasifeza kanjani isabelo esikhulu kangaka? Bekholelwa ngokuphelele ekutheni uJehova uzoyibusisa imizamo yabo, babezimisele ukwenza konke okusemandleni.

AMAPHAYONA AVULA INDLELA

Ngo-1929, amabandla aseQueensland nawaseNtshonalanga ye-Australia akha izimoto ezimbalwa ezazilungiswe kahle, okwakuzoyiwa ngazo maphakathi ne-Australia. Lezi zimoto zazishayelwa amaphayona ayekwazi ukumelana nezimo ezinzima futhi ekwazi ukukhanda izimoto lapho zifa. La maphayona aya ezindaweni eziningi okwakungakaze kushunyayelwe kuzo.

Amaphayona ayengenayo imali yokuthenga imoto ayeya ngamabhayisikili kulezo zindawo ezikude. Ngokwesibonelo, ngo-1932, uBennett Brickell oneminyaka engu-23, wathatha uhambo lwezinyanga ezinhlanu—esuka eRockhampton, eQueensland—eshumayela ezingxenyeni ezikude ezisenyakatho yezwe. Ebhayisikilini lakhe elaligcwele imithwalo, kwakukhona izingubo zokulala, ezokugqoka, ukudla nezincwadi eziningi. Lapho amasondo ebhayisikili lakhe eguga, waqhubeka nohambo, eqiniseka ngokuthi uJehova uzomqondisa. Wehla ebhayisikilini lakhe futhi wahamba eceleni kwalo amakhilomitha angu-320 okugcina, edabula ezindaweni okwafa kuzo abantu abaningi ngenxa yokoma. Eminyakeni engu-30 eyalandela uMfoweth’ uBrickell wahamba amakhulu ezinkulungwane amakhilomitha ngebhayisikili, ngesithuthuthu nangemoto edabula lonke elase-Australia. Nguye owaba owokuqala ukushumayela kwaboMdabu futhi wasiza nasekumisweni kwamabandla amasha; wayedumile futhi ehlonishwa kakhulu kulezi zindawo.

UKUNQOBA IZINSELELE

I-Australia ingelinye lamazwe anabantu abambalwa emhlabeni, ikakhulukazi ezindaweni ezicizile. Ngakho, abantu bakaJehova baye bazimisela kakhulu ukuthola abantu kulezo zindawo ezicezile kulelo zwe.

Amaphayona uStuart Keltie noWilliam Torrington babonisa ukuzimisela okunjalo. Ngo-1933, badabula uGwadule iSimpson, olugcwele amagquma ezihlabathi ukuze bayoshumayela edolobheni lase-Alice Springs elimaphakathi nezwe. Lapho imoto yabo ifa futhi kudingeka bayishiye, uMzalwan’ uKeltie—owayehamba ngomlenze wokhuni—waqhubeka nohambo lwakhe lokushumayela esebenzisa ikamela! Ukuzikhandla kwamaphayona kwaba nemiphumela emihle lapho behlangana nomphathi wehhotela eWilliam Creek—isitobhi sezitimela. Kamuva lo mphathi wehhotela, uCharles Bernhardt walamukela iqiniso, wadayisa ihhotela wabe eseqala ukuphayona yedwa iminyaka engu-15 ezindaweni ezicezile nezome kakhulu e-Australia.

U-Arthur Willis ulungela ukuthatha uhambo lokushumayela enzindaweni ezicezile zase-Australia.—EPerth, eNtshonalanga ye-Australia, ngo-1936

Ngempela amaphayona okuqala ayedinga isibindi nokuzimisela okukhulu ukuze abhekane ngokuphumelelayo nezinselele eziningi. Ohambweni lwabo lokushumayela ezindaweni ezicezile e-Australia, u-Arthur Willis noBill Newlands okukhulunywe ngabo ekuqaleni, bake bafukuza kwaphela amasonto amabili ukuze bahambe amakhilomitha angu-32 nje kuphela, ngenxa yezimvula ezinkulu ezazenze ugwadule lwaba amathantala odaka. Ngezinye izikhathi, babeshikashikeka bejuluka elangeni elikhipha umkhov’etsheni bedudula iloli yabo ukuze ikhuphuke emagqumeni amakhulu esihlabathi; babedabula izigodi ezigcwele amatshe, bewela nemifula enezihlabathi. Lapho iloli yabo ifa, okwakuyinto eyayivamile, babehamba ngezinyawo noma ngamabhayisikili izinsuku eziningi baye edolobheni eliseduze bese belinda amasonto kuze kufike izinsimbi zeloli abazidingayo. Naphezu kokuhlupheka okunjalo, bahlala benombono omuhle. Eyibeka ngamazwi akhe into eyashiwo kumagazini i-The Golden Age, u-Arthur Willis, wathi: “Akukho mgwaqo omubi noma omude kakhulu koFakazi baKhe.”

UCharles Harris oyiphayona elingumakad’ebona wachaza ukuthi ubunzima bokuhlala yedwa endaweni ecezile kwamsondeza nakakhulu kuJehova. Wanezela: “Ukuphila kuba mnandi kakhulu uma sinokuncane. Uma uJesu ayezimisele ukulala endle uma kudingeka, nathi kufanele sikujabulele ukwenza okufanayo enkonzweni yethu uma kudingeka.” Yilokho kanye amaphayona amaningi akwenza. Ngenxa yokuzikhandla kwawo, izindaba ezinhle zasakazekela kuzo zonke izingxenye zezwe, okwasiza abantu abaningi ukuba basekele uMbuso kaNkulunkulu.

^ isig. 4 AbaFundi beBhayibheli baqala ukuzibiza ngokuthi oFakazi BakaJehova ngo-1931.—Isaya 43:10.