Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKenneth E. Cook, Jr., nomkakhe, uJamie

Ilungu Elisha Lendikimba Ebusayo

Ilungu Elisha Lendikimba Ebusayo

NGOLWESITHATHU ekuseni, ngoJanuwari 24, 2018, umndeni waseBethel e-United States naseCanada wathola isaziso esijabulisayo: UMfoweth’ uKenneth Cook, Jr., umiswe njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova.

UMfoweth’ uCook wazalelwa eningizimu ephakathi yePennsylvania, e-U.S.A. futhi wakhulela khona. Wathola iqiniso kumuntu ayefunda naye esikoleni ngaphambi kokuba aphothule esikoleni samabanga aphakeme futhi wabhapathizwa ngoJuni 7, 1980. Waqala ukuphayona ngoSepthemba 1, 1982. Ngemva kokuphayona iminyaka emibili, wamenyelwa eBethel, waqala ukukhonza eWallkill, eNew York ngo-Okthoba 12, 1984.

Ngemva kweminyaka engu-25 eyalandela, uMfoweth’ uCook wenza imisebenzi ehlukahlukene ePrintery naseBethel Office. Ngo-1996 washada nomkakhe, uJamie, ngemva kwalokho bakhonza bobabili eBethel eWallkill. NgoDisemba 2009, uMfowethu noDadeweth’ uCook bathunyelwa eWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York, lapho uMfoweth’ uCook akhonza khona eMnyangweni Wokubhala Izincwadi. Ngo-Ephreli 2016, ngemva kokubuyela isikhashana eWallkill, uMfowethu noDadeweth’ uCook bathunyelwa eBrooklyn, eNew York. Ngemva kwezinyanga ezinhlanu, bathunyelwa endlunkulu yomhlaba wonke eWarwick, eNew York. NgoJanuwari 2017, uMfoweth’ uCook wamiswa njengomsizi eKomitini Yokubhala YeNdikimba Ebusayo.