Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 3

Ungayiqapha Kanjani Inhliziyo Yakho?

Ungayiqapha Kanjani Inhliziyo Yakho?

“Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho.”—IZAGA 4:23.

INGOMA 36 Siqapha Izinhliziyo Zethu

AMAZWIBELA *

1-3. (a) Kungani uJehova ayemthanda uSolomoni, futhi yiziphi izibusiso uSolomoni azithola? (b) Yimiphi imibuzo ezophendulwa kulesi sihloko?

USOLOMONI waba yinkosi yakwa-Israyeli esemncane. Ngasekuqaleni kokubusa kwakhe, uJehova wabonakala kuye ephusheni wathi: “Cela lokho ofuna ngikuphe kona.” USolomoni wathi: “Ngingumfana omncane nje. Angikwazi ukuphuma nokungena. . . . Kumelwe unike inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuba yahlulele isizwe sakho.” (1 AmaKh. 3:5-10) “Inhliziyo elalelayo”—kwakuyisicelo esibonisa ukuthobeka ngempela lesi! Yingakho uJehova ayemthanda uSolomoni. (2 Sam. 12:24) UNkulunkulu wethu wajabula ngempendulo kaSolomoni osemncane futhi wamnikeza “inhliziyo ehlakaniphile neqondayo.”—1 AmaKh. 3:12.

2 USolomoni wathola izibusiso eziningi ngokuhlala kwakhe ethembekile. Waba nelungelo lokwakha ithempeli “legama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.” (1 AmaKh. 8:20) Waziwa kakhulu ngenxa yokuhlakanipha ayekunikezwe uNkulunkulu. Amazwi avela kuNkulunkulu awabhala, atholakala ezincwadini ezintathu zeBhayibheli. Enye yalezi zincwadi izAga.

3 Inhliziyo kukhulunywa ngayo izikhathi ezingaba ngu-100 encwadini yezAga. Ngokwesibonelo, encwadini yezAga 4:23, sifunda lokhu: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho.” Kuleli vesi, igama elithi “inhliziyo” libhekiselaphi? Lo mbuzo uzophendulwa kulesi sihloko. Sizothola nezimpendulo zeminye imibuzo emibili: USathane uzama kanjani ukonakalisa inhliziyo yethu? Yini esingayenza ukuze siqaphe inhliziyo yethu? Ukuze sihlale sithembekile kuNkulunkulu, kudingeka sithole izimpendulo zale mibuzo ebalulekile.

“INHLIZIYO YAKHO”—IYINI?

4-5. (a) IHubo 51:6, lisisiza kanjani siqonde ukuthi libhekiselaphi igama elithi “inhliziyo”? (b) Ukunakekela impilo yethu kusisiza kanjani siqonde ukuthi kudingeka siyinakekele inhliziyo yethu engokomfanekiso?

4 Encwadini yezAga 4:23, igama elithi “inhliziyo” libhekisela kumuntu wangaphakathi noma umuntu osithekile. (Funda iHubo 51:6.) Ngamanye amazwi, “inhliziyo” ibhekisela kulokho esikucabangayo, imizwa, izisusa nezifiso zethu. Iyilokho esiyikho ngempela ngaphakathi, hhayi nje lokho esibonakala siyikho ngaphandle.

5 Lapho umuntu ewumqemane, konke okusemzimbeni wakhe kusuke kusebenza kahle. Ukuze sihlale siyimiqemane, okokuqala kudingeka sidle ukudla okunempilo futhi sihlale sizivocavoca. Ngokufanayo, ukuze inhliziyo yethu engokomfanekiso iqhubeke isebenza kahle, kumelwe sifunde iBhayibheli njalo nezincwadi ezisekelwe kulo futhi sibonise ukuthi sinokholo kuJehova. Sibonisa ukuthi sinokholo kuJehova ngokusebenzisa lokho esikufundayo nangokutshela abanye ngokholo lwethu. (Roma 10:8-10; Jak. 2:26) Okwesibili, indlela esibukeka ngayo ingasenza sicabange ukuthi siyimiqemane ngisho noma sigula ngaphakathi emzimbeni. Ngendlela efanayo, ukuba matasa senza izinto ezilindeleke kumaKristu kungasenza sicabange ukuthi ukholo lwethu luqinile, kuyilapho kukhula izifiso ezingalungile ngaphakathi kithi. (1 Kor. 10:12; Jak. 1:14, 15) Kumelwe sikhumbule ukuthi uSathane ufuna ukusenza sicabange njengaye. Angakwenza kanjani lokho? Thina singazivikela kanjani?

INDLELA USATHANE AZAMA NGAYO UKONAKALISA INHLIZIYO YETHU

6. Yini uSathane afuna siyenze, futhi usebenzisa liphi iqhinga?

6 USathane ufuna sibe njengaye, sibe izihlubuki ezingazinaki izimiso zikaJehova nezinobugovu. Ngeke akwazi ukusiphoqa ukuba sicabange futhi senze njengaye. Ngakho usebenzisa ezinye izindlela ukuze enze lokho. Ngokwesibonelo, usebenzisa abantu esiphila nabo asebonakalisile kakade. (1 Joh. 5:19) Unethemba lokuthi sizokhetha ukuchitha isikhathi nabo, ngisho noma sazi ukuthi ukuzihlanganisa nababi “konakalisa” indlela esicabanga nesenza ngayo. (1 Kor. 15:33) Lelo qhinga lasebenza eNkosini uSolomoni. Yashada nabesifazane abaningi ababengamkhonzi uNkulunkulu, ekugcineni baba nethonya elinamandla kuye futhi ‘kancane kancane bayichezukisa inhliziyo yakhe.’—1 AmaKh. 11:3.

Ungayivikela kanjani inhliziyo yakho emizamweni kaSathane yokuyonakalisa ngokucabanga kwakhe? (Bheka isigaba 7) *

7. Yini enye uSathane ayisebenzisayo ukuze abhebhethekise indlela yakhe yokucabanga, futhi kungani thina kudingeka siqaphe?

7 USathane usebenzisa ama-movie nezinhlelo zethelevishini ukuze abhebhethekise indlela yakhe yokucabanga. Uyazi ukuthi lokho esikubukayo akuyona nje kuphela indlela yokuzijabulisa, kodwa kusifundisa indlela okufanele sicabange ngayo, sizizwe ngayo futhi senze ngayo. UJesu wayisebenzisa le ndlela yokufundisa. Ngokwesibonelo, cabanga ngemifanekiso yakhe yomSamariya olungile nendodana yolahleko eyasaphaza ifa layo. (Math. 13:34; Luka 10:29-37; 15:11-32) Nokho, labo abalinyazwe ukucabanga kukaSathane bangasebenzisa izinhlelo zethelevishini ukuze bonakalise thina. Kumelwe sikhethe kahle. Akhona ama-movie nezinhlelo ze-TV esingazijabulisa ngazo futhi sifunde okuthile ngaphandle kokonakalisa indlela esicabanga ngayo. Kodwa kumelwe siqaphe. Lapho sikhetha esikubukayo, kungaba kuhle sizibuze, ‘Ingabe le movie noma lolu hlelo lwe-TV lungifundisa ukuthi kulungile ukulawulwa izifiso zenyama?’ (Gal. 5:19-21; Efe. 2:1-3) Kufanele wenzeni uma uthola ukuthi uhlelo oluthile lukhuthaza ukucabanga kukaSathane? Lugweme ngendlela ongasigwema ngayo isifo esithathelwanayo.

8. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ziqaphe izinhliziyo zazo?

8 Bazali, ninomsebenzi obalulekile wokuvikela izingane zenu emizamweni kaSathane yokonakalisa izinhliziyo zazo. Akungabazeki ukuthi nenza konke okusemandleni enu ukuze nivikele izingane zenu ezifweni. Nigcina amakhaya enu ehlanzekile futhi nilahla noma yini engase igulise izingane zenu. Ngendlela efanayo, kudingeka nivikele izingane zenu kuma-movie, izinhlelo ze-TV, imidlalo yamavidiyo nakumawebhusayithi angase azenze zicabange njengoSathane. UJehova uninikeze igunya lokusiza izingane zenu zibe abangane baKhe. (IzAga 1:8; Efe. 6:1, 4) Ngakho ningesabi ukubekela izingane zenu imithetho esekelwe eBhayibhelini. Tshelani izingane zenu ukuthi yini ezingayibuka nokungafanele ziyibuke, nizisize ziqonde nezizathu zalokho enikushoyo. (Math. 5:37) Njengoba zikhula, ziqeqesheni ukuba zikwazi ukuzibonela ngokwazo okulungile nokungalungile ngokwalokho okushiwo uJehova. (Heb. 5:14) Khumbulani nokuthi nakuba izingane zenu zizofunda lukhulu kulokho enikushoyo, kodwa ziyofunda okukhulu nakakhulu kulokho enikwenzayo.—Dut. 6:6, 7; Roma 2:21.

9. Yimuphi umbono uSathane awukhuthazayo, futhi kungani uyingozi?

9 USathane uzama nokonakalisa inhliziyo yethu ngokusenza sethembele ekuhlakanipheni kwabantu kunasekucabangeni kukaJehova. (Kol. 2:8) Omunye umcabango okhuthazwa uSathane uwukuthi ukuceba kufanele kube iyona nto ebalulekile ekuphileni. Abantu abacabanga ngale ndlela bangase bacebe noma bangacebi. Kunoma ikuphi, lokho kubafaka engozini. Kungani? Ngoba bangase bagxile ekwenzeni imali baze badele impilo yabo, imindeni ngisho nobuhlobo babo noNkulunkulu ukuze nje bathole abakufunayo. (1 Thim. 6:10) Siyajabula ngokuthi uBaba wethu ohlakaniphile wasezulwini uyasisiza sibe nombono olinganiselayo ngemali.—UmSh. 7:12; Luka 12:15.

SINGAYIQAPHA KANJANI INHLIZIYO YETHU?

Njengonogada nabalindisango basendulo, hlala uqaphile futhi uthathe isinyathelo ukuze amathonya onakalisayo angangeni enhliziyweni yakho (Bheka izigaba 10-11) *

10-11. (a) Yini okumelwe siyenze ukuze sizivikele? (b) Yini onogada ababeyenza endulo, futhi unembeza wethu ungasebenza kanjani njengonogada?

10 Uma sifuna ukuphumelela ekuqapheni inhliziyo yethu, kumelwe sikwazi ukubona izingozi bese sizivikela ngokushesha kuzo. Igama elihunyushwe ngokuthi “qapha” encwadini yezAga 4:23 lisikhumbuza umsebenzi owenziwa onogada. Ngosuku lweNkosi uSolomoni, onogada babema ezindongeni zedolobha bese bekhipha isixwayiso uma izitha zihlasela. Ukucabanga ngalokhu kusisiza siqonde lokho okumelwe sikwenze ukuze singavumeli uSathane onakalise ukucabanga kwethu.

11 Endulo, onogada babesebenzelana eduze nabalindisango. (2 Sam. 18:24-26) Onogada nabalindisango babevikela idolobha ngokuqikelela ukuthi amasango avaliwe noma nini lapho izitha zihlasela. (Neh. 7:1-3) Unembeza wethu oqeqeshwe ngeBhayibheli * ungasebenza njengonogada futhi usixwayise lapho uSathane ezama ukuhlasela izinhliziyo zethu—noma, lapho ezama ukuthonya imicabango yethu, imizwa, izisusa noma izifiso zethu. Noma nini lapho unembeza wethu usixwayisa ngobubi obuthile, kudingeka silalele, sivale amasango noma sibugweme.

12-13. Yini esingalingelwa ukuba siyenze, kodwa yini okufanele siyenze?

12 Nasi isibonelo sendlela esingazivikela ngayo ekuthonyweni ukucabanga kukaSathane. UJehova usifundise ukuthi ‘ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwethu.’ (Efesu 5:3) Kodwa sizokwenzenjani lapho esisebenza nabo nesifunda nabo beqala ukuxoxa ngocansi? Siyazi ukuthi kufanele “silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe.” (Thithu 2:12) Unogada, noma unembeza wethu ungase usixwayise. (Roma 2:15) Kodwa ingabe siyowulalela? Singase silingeke ukuba singawulaleli, silalele ontanga noma sibheke izithombe abasibonisa zona. Kodwa leso kusuke kuyisikhathi sokuba sivale amasango, sigweme ububi ngokushintsha ingxoxo noma ngokusuka lapho sihambe.

13 Kudinga isibindi ukwenqaba lapho ontanga besicindezela ukuba sicabange noma senze izinto ezimbi. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyayibona imizamo yethu futhi uzosinika amandla nokuhlakanipha esikudingayo ukuze simelane nokucabanga kukaSathane. (2 IziKr. 16:9; Isaya 40:29; Jak. 1:5) Nokho, yini enye esingayenza ukuze siqaphe inhliziyo yethu?

HLALA UQAPHILE

14-15. (a) Kungani kufanele sivule izinhliziyo zethu, futhi singakwenza kanjani lokho? (b) IzAga 4:20-22 zisisiza kanjani sizuze ngokugcwele lapho sifunda iBhayibheli? (Bheka nebhokisi elithi “ Indlela Yokuzindla.”)

14 Ukuze siqaphe inhliziyo yethu, akumelwe sigcine nje ngokwenqaba imicabango emibi kodwa kufanele samukele nemicabango emihle. Cabanga futhi ngomfanekiso wedolobha elinezindonga. Umlindisango wayewavala amasango ukuze isitha singangeni, kodwa ngezinye izikhathi wayewavula amasango ukuze kungeniswe ukudla nezinye izinto ezidingekayo. Ukube amasango ayengavulwa nhlobo, izakhamuzi zazizobulawa indlala. Ngokufanayo, kudingeka sivule izinhliziyo zethu njalo ukuze zamukele ukucabanga kukaNkulunkulu.

15 IBhayibheli liqukethe imicabango kaJehova, ngakho isikhathi ngasinye lapho silifunda, sivumela imicabango kaJehova ithonye indlela esicabanga ngayo, esizizwa ngayo nalokho esikwenzayo. Yini esingayenza ukuze sizuze ngokugcwele lapho sifunda iBhayibheli? Kubalulekile ukuthandaza. Omunye udade uthi: “Ngaphambi kokuba ngifunde iBhayibheli, ngiyathandaza kuJehova, ngimcele angisize ‘ngibone izinto ezimangalisayo’ eziseZwini lakhe.” (IHu. 119:18) Kudingeka futhi sizindle ngalokho esikufundayo. Uma sithandaza, sifunda bese sizindla, iZwi likaNkulunkulu lifinyelela “phakathi kwenhliziyo [yethu],” futhi uthando lwethu ngemicabango kaJehova luyakhula.—Funda izAga 4:20-22; IHu. 119:97.

16. Abaningi bazuze kanjani ekubukeleni i-JW Broadcasting?

16 Enye indlela esivumela ngayo ukucabanga kukaNkulunkulu kusithonye iwukubukela izinto ezikuyi-JW Broadcasting®. Enye indoda nomkayo bathi: “Izinhlelo zanyanga zonke zibe ukuphenduleka kwemithandazo yethu! Ziye zasiqinisa futhi zasikhuthaza lapho sidangele noma sinomzwangedwa. Izingoma ezikhishwa kulolu hlelo sizidlala njalo endlini. Siyazidlala lapho sipheka, sihlanza indlu nalapho siziphuzela itiye.” Lezi zinhlelo zisisiza siqaphe izinhliziyo zethu. Zisifundisa ukuba sicabange ngendlela uJehova acabanga ngayo futhi simelane nokucindezelwa kokuba samukele ukucabanga kukaSathane.

17-18. (a) Kwenzekani lapho senza lokho uJehova asifundisa kona njengoba kubonisiwe kweyoku-1 Amakhosi 8:61? (b) Yini esingayifunda esibonelweni seNkosi uHezekiya? (c) Ngokuvumelana nomthandazo kaDavide osencwadini yeHubo 139:23, 24, yini esingayithandazela?

17 Isikhathi ngasinye lapho sibona izinzuzo zokwenza okulungile, ukholo lwethu luyakhula. (Jak. 1:2, 3) Siyajabula ngoba sisuke senza uJehova aziqhenye ngokusibiza ngezingane zakhe futhi isifiso sethu sokumjabulisa siyakhula. (IzAga 27:11) Uvivinyo ngalunye silubheka njengethuba lokubonisa ukuthi uBaba wethu onothando simkhonza ngezinhliziyo eziphelele. (IHubo 119:113) Sibonisa ngezenzo ukuthi uJehova simthanda ngenhliziyo yonke, inhliziyo ezimisele ngokugcwele ukulalela imiyalo yakhe nokwenza intando yakhe.—Funda eyoku-1 AmaKhosi 8:61.

18 Sizowenza amaphutha ngoba sinesono. Uma kwenzeka siphambuka, masikhumbule isibonelo seNkosi uHezekiya. Wawenza amaphutha. Kodwa waphenduka, waqhubeka ekhonza uJehova “ngenhliziyo ephelele.” (Isaya 38:3-6; 2 IziKr. 29:1, 2; 32:25, 26) Ngakho-ke, masimelane nemizamo kaSathane yokusonakalisa ngokucabanga kwakhe. Masithandazele ukuba sibe ‘nenhliziyo elalelayo.’ (1 AmaKh. 3:9; funda iHubo 139:23, 24.) Singahlala sithembekile kuJehova uma, ngaphezu kwakho konke, siqapha izinhliziyo zethu.

INGOMA 54 “Nansi Indlela”

^ isig. 5 Ingabe sizohlala sithembekile kuJehova, noma sizovumela uSathane asiyekise ukukhonza uNkulunkulu? Impendulo ayixhomekile ezingeni esilingwa ngalo, kodwa endleleni esiyiqapha kahle ngayo inhliziyo yethu. Lisho ukuthini igama elithi “inhliziyo”? USathane uzama kanjani ukonakalisa inhliziyo yethu? Singayiqapha kanjani? Lesi sihloko sizophendula leyo mibuzo ebalulekile.

^ isig. 11 INCAZELO YAMAGAMA: UJehova wasinika ikhono lokuhlola imicabango yethu, imizwa nezenzo zethu bese sizahlulela. IBhayibheli libiza lelo khono ngokuthi unembeza. (Roma 2:15; 9:1) Unembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli uqondiswa yiBhayibheli ekunqumeni ukuthi lokho esikucabangayo, esikwenzayo noma esikushoyo kuhle noma kubi.

^ isig. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane obhapathiziwe ubukela ithelevishini futhi kuvela abantu abenza izinto ezingcolile. Kufanele anqume ukuthi uzokwenzenjani.

^ isig. 58 INCAZELO YEZITHOMBE: Endulo, unogada ubona ingozi ngaphandle kwedolobha. Uxwayisa abalindisango ngezansi futhi ngokushesha bavala amasango edolobha, bawakhiye ngaphakathi.