Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1

“Ungaqalazi Ngapha Nangapha, Ngoba NginguNkulunkulu Wakho”

“Ungaqalazi Ngapha Nangapha, Ngoba NginguNkulunkulu Wakho”

“Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.”—ISAYA 41:10.

INGOMA 7 UJehova Ungamandla Ethu

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Amazwi aku-Isaya 41:10 amsiza kanjani udade Yoshiko? (b) UJehova walondoloza la mazwi ukuze kuzuze bani?

UDADE othembekile ongumKristu, uYoshiko, wathola izindaba ezibuhlungu. Udokotela wakhe wamtshela ukuthi uzofa ezinyangeni ezimbalwa. Wazizwa kanjani? UYoshiko wakhumbula umBhalo awuthandayo, u-Isaya 41:10. (Wufunde.) Wabe esetshela udokotela wakhe ukuthi akesabi ngoba uJehova umbambe ngesandla. * Amazwi aduduzayo atholakala kuleli vesi amsiza udadewethu ukuba athembele ngokuphelele kuJehova. Leli vesi lingasisiza nathi sihlale sizolile lapho sibhekene nezinkinga ezinkulu. Ukuze siqonde ukuthi singakwenza kanjani lokho, ake sihlole ukuthi kungani uNkulunkulu atshela u-Isaya la mazwi.

2 UJehova watshela u-Isaya ukuba abhale la mazwi ukuze aduduze amaJuda ayezothunjelwa eBhabhiloni. Nokho, uJehova walondoloza la mazwi ukuze kungazuzi nje kuphela amaJuda ayethunjiwe kodwa kuzuze nabo bonke abantu bakhe kusukela ngaleso sikhathi. (Isaya 40:8; Roma 15:4) Namuhla, siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ futhi siyasidinga lesi sikhuthazo esitholakala encwadini ka-Isaya kunanini ngaphambili.—2 Thim. 3:1.

3. (a) Yiziphi izithembiso esizithola ku-Isaya 41:10, oyisihloko sonyaka sika-2019? (b) Kungani sikudinga lokhu kuqinisekiswa?

3 Kulesi sihloko, sizogxila ezithembisweni zikaJehova ezintathu eziqinisa ukholo eziku-Isaya 41:10: (1) UJehova uzoba nathi, (2) unguNkulunkulu wethu, futhi (3) uzosisiza. Siyakudinga lokhu kuqinisekiswa * ngoba njengoYoshiko, nathi sibhekana nezinkinga ekuphileni kwethu. Sibhekana nanobunzima ngenxa yezinto ezimbi ezenzeka emhlabeni. Abanye kithi bakhuthazelela ushushiso oluvela kohulumeni abanamandla. Ake sixoxe ngalezi zithembiso ezintathu.

“NGINAWE”

4. (a) Yisiphi isiqinisekiso sokuqala esizosihlola? (Bheka nombhalo waphansi.) (b) UJehova uyiveza kanjani indlela azizwa ngayo ngathi? (c) Amazwi kaNkulunkulu akwenza uzizwe kanjani?

4 UJehova uqale asiqinisekise ngamazwi athi: “Ungesabi, ngoba nginawe.” * UJehova ubonisa ukuthi unathi ngokusinaka nangokusithanda. Phawula indlela asikhathalela ngayo ngokujulile. Uthi: “Ubulokhu uyigugu emehlweni ami, uye wabhekwa njengonodumo, futhi mina ngokwami ngikuthandile.” (Isaya 43:4) Ayikho into engenza uJehova ayeke ukuthanda labo abamkhonzayo; uyohlale eqotho kithi. (Isaya 54:10) Uthando analo ngathi nobungane esinabo naye kusenza sibe nesibindi. Uzosivikela namuhla ngendlela avikela ngayo u-Abrama (u-Abrahama) umngane wakhe. UJehova wathi kuye: “Ungesabi, Abrama. Ngiyisihlangu sakho.”—Gen. 15:1.

Ngosizo lukaJehova, singanqoba noma ibuphi ubunzima obufana nezikhukhula namalangabi (Bheka izigaba 5-6) *

5-6. (a) Sazi kanjani ukuthi uJehova uyafuna ukusisiza ezinkingeni zethu? (b) Sifundani esibonelweni sikaYoshiko?

5 Siyazi ukuthi uJehova ufuna ukusisiza sibhekane nezinkinga zethu ngoba uthembisa abantu bakhe: “Uma kwenzeka udabula emanzini, ngizoba nawe; nasemifuleni, ngeke ikukhukhule. Uma kwenzeka udabula emlilweni, ngeke ushe, nelangabi alisoze lakuhangula.” (Isaya 43:2) Asho ukuthini la mazwi?

6 UJehova akathembisi ukususa izinkinga esibhekene nazo kodwa ngeke avumele ukuba izinkinga ezifana ‘nemifula’ zisenze siminze noma ezifana ‘nemililo’ zisilimaze unomphela. Usiqinisekisa ngokuthi uyoba nathi, asisize ‘sidabule’ noma sidlule kulezo zinkinga. Yini uJehova azoyenza? Uzosisiza singesabi ukuze sihlale siqotho kuye ngisho nalapho sibhekene nokufa. (Isaya 41:13) Yilokho okwenzeka kuYoshiko okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Indodakazi yakhe ithi: “Yasimangaza indlela umama ayezole ngayo. Sabona ukuthi uJehova wamenza waba nokuthula kwangaphakathi. Umama wayeshumayeza abahlengikazi nezinye iziguli ngoJehova nangezithembiso zakhe, kwaze kwaba yilapho eshona.” Yini esiyifunda esibonelweni sikaYoshiko? Lapho sisethemba isithembiso sikaNkulunkulu esithi “ngizoba nawe,” nathi siyoba nesibindi namandla njengoba sikhuthazelela izinkinga.

“NGINGUNKULUNKULU WAKHO”

7-8. (a) Yisiphi isiqinisekiso sesibili esizoxoxa ngaso, futhi sisho ukuthini? (b) Kungani uJehova atshela amaJuda ayethunjiwe ukuba angakhathazeki? (c) Amazwi aku-Isaya 46:3, 4 abaqinisa kanjani abantu bakaNkulunkulu?

7 Phawula isiqinisekiso sesibili esabhalwa u-Isaya: “Ungaqalazi ngapha nangapha, * ngoba nginguNkulunkulu wakho.” Asho ukuthini la mazwi? Kulo mBhalo, inkulumo ethi “ungaqalazi ngapha nangapha” olimini okwabhalwa ngalo leli vesi, idlulisela umqondo “wokuhlala uqalaza ngenxa yokukhathazeka noma yokwesaba okuthile okungakulimaza.”

8 Kungani uJehova atshela amaJuda ayezothunjelwa eBhabhiloni ukuba angakhathazeki? Yingoba wayazi ukuthi abantu bakulelo zwe babezoba novalo. Lwaluzobangelwa yini? Ngasekupheleni kweminyaka engu-70 yokuthunjwa kwamaJuda, iBhabhiloni lalizohlaselwa ibutho elinamandla lamaMede namaPheresiya. UJehova wayeyosebenzisa leli butho ukuze akhulule abantu bakhe ekuthunjweni eBhabhiloni. (Isaya 41:2-4) Lapho abaseBhabhiloni nabantu bezinye izizwe ababephila ngaleso sikhathi bebona ukuthi isitha sabo siyasondela, bazama ukuqunga isibindi ngokutshelana la mazwi: “Yiba namandla.” Benza nezithixo, benethemba lokuthi zizobavikela. (Isaya 41:5-7) Ngakolunye uhlangothi, uJehova wawaqinisa idolo amaJuda ayedingisiwe, wathi: “Kodwa wena Israyeli, uyinceku yami . . . Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho.” (Isaya 41:8-10) Phawula ukuthi uJehova wathi: “NginguNkulunkulu wakho.” Ngokusho la mazwi, uJehova wayeqinisekisa abakhulekeli bakhe ukuthi wayengabakhohliwe—wayesenguye uNkulunkulu wabo nabo besengabantu bakhe. Wathi kubo: ‘Ngizonithwala nginenzele indlela yokuphunyuka.’ Akungabazeki ukuthi la mazwi aduduzayo awaqinisa amaJuda ayedingisiwe.—Funda u-Isaya 46:3, 4.

9-10. Kungani kungadingeki sikhathazeke? Fanekisa.

9 Namuhla, abantu esiphila nabo bakhathazekile ngenxa yezimo zezwe eziqhubeka ziba zimbi. Kuyiqiniso ukuthi nathi ziyasithinta lezi zinkinga. Kodwa akudingeki sesabe. UJehova uthi kithi: “NginguNkulunkulu wakho.” Kungani la mazwi eyisizathu esinamandla sokuba sihlale sizolile?

10 Cabanga ngalo mfanekiso: USandile noBongani basendizeni endindizelayo ngenxa yomoya ovunguzayo. Njengoba indiza iqhubeka indindizela, kube sekuzwakala izwi lithi: “Sicela niqiniseke ukuthi niwabophile amabhande enu. Indawo esikuyo inomoya ovunguzayo.” USandile uyakhathazeka. Kodwa umshayeli wendiza ube esethi: “Ningakhathazeki. Yimina oshayela indiza.” Lapho ezwa lokhu, uSandile unikina ikhanda bese ethi, “Isiqinisekiso esinjani-ke lesi?” Nokho, uphawula ukuthi uBongani akakhathazekile nakancane. USandile ube esembuza: “Kungani ungakhathazekile?” UBongani uyamomotheka bese ethi: “Yingoba ngimazi kahle lo muntu oshayela le ndiza. Ubaba wami!” UBongani ube esethi: “Ake ngikuxoxele ngobaba wami. Ngiyaqiniseka ukuthi ukube ubumazi futhi uke wambona eshayela indiza, nawe ubungeke ukhathazeke.”

11. Yiziphi izifundo esingazifunda emfanekisweni wabagibeli bendiza ababili?

11 Yiziphi izifundo esizifunda kulo mfanekiso? NjengoBongani, asikhathazeki ngoba simazi kahle uBaba wethu osezulwini, uJehova. Siyazi ukuthi uzosivikela ezinkingeni ezinjengesivunguvungu kulezi zinsuku zokugcina esiphila kuzo. (Isaya 35:4) Ngenxa yokuthi sithembele kuJehova, singahlala sizolile kuyilapho abantu baleli zwe begajwe ukwesaba. (Isaya 30:15) Nathi, senza njengoBongani lapho sichazela omakhelwane bethu izizathu zokuthembela kuNkulunkulu. Lokho kuyobasiza nabo baqiniseke ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi babhekana naziphi izinkinga, uJehova uzoba nabo.

“NGIZOKUQINISA [FUTHI] NGIZOKUSIZA”

12. (a) Yisiphi isiqinisekiso sesithathu esizoxoxa ngaso? (b) Ukusetshenziswa kwegama elithi “ingalo” kaJehova kusikhumbuza liphi iqiniso?

12 Cabanga ngesiqinisekiso sesithathu esabhalwa u-Isaya: “Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.” U-Isaya wayeseyichazile kakade indlela uJehova ayeyoqinisa ngayo abantu bakhe: “INkosi EnguMbusi uJehova ngokwakhe iyoza njengonamandla, futhi ingalo yayo iyobe ibusa esikhundleni sayo.” (Isaya 40:10) IBhayibheli livame ukusebenzisa igama elithi “ingalo” ukuze lifanekise amandla. Ngakho inkulumo ethi ‘ingalo kaJehova iyobe ibusa’ isikhumbuza ukuthi uJehova uyiNkosi enamandla. Wasebenzisa amandla akhe amakhulu ukuze asekele futhi avikele izinceku zakhe endulo, futhi uyaqhubeka eqinisa futhi evikela labo abamethembayo namuhla.—Dut. 1:30, 31; Isaya 43:10.

Asikho isikhali esiyophumelela ngokumelene nengalo kaJehova enamandla esivikelayo (Bheka izigaba 12-16) *

13. (a) Kunini lapho uJehova efeza isithembiso sakhe sokusiqinisa? (b) Yisiphi isithembiso esisinika amandla nesibindi?

13 UJehova uyasifeza isithembiso sakhe esithi, “Ngizokuqinisa,” ikakhulukazi lapho sishushiswa. Kwamanye amazwe namuhla, izitha zethu zizama kanzima ukuvimba umsebenzi wethu wokushumayela noma zivale inhlangano kaJehova. Noma kunjalo, lokhu kuhlasela akusikhathazi kakhulu. UJehova uye wasiqinisekisa ngesithembiso esisinika amandla nesibindi. Uthi: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele.” (Isaya 54:17) La mazwi asikhumbuza amaqiniso amathathu abalulekile.

14. Kungani kungasimangazi ukuhlaselwa izitha zikaNkulunkulu?

14 Elokuqala, njengabalandeli bakaKristu, sikulindele ukuzondwa. (Math. 10:22) UJesu wabikezela ukuthi abalandeli bakhe babeyoshushiswa kanzima ezinsukwini zokugcina. (Math. 24:9; Joh. 15:20) Elesibili, isiprofetho sika-Isaya saxwayisa kusengaphambili ngokuthi izitha zethu zaziyokwenza okungaphezu nje kokusizonda, zaziyosebenzisa izikhali eziningi ezahlukahlukene. Lezo zikhali zihlanganisa ukukhohlisa ngobuqili, ukuqamba amanga noshushiso olunzima. (Math. 5:11) UJehova ngeke azivimbe izitha zethu ukuba zisebenzise lezi zikhali ukuze zilwe nathi. (Efe. 6:12; IsAm. 12:17) Kodwa akudingeki sesabe. Kungani?

15-16. (a) Yiliphi iqiniso lesithathu okudingeka silikhumbule futhi u-Isaya 25:4, 5 ukusekela kanjani lokhu? (b) U-Isaya 41:11, 12 uwuchaza kanjani umphumela walabo abalwa nathi?

15 Cabanga iqiniso lesithathu okudingeka silikhumbule. UJehova wathi asikho “isikhali” esiyosetshenziswa kithi ‘esiyophumelela.’ Njengoba udonga lungasivikela esiphephweni esinemvula, uJehova uyasivikela ‘ekufutheni kwabangomashiqela.’ (Funda u-Isaya 25:4, 5.) Izitha zethu azisoze zaphumelela ekusilimazeni unomphela.—Isaya 65:17.

16 UJehova uphinde asiqinise ngokusichazela ukuthi kuyokwenzekani kulabo ‘abasithukuthelela kakhulu.’ (Funda u-Isaya 41:11, 12.) Kungakhathaliseki ukuthi izitha zethu zilwa kangakanani nathi, umphumela uyafana: Zonke izitha zikaNkulunkulu ‘ziyoshabalala.’

INDLELA YOKUTHEMBELA NAKAKHULU KUJEHOVA

Singamethemba nakakhulu uJehova ngokufunda njalo ngaye eBhayibhelini (Bheka izigaba 17-18) *

17-18. (a) Ukufunda iBhayibheli kungasenza kanjani simethembe nakakhulu uNkulunkulu? Nikeza isibonelo. (b) Kuzosisiza kanjani ukuzindla ngesihloko sonyaka sika-2019?

17 Into ezosisiza simethembe nakakhulu uJehova ukumazi kangcono. Okuwukuphela kwendlela esingamazi ngayo uNkulunkulu iwukufunda iBhayibheli ngokucophelela bese sizindla ngalokho esikufundayo. IBhayibheli linomlando esingawethemba obonisa indlela uJehova abavikela ngayo abantu bakhe esikhathini esidlule. Lowo mlando usenza simethembe ukuthi uzosinakekela nathi namuhla.

18 Cabanga ngomfanekiso omuhle u-Isaya awusebenzisa ukuze achaze indlela uJehova asivikela ngayo. Ubhekisela kuJehova njengomalusi futhi izinceku zaKhe njengamawundlu. U-Isaya uthi ngoJehova: ‘Ngengalo yakhe uyoqoqela ndawonye amawundlu; awathwale esifubeni sakhe.’ (Isaya 40:11) Lapho sisezandleni zikaJehova ezifudumele, sizizwa sivikelekile futhi sizolile. Ukuze isisize sihlale sizolile naphezu kwezinkinga esibhekana nazo, inceku ethembekile neqondayo iye yakhetha u-Isaya 41:10 othi, “Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho” ukuba ube yisihloko sonyaka sika-2019. Zindla ngala mazwi aqinisayo. Azokunika amandla okubhekana nezinkinga ezisazoqhamuka.

INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla

^ isig. 5 Isihloko sonyaka sika-2019 sisinikeza izizathu ezintathu zokuhlala sizolile ngisho nalapho kwenzeka izinto ezibuhlungu emhlabeni nasekuphileni kwethu. Lesi sihloko sizoxoxa ngalezo zizathu, sisisize singakhathazeki kakhulu futhi sisenze sithembele nakakhulu kuJehova. Zindla ngesihloko sonyaka. Sibambe ngekhanda. Siyokunika amandla okubhekana nezinkinga.

^ isig. 3 INCAZELO YAMAGAMA: Isiqinisekiso yinkulumo ethembekile noma yisithembiso sokuthi okuthile kuzokwenzeka nakanjani. Iziqinisekiso uJehova asinika zona zingasenza singakhathazeki kakhulu ngezinkinga esingase sibhekane nazo.

^ isig. 4 Amazwi athi “Ungesabi” avela izikhathi ezintathu ku-Isaya 41:10, 13 no-14. Kuwo la mavesi, isiqalo esithi “ngi-” (esibhekisela kuJehova) sivela kaningana. Kungani uJehova atshela u-Isaya ukuba abhale isiqalo esithi “ngi-” kaningi kangaka? Ukuze aqokomise iphuzu elibalulekile—ukwesaba singakunqoba kuphela lapho sithembela kuJehova.

^ isig. 7 Noma “ungakhathazeki.”

^ isig. 53 INCAZELO YESITHOMBE: Amalungu omndeni abhekene nezinkinga emsebenzini, izinkinga zempilo, ukuphikiswa enkonzweni nokuhlekwa esikoleni.

^ isig. 55 INCAZELO YESITHOMBE: Amaphoyisa angena ngendlov’ iyangena phakathi nomhlangano woFakazi ekhaya lomzalwane, kodwa abafowethu nodadewethu bazolile.

^ isig. 57 INCAZELO YESITHOMBE: UkuKhulekela Komkhaya okwenziwa njalo kusinika amandla okukhuthazela.