Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 4

Lokho Isidlo Esilula Esisifundisa Kona NgeNkosi Yasezulwini

Lokho Isidlo Esilula Esisifundisa Kona NgeNkosi Yasezulwini

“Lokhu kusho umzimba wami. . . . Lokhu kusho ‘igazi’ lami ‘lesivumelwano.’”—MATH. 26:26-28.

INGOMA 16 Dumisani UJehova Ngenxa YeNdodana Yakhe

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Kungani singalindela ukuba uJesu asibonise indlela elula yokukhumbula ukufa kwakhe? (b) Iziphi izimfanelo zikaJesu esizoxoxa ngazo?

UNGAKWAZI yini ukuchaza lokho okwenzeka minyaka yonke eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu? Akungabazeki ukuthi abaningi kithi bayakukhumbula lokho okwenzeka eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa. Kungani? Ngoba lesi yisenzakalo esingenamicikilisho. Noma kunjalo, lesi isenzakalo esibaluleke kakhulu. Ngakho singase sizibuze, ‘Kungani singenamidanti?’

2 Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wayaziwa ngokufundisa amaqiniso abalulekile ngendlela elula, ecacile neqondakalayo. (Math. 7:28, 29) Nathi usinikeze indlela elula kodwa efanelekayo yokukhumbula * ukufa kwakhe. Ake sihlolisise lesi sidlo seSikhumbuzo nezinye zezinto uJesu azisho nazenza. Sizoqonda kakhudlwana indlela uJesu athobeke ngayo, anesibindi ngayo nanothando ngayo futhi sizofunda indlela esingamlingisa ngayo.

UJESU UTHOBEKILE

Isinkwa newayini leSikhumbuzo kusikhumbuza ukuthi uJesu wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu nokuthi manje uyiNkosi ebusayo ezulwini (Bheka izigaba 3-5)

3. Njengoba kuboniswe kuMathewu 26:26-28, sasilula kangakanani isidlo seSikhumbuzo uJesu asisungula, futhi isinkwa newayini kwakumelelani?

3 UJesu wasungula iSikhumbuzo sokufa kwakhe ekanye nabaphostoli bakhe abangu-11 abathembekile. Wasebenzisa okwakusele esidlweni sePhasika wabe esenza lesi sikhumbuzo esilula. (Funda uMathewu 26:26-28.) Wasebenzisa kuphela isinkwa esingenamvubelo newayini elalikhona. UJesu watshela abaphostoli bakhe ukuthi lezo zinto ezimbili zimelela umzimba wakhe ophelele negazi lakhe ayezokunikela ngenxa yabo. Kungenzeka ukuthi ukuba lula kwalesi sidlo esisha esibalulekile akuzange kubamangaze abaphostoli. Kungani?

4. Iseluleko uJesu asinika uMartha sisisiza kanjani siqonde isizathu esenza wenza isidlo seSikhumbuzo saba lula?

4 Cabanga ngalokho okwenzeka ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili, phakathi nonyaka wesithathu wenkonzo kaJesu, lapho evakashela abangane bakhe abakhulu—uLazaru, uMartha noMariya. Njengoba babehlezi ndawonye, uJesu waqala ukubafundisa. UMartha wayematasa elungiselela isivakashi sabo ukudla okuningi. Ekubona lokhu, ngomusa uJesu wamlungisa uMartha, wamsiza wabona ukuthi akudingeki njalo kwenziwe ukudla okuningi. (Luka 10:40-42) Kamuva, sekusele nje amahora ambalwa afe, uJesu wasisebenzisa lesi seluleko. Wenza isidlo seSikhumbuzo saba lula. Kusitshelani lokhu ngoJesu?

5. Ukuba lula kweSikhumbuzo kusifundisani ngoJesu futhi lokhu kuvumelana kanjani neyabaseFilipi 2:5-8?

5 UJesu wabonisa ukuthobeka kukho konke ayekwenza nayekusho. Ngakho, akusimangazi ukuthi wabonisa ukuthobeka okukhulu ngobusuku bokugcina ephila lapha emhlabeni. (Math. 11:29) Wayazi ukuthi wayesezonikela ngomhlatshelo omkhulu kunawo wonke emlandweni wesintu futhi uJehova wayezomvusela esikhundleni esiphakeme ezulwini. Noma kunjalo, akazange afune ukuvelela ngokusungula iSikhumbuzo sokufa kwakhe esinemidanti eminingi. Kunalokho, watshela abafundi bakhe ukuthi kufanele bamkhumbule kanye ngonyaka ngalesi Sidlo SeNkosi esilula. (Joh. 13:15; 1 Kor. 11:23-25) Lesi senzakalo esilula kodwa esifanelekayo sibonisa ukuthi uJesu wayethobekile. Kuyasijabulisa ukwazi ukuthi ukuthobeka kuyimfanelo evelele yeNkosi yethu yasezulwini.—Funda eyabaseFilipi 2:5-8.

6. Singakulingisa kanjani ukuthobeka kukaJesu lapho sibhekana nezilingo?

6 Singakulingisa kanjani ukuthobeka kukaJesu? Ngokukhathalela izidingo zabanye kuqala kunezethu. (Fil. 2:3, 4) Khumbula ngobusuku bokugcina bukaJesu elapha emhlabeni. Wayazi ukuthi uzofa kabuhlungu; noma kunjalo, wayekhathazeke ngabaphostoli bakhe abathembekile ababezomlilela maduzane. Ngakho wachitha ubusuku bokugcina ebayala, ebakhuthaza futhi ebaqinisa. (Joh. 14:25-31) Ngokuthobeka, uJesu wabonisa ukuthi ukhathazeke kakhulu ngenhlalakahle yabanye kuneyakhe. Yeka isibonelo esihle asibekela sona!

UJESU UNESIBINDI

7. UJesu wasibonisa kanjani isibindi esikhulu ngemva nje kokusungula iSidlo SeNkosi Sakusihlwa?

7 Ngemva nje kokuba uJesu esungule iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, wabonisa isibindi esikhulu. Kanjani? Wavuma ukwenza intando kaYise ngisho noma ayazi ukuthi ukwenza kanjalo kwakuyosho ukugwetshelwa ukufa ngenxa yokuhlambalaza. (Math. 26:65, 66; Luka 22:41, 42) UJesu wahlala eqotho ukuze adumise igama likaJehova, aphakamise ubukhosi bukaNkulunkulu futhi avulele abantu abaphendukayo indlela yokuthola ukuphila okuphakade. Ngesikhathi esifanayo, walungiselela abalandeli bakhe lokho ababezobhekana nako maduzane.

8. (a) Yini uJesu ayitshela abaphostoli bakhe abathembekile? (b) Ngemva kokufa kwakhe, abafundi bakaJesu basilingisa kanjani isibonelo sakhe sokuba nesibindi?

8 UJesu wabonisa isibindi ngokugxila ezidingweni zabaphostoli bakhe abathembekile kunokuba agxile ezintweni ezazimkhathaza. ISidlo SeNkosi Sakusihlwa esingenamidanti uJesu asisungula ngemva kokuxosha uJuda sasiyokhumbuza labo ababeyoba abalandeli bakhe abagcotshiwe ngalokho ababeyokuzuza ngokuchitheka kwegazi likaJesu nangokuba yingxenye yesivumelwano esisha. (1 Kor. 10:16, 17) Ukuze abasize bafanelekele ubizo lwasezulwini, uJesu watshela abafundi bakhe lokho yena noYise abakulindele kubo. (Joh. 15:12-15) Waphinde watshela abaphostoli bakhe ngezilingo ababezobhekana nazo. Wabe esebakhuthaza ukuba balingise isibonelo sakhe, babe ‘nesibindi!’ (Joh. 16:1-4a, 33) Eminyakeni eminingi kamuva, abafundi bakaJesu babesalingisa isibonelo sakhe sokuzidela futhi benesibindi. Babezimisele ukuhlupheka, besekelana ezilingweni ezihlukahlukene.—Heb. 10:33, 34.

9. Singamlingisa kanjani uJesu ekuboniseni isibindi?

9 Nathi namuhla silingisa isibonelo sikaJesu sokubonisa isibindi. Ngokwesibonelo, kudinga isibindi ukusiza abazalwane abashushiswa ngenxa yokholo lwabo. Ngezinye izikhathi abafowethu bangase baboshwe ngokungafanele. Uma lokho kwenzeka, kumelwe senze konke okusemandleni ethu ukuze sibasize futhi sibavikele. (Fil. 1:14; Heb. 13:19) Enye indlela esibonisa ngayo isibindi ukuqhubeka sishumayela “ngesibindi.” (IzE. 14:3) NjengoJesu, sizimisele ukushumayela isigijimi soMbuso, ngisho noma singase siphikiswe futhi sishushiswe. Nokho, ngezikhathi ezithile singase sizizwe singenaso isibindi. Yini esingayenza?

10. Emavikini angaphambi kweSikhumbuzo, kufanele senzeni, futhi kungani?

10 Singaqunga isibindi ngokucabanga ngethemba esinalo ngenxa yomhlatshelo wesihlengo sikaKristu. (Joh. 3:16; Efe. 1:7) Emavikini ambalwa ngaphambi kweSikhumbuzo, sinethuba elihle lokubonisa ukwazisa esinako ngesihlengo. Ngaleso sikhathi, hambisana nokufundwa kweBhayibheli kwenkathi yeSikhumbuzo, uthandaze futhi uzindle ngezenzakalo zangaphambi kokufa kukaJesu. Lapho sihlangana eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa, sizoqonda kakhudlwana ukubaluleka kwezifanekiselo zeSikhumbuzo nomhlatshelo ongenakuqhathaniswa eziwumelelayo. Uma sikuqonda lokho uJesu noJehova abasenzele kona futhi siqonda indlela okusizuzisa ngayo thina nabantu esibathandayo, ithemba lethu liyaqina futhi sishukumiseleka ukuba sikhuthazele ngesibindi kuze kube sekugcineni.—Heb. 12:3.

11-12. Yini esesiyifundile kuze kube manje?

11 Kuze kube manje sifunde ukuthi iSidlo SeNkosi Sakusihlwa sisikhumbuza ngesihlengo nangezimfanelo eziphawulekayo zikaJesu, ukuthobeka nesibindi. Kusijabulisa ngempela ukuthi uJesu uyaqhubeka ebonisa lezi zimfanelo njengoMpristi wethu Ophakeme wasezulwini osincengelayo! (Heb. 7:24, 25) Ukuze sibonise ukwazisa okusuka enhliziyweni, kumelwe sikukhumbule ngobuqotho ukufa kukaJesu njengoba nje asiyala. (Luka 22:19, 20) Lokhu sikwenza ngosuku oluqondana noNisan 14, usuku olubaluleke kunazo zonke onyakeni.

12 ISidlo SeNkosi Sakusihlwa esilula sisisiza siqonde enye imfanelo eyenza uJesu wasifela. Ngesikhathi esemhlabeni, wayaziwa ngale mfanelo. Yayiyini?

UJESU UNOTHANDO

13. UJohane 15:9 neyoku-1 Johane 4:8-10 iluchaza kanjani uthando uJehova noJesu abaye balubonisa, futhi obani abazuzayo kulo?

13 UJesu wabonakalisa uthando uJehova analo ngathi kukho konke ayekwenza. (Funda uJohane 15:9; 1 Joh. 4:8-10.) Ngaphezu kwakho konke, uJesu washukumiseleka ukuba anikele ngokuphila kwakhe ngenxa yethu. Kungakhathaliseki ukuthi sigcotshiwe noma ‘singabezinye izimvu,’ siyazuza othandweni uJehova neNdodana yakhe abasibonisa lona ngalowo mhlatshelo. (Joh. 10:16; 1 Joh. 2:2) Cabanga futhi nangezifanekiselo zesidlo seSikhumbuzo; zibonisa uthando lukaJesu nokucabangela ayenako ngabafundi bakhe. Kanjani?

Ngothando uJesu wasungula iSikhumbuzo okwakuzoba lula ukusikhumbula eminyakeni eminingi eyayisazolandela nangaphansi kwezimo ezihlukahlukene (Bheka izigaba 14-16) *

14. UJesu walubonisa kanjani uthando ngabafundi bakhe?

14 UJesu wabonisa ukuthi uyabathanda abalandeli bakhe abagcotshiwe ngokusungula iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ababezosikhumbula, esingenamidanti. Njengoba isikhathi siqhubeka, labo bafundi abagcotshiwe kwakuzodingeka babe neSikhumbuzo unyaka ngamunye, bekwenza ezimweni ezihlukahlukene, ngisho nasemajele. (IsAm. 2:10) Bakwazile yini ukumlalela uJesu? Yebo, bakwazile!

15-16. Abanye bakwazi kanjani ukuba neSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngaphansi kwezimo ezinzima?

15 Kusukela ngekhulu lokuqala kuze kube namuhla, amaKristu eqiniso ebelokhu enza umzamo wokukhumbula ukufa kukaJesu. Ayilandela ngokuseduze inqubo yeSidlo SeNkosi Sakusihlwa, ngezinye izikhathi ngaphansi kwezimo ezinzima. Cabanga ngalezi zibonelo. Ngesikhathi evalelwe yedwa ejele eChina, uMfoweth’ uHarold King kwadingeka afune indlela angasenza ngayo iSikhumbuzo. Engabonwa, walungiselela izifanekiselo zeSikhumbuzo, esebenzisa lokho ayenakho. Waphinde wabala izinsuku ukuze asenze ngosuku olunembile iSikhumbuzo. Lapho isikhathi sokukhumbula ukufa kukaJesu sifika, uMfoweth’ uKing, wacula, wathandaza, wabeka inkulumo esekelwe eBhayibhelini.

16 Nasi esinye isibonelo. Odadewethu ababevalelwe ekamu lokuhlushwa phakathi neMpi Yezwe II bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze babe neSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ngenxa yokuthi lesi sidlo asiyona inkimbinkimbi, bakwazi ukuba neSikhumbuzo bengabonwa. Bathi: “Sama ndawonye sizungeze itafula elincane esasilimboze ngendwangu emhlophe, sabe sesibeka izifanekiselo kulo. Sakhanyisa ikhandlela sesaba ukuthi singase sibanjwe uma sikhanyisa ugesi. . . . Savuselela izivumelwano esasizenze noBaba wethu zokusebenzisa onke amandla ethu ukuze sikhazimulise igama laKhe elingcwele.” Babenokholo ngempela! UJesu wabonisa ukuthi uyasithanda ngempela lapho esenzela indlela yokuba neSikhumbuzo ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima!

17. Yimiphi imibuzo esingase sizibuze yona?

17 Njengoba iSikhumbuzo sisondela, senza kahle ngokuzibuza imibuzo elandelayo: ‘Ngingamlingisa kanjani uJesu endleleni engibonisa ngayo uthando? Ingabe ngikhathalela kakhulu izidingo zabafowethu kunezami? Ingabe ngilindela okungaphezu kwalokho abafowethu nodadewethu abangakwenza noma ngiyakuqaphela ukulinganiselwa kwabo?’ Kwangathi singahlale silingisa uJehova futhi sibonise “ukuzwelana.”—1 Pet. 3:8.

HLALE UZIKHUMBULA LEZI ZIFUNDO

18-19. (a) Yini esingaqiniseka ngayo? (b) Yini ozimisele ukuyenza?

18 Maduze sizoyeka ukuba neSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Lapho uJesu ‘efika’ phakathi nosizi olukhulu, uyobuthela ndawonye ‘abakhethiweyo bakhe’ abasele, abayise ezulwini, ngemva kwalokho iSikhumbuzo ngeke sisaba khona.—1 Kor. 11:26; Math. 24:31.

19 Ngisho nalapho iSikhumbuzo singasekho, singaqiniseka ngokuthi abantu bakaJehova bayosikhumbula lesi lesi senzakalo esingenamidanti njengesibonisa ukuthobeka, isibindi kanye nothando olukhulu olwake lwaboniswa umuntu. Labo abake baba khona eSikhumbuzweni nakanjani bayoxoxela abantu abayobe bephila ngaleso sikhathi ngaso. Kodwa ukuze sizuze kwamanje kuso, kumelwe sizimisele ukulingisa ukuthobeka kukaJesu, isibindi nothando lwakhe. Uma senza lokho, singaqiniseka ngokuthi siyowuthola umvuzo wethu kuJehova.—2 Pet. 1:10, 11.

INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu

^ isig. 5 Maduze sizoba neSidlo SeNkosi Sakusihlwa ukuze sikhumbule ukufa kukaJesu Kristu. Lesi Sidlo SeNkosi Sakusihlwa esingenamidanti sisifundisa okuningi ngokuthobeka, isibindi nothando lukaJesu. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela esingazilingisa ngayo izimfanelo eziyigugu uJesu azibonisa.

^ isig. 2 INCAZELO YAMAGAMA: Ukukhumbula kusho ukwenza into ekhethekile ukuze ukhumbule futhi ubonise inhlonipho ngesenzakalo noma ngomuntu othile.

^ isig. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: Izithombe ezibonisa izinceku ezithembekile eSikhumbuzweni ebandleni langekhulu lokuqala, ngasekupheleni kwawo-1800; ekamu lokuhlushwa lamaNazi; nasosukwini lwethu, eHholo LoMbuso elivuleke emaceleni ezweni eliseNingizimu Melika endaweni eshisayo.