Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 5

Okusenza Sifune Ukuya Emihlanganweni Yethu

Okusenza Sifune Ukuya Emihlanganweni Yethu

“Memezela ukufa kweNkosi, ize ifike.” —1 KOR. 11:26.

INGOMA 18 Siyabonga Ngesihlengo

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Yini uJehova ayibonayo lapho izigidi zibuthana eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa? (Bheka isithombe esisesembozweni.) (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

CABANGA ngalokho uJehova akubonayo lapho ebuka izigidi zabantu emhlabeni zibuthanela eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa. Akagcini nje ngokubuka izindimbane zabantu, kodwa ubona umuntu ngamunye okhona. Ngokwesibonelo, uyababona labo abeza eSikhumbuzweni minyaka yonke. Phakathi kwabo kukhona nalabo abeza naphezu kokushushiswa kakhulu. Abanye abayi njalo esifundweni, kodwa babheka ukuya eSikhumbuzweni njengento okumelwe bayenze nakanjani. UJehova uyababona nalabo abasuke beya okokuqala ngqa eSikhumbuzweni, mhlawumbe ngoba befuna ukwazi ukuthi senzani.

2 UJehova uyajabula lapho ebona abantu abaningi kangaka beya eSikhumbuzweni. (Luka 22:19) Nokho, uJehova akakhathazeki kakhulu ngenani labantu abezayo. Akukhathalelayo isizathu sokuza kwabo; isisusa sibalulekile kuJehova. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngombuzo obaluleke kakhulu: Kungani singayi nje kuphela eSikhumbuzweni saminyaka yonke kodwa siya nasemihlanganweni yamasonto onke uJehova ayilungiselela labo abamthandayo?

(Bheka izigaba 1-2) *

UKUTHOBEKA KUSENZA SIYE EMIHLANGANWENI

3-4. (a) Kungani siya emihlanganweni? (b) Ukuba khona emihlanganweni kubonisani ngathi? c) Eyoku-1 Korinte 11:23-26 ibonisa ukuthi kungani kungafanele siphuthe eSikhumbuzweni?

3 Siya emihlanganweni yebandla ngoba iyingxenye yokukhulekela kwethu. Siya nangenxa yokuthi nguJehova osifundisayo emihlanganweni. Abantu abakhukhumele bayenqaba ukuvuma ukuthi kudingeka bafundiswe. (3 Joh. 9) Ngokungafani nabo, thina simagange ukufundiswa uJehova nenhlangano ayisebenzisayo.—Isaya 30:20; Joh. 6:45.

4 Lapho siba khona emihlanganweni, sibonisa ukuthi sithobekile futhi sizimisele ukufundiswa. Asiyi eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu ngoba nje sizizwa sibophekile kuphela kodwa nangenxa yokuthi sithobela umyalo kaJesu othi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Funda eyoku-1 Korinte 11:23-26.) ISikhumbuzo siqinisa ithemba lethu ngekusasa futhi sisikhumbuza indlela uJehova asithanda ngayo. Nokho, uJehova uyazi ukuthi akwanele ukukhuthazwa nokuqiniswa kanye ngonyaka. Yingakho esilungiselela imihlangano masonto onke futhi esikhuthaza ukuba siye kuyo. Ukuthobeka kusenza silalele. Sichitha amahora amaningi masonto onke silungiselela futhi siya kule mihlangano.

5. Kungani abantu abathobekile basabela lapho bemenywa uJehova?

5 Njalo ngonyaka, abantu abaningi abathobekile bamukela isimemo sokufundiswa uJehova. (Isaya 50:4) Bayakujabulela ukuba khona eSikhumbuzweni futhi ngemva kwalokho baqala ukuya nakweminye imihlangano. (Zak. 8:20-23) Sikanye nabo siyakujabulela ukufundiswa nokuqondiswa uJehova, ‘owusizo lwethu noMenzi wendlela yethu yokuphunyuka.’ (IHu. 40:17) Yini ejabulisayo noma ebaluleke kakhulu kunokwamukela isimemo sokufundiswa uJehova noJesu, iNdodana ayithanda kakhulu?—Math. 17:5; 18:20; 28:20.

6. Ukuthobeka kwayisiza kanjani enye indoda ukuba iye eSikhumbuzweni?

6 Minyaka yonke, siyazikhandla ukuze simeme abantu abaningi eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. Abantu abaningi abathobekile baye bazuza ngokwamukela isimemo sethu. Nasi isibonelo. Eminyakeni eminingana edlule, indoda ethile yanikwa isimemo seSikhumbuzo, yabe isitshela umzalwane owayeyinika ukuthi ngeke iphumelele. Nokho, ngosuku lweSikhumbuzo, umzalwane wamangala lapho ebona le ndoda ifika eHholo LoMbuso. Le ndoda yayithanda indlela eyamukelwa ngayo kangangokuba yaqala ukuya kuyo yonke imihlangano masonto onke. Empeleni, mithathu kuphela imihlangano engakwazanga ukuya kuyo onyakeni owalandela. Yini eyayisiza yaba khona kuyo yonke imihlangano? Yayithobeke ngokwanele ukuba ishintshe indlela eyayicabanga ngayo. Umzalwane owayeyimemile kamuva wathi: “Uyindoda ethobeke kakhulu.” UJehova wayidonsa le ndoda ukuze imkhonze, futhi manje isibhapathiziwe.—2 Sam. 22:28; Joh. 6:44.

7. Lokho esikufunda emihlanganweni naseBhayibhelini kungasisiza kanjani sithobeke?

7 Esikufunda emihlanganweni naseBhayibhelini kungasisiza sithobeke. Emasontweni angaphambi kweSikhumbuzo, imihlangano yethu ivame ukugxila esibonelweni sikaJesu nasekuthobekeni akubonisa lapho enikela ngokuphila kwakhe njengesihlengo. Ezinsukwini ezandulela iSikhumbuzo, sikhuthazwa ukuba sifunde izindaba eziseBhayibhelini ezimayelana nokufa nokuvuswa kukaJesu. Esikufunda kule mihlangano naseBhayibhelini kusenza siwazise nakakhulu umhlatshelo uJesu asenzele wona. Kusenza sifune ukulingisa ukuthobeka kwakhe nokwenza intando kaJehova ngisho nalapho kunzima.—Luka 22:41, 42.

ISIBINDI SISISIZA SIYE EMIHLANGANWENI

8. UJesu wasibonisa kanjani isibindi?

8 Sizama ukulingisa uJesu nangokubonisa isibindi. Cabanga ngesibindi asibonisa ezinsukwini ezandulela ukufa kwakhe. Wayazi kahle ukuthi izitha zakhe zazizomhlambalaza, zimshaye bese zimbulala. (Math. 20:17-19) Noma kunjalo, wavuma ukubulawa. Lapho isikhathi sokuba abulawe sisondela, wathi kubaphostoli bakhe abathembekile ayenabo eGetsemane: “Sukumani, masihambe. Bhekani! Umkhapheli wami usesondele.” (Math. 26:36, 46) Lapho amasosha ayephethe izikhali efika ezombopha, wasondela kuwo, waziveza wabe esewayala ukuba adedele abaphostoli bahambe. (Joh. 18:3-8) Ngempela uJesu wayenesibindi! Namuhla, amaKristu agcotshiwe nabezinye izimvu balwela ukulingisa uJesu ekuboniseni isibindi. Kanjani?

Isibindi osibonisa ngokuba khona emihlanganweni yobuKristu siyabaqinisa abanye (Bheka izigaba 9) *

9. (a) Kungani sidinga isibindi ukuze siye emihlanganweni njalo? (b) Isibonelo sethu singabathinta kanjani abafowethu ababoshiwe ngenxa yokholo lwabo?

9 Ukuze sibe khona njalo emihlanganweni, kungase kudingeke sibe nesibindi lapho sibhekene nobunzima. Abanye abafowethu nodadewethu bayeza emihlanganweni ngisho noma besosizini, bedikibele noma benezinkinga zempilo. Abanye ngesibindi beza emihlanganweni ngisho noma bephikiswa amalungu emindeni noma iziphathimandla. Cabanga ngendlela isibonelo sethu esibathinta ngayo abafowethu ababoshelwe ukholo lwabo. (Heb. 13:3) Lapho bezwa ukuthi siqhubeka sikhonza uJehova ngisho noma sinezinkinga, bayakhuthala ukuze bahlale benokholo, isibindi nobuqotho. Kwenzeka okufanayo kumphostoli uPawulu. Ngesikhathi eboshiwe eRoma, wayejabula njalo lapho ezwa ukuthi abafowabo babekhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. (Fil. 1:3-5, 12-14) Ngaphambi nje kokuba adedelwe noma ngemva nje kwalokho, uPawulu wabhala incwadi yakhe eya kumaHebheru. Kuleyo ncwadi wanxusa lawo maKristu athembekile ukuba ‘uthando lwawo lobuzalwane luqhubeke’ nokuba angakuyeki ukuhlangana ndawonye.—Heb. 10:24, 25; 13:1.

10-11. (a) Ubani okufanele simmeme eSikhumbuzweni? (b) Eyabase-Efesu 1:7 isinika siphi isizathu sokwenza lokho?

10 Sibonisa isibindi lapho simema izihlobo, esisebenza nabo nomakhelwane eSikhumbuzweni. Kungani sibamema? Siyambonga uJehova noJesu ngalokho abasenzele kona, yingakho sizikhandla ukuze simeme abanye ukuba beze eSikhumbuzweni. Sifuna bafunde indlela abangazuza ngayo ‘emseni kaJehova ongafanelwe’ asibonise wona ngesihlengo.—Funda eyabase-Efesu 1:7; IsAm. 22:17.

11 Lapho sibonisa isibindi ngokuhlangana ndawonye, sibonisa nenye imfanelo enhle, uNkulunkulu neNdodana yakhe abayibonisa kahle kakhulu.

UTHANDO LUSISHUKUMISELA UKUBA SIYE

12. (a) Imihlangano yethu iluqinisa kanjani uthando lwethu ngoJehova noJesu? (b) Eyesi-2 Korinte 5:14, 15 isikhuthaza ukuba senzeni ukuze silingise uJesu?

12 Ukuthanda kwethu uJehova noJesu kusenza sifune ukuya emihlanganweni. Lokho esikufunda emihlanganweni kusenza simthande nakakhulu uJehova neNdodana yakhe. Emihlanganweni sikhunjuzwa njalo ngalokho abasenzele kona. (Roma 5:8) ISikhumbuzo sisikhumbuza ukuthi basithanda kangakanani, ngisho nalabo abangakakuboni ukubaluleka kwesihlengo. Ngenxa yokuthi sinokwazisa, sizama ukulingisa uJesu nsuku zonke. (Funda eyesi-2 Korinte 5:14, 15.) Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yethu isishukumisela ukuba sidumise uJehova ngokusenzela isihlengo. Indlela esingamdumisa ngayo, ukuphendula ngokusuka enhliziyweni emihlanganweni yethu.

13. Singabonisa kanjani ukuthi simthanda ngempela uJehova neNdodana yakhe? Chaza.

13 Singabonisa indlela esimthanda ngayo uJehova neNdodana yakhe ngokuzimisela ukuzidela ngenxa yabo. Ngokuvamile, kumelwe sizidele ngezindlela ezihlukahlukene ukuze siye emihlanganweni. Amabandla amaningi aba nomhlangano kusihlwa ngesikhathi okusuke kukhathele ngaso wonke umuntu. Amanye aba nemihlangano ngezimpelasonto ngesikhathi abantu abasuke bephumule ngaso. Ingabe uJehova uyabona ukuthi siyaya emihlanganweni ngisho noma sikhathele? Ngokuqinisekile uyabona! Empeleni, lapho sibhekana nobunzima, kulapho uJehova elwazisa nakakhulu uthando esimbonisa lona.—Marku 12:41-44.

14. UJesu wasibekela kanjani isibonelo sokubonisa uthando lokuzidela?

14 UJesu wasibekela isibonelo sokubonisa uthando lokuzidela. Wayengazimisele ukufela abafundi bakhe nje kuphela kodwa wayezimisele nokuphila nsuku zonke ngendlela ebonisa ukuthi ukhathalela kakhulu izidingo zabo kunezakhe. Ngokwesibonelo, wahlangana nabalandeli bakhe ngisho noma ayekhathele futhi ecindezelekile. (Luka 22:39-46) Wagxila kulokho ayengakunika abanye hhayi kulokho ayengakuthola kubo. (Math. 20:28) Uma nathi simthanda ngempela uJehova nabafowethu, siyokwenza konke esingakwenza ukuze sibe khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa nakuyo yonke imihlangano yebandla.

15. Obani esinesifiso sokubasiza ngokukhethekile?

15 Siyingxenye yobuzalwane bobuKristu, futhi sijabulela ukuchitha isikhathi esiningi simema abantu ukuba nabo bahlanganyele nathi. Nokho, sinesifiso sokusiza ngokukhethekile labo “abahlobene nathi okholweni” kodwa asebepholile. (Gal. 6:10) Sibonisa ukuthi siyabathanda ngokubakhuthaza ukuba beze emihlanganweni, ikakhulukazi eSikhumbuzweni. NjengoJehova noJesu, sijabula kakhulu lapho umuntu opholile ebuyela kuJehova, uBaba wethu onothando noMalusi wethu.—Math. 18:14.

16. (a) Singakhuthazana kanjani futhi yini imihlangano yethu esenzela kona? (b) Kungani lesi kuyisikhathi esikahle sokukhumbula amazwi kaJesu atholakala kuJohane 3:16?

16 Emasontweni alandelayo, mema abantu abaningi ngokusemandleni akho ukuba beze eSikhumbuzweni ngoLwesihlanu kusihlwa, ngo-Ephreli 19, 2019. (Bheka ibhokisi elithi “ Ingabe Uzobamema?”) Phakathi nonyaka ozayo, kwangathi singakhuthazana ngokuba khona njalo kuyo yonke imihlangano uJehova asilungiselela yona. Njengoba leli zwe lisondela ekupheleni, siyakudinga ukuya emihlanganweni ukuze sihlale sithobekile, sinesibindi nothando. (1 Thes. 5:8-11) Ngenhliziyo yethu yonke, masibonise indlela esizizwa ngayo ngoJehova neNdodana yakhe ngokusithanda kangaka!—Funda uJohane 3:16.

INGOMA 126 Lindani, Niqine, Nibe Namandla

^ isig. 5 ISikhumbuzo sokufa kukaKristu ngoLwesihlanu, Ephreli 19, 2019, siyobe siyisenzakalo esibaluleke kakhulu onyakeni. Yini esishukumisela ukuba siye eSikhumbuzweni? Sifuna ukujabulisa uJehova. Kulesi sihloko sizofunda ngokubaluleka kokuba khona eSikhumbuzweni nasemihlanganweni yebandla esiba nayo masonto onke

^ isig. 50 ISITHOMBE ESISESEMBOZWENI: Izigidi zabantu emhlabeni zamukelwa eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa

^ isig. 52 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane oboshelwe ukholo lwakhe ukhuthazwa incwadi evela ekhaya. Kuyamjabulisa ukwazi ukuthi bayamkhumbula nokuthi umndeni wakhe uyaqhubeka uqotho kuJehova naphezu kweziyaluyalu zezombusazwe.